Izenzo Zika Moya Ongcwele Ziningi Azibaleki

ISIHLOKOIzenzo Zika Moya Ongcwele Ziningi Azibaleki

6.USUKU
09 JULY 202

Izenzo 2:47
bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
• UNKULUNKULU WETHU “ IS A GOD OF NUMBERS “
• HE IS A GOD OF MULTIPLICATIONS
• UMA USUZELWE NGO KOMOYA ONGCWELE KUBALULEKILE UKUTHI WANDE
• UZALELWE UKUBA WANDE ULETHE ABANYE ENKOSINI
• AKUZALWE ABANYE ABANTU NGAWE,
• THINASONKE SIYIBANDLA LIKANKULUNKULU SINGAMANXUSA OMBUSO KANKULUNKULU OZAYO

2 Corinthians 5:20

Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”

• SITHUNYIWE SONKE BAZALWANE
• SONKE SITHUNYIWE
,AKUNGABIBIKHO OTHULE NJE ANGASHO LUTHO KUBANTU NGO KRISTU KRISTU
• ASITSHELE ABANTU BONKE ASIBABONAYO UKUTHI UNKULUNKULU UNOXOLO
• HE IS A GOD OF PEACE
• UFUNA SIBUYISANE NAYE NGO JESU KRISTU
• NGOKULETHA UJESU KRISTU EMHLABENI UNKULUNKULU UHLOSE UKWAKHA UXOLO PHAKATHI KWETHU NAYE

• ABANTU ABAZI UKUTHI LUKHONA UXOLO KUNKULUNKULU

• UNKULUNKULU UTHUMA THINA UKUBA SIBATSHELE

• UNKULUNKULU UTHEMBE THINA SIYIBANDLA LAKHE UKUTHI SITSHELE ABANTU UKUTHI UMSINDISI UFIKILE

• UMSINDISI WETHU NGU KRISTU


• KUDINGA THINA SIKHULUME SIMEME ABANTU BEZE ENKONZWENI BAZOLALELA INDABA KAJESU ODALA UXOLO PHAKATHI KOMUNTU NO NKULUNKULU.

2 Corinthians 5:18 – 19

Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana, ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.



• UNKULUNKULU AKASASIBALELI IZONO ZETHU
• KODWA KUFANELE SIKHOLWE NGU JESU UKUZE UNKULUNKULU ATHI ASONANGA
• AMACALA ETHU ONKE UJESU KRISTU WABETHELWA KANYE NAWO ESIPHAMBANWENI
• LENA YINDABA EDINGA SONKE THINA ESIKHOLWA NGUJESU SINGAYIFIHLI
• KUFANELE SIYIDLULISE NGOKUSHESHA UKUZE IFINYELELE KUBANTU BONKE,NABO BASINDISWE

• ULAKA LUKANKULUNKULU LUKHULU LUPHEZU KWABANTU ABANGAKHOLWA NGU JESU KRISTU
• ABANTU ABANGABUYISENE NO NKULUNKULU BAYOHLALA NJALO BEYIZITHA ZIKA NKULUNKULU
• ISIJEZISO SABO SIPHEZU KWABO ABANGAKHOLWA YINDODANA KA NKULUNKULU
• BAZOGWETSHWA BEZWE UBUHLUNGU IMPILO YABO YONKE
• KANTI ISIJEZISO SALABO ABAKHOLWA NGU JESU KRISTU SIPHEZU KUKAJESU
• UJESU WAZI THWALA IZIFO ZETHU MHLAZANE ELENGA EMTHINI
• WABUTHWALA UBUHLUNGU BETHU
• BEKUFANELE KUJEZISWE THINA ZONI
• BEKUFANELE UNKULUNKULU ASHAYE THINA ZONI
• INDODANA KANKULUNKULU YASITHANDA UKUBA KUSHAYWE YONA IBE INGONANGA

• UJESU WALINYAZWA KAKHULU KWAPHUMA IGAZI LAKHE NGENXA YEZIPHAMBEKO ZETHU
• WACHOTSHOZWA WANGABUKEKA NGOBUBI BETHU UKUZE THINA SIBUKEKE PHAMBI KUKA NKULUNKULU
• ISIJEZISO SETHU SASIPHEZU KWAKHE
• UKUZE THINA SIBE NOKUTHULA INGUNA PHAKADE
• IMIVIMBO U JESU KRISTU ASHAYWA YONA ISENZA THINASONKE ESIKHOLWA NGUYE SIPHILISWE EMOYENI
• THINASONKE SIDUKILE NJENGEZIMVU
• UBUBI BETHU UNKULUNKULU UBUNIKA UJESU KRISTU UKUBA ABUTHWALE
• KONKE NESIJEZISO SAKHONA KUTHWELWE NGU JESU
• ISIJEZISO SETHU SITHATHWE NGU JESU KWABA KANYE
• UJEHOVA WEHLISELE PHEZU KWAKHE UBUBI BETHU BONKE
• UJESU WACINDEZELWA WABEKWA MACALA ANGEKHO
• KODWA WATHULA
• AKAWUVULANGA UMLOMO WAKHE
• WATHULA NJENGE WUNDLU ELIYISWA UKUHLATSHWENI
• WATHULA NJENGEMVU ETHULE PHAMBI KWABAGUNDI BAYO

Isaiah 53 : 4-7

• Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina. Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke. Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa, ayivulanga umlomo wayo; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.



• MASINGAZIBUKELI PHANSI
• THINA SIPHETHE UMYALEZO WOKUPHILA OKUPHAKADE
• LOMYALEZO KUMELE SIWUDLULISELE KUBANTU
• THINA SIPHETHE I “ HANDLE WITH CARE ‘
• SIPHETHE “ FRAGILE ,“ UMYALESO OPHETHE UKUPHILA KWABANTU
• SIHAMBA NO HOLY SPIRIT
• SIMELE UMBUSO WAPHAKADE
• ASIMEMEZELE UMBUSO KA NKULUNKULU NGEQINISO NANGOKWETHEMBEKA
• UNKULUNKULU UTHEMBEKILE KITHI WASIGCINA KWAZE KWABA MANJE
• MANJE SISINDISIWE NGO KRISTU

• KHULUMA NOMUNTU OSEDUZE KWAKHO EKHAYA

• EMSEBENZINI

• ESIKOLENI
• MTSHELE UKUTHI MANJE SEKUYISIKHATHI SOKUBUYISANA NONKULUNKULU

• UNKULUNKULU UTHEMBELE KITHI SINGAKWAZI UKUTSHELA ABANTU UKUTHI UJESU UYASINDISA
• UMZALWANE WETHU U PAWULA UYANXUSA BONKE ABAZALWANE UKUBA BABE NGAMANXUSA KA JESU KRISTU
• INDABA YOKUBUYISANA IBALULEKE KAKHULU UKUTHI SINGATHULA NAYO
• UNKULUNKULU UNIKEZE THINA MA KRISTU KUPHELA ILUNGELO LOKUBA NGAMANXUSA AKHE
• YITHI KUPHELA OKUFANELE SISHUMAYELA IVANGELI LENSINDISO
• AKEKHO OMUNYE
• UMA SIKHUTHAZA ABANTU UKUBA BAYE ENKONZWENI SENZA UMSEBENZI OJATSHULELWAYO EZULWINI
• SIBEKA ABANTU ETHUBENI LOKUTHI NABO BADINDISWE
• SIZOTHOLA UMVUZO NGOKUSEBENZA KWETHU
• UMPHOSTOLI ESESHUMAYELILE IVANGELI KWASINDISWA ABANTU ABANINGI
• KWASUNGULEKA AMABANDLA AMANINGI
• UMPHOSTOLI UTHI :
• UKULWILE UKULWA OKUHLE,
• ULIQEDILE IBANGA
• UKUGCINILE UKUKHOLWA
• UTHI USEBEKELWE UMQHELE

• UMPHOSTOLI UPAWULA WAZI NGISHO UHLOBO LOMQHELE AZOWUTHOLA NGOKULETHA KWAKHE ABANTU ENKOSINI
• UTHI USEBEKELWE UMQHELE WOKULUNGA
• MININGIKE NEMINYE IMIQHELE UPAWULA ANGAYITHOLA
• KODWA LONA UYAWU PHAWULA NGOBA UNGUMQHELE OQONDENE NGQO NOMUNTU OLETHA ABANTU ENKOSINI NGOKUBATSHELA NGO JESU KRISTU BAPHENDUKELE KU JESU

2 Thimothy 4:7-8

Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.

• NATHI SIYIBANDLA LIKANKULUNKULU SIZOKWAHLULELWA
• KODWA ASIZUKWAHLULELWA SIGWETSHWE UKUFAKWA ESIHOGWENI
• UJESU ESIMKHOLWAYO UFILE UKUZE THINASONKE SISINDISWE SINGABE SISAFA KODWA SIPHILE INGUNAPHAKADE NONKULUNKULU
• SIZOKWAHLULELWA SINIKWE IMIQHELE YETHU NGOKUSEBENZA KWETHU SILETHA ABANTU KUNKULUNKULU
• NEMINYE IMIQHELE SIZOYITHOLA NGEMISEBENZI EMIHLE ESIYENZILE
• KODWA LOMSEBENZI WOKUSIZA UMUNTU UKUBA AMUKELE UJESU KRISTU ASINDISWE MKHULU KAKHULU
• UNGUMSEBENZI OJABHISA USATHANE
• UNGUMSEBENZI OJABULISA UNKULUNKULU
• UMA SENZE KABI SIZOPHUCWA IMIQHELE YETHU

• IMISEBENZI YABANGCWELE YONKE IZOHLOLWA NGOMLILO


• IMISEBENZI YETHU IZOHLOLWA UKUTHI SENZE KAHLE YINI SISAHAMBA LAPHA EMHLABENI
• NAKHO UKUSEBENZELA KWETHU INKOSI KUYOHLOLWA UKUTHI SIKWENZE NGOKWETHEMBEKA YINI
• UMA SISEBENZE KAHLE SABA “ MULTIPLIED “ EBANDLENI LIKANKULUNKULU SIZOKLONYELISWA NGEMIQHELE
• UMA SIKHOLWA SISINDISIWE
• BESE SIZIHLALELA NJE SINGASEBENZI
• SIZOPHUCWA IMIQHELE
• KODWA THINA SIZONDISWA NGO KRISTU

1 Corinthians 3 : 13- 15

umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.

1 Corinthians 9 : 24-25

Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.


• UMSEBENZI WOKUHAMBISA INDABA YENSINDISO KUBANTU EZWENI IBEKWE KUBAZALWANE BONKE.
• WE ARE ENTRUSTED WITH THE GOSPEL
• UNKULUNKULU UYASIVUMA UKUTHI THINA SINGA BAGCOTSHWA BAKHE USIGCOBELE UKUTSHELA ABANTU IZINDABA EZINHLE ZENSINDISO NGO KRISTU
• USATHANE UTHI KUWE HLALA PHANSI WENA UVALE UMLOMO UNGATHATHELI ABEFUNDISI UMSEBENZI WABO
• USATHANE NJALO USIFAKA UVALO NOKWESABA NAMAHLONI UKUZE SINGAMSEBENZELI UNKULUNKULU WETHU


1 Thessalonians 2:4

kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.

• UJESU UTHI ONAMAHLONI NGAYE NAYE UJESU UYAKUBA NAMAHLONI NGAYE

Luke 9:26

Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.

• THINASONKE SIYIBANDLA LIKANKULUNKULU SIMELE UMBUSO KANKULUNKULU
• UMBUSO ESIWUMELE KUFANELE SIWUSEBENZELE NGOKWETHEMBEKA
• NAWO UMBUSO WETHU UTHEMBEKILE KITHI AWUSIJABHISI
• SIBUSWA NGU NKULUNKULU WEQINISO

John 18:36

UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. Uma umbuso wami ubungowaleli zwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda. Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.”

• KUNGUMSEBENZI WETHU SIYIBANDLA UKUTSHELA UMHLABA UKUTHI
EZULWINI KUNGENWA NGOKUKHOLWA NGU JESU KRISTU
• SISEMHLABENI KULELIZWE KODWA ASIBONA ABALELIZWE
• ASAKHILE KULELIZWE SINOMBUSO WETHU ESIWUSEBENZELAYO.

John 17:16

Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.

• NJENGAMANXUSA KUFANELE SIHLAKANIPHE NJENGEZINYOKA
• KODWA SIBA MNENE NJENGAMAJUBA
• SIBE NAMASU OKULETHA ABANTU ENKOSINI

Matthew 10:16

Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.

• UMOYA ONGCWELE UKITHI USINIKA AMANDLA NOKUHLAKANIPHA ASAMBENI SITHATHE THE MESSAGE OF OUR KING TO THE ENDS OF THE EARTH

Acts 1:8

kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”

• BANCENGENI ABESILISA NABESIFAZANE UKUBA BABUYISANE NONKULUNKULU
• “ IMPLORE MEN AND WOMEN IN THE WHOLE WORLD TO BE RECONCILED TO GOD.”
• KUXATSHENWE LAPHA
• INGANE NOYISE BAXABENE
• UYISE UYENA OBONAYO UBUNGOZI BALENXABANO KUMNTWANA
• UBABA NGUYENA OWAZIYO UBUBI BOMPHUMELA WENXABANO PHAKATHI KOMNTWANA NOYISE
• YINGAKHO UBABA ETHOBA EHLISA UMOYA
• AND EXTEND A HAND OF PEACE AND RECONCILIATION KUMNTWANA WAKHE ONGABONI EMEHLWENI NGENXA KASATHANE
• UBABA UKHOMBISA UTHANDO KUMUNTU
• UTHI BUYA MNTWANA WAMI
• KHOLWA NGU JESU KRISTU INDODANA YAMI ENGITHOKOZILE NGAYO UKUZE USINDISWE
• BUYA WOZA SITHETHE INDABA ASIXOXE SIBUYISANE THATHA UJESU SIXOLELANE
• NGIKUTHETHELELE UKONAKWAKHO KONKE
• YAMUKELA INTETHELELO ( INSINDISO ENGIKUPHA YONA NGOMUSA)
• RECEIVE IT BY FAITH IN JESUS CHRIST
• NGENA EMNDENINI UPHILE INGUNAPHAKADE
• UBABA UYABONA UKUTHI UMA LENGANE IFA SINGABUYISENE INGANE IZOYA ESIHOGWENI
• UBABA AKEZUKUZWA BUHLUNGU NGOBA UNGUNKULUNKULU
• UNKULUNKULU UYASITHUMA UTHI ASIYE KOMNXUSELA KULENGANE ENGAKHOLWA
• NGAKHOKE SIYIBANDLA LIKA NKULUNKULU ASIZIMISELENI SIVUME UKUTHUNYWA NGUNKULUNKULU WETHU

• WE ARE BORN OF THE SPIRIT
• INYAMA ESIZALELWE KUYO IYAPHELA U SPIRIT ESIZELWE NGAYE AKAPHELI
• ASINGAVUMI UKUHLULWA NGABANTWANA BETHU FUTHI MASINGABA DELI
• SINGABALAHLI
• KUNZIMA UKIPHILA ESIHOGWENI
• BAPHUPHUTHEKISIWE IZINGQONDO ZABO NGUSATHANE
• ABABONI FUTHI ABAZI UKUTHI EKUGCINENI LENTO IZOSHAYA BONA
• ASEHLISENI UMOYA SIBANCENGE BABUYISANE NO NKULUNKULU NGO KUKHOLWA NGU KRISTU
• UMOYA ONGCWELE UYAXOXA NEMINDENI YETHU NGO NKULUNKULU THINA SINGABONI
• NATHI ASIXOXE NGENDABA KANKULUNKULU NABANTU BAKA NKULUNKULU
• ISIKHATHI SIPHELILE

• UMOYA ONGCWELE USIZALELE UKUTHI SANDE SIBE NGANGEZIHLABATHI ZOGU LOLWANDLE THINA ESIKHOLWA YINKOSI UJESU

• UMA SIKHOLWA NGUJESU KRISTU SIBANINGI UNKULUNKULU UYAJABULA

• KUFEZEKA ICEBO LIKANKULUNKULU

Genesis 22:17

ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,

• ASIZAME UKUTHI KUBANTU ABAYISHUMI
• ABAYISITHUPHA NANGAPHEZULU KUMELE SIBAPHENDULELE ENKOSINI
• BASINDISWE
• THINA SIYIBANDLA SIHAMBA NOMOYA ONGCWELE AKUFANELE SIHLULWE
• MKHULU ONGAKITHI KUNALOWO OSEZWENI

• GREATER IS HE WHO IS IN US THAN HE WHO IS IN THE WORLD
1 John 4:4
NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
• MZALWANE AKE ULWELE UKUTHI WANDE WENA UQOBO
• UMOYA ONGCWELE UFUNA UKUKWANDISA
• VUMA UKUSETSHENZISWA NGU MOYA ONGCWELE
• FIKA EKHAYA EZULWINI UTHWELE INYANDA YOMTHWALO WABANTU OBALETHE ENKOSINI UKUBA IBASINDISE
• AKUBE KHONA ABANTU ABAZALWAYO BAZALWE ENKOSINI NGAWE
• FAKAZA NGEMPILO YAKHO UKU KRISTU
• ABANTU MA BABONE WENA UHAMBA NJENGAYE NABO BAZALWE KABUSHA

• UMA SIKU KRISTU ASILWELE UKUZALA NJENGO JESU

• UJESU KRISTU UZELE ZILLIONS AND ZILLIONS OF CREATIONS
• KUNINGI NINGI AKUDALILE EMHLABENI NASE ZULWINI
• UMOYA ONGCWELE UKITHI
• UDINGA THINA SISUKUME SIYIBANDLA SIYE NAYE KUBANTU
• UMOYA ONGCWELE USUKU NOSUKU WENZA IZENZO EMHLABENI
• UMOYA ONGCWELE WENZA IMISEBENZI YOBUPHOSTOLI IMINI NOBUSUKU ( APOSTOLIC MINISTRY )
• UMOYA ONGCWELE UHAMBELA ABANTU ABANGAKHOLWA IMINI NOBUSUKU
• UYABATSHELA UKUTHI BAYIZONI
• BADINGA UKUBUYISANA NONKULUNKULU UKUZE BATHETHELELWE IZONO ZABO
• BANGALAHLWA ESIHOGWENI
• THINA KE SIYI BANDLA LIKANKULUNKULU MASI PHAKAMISE UJESU KRISTU OYIMPENDULO UMA KUKHULUNYWA NGOKUTHETHELELWA KWEZONO ZOMUNTU
• UMOYA ONGCWELE UYASISIZA UMA SIFUNDA IZWI LIKANKULUNKULU SIPROFETHA ( PROPHETIC MINISTRY)
• UYALICACISA
• UYAMBULA
• ASAMBENI KE SIYOKWAMBULELA ABANTU ABANGAKHOLWA
• UMOYA ONGCWELE UNATHI
• EZINKONZWENI ZEZIMVUSELELO ( EVANGELICAL MINISTRY)
• UMOYA ONGCWELE UYABAQOQA ABALETHE KUMA REVIVAL CRUSADE
• UYANIKA IZINCEKU UGCOBO ZISHUMAYELE NGESIBINDI
• KUMELE SILEKELELE LABABANTU ABAPHENDUKAYO ( PASTORING)
• SIBAKHUTHAZE BAYE EZINKONZWENI
• UNGASHIYI MUNTU EKHAYA UYA ENKONZWENI
• IZWI LIYADALA
• UMA ULOKHU USHO UKUTHI ASAMBE SIYE NKONZWENI UYOGCINA EKULANDELILE
• UMOYA ONGCWELE UYASISIZA UKUBA SIFUNDISE EZIKHONA ( TEACHING)
• THE HOLY SPIRIT IS THE BEST TEACHER
• UYENA UMOYA ONGCWELE OSIFUNDISA KONKE UJESU KRISTU ANGAZANGE ESAKUSHO ESASEMHLABENI
• NGAKHOKE SIYIBANDLA ULWAZI SINALO NGOBA UMOYA ONGCWELE UKITHI
• UMHLABA AWUSWELE LUTHO ODINGA UKULWAZI
• ASIHAMBE SIWUFUNDISE UKUTHI UNKULUNKULU UFUNANI NGOMUNTU

Matthew 28:20

nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”

• SIYIBANDLA UJESU KRISTU UNATHI
• ASIHAMBE SIKHULUME IZULU
• SINGAMANXUSA OMBUSO KANKULUNKULU
• ISIKHATHI SIPHELILE
• UJESU KRISTU UZOHLWITHA IBANDLA NOMA YININI KUSUKELA MANJE
• UJESU UTHI YENA UNGUMALUSI OMUHLE ODELE UKUPHILA KWAKHE NGENXA YEZIMVU ZAKHE
• ASIHAMBE SIQOQE ABANTU SIBALETHE LAPHO KUKHULUNYWA KHONA NGOJESU
• UJESU UBALINDILE UZOBAHOLELA EDLELWENI ELIHLE OKUYI ZULU ELIWUMBUSO KANKULUNKULU
• UJESU UTHE EBONA IMPISI USATHANE WAMQONDA NGQO
• WAFA
• NGOKUFA KUKAJESU USATHANE UBECABANGA UKUTHI UQEDILE NGATHI SIYIZIMVU ZIKA JESU
• KANTI UKUFA KUKAJESU KUNGUKUNQOBA KWETHU
• YILEMISEBENZE ABANTU BONKE ABANGAKHOLWA ABANGAYAZI NGO JESU KRISTU
• KUFANELE THINA SIYIBANDLA SIYIHAMBISA KUBANTU
• SIYIXOXE
• SIBATSHELE NGO JESU UKUZE ABANTU BAPHENDULE
• BAKHOLWE NGU JESU
• BATHOLE UMALUSI OMUHLE
• UJESU UYASAZI THINA NATHI KUFANELE SIMAZI UKUTHI UNATHI
• UKITHI ANGEKE SIFE INGUNAPHAKADE
• UKUPHILA OKUPHAKADE USIPHILE KONA
• ASITSHELE ABANTU NGALOMUSA ONGAKA ESIWUFUMENE UVELA KU JESU KRISTU
• UJESU UDELE UKUPHILA KWAKHE NGENXA YABANTU EBEBEZOBHUBHA NO SATHANE
• KODWA MANJE ABANTU ABAZI ABABONI UKUTHI UKUPHILA KWABO SEKUFIKILE
• ABANTU BAKHOLWA YIZINGANEKWANE EZINGABAYISI EZULWINI
• BANQABA UJESU KRISTU OSIVULELE AMASANGO EZULU
• UJESU UYINDLELA NEQINISO AKEKHO OYA EZULWINI NGAPHANDLE KUKA JESU KRISTU


John 10:11‭-‬18‭, ‬25‭-‬30‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬‬

• “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke – impisi izibhozomele, izihlakaze – ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu. “Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye. Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe. Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.” UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami. Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami. Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.” Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi. Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.” Base befuna futhi ukumbamba, kepha waphunyuka esandleni sabo. Waphinda wamuka, waya phesheya kweJordani kuleyo ndawo lapho uJohane waqala ukubhapathiza khona, wahlala lapho. Nabaningi beza kuye, bathi: “UJohane nempela akenzanga sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowo muntu kwakuqinisile.” Abaningi bakholwa nguye lapho.
John 16:7
Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.
Acts 8:12
Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.
John 14:6-21
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.” UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.” UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba. Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza. “Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini. Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”
• ASIPHENDUKELANGA UKUHLALA NJE SITHI SISINDISIWE
• SITHUNYIWE
• MASIBE NAMA TARGET OKWENGEZA ABANTU EBANDLENI LIKA NKULUNKULU
• NGOMUNTU NOMUNTU ESIMLETHA ENKOSINI SINOMVUZO WETHU EZULWINI
• KUZONA ZONKE IZIPHO ( GIFTS ) UNKULUNKULU AZIPHE ABANTU EMHLABENI,
• ASIKHO ISIPHO ESINGAPHEZU KOKUBA KHONA KUKAMOYA ONGCWELE
• UKUBAKHONA KUKA MOYA ONGCWELE KUSHO UKUBA KHONA KUKA NKULUNKULU
• UKHONA UNKULUNKULU
• THERE IS GOD
• MININGI IMISEBENZI EYENZIWA NGU MOYA ONGCWELE EZIMPILWENI ZETHU SIYIBANDLA LIKANKULUNKULU,
NASEZIMPILWENI ZABANTU BONKE
• WE NEED TO GIVE SUPPORT TO OUR FATHER THE HOLY SPIRIT SITHELE ABANTU BAYE KOKHONZA UNKULUNKULU OPHILAYO
• UMOYA ONGCWELE WENZA UMSEBENZI EZINHLIZIYWENI ZABANTU BENGAMBONI
• ABANTU BAKHOLWA NGABAKUBONAYO
• UMOYA ONGCWELE UTHEMBE THINA NGOBA SIYABONAKALA
• ASAMBENI
• ASIKHULUME KUBANTU SIYIXOXE LENDABA YOMBUSO

• SIYAMBONGA UJESU KRISTU NGOKU THUMA UMOYA ONGCWELE EMHLABENI
• UKUBA AKAFIKANGA UMOYA ONGCWELE NGABE UMHLABA UNZIMA KAKHULU
• ISIKHATHI SOSIZI OLUKHULU NGABE SENZEKA IMIHLA NGEMIHLA
• UMOYA ONGCWELE UQONDISA UMHLABA NGESONO
• UMUNTU NOMUNTU UYAZI UKUTHI UYISONI NGENXA KA MOYA ONGCWELE
• WONKE UMUNTU KUFANELE ATHETHELELWE IZONO ZAKHE UKUZE APHILE INGUNAPHAKADE NO NKULUNKULU

• UMOYA ONGCWELE UYASITHUMA UKUBA SAZISE ABANTU UKUTHI INSINDISO IFIKILE NGO KRISTU
• USATHANE WENZA ABANTU BANGAKUBONI UKUPHILA
• KUWUMSEBENZI WETHU UKUBAKHANYISELA
• SIBAKHANYISELA NGOKUKHULUMA SISHUMAYELA
• SIBAKHANYISELA NGOKWENZA IZWI ESILISHUMAYELAYO
• UMUNTU NOMUNTU UNONEMBEZA
• UMOYA ONGCWELE UYAMTSHELA UMUNTU IQINISO
• UYAGCIZELELA ENGQONDWENI YOMUNTU UKUTHI WENA UYISONI
• UMLAYEZO OVELA KU MOYA ONGCWELE UHLALA UKHUTHAZA UMUNTU ONGAKHOLWA USUKU NOSUKU
• NATHI SIYIBANDLA SITHUNYIWE USUKU NOSUKU UKUYA KUBANTU

• NOMA AQINISA IKHANDA UMUNTU KODWA UMOYA ONGCWELE UTHUNYIWE KUYE

• UMOYA ONGCWELE AKAKHATHALI UYABELESELA

• THINA USATHANE WENZA SITHULE KUBANGANI ,KUBANTU NASEZIHLOTSHENI

• NOMA SITHULE KE KODWA IMISEBENZI AYISIKHULUMELE

• ACTIONS SPEAK LOUDER THAN THE WORDS

• LOYO MUNTU OGCINA EVUMILE UKUTHI UYISONI,
• FUTHI AVUME UKUTHI UYADINGA UKUTHETHELELWA
• AMUKELE UKUTHI NGUJESU KRISTU KUPHELA OKWAZI UKUTHETHELELA
• BESEKHOLWA NGUJESU KRISTU AMETHEMBE YENA YEDWA
• LOWOMUNTU KUBE SEKUBA NGUKUSINDISWA KWAKHE
• ABE YISIDALWA ESISHA
• KONKE OKUDALA KUYEDLULA AQALE UHAMBO OLUYA EZULWINI
• UMOYA ONGCWELE USEBENZA IMINI NOBUSUKU ETSHELA ABANTU UKUTHI BAPHENDUKE
• UMA SINOMOYA ONGCWELE SIBONAKALA NGOKUSEBENZA UMSEBENZI KAMOYA ONGCWELE
• IBANDLA LITHI LISHUMAYELA, UMOYA ONGCWELE EBE SEVELE ESEQALILE UKUBELESELA UMUNTU NGOMBIKO WOKUTHI AKAPHENDUKE ISIKHATHI SIPHELILE
• UMOYA ONGCWELE AKAHLALI INGUNAPHAKADE KUMUNTU ONGASINDISIWE KODWA WENZA UMSEBENZI WOKUSHUMAYELA NJALO
• NGELINYE ILANGA UYOGCINA EMSHIYA UMANGAFUNI UKUPHENDUKA
• UMA UMUNTU EPHENDUKA
• AKHOLWE NGU JESU KRISTU
• UMOYA ONGCWELE UBE SEHLALA KULOWO MUNTU
• AMBEKE UPHAWU LOBUMNINI KANKULUNKULU
• UMUNTU UMA ESEPHENDUKILE UTHOLA “ A SEAL OF OWNERSHIP “
• UBA NGOKANKULUNKULU INGUNAPHAKADE
• IZONO ZAKHE SEZITHETHELELWE
• GOD WILL NEVER LEAVE, NOR FORSAKE UMUNTU OKHOLWA YINKOSI UJESU

Deteronomy 31:5-8

UJehova uyakuzinikela phambi kwenu, nenze kuzo njengemiyalo yonke enginiyale ngayo. Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.” UMose wambiza uJoshuwa, wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa-Israyeli: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo. UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.”

• UMOYA ONGCWELE UMUNTU UMSIZA ESESEMZIMBENI WENYAMA “ CARNAL BODY”
• ICALA LETHU LITHETHEKA LAPHA KAHLE KULOMHLABA ESONE SIKUWO
• NGALE KWETHUNA AKUBE KUSATHETHWA CALA
• KODWA KUBE SEKUNGUKULAHLWA ESIHOGWENI KUMUNTU ONGAKHOLWANGA NGU JESU KRISTU
• BESEKUBA WUKUNGENA ENJABULWENI YOKUPHILA NO NKULUNKULU INGUNAPHAKADE KUMUNTU OKHOLWA NGU JESU KRISTU
• UMA SIKHOLWA NGUJESU “ WE ARE CONFIRMED,CERTIFIED AND ASSURED A PLEDGE OF OUR ETERNAL STATE AS CHILDREN OF GOD BY THE POWER OF THE HOLY SPIRIT
• MKHULU UMSEBENZI OWENZIWA NGU MOYA ONGCWELE EMHLABENI
• UMOYA ONGCWELE UNGUMSIZI WETHU
• UNGUMDUDUZI WETHU
• UNGUMQONDISI WETHU
• UNGUMALULEKI WETHU
• UHLALA KITHI INGUNAPHAKADE
• U YASIKHUTHAZA LAPHO SIKHATHALA KHONA
• ASIPHAKAMISE LAPHO SICINDEZELWA NGUSATHANE

John 14:16

Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade,

• UMOYA ONGCWELE “ TAKES PERMANENT RESIDENCE IN OUR HEARTS “

Romans 8:9

Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.

• THINASONKE ESIKHOLWA YINKOSI UJESU KRISTU SIKUYE UMOYA ONGCWELE
• UMOYA ONGCWELE KANKULUNKULU UKITHI
1 Corinthians 6:19-20
Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu
• IMIZIMBA YETHU ILITHEMPELI LIKA MOYA ONGCWELE
• THINASONKE SIYI BANDLA LIKA NKULUNKULU SATHENGWA NGENANI ELIKHULU
1 Corinthians 12:13
Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.
• UMOYA ONGCWELE UYISIBAMBISO
• WENZA UMSEBENZI KA JESU KRISTU EMHLABENI UKUZE KUNGABONAKALI UKUTHI UJESU USEZULWINI
• UKHONA UJESU EMHLABENI, UNGUMOYA ONGCWELE
• UMOYA ONGCWELE UNGU NKULUNKULU
• UMOYA ONGCWELE WAMBULA IQINISO LONKE NGO NKULUNKULU
• NGAYE SIYAKWAZI UKUFUNDA SIQONDE IZWI LIKA NKULUNKULU
John 16:13
Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
• UMOYA ONGCWELE NGUYENA OWENZA SIKWAZI UKUFAKAZA NGO JESU KRISTU
John 15:26 – 27
“Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami. Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.

1 Corinthians 12:3
Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.
• NGAYE UMOYA ONGCWELE SIYAKHONA UKWAZI NOKUBONA UKUTHI UJESU WABA NGU MUNTU 100 % FUTHI UNGU NKULUNKULU 100 % NGESI KHATHI ESISODWA

NGAYE UMOYA ONGCWELE SIYAKHOLWA FUTHI SIYAMUKELA UKUTHI UJESU UFIKILE EMHLABENI OKOKUQALA
• WABA NGUMNTWANA
• WABA NGU MSINDISI U MESSIAH
• WAHLUSHWA WAHLUPHEKA
• WAFA
• WAVUKA
• WANYUKELA EZULWINI
• KUMANJE UNGAKWE SOKUNENE SIKA NKULUNKULU
• USETHATHILE INDAWO YAKHE NJENGO MEHLULELI
UJESU UZOBUYA NGOKWESIBILI
• UJESU UZOHLWITHA IBANDLA LAKHE ALIHAMBISE EZULWINI KUNKULUNKULU
UZOBUYA NGOKWE SITHATHU
• UJESU UZOMISA UMBUSO WAKHE WEMINYAKA EYINKULUNGWANE NGE SECOND COMING ( THE MILLENNIAL KINGDOM OF JESUS CHRIST)
UZOBUYA NGOKWESINE NOKOKUGCINA
• ESEBUYA NOMHLABA OMUSHA AZOMISA KUWO UMBUSO WAKHE
• UMBUSO AZOWUBUSA INGUNAPHAKADE NAPHAKADE

• UMOYA ONGCWELE UYAMKHAZIMULISA UJESU KRISTU
• HE GLORIFIES JESUS CHRIST
John 16:14
Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.
• NGUYE UMOYA ONGCWELE OSINIKA IZIPHIWO ZANGOKO MOYA UKUZE SISEBENZE EMHLABENI SIWU MZIMBA KA CHRIST
• HE IS A GIFT- GIVER
1 Corinthians 12
• ZONKE IZIPHIWO SIZIPHIWA NGU MOYA ONGCWELE
• NOMA NGABE ZINCANE
• NOMA NGABE ZINKULU
• IZIPHIWO ZAKO MOYA SIPHIWA ZONA UKUZE SINXUSELE NGAZO U KRISTU EMHLABENI
• SIKHOMBISE UMUSA KA JESU KRISTU KUBANTU
• SIMKHAZIMULISE NGAZO
• UMOYA ONGCWELE UKHIQIZA IZITHELO EZIMPILWENI ZETHU
• UMA UMOYA ONGCWELE ESEHLELI INGUNAPHAKADE KITHI SIQALA UKWENZA UMSEBENZI WOKUTHELA IZITHELO ZIKA MOYA EZIMPILWENI ZETHU
IZITHELO ZIKA MOYA :
• ZILUTHANDO ( LOVE )
• NOKUJABULA ( JOY )
• NOKUTHULA ( PEACE )
• NOKUBEKEZELA ( PATIENCE)
• NOBUBELE ( KINDNESS )
• NOBUVI ( GOODNESS )
• NOKUKHOLEKA ( FAITHFULNESS )
• NOBUMNENE ( GENTLENESS )
• NOKUZITHIBA ( SELF- CONTROL )
Galatians 5:22-23


Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
• UMZIMBA NENYAMA YETHU AWUKWAZI UKUTHELA LEZIZITTHELO NGOKWAWO
• LEZI ZITHELO ZIWUMKHIQIZO OKHIQIZWA NGU MOYA ONGCWELE “ WHO INDWELLS US “
NGENXA KA MOYA ONGCWELE MANJE SESIYAZI UKUTHI :
• UNKULUNKULU UHLEZI INGUNAPHAKADE EZIMPILWENI ZETHU,
• HE WILL NEVER LEAVE , NOR FORSAKE US
• UNKULUNKULU WENZA IMISEBENZI YOKUTHELA IZITHELO ZIKA MOYA EMPILWENI YETHU
LOKHU KUYASITHOKOZISA,FUTHI KUYASI DUDUZA
• SIYAMBONGA UNKULUNKULU NGALESISIPHO : UMOYA ONGCWELE NGEMISEBENZI AYENZAYO EZIMPILWENI ZETHU


,

Leave a comment