MKHULU ONGAKITHI KUNAYE OSEZWENI

MKHULU ONGAKITHI KUNAYE OSEZWENI

1 John 4:4
NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni

Ephesians 6:12-13

Ngoba ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini. Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.

• SIBHEKENE NEMPI ESINGAKWAZI UKUYIBONA NGAMEHLO ENYAMA
• KODWA NGOKUKHOLWÀ NGU JESU KRISTU SISI NQOBILE
• IMPI ESIBHEKENE NAYO ILWA NGAMA SPIRITUAL WEAPONS
• AYILWI NGAMA AK-47
• AMA SPIRITUAL WEAPONS ZIKHALI ZOMOYA
• THINA IN OUR FLESH AND NAKED EYES ASIZIBONI
• ZIBONWA NGUJESU KRISTU KUPHELA NGOBA YENA AKUKHO LAPHO ANGAKWAZI UKUBONA KHONA
• JESUS IS GOD OMNIPOTENT UNGUNKULUNKULU ONAWO ONKE AMANDLA
• HE IS GOD OMNIPRESENT UNGUNKULUNKULUOKUNGEKHO LAPHO ENGEKHO KHONA
• HE IS GOD OMNISCIENT UNGU NKULUNKULU ONOLWAZI LONKE
• NESITHA SETHU ASISIBONI
• KODWA SONA SIKHONA FUTHI SIYASIBONA THINA
• SIQONDA NQO KITHI
• INDLELA YOKULWA NESITHA SETHU SIYITHOLA EZWINI LIKA NKULUNKULU :
(a) KUFANELE ( IT IS A MUST AND NOT NEGOTIABLE UKUTHI ) SIHLOME IZIKHALI ZONKE ZIKANKULUNKULU
(b) KUFANELE ( IT IS A MUST AND NOT NEGOTIABLE UKUTHI) SIME IZINKALO ZETHU ZIBOSHIWE NGEQINISO
(c) KUFANELE ( IT IS A MUST AND NOT NEGOTIABLE UKUTHI) SIFAKE ISIVIKELO SESIFUBA SOKULUNGA
(d) KUFANELE ( IT IS A MUST AND NOT NEGOTIABLE ) SIHLALE IZINYAWO ZETHU ZIGQOKISIWE UKULUNGELA KUKHO UKUSHUMAYELA IVANGELI LOKUTHULA LIKA NKULUNKULU
(e) IT IS A MUST AND NOT NEGOTIABLE UKUTHI SIGCINE ISIHLANGU SOKUKHOLWA NGU JESU KRISTU
• UKUKHOLWA NGU JESU KUZOSENZA SIBE NAMANDLA OKUCISHA IMICIBISHOLO EVUTHAYO KA SATHANE
(f) IT IS A MUST AND NOT NEGOTIABLE UKUTHI SAMUKELE ISIGQOKO SENSINDISO NGO KRISTU
(g) IT A MUST AND NOT NEGOTIABLE UKUTHI SAMUKELE INKEMBA KA MOYA ONGCWELE EYI ZWI LIKA NKULUNKULU
(h) IT IS A MUST AND NOT NEGOTIABLE UKUTHI SIKHULEKE SIKU MOYA NGEZIKHATHI ZONKE
(i) IT IS A MUSTAND NOT NEGOTIABLE UKUTHI SIKHULEKE SILINDE NGESINEKE
(j) IT IS A MUST AND NOT NEGOTIABLE UKUTHI SINXUSELE ABANGCWELE BONKE

Ephesians 6:13-18

Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula; kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi, namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu, ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,
• SINGANTWANA BAKA NKULUNKULU KUFANELE SIBE NAMA SPIRITUAL STRATEGIES TO FIGHT A SPIRITUAL WARFARE AN UNSEEN ANEMY
• SISODWA ISITHA SABANGCWELE USATHANE
• USATHANE UYAZINGELA UMZUZU NOMZUZU NJENGE BHUBESI ELILAMBILE

1Peter 5:8-9

Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya; melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.
• IZWI LENKOSI USATHANE LIMBIZA NGE NKOSI NOMBUSI
WALELIZWE
John 12:31- 32
Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa. Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.”
Ephesians 2:2
enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli,
2Corinthians 4:4
okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
• USATHANE UYISITHA SETHU SANGOKOQOBO

Revelation 12:10
Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.
• UMPHOSTOLI UPAWULA UTHI UMA SILWA KUFANELE SIWAZI AMASU OKULWA KA SATHANE
2 Corinthians 2:11
ukuze singehlulwa nguSathane; ngokuba asisibo abangawazi amacebo akhe.
• UPAWULA UWAZI KAHLE AMASU KA MOYA OKULWA KASATHANE
• UTHI :
(a) ANAMANDLA
• THEY HAVE AUTHORITY TO RULE THE WORLD
(b) MABI
LEMIMOYA EMIBI ISEBENZISA AMANDLA ENAWO IKUCEKELA PHANSI IZIMPILO ZABANTU
• LENA IYIMI MOYA YOBUMNYAMA NOBUBI
• AYIHLANGANI NOKUKHANYA NOBUHLE

(c) ISEBENZA NGOKUSHESHA
• UNGAZITHOLA USUSENKINGENI NGOKUPHAZIMA KWESO
• IYAKWAZI UKUSETHA SCHEME NE STRATEGY SIPHIMELELE
• UNGAZITHOLA USUVALALEKE EKHONENI NGENDLELA ENGAHLELEKILE
• LEMIMOYA INAQHINGA OKUKULUTHA ULUTHEKE
• INGAFIKA KUWE KUBE SENGATHI KUFIKE INGELOSI YOKUKHANYA

2 Corinthians 11:14
Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho akuyinto enkulu, uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga ezikuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo.
Matthew 7:15
“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na? Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle. Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo. “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’ Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’ “Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala. Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!” Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.
• UPAWULA UTHI THINA NGOKWETHU ANGEKE SIKWAZI IKUBHEKANA NAMAQHINGA KA SATHANE
• UTHI “ QINANI ENKOSINI
• NASEMANDLENI AYO AMA KHULU

Ephesians 6:10

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.

• NGAKHO KE NGOBA ASINAWO AMANDLA OKULWA NOSATHANE,
OKWETHU WUKUTHI SIME ECELENI SIDEDELE UNKULUNKULU ALWE IMPI YETHU
• KUNGO NKULUNKULU WETHU KUPHELA LAPHO KHONA SIZOZIBONA SINQOBA
• UNKULUNKULU USIPHA AMANDLA OKUNQOBA
• UYASIVIKELA
• GOD SETS US FREE FROM THE BONDAGE OF SIN
• UNKULUNKULU UYASIKHULULA EMANDLENI KASATHANE

2 Timothy 4:17–18
kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama. INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
• ISITHA SETHU SINGABA SIKHULU
• KODWA MKHULU ONGAKITHI KUNALOWO OSEZWENI
1 John 4:4
NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni. Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa.
• UNKULUNKULU ISIVUKELA NGAWO LAWO MANDLA AVUSA NGAWO UJESU EKUFENI
• NGAWO LAWO MANDLA WAMHLALISA UJESU NGAKWE SOKUNENE SIKA NKULUNKULU EZULWINI
Ephesians 1:19–23
nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini, ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.
• NGOKU NQOBA KUKA JESU ESIPHAMBANWENI NEZITHA ZETHU SEZANQOTSHWA ZANQOTSHWA
• THINA SIHAMBA NJE SINGABANQOBI NGO KRISTU

Colossians 2:13-15
Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu; esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni; ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.
• UMA SINQOBA KUSUKE KUNQOBA UNKULUNKULU OHLALA KITHI
• NGEZIKHATHI EBHEKENE NO GOLIATH,UDAVIDE WABE AZI UKUTHI WABE ENGALWI NENYAMA NEGAZI
• KODWA WABE EBHEKENE NEMIMOYA ESEMKHAYHINI
• U GOLIATH WADELELA U DAVIDE WATHUKA UNKULUNKULU WTHI
(a) NGIYINJA YINI UKUBA UNGEZA KIMI UPHETHE IZINDUKU NA?
(b) HHOZA LAPHA NGINIKE IZONYONI NEZILWANE INYAMA YAKHO
1 Samuel 17:43–44
UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi unezinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngawonkulunkulu bakhe. UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.”
• UDAVIDE KWAKUFANELE ANGENWE NGAMANZI EMADOLWENI ASABE UKUYA KU GOLIATH UMA EZWA AMAZWI OKUSABISA
• KODWA SEKUNALOKHO UDAVIDE WAWA THEM A AMANDLA KANKULUNKULU WAHAMBA AZI UKUTHI
• MKHULU ONGAKITHI KUNALOWO OSEZWENI
• UDAVIDE UTHI
“ WENA UZA KIMI NGENKEMBA ,NOMKHONTO NENGCULA,KEPHA MINA NGIZA KUWE NGEGAMA LIKA JEHOVA SEBAHOTI UNKULUNKULU WEMPI KA ISRAELI OYEYISILE “
1 Samuel 17:45
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.
• UDAVIDE UYAZI UKUTHI IMPI INGEKA JEHOVA
1 Samuel 17:47

Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli, yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.” Kwathi lapho esuka umFilisti weza wasondela ukuhlangabezana noDavide, uDavide washesha wagijimela ngasempini ukuhlangana nomFilisti. UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso. UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.
Ephesians 6:10, 12
Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.
• IZITHA ZETHU AKUBONA ABANTU
• IZITHA ZETHU AMADEMONI
• SIBAMBENE NEMIMOYA EBUSAYO EMHLABENI
• IMIMOYA YOMKHATHI IYABUSA
• EKHAYA
• KWAMAKHELWANE
• KWI WARD YAKHO
• KUMASIPALA WAKHO
• KWI DISTRICT YAKHO
• KWI PROVINCE YAKHO
• EZWENI LONKE
• EMHLABENI JIKELELE
• USATHANE NAMADIMONI BABUSA UMHLABA NGENDLELA EPHAMBENE NOKUFUNWA NGU NKULUNKULU
• LAPHO ABANTU KHONA BETHI “YES” UNKULUNKULU KWESINYE ISIKHATHI YENA UTHI
“ NO”
• THINA SIMELE
UNKULUNKULU
• LAPHO UJEHOVA ETHI RELIGIOUSLY AND POLITICALLY “NO” NATHI SITHI
“ NO “
• SISEMPINI NOMHLABA
• GOD IS HERE TO CHANGE THE WORLD’S BELIEFS NGATHI
• USATHANE UFAKA EMHLABENI IZIMFUNDISO ZAKHE EZIPHAMBENE NEZWI LIKA NKULUNKULU
• OKWETHU WUKUTHI SIME SILWE NO SATHANE SILWELE UKUTHI MAKWENZIWE INTANDO KANKULUNKULU EMHLABENI NJENGOBA YENZIWA E ZULWINI
• SISEMPINI SIYALWA
• UMHLABA AWENEME NGATHI
• KUMELE SISEBENZE KUKUBI KUKUHLE WITHOUT COMPROMISE
2 Timothy 4:2-8
Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa. Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo, bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni. Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho. Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile. Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
• UMA SITSHELA ABANTU NGO JESU SANDISA ISIBALO SABANTU ABAMQONDO WABO IS AGAINST THE WORLD
• SANDISA ABASINDISWA

• LOKHU KUNGUKULWA OKUHLE
• KUFANELE SIKUGCINE UKUKHOLWA KWETHU KUZE KUBE SEKUGCINENI UKUZE SITHOLE UMQHELE WOKUPHILA
2.2. ASISEMPINI SODWA .
• UJESU UNATHI KUYONA YONKE IMPI
• UJESU KRISTU UNAMANDLA ONKE OKUSILWELA UKUZE SINQOBE
• IZWI LIKA NKULUNKULU LITHI MKHULU ONGAKITHI KUNALOWO OSEZWENI

1 John 4:4

Ningabaka
Nkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.

2.3.UJESU UNAMANDLA ONKE

Matthew 28:18-20
UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.
• EMAZWINI KAJESU ATHI “ NGIPHIWE AMANDLA ONKE EZULWINI NASEMHLABENI “ NGIYATHANDA KESIBUKE LOLUHLAMVU OLUTHI ” ONKE “.
• LOLUHLAMVU LUSHO UKUTHI AYIKHO IMPI UJESU ANGAYILWA ANGAYINQOBI

• AYIKHO INTO UJESU KRISTU ANGEKE AKWAZI UKUSENZELA YONA

• UMA SICELA NGOKUTHANDA KWAKHE UYASENZELA KONKE ESIKUCELAYO

• ISIKHATHI ESININGI NOMA SINGACELANGA UYASENZELA YENA NGOKWESIDINGO SETHU
• UNAKHO KONKE.
• FUTHI UNAMANDLA ONKE OKUKWENZA ESIKUDINGAYO
• LENTO ISHO UKUTHI SISE EMPINI ESIVELE INQOTSHIWE NGO NAMANDLA ONKE
• UJESU UVELE UNQABILE NATHI.
• USUKU NOSUKU USATHANE NAMADIMONI BASIZUNGEZILE BAFUNA UKUQEDA NGEMPILO YETHU.
• BELIEVE JESUS.
• UJESU AKAZE AWAQAMBE AMANGA.
• UQINISILE
• AMANDLA ONKE EMHLABENI NASEZULWI ANIKEZIWE YENA
2.4.UKUHAMBA NGOKUKHOLWA NOKUSEBENZA NGOKWE THEMBEKA PHAMBI KUKA NKULUNKULU KUZOSENZA SAMUKELISWE IMIQHELE EZULWINI
2.5. UMA UMPHOSTOLI UPAWULA ETHI UKULWILE UKUWA OKUHLE

  • KUMELE SIZIBUZE UKUTHI SENZANI THINA EFANELE UKUTHI SITHOLE UMVUZO WETHU NA ?
    2.6. IMIVUZO YETHU IHLUKENE KUYE NGOKUSEBENZA KWETHU SISEBENZELA INKOSI
    2 .7 . OSEBENZE KAHLE KAKHULU UZONIKEZWA UMVUZO OMKHULU
  • KANJALO NOSEBENZE KANCANE UZOTHOLA VUZO OMNCANE
  • ONGAZANGE ENZELUTHO UYAKWAMUKELA OKUFANELE UKUNGASEBENZI KWAKHE
  • KUNZIMA KE UKUNGAMUKELI LUTHI ABANYE BEBE BEMUKELISWA IMIQHELE
  • UNKULUNKULU USIKHETHILE THINA SINGAKAMKHETHI
  • KUFANELE SIMSEBENZELE
  • INSIMU
    ( UMHLABA) UMPHOSTOLI UPAWULA AVUNA KUYO ISIVUNO INKULU KAKHULU
  • LENSIMI UYISEBENZE NABANYE ABAPHOSTOLI
  • ABAZANGE BAQEDE NGOBA BANINGI KAKHULU ABANTU ABADUKISWE NGU SATHANE
    *ABA PHOSTOLI BOKUQALA BAVUNILE BASHIYA KITHI ESISA PHILA
  • MASISUKUME SISEBENZE
  • NAWE SUKUMA USEBENZE
  • ISIVUNO SIKHULU IZISEBENZI ZINCANE
    Luke 10:2.8-9
    Yathi kubo: “Ukuvuna kukhulu, kepha izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani inkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo. “Nakumuphi umuzi eningena kuwo, benamukele, yidlani okubekwa phambi kwenu, niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’
  • NATHI SIZOVUNA SINGAQEDI SISHIYELE ABANYE
  • UMA UNGANGENISI MUNTU EBANDLENI LIKA NKULUNKULU UDALA OMAKALO OMKHULU EBANDLENI LIKA
    NKULUNKULU
  • AYIPHATHWA -KE EYOKUXOSHA LABO ASEBENGENILE UBAHLUKUMEZE BAZE BAPHUME MAPHELE
  • UYAMOSHA
  • ULIMAZA ICEBO LIKA NKULUNKULU
  • SONKE MASIHLOSE UKU
    PHUMELELISA ICEBO LIKA NKULUNKULU
  • ICEBO LIKA NKULUNKULU UKUBA BONKE ABABIZIWEYO
    BASINDISWE
  • KWANDE ABANTU ABAZONGENA EMBUSWENI KA NKULUNKULU
  • UMUNTU OYEDWA NJE OPHENDUKELA KUJESU KWENZA WENA UBE YI
    “ SOUL WINNER “ *KUYAHALALISWA EZULWINI
    *WENA UZOTHOLA UMVUZO KUJESU NGOKUSEBENZA KWAKHO
  • MKHULU UMVUZO WAKHO
  • SEBENZA! * BATSHELE ABANTU NGENSINDISO NGO KRISTU UKUZE BASINDISWE NJENGAWE
  • MASINGAVUNI ECELENI KWENSIMI
  • UKUVUNA ECELENI KWENSIMU KUSHO UKUBAKHONA KWAKHO EBANDLENI KODWA UNGALANDELWAMUNTU UKUBA AYOKHONZA LAPHO OKHONZA KHONA
  • UJESU UTHI NENZE IZIZWE ZONKE ZIBE NGABAFUNDI BAMI
  • UYABONA KE UKUTHI “ IZIZWE ZONKE “
  • KUSHO UKUTHI AKEKHO UMUNTU OKUFANELE ASONTE NJE KUBE KUPHELA
  • ANGAMEMI MUNTU UKUBA AZOTHOLA IZWI LIKANKULUNKULU
  • WONKE UMZALWANE KUFANELE ASEBENZE ANGENISE ABANTU EBANDLENI UKUZE ATHOLE UMVUZO
  • UKUVUNA ECELENI KWE NSIMU KUSHO UKUTHI UTHI USINDISIWE UTHULE NJE NENTO EMNAMDI KANGAKA INSINDISO
  • UNGATSHELI MUNTU UKUTHI KUKHONA UKUPHILA OKUPHAKADE
  • OSEDUZE KWAKHO KUFANELE AKULANDELE AKHOLWE NGU JESU KRISTU
  • MABANDE ABANTU ESIBALETHA EBANDLENI LIKA
    NKULUNKULU UKUZE BEZWE IZWI LIKA NKULUNKULU BASINDISWE
  • ABANTU SIBALETHA NGOMLOMO SIBAMEMA
  • SIBALETHA NGEZENZO EZISHUMAYELA KAKHULU KUNOMLOMO
  • SIBALETHA NGOKUCABANGA IMICABANGO EMIHLE ENO
    NKULUNKULU UKUZE ABANTU NABO BAKHETHE UKUFANA NO JESU
    2.8.UMPHOSTOLI UPAWULA UTHI UKUGCINILE UKUKHOLWA
  • UKUGCINA UKUKHOLWA KUSHO UKUKHOLWA NGUJESU NOMA NGABE KUBIZA UKUTHI :
    (a) UFE,KODWA UTHI NJE NGIYAKHOLWA NGU JESU
    (b) ULAHLE KELWE NGENXA KA KRISTU KODWA UME EKUKHOLWENI
    ( c) NOMA NGABE UNENGCEBO ENKULU YALELIZWE KODWA INGAKU SUSI KU KRISTU
    2.9.INSINDISO SIYITHOLA NGOMUSA NGOKUKHOLWÀ NGU KRISTU KODWA IMIVUZO SIYITHOLA NGOKUSEBENZA NGOKU
    THEMBEKA EMHLABENI SIZULELA ABANTU KU KRISTU
    Ephesians 2:8-9
    Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
  • ETERNAL REWARDS ARE BASED ON ONE’S FAITHFUL SERVICE TO CHRIST
    2.10.EMINYE IMIQHELE ESIZOYAMUKELA YILE :
    (a) UMQHELE ONGAPHELIYO
    ( IMPERISHABLE CROWN )
    1 Corinthians 9:24–25
    Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.
    • ZONKE IZINTO ESISHIKASHIKEKA UKUBA NAZO LAPHA EMHLABENI ZIYAPHELA
    • ZIYABOLA ZIPHELE ZITHI NYA
    • UJESU UYASINCENGA UKUTHI SINGA LANGAZELELI INGCEBO YALELIZWE NGOBA IYABOLA FUTHI IYAPHELA
    • UJESU UFUNA SISEBENZE KAKHULU UKUKHULISA IBANDLA LAKHE
    • UJESU USITHEMBISA UKUTHI UZOSINIKA UMQHELE ONGABOLIYO FUTHI ONGAPHELIYO UMA SIMSEBENZELA

Matthew 6:19-21

“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.
• UKUBA BESAZI UKUTHI SIZOLA
HLEKELWA KANGAKANANI UMA SINGATSHELI ABANTU NGO JESU NGABE ALISHONI ILANGA SINGAZANGE SIMEME NOWODWA UMUNTU UKUBA AZOLALELA IZWI LIKA NKULUNKULU O
• SINENGCEBO ENGABOLIYO NENGAPHELIYO ESIBEKELWE YONA EZULWINI
• KODWA IZOTHOLWA NGOKUTHI BANGAKANANI ABANTU OBALETHE KUJESU KRISTU NA
• UKUSINDISWA UNAKHO NGOMUSA KODWA UMQHELE KUMELE USEBENZE UKUZE UWUTHOLE
• SEBENZA NGOKUBEKEZELA
• KUTHI NOMA ZIKUNETHA IZINKINGA KODWA UHLALE EKUKHOLWENI NGU JESU KRISTU

1 Peter 1:4
sibe nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini;
(b) UMQHELE WOKUJABULA
1 Thessalonians 2:19
Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na?
Philippians 4:1
Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, intokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.
Philippians 4: 4
Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!
• UMUNTU OKHOLWA NGU JESU UNGUMUNTU OKUFANELE ATHOKOZE NGASO SONKE ISIKHATHI
• KWAMANJE KUYA
THOKOZWA EZULWINI NGE SONI ESISODWA ESIPHE NDUKAYO
• LOKHU KUSHO UKUBALULEKA KOKU
SEBENZELA UNKULUNKULU NGOKWE THEMBEKA
• UNKULUNKULU AKASOBE
AWADLA AMANDLA OMUNTU
• IMIVUZO UYAKUSINIKA NGOKWEMISEBENZI YETHU SISESE MHLABENI

Luke 15:7

Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.
• UMQHELE WOKUJABULA UYAKUBA NGUMVUZO WETHU
• UYAKU ZESULA IZINYEMBEZI ZETHU
• AKUSEYI
KUBUYE KUBEKHONA UKUFA
• USIZI ALUSEYI KUBA KHONA
• UKUKHALA AKUSEYIKUBA KHONA
• NO MORE PAIN
• IZINTO EZENZEKE KITHI EKUQALENI ZEDLULILE
Revelation 21:4
azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”

• UMQHELE WOKUJABULA UTHOLWA YILABO ABAZIMBA
NDAKANYA NOKUVANGELA BEKHUTHAZA ABANGA KHOLWA UKUBA BAMUKELE UJESU UKUZE BASINDISWE.
• KWI NEW TESTAMENT KUYABONAKALA UKUTHI UMPHOSTOLI UPAWULA UZOWAMUKELA LOMQHELE NGENXA YOKUSENENZA KWAKHE
“ WINNING THE SOULS OF MANY GENTILES ( ABEZIZWE ) TO FAITH IN CHRIST
(c) UMQHELE WOKUPHILA

  • UJESU UYAZI USATHANE AKA SITHANDI
  • ABAFUNDI BAKA JESU BAHLUSHWA KANINGI KODWA BABEKEZELA KWAZE KABA SEKUFENI UKUZE BATHOLE UMQHELE WOKUPHILA INKOSI EBABEKELE WONA
    Revelation 2:10
    Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.
    • UKUPHILA KUSHO UKUBA NOBUDLELWANE OBUHLE NONKULUNKULU
    • AKEKHO ONGEKUJABULELA UKUBA NOMQHELE WOKUPHILA
    • AKEKHO ONGEKU
    JABULELE UKUBA NOBUDLELWANE OBUHLE NONKULUNKULU
    • UKUNGABI NOBUDLELWANE OBUHLE NONKULUNKULU KUSHO UKUZWA UBUHLUNGU IMPILO YAKHO YONKE LAPHA EMHLABENI NANGALE KWALOKHU KUPHILA
    • KUSHO UKUBHUBHA KWAPHAKADE
    • UJESU UZILE UKUBA AZOKWENZA UKUTHI SIBUYISANE NO NKULUNKULU
    • UZILE UKUBA SIBE NOKUPHILA OKUPHAKADE
    John 10:10
    Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
    • UMOYA ESIWUPHEFUMULAYO KUBALULEKILE UKUTHI SIWUTHOLE NJALO UKUZE SINGAFI
    • KANJALO NOKUDLA NAMANZI UMA SINGAKUTHOLI SINGAFA
    • UJESU NGOKUNJALO UZILE WAFA UKUZE THINASONKE ESIKHOLWA NGUYE ASINIKE
    “ OUR SPIRITUAL LIFE”
    • UJESU USIPHA AMANZI APHILAYO
    • JESUS GIVES US LIVING WATER
    • USIPHA ISIKWA SOKUPHILA
    • ODLAYO INYAMA ENGUMZIMBA KA JESU AKASOZE ALAMBA NAPHAKADE
    • NOPHUZAYO IGAZI LIKA JESU KASOZE OMA NAPHAKADE
    John 4:10
    UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”
    John 6:35
    Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.” Khona bathi kuye: “Nkosi, siphe njalonjalo leso sinkwa.” UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.
    • IMPILO YETHU YALAPHA EMHLABENI IZOPHELA
    • KODWA SINE
    SETHEMBISO ESIMA
    NGALISAYO ESIZA KULABO ABEZA KU NKULUNKULU NGO JESU KRISTU

1 John 2:25
Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.
• UMQHELE WOKUPHILA UNGOWABO BONKE ABAM
THANDAYO UNKULUNKULU
James 1:12
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
• UKUTHI SIYAMTHANDA UNKULUNKULU SIKUKHOMBISA NGOKULALELA IMITHETHO YAKHE
1 John 5:3
Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima,
• NJENGABANTWANA BAKA
• NKULUNKULU KUSIFANELE
UKUGCINA IMI YALELO YAKHE
• UKUGCINA IMIYALO KANKULUNKULU KUSIZA NABANTU BONKE LAPHA EMHLABENI
• NGISHO UMUNTU NJE ONGAKHOLWA UMA ENGALALELA IMIYALO KANKULUNKULU APHILE NGAYO ANGAHLALA ENGENAZO IZINKINGA
• KWENZA SIME EKUKHOLWENI
SENZE OKUFUNYWA YINKOSI
2.11. UJEHOVA UYAMTHANDA FUTHI UYAMVIKELA UMUNTU OGCINA IMIYALELO YAKHE.

  • UJEHOVA UFUNA SIMKHONZE SITHEMBE YENA YEDWA.
  • USATHANE UZOSIFAKA EZINHLUPHEKWENI
  • KUMELE SIBEKEZELE
  • UMVUZO WETHU MKHULU
  • MASIBUKE KU JESU KRISTU
  • UNGUMQALI NOMPHELELISI WOKUKHOLWA KWETHU
  • SIZOKWA MUKELA UMQHELE WOKUPHILA
    Hebrews 12:2
    sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.

James 1:12
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
Revelation 2:10
Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.
(d) UMQHELE WENKAZIMULO

1 Peter 5:4
kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.
• NAKUBA BABEMKHANDA NGAMATSHE U STEFANE KODWA WAKWA ZI UKUYIBONA INKAZIMULO KA NKULUNKULU
Acts 7:55-56
Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu, wathi: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.”

• AKULULA UKUBONA INKAZIMULO KANKULUNKULU USAPHILA KULOMZIMBA WENYAMA KODWA USTEFANE WAYIBONA NGAMEHLO
Isaiah 42:8-9
“NginguJehova; yilo igama lami; angiyikunika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami. Izinto zakuqala zifikile, sengimemezela izinto ezintsha; zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”

Isaiah 48:11
Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami.
• INKAZIMULO EYO
KWAMBULWA KITHI NGALE KWALEMPILO INKULU KAKHULU KUNE
ZINHLUPHO ZALESISIKHATHI

Romans 8:18
Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.
(e) UMQHELE WOKULUNGA
2 Timothy 4:8
sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
• MUHLE UMUNTU OTHI ESEBENZA ABE AZI UKUTHI IYINI INKOKHELO YAKHE
• USEBENZA EBE ESHO UKUTHI KUKHONA ENGITHENJISWE KONA
• EKUSHUMAYELENI KWAKHE U MPHOSTOLI UPAWULA UBELOKHU EKHUTHAZEKA
• UBAZI KAHLE UKUTHI UKHONA UMQHELE ABEKELWE WONA
• UMQHELE WOKULUNGA SIWUTHOLA KU JESU KRISTU
• WEHLELA KITHI AS A RIGHT NGENXA YOKUKHOLWA KWETHU NGU JESU KRISTU
• NGU JESU KRISTU KAHLE OLUNGILEYO
• NATHI SASE SITHOLA UKUBIZWA NGABALUNGILEYO.
• NGAPHANDLE KUKA JESU KRISTU AKUKHO UKULUNGA KITHI
• WE HAVE A TIGHT TO RIGHTEOUSNESS UMA SIKHOLWA NGU JESU KRISTU
• UNGUMQHELE ESINGEPHUCWE WONA NGOBA
• ASIWUNTSHONTSHANGA
• ASIWUTHOLANGA NGOBUQILI
• SIZOWUTHOLA NJE KAHLE NGENDLELA EQONDILE
• ASIZUKUQOLA MUNTU
• LOMQHELE UTHEMJISWE WONKE UMUNTU OTHANDA INKOSI
• OLINDELE NGOKU LANGAZELELA UKUBUYA KWAKHE
• KUKHO KONKE UKUBEKEZELA KWETHU SIQEDWA AMANDLA EKUKHOLWENI KWETHU
SIZWE UBUHLUNGU
• SIZINGELWA
• SIFA
KODWA SIYAZI UKUTHI UKHONA UMQHELE WETHU WAPHAKADE UKU JESU
• UMQHELE WOKULUNGA SIZOWUTHOLA UVELA KUMAHLULELI OLUNGILEYO

Leave a comment