UKUHLWITHWA KWEBANDLA ,INGXENYE YOKUQALA :UJESU KRISTU WEZA EMHLABENI ENGUMNTWANA NOMSINDISI

1 Corinthians 15:52


ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.

Ukuhlwithwa kweBandla kuzokwenzeka ngokuphazima kweso. Ngeke kuthathe isikhathi eside ukuba iBandla libe sezulwini ku Nkulunkulu uma sekukhale icilongo lokugcina. Icilongo liyokhala,besekuthi  labo asebevele befile bafela eNkosini  bavuke  kuqala.

Revelation 14:13

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.” “Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”

Umsebenzi obaluleke kakhulu okufanele usilandele ukukholwa yiNkosi uJesu Kristu bese silandelwa ukuphila okuphakade.Umvuzo wakho omkhulu ozowuthola uma ukholwa ngu Jesu Kristu,ungukuphila okuphakade noNkulunkulu.

Abafileyo bayovuswa baye ekuphileni okuphakade.Bayovuka bengenakho ukubola.Bayo hlangana neNkosi uJesu Kristu.INkosi izokube ebalindile emoyeni.Thina esiphilayo siyakuguqulwa.Imizimba yethu efayo iyoguqulwa ibe yimizimba enenkazimulo ka Nkulunkulu,imizimba ephila ingunaphakade.Nabo bonke abaphilayo bekholwa ngu Jesu Kristu bayakuhlwithwa kanye nabo abavuka kwabafileyo.Sonke siyo hlangangabeza iNkosi   emoyeni.INkosi iyothumela izingelosi zayo zisiqoqe sonke  emagumbi amane omhlaba.

 IBhayibheli linokuningi elikushoyo mayelana nokuphela kwezikhathi. Eqinisweni, cishe zonke izincwadi zeBhayibheli zinokuthile ezikushoyo mayelana Nokuphela Kwezikhathi emhlabeni. Ukuhlwithwa kweBandla ngesinye isigameko okufanele sikwenze ubone ukuthi izikhathi zomhlaba seziphelile.

Ukuhlwithwa kweBandla kuyisigameko lapho uJesu Kristu ezobuyela emhlabeni ukuze asuse bonke abantu abakholwe nguye lapho besemhlabeni.

UNkulunkulu ubasuselani abantu abakholwa ngu Jesu emhlabeni? Ubasusa ngoba bonke abakholwa ngu Jesu Kristu basindisiwe olakeni luka Nkulunkulu oluzokwehlela umhlaba.UNkulunkulu ufuna ukwahlulela umhlaba ngokungakholwa ngu Jesu Kristu.Thinasonke esikholwa ngu Jesu Kristu sizovuka  sivukele endaweni ephephile enokuthula kuka Nkulunkulu.Abangakholwa ngu Jesu Kristu abangezukuhlwithwa uma kukhala icilongo lokugcina bazozwa ubuhlungu obungakaze bubekhona selokhu umhlaba wasekelwa.

UJesu Kristu uzobuyela emhlabeni.Kwa profethwa ukuthi uzozalwa ,wazalwa.Njengoba kwa profethwa ukuthi uzobuya azolanda i Bandla lakhe,kanjalo ke uzobuya.Asikho isiprofetho esingezukugcwaliseka.Zonke iziprofetho zeBhayibheli zizogcwaliseka.Ukuhlwithwa kwe Bandla esinye isiprofetho esizogcwaliseka.

Kulesi sigaba   sokubuya kuka Jesu Kristu, uJesu Kristu ngeke afike kuwo umhlaba ngqo.Ukuza kukaJesu Kristu ngeke kufane nalapho ezalwa ewusana ngunina uMariya.Ekufikeni  kwakhe kokuqala kwaprofethwa ukuthi uJesu Kristu wayeyofika njengoMesiya noMsindisi.Lesi siprofetho kwagcwaliseka.UJesu Kristu wafika.Wazalwa.Wakhula wenza imisebenzi yakhe njengomshumayeli nomufundisi weZwi likaNkulunkulu.Emva kokwenza inkonzo yakhe yasemhlabeni uJesu Kristu waya esiphambanweni ngokuthanda Kwakhe.Wanikela ukuphila kwakhe. Wafa ukuze abantwana Bakhe, iBandla, bangafi kodwa baphile phakade.

Isaiah 7:14

Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.

Isaiah 8:8

utheleke kwaJuda, ukhukhule, udlule, ufinyelele entanyeni, besewugcwalisa ngamaphiko awo eluliweyo ububanzi bezwe lakho, Imanuweli.”

EVangelini ngokuloba kuka

Matthew 1:23

“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.

Izikhathi eziningi ekuphileni kwakhe uJesu, ubonisa ukuthi wayengumuntu osemsebenzini ( a man on a mission ). Wayenenhloso,ayeqonde  ukuyifeza noma yikankani. Ngisho esemncane, uJesu wayazi ukuthi kumele  ukuthi abe semsebenzini kaYise”

Luke 2:49

Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?”

Ezinsukwini zokugcina zokuphila kwakhe kwasemhlabeni, uJesu “wasuka waya eJerusalema ngesibindi,” lapho ayazi ukuthi wayeyobulawa khona.

Luke 9:51-56

Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema. Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele. Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema. Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?” Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa,” base beya komunye umuzi.

Kungashiwo ukuthi umsebenzi obalulekile wesikhathi sikaKristu emhlabeni kwakuwukugcwalisa icebo likaNkulunkulu lokusindisa. Ukuza kuka Jesu Kristu emhlabeni kwabe kuwukuzo qinisekisa ukuthi kubantu abakholwa nguye nabamethembayo kungayi noyedwa esihogweni.Bonke bafumane ukusindiswa baphile no Nkulunkulu ingunaphakade.

Luke 19:10

Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”

UJesu wayesanda kugxekwa ngokuya endlini ‘yesoni. UJesu waphendula ngokuqinisekisa ukuthi umsebenzi wakhe kwakuwukusindisa abantu ababedinga ukusindiswa. Idumela labo lokuba nesono lalingesona isizathu sokubagwema; kunalokho, kwakuyisizathu sokubafuna. Izikhathi eziningi ngokwe nkonzo kaKristu, wayefuna ukuthethelela labo ababegwenywa ngabaholi bangaleso sikhathi. Wafuna futhi wasindisa owesifazane emthonjeni kanye namaSamariya edolobheni lakubo

John 4:39-42

AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.” Athe ukuba eze kuye amaSamariya, amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili. Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe. Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.”

UJesu Kristu wasindisa owesifazane oyisoni oweza kuJesu Kristu nomfuma wamafutha

Luke 7:36-50. 

Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni. Bheka, kwakukhona emzini owesifazane oyisoni; wathi esazi ukuthi uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, weza nomfuma wamafutha, wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala, waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha. Kuthe umFarisi obemmemile ekubona, wazindla wathi: “Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe.” Wathi: “Khuluma-ke, Mfundisi.” “Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile; icala lomunye lalingodenariyu* abangamakhulu ayisihlanu, elomunye amashumi ayisihlanu. Bengenanto yokukhokha, wabayekela bobabili. Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?” USimoni waphendula wathi: “Ngithi yilowo amyekela okukhulu.” Wathi kuye: “Unqume kahle.” Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe. Awunganganga, kepha lo, yilokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami. Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha. Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.” Wayesethi kuye: “Zithethelelwe izono zakho.” Ababehlezi naye ekudleni baqala ukusho phakathi kwabo ukuthi: “Ngubani lo othethelela nezono na?” Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni. Bheka, kwakukhona emzini owesifazane oyisoni; wathi esazi ukuthi uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, weza nomfuma wamafutha, wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala, waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha. Kuthe umFarisi obemmemile ekubona, wazindla wathi: “Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe.” Wathi: “Khuluma-ke, Mfundisi.” “Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile; icala lomunye lalingodenariyu* abangamakhulu ayisihlanu, elomunye amashumi ayisihlanu. Bengenanto yokukhokha, wabayekela bobabili. Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?” USimoni waphendula wathi: “Ngithi yilowo amyekela okukhulu.” Wathi kuye: “Unqume kahle.” Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe. Awunganganga, kepha lo, yilokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami. Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha. Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.” Wayesethi kuye: “Zithethelelwe izono zakho.” Ababehlezi naye ekudleni baqala ukusho phakathi kwabo ukuthi: “Ngubani lo othethelela nezono na?” Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”
NgokukaLuka 7:36‭-‬50 ZUL59
https://bible.com/bible/286/luk.7.36-50.ZUL59


• NGESIKHATHI SOKWAHLULELWA KWABANGCWELE
• KWI SIHLALO SOKWA HLULELA SIKA KRIS( JUDGEMENT SEAT OF CHRIST ) EZULWINI,
• IBANDLA LIZONIKEZWA IMIQHELE NGEMISEBENZI EMIHLE ELIYENZE EMHLABENI,
• NANGOKUSEBENZELA UNKULUNKULU NGEQISO NANGO KU THEMBEKA
• ABAZALWANE NGEKE BAYITHOLE IMIQHELE UMA BEHLULEKA UKWENZA KAHLE BESESE MHLABENI,
• AWUKHO UMQHELE OTHOLWA NGO KWEHLULEKA UKUZI PHATHA NOKU LALELA UNKULUNKULU
• NOKHO-KE NGENXA KA KRISTU,LABO BAZALWANE ABANGEZUKUNIKWA IMIQHELE,NGEZIZATHU EZAZIWA NGU NKULUNKULU,
• NGOKWE BHAYIBHELI,ABEZUKULAHLEKELWA NGUKUPHILA OKUPHAKADE,
• BAZOSINDISWA
• BAZOSINDA EKULAHLWENI ESIHOGWENI NGENXA YOKUTHI BAKHOLIWE NGU JESU KRISTU BESESEMHLABENI.
• LOKHU KUCHAZA KAHLE UKUTHI KUBALULEKILE KUNAKHO KONKE UKUTHI UMUNTU AKHOLWE NGU JESU KRISTU,FUTHI AMETHEMBE UKUTHI NGOKUFA KWAKHE SITHOLE IGAZI LAKHE, ICALA LETHU LITHETHIWE LAPHELA
“OUR SINS ARE COMPLETELY FORGIVEN “
• UJESU KRISTU USENZA SITHETHELELWE IZONO ZETHU
• INSINDISO SIYITHOLA NGOMUSA
• KODWA ANGEKE SIYITHOLE UMA SINGAKHOLWA NGU JESU KRISTU INDODANA KANKULUNKULU
• FAITH IS A METHOD BY WHICH SALVATION IS DELEVERED TO US BY GOD
• AND WE RECEIVE OUR SALVATION BY FAITH
“ WITHOUT FAITH AKWENZEKI UKUMTHOKOZIA UNKULUNKULU “
Hebrews 11:6
kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
• NGAKHO KONKE OKUNYE OKUHLE ESIKWENZAYO SIZOTHOLA IMIQHELE UMA SESAHLULELWA ESIHLALWENI SOKWAHLULELA SIKA KRISTU
• KODWA UKUKHOLWA NGU JESU KRISTU KUPHELA OKUSENZA SAMUKELE
“ OUR SALVATION”
• UMA UNGAKHOLWA NGU JESU KRISTU AWUZUKU HLWITHWA
• AWUYI EZULWINI
• UYA ESIHOGWENI NGOKUPHELA KWEZIKHATHI
• NOMA UNGENZANI ENHLE LAPHA EMHLABENI KODWA UZOSALA UNGAHLWITHWA
• UZOLINDA KUZE KUVUKE BONKE ABANGAKHOLWA NGU JESU KRISTU NGOKUVUKA KWESIBILI
• UZOSALA UNEMISEBENZI EMIHLE NEMI KHULU OYENZILE
• UZOLINDA SIKHATHI SOKUVUKA KWABANGA KHOLWA NGUJESU
“ IF YOU DO NOT HAVE FAITH IN JESUS CHRIST,THE SON OF THE MOST HIGH GOD”
• AWUZUKUVUKA UMA IBANDLA LIHLWITHWA
• BONABONKE ABANGAKHOLWA NGU JESU KRISTU BAZOKWA HLULELWA NGESIKHATHI SOKWAHLULELA IBHAYIBHELI ELISIBIZA NGOKUTHI
“UKWEHLULELA KWESIHLALO SOBUKHOSI ESIKHULU ESIMHLOPHE ( THE GREAT WHITE THRONE JUDGEMENT )
Revelation 20:11-15
“ Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
• UKWAHLULELA KWESIHLALO SOBUKHOSI ESIKHULU ESIMHLOPHE
• KUNGUKWAHLULELA KOKUGCINA “ AFTER SO MANY JUDGEMENTS THAT THE LORD HAS EXERCISED SINCE THE BEGINNING OF THE EARTH”
• EMVA KWALOKHU KWAHLULELA BONKE ABALAHLIWEYO BAZO PHONSWA ECHIBINI LOMLILO
• UKWAHLULELA KWESIHLALO SOBUKHOSI ESIKHULU ESIMHLOPHE KOZOKWENZEKA UMA SEKUPHELE ISIKHATHI SOKUBUSA KWE NKOSI UJESU KRISTU IMINYAKA EYINKULUNGWANE ( MILLENNIAL KINGDOM OF JESUS CHRIST) EBUSA UMHLABA WONA LONA ESIPHILA KUWO
Revelation 20:7-15
Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe, aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle. Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda; noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade. Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
Revelation 19:19-20
Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe. Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.
• FAITH IN JESUS QUALIFIES US TO USHER INTO THE
(a) RAPTURE OF THE CHURCH AND
(b) ETERNAL LIFE WITH GOD
Romans 8:1
Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.
• IZONO ZETHU ZITHETHELELWE NGOKUFA KUKA JESU KRISTU ENGENALO ICALA
• UJESU WAFA ENDAWENI YETHU,
• WABETHELWA NJENGESELELESI UKUZE THINASONKE SINGABEKWA ICALA NGUNKULUNKULU
• SISINDISIWE OLAKENI LUKA NKULUNKULU
• ASIZUKUBHUBHA KODWA SI NOKUPHILA OKUPHAKADE.
John 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
1Corinthians 3:11-17
Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni. Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na? Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.
2 Corinthians 5:10
Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.
• UKUHLWITHWA KWEBANDLA NGESINYE SEZIGAMEKO EZIVEZWA YIBHAYIBHELI UKUTHI ZIZOKWENZEKA NGASEKUPHELENI KWEZIKHATHI
• UKUHLWITHWA KWEBANDLA YISIGAMEKO LAPHO UNKULUNKULU EHLWITHA KHONA BONKE ABAKHOLWA YI NKOSI UJESU
• UNKULUNKULU UYABASUSA EMHLABENI UBASA EZULWINI
• UMA UNKULUNKULU ESEBASUSILE EMHLABENI ABAKHOLWA NGU JESU KRISTU UZOBE ESEHLISA ULAKA LWAKHE
• ULAKA LUKA NKULUNKULU LUZOKWEHLELA UMHLABA
• U ISRAEL NOMHLABA UZOKWAHLULELWA NGU NKULUNKULU NGENXA YESONO
• KUZOKUBA YISIKHATHI SOSIZI EMHLABENI
• I “ TRIBULATION PERIOD FOR SEVEN YEARS “
• ABANTU BEKHALA BEZWA UBUHLUNGU NGENXA YEZINHLUPHO IZIZOFIKA
• BEFISA UKUFA BEHLUSHWA NGU MPHIKI KRISTU OZOVUKA ABUSE UMHLABA EMVA KOKUHLWITHWA KWEBANDLA
• ISIKHATHI ESINZIMA
• ISIKHATHI SOKUKHALA NOKU GEDLA AMAZINYO
• ISIKHATHI NEZINHLUPHO
• ABASELEYO BENGAHLWITHWANGA NGESIKHATHI IBANDLA LIHLWITHWA
• BAZOZWA UBUHLUNGU OBUNGAKAZE BUBE KHONA
• ISIKHATHI ESINZIMA SIZOKUBA KHONA EMHLABENI NGEZIKHATHI ZOKUGCINA
• LESIKHATHI ESINZIMA SIZOKUBA KHONA IMINYAKA EYISIKHOMBISA
• A SEVEN YEAR PERIOD OF TRIBULATION
• ABANTU BAZOKWEHLELWA YIZINHLUPHEKO EZIVELA OLAKENI LUKA NKULUNKULU
• IZINHLUPHO ZIZA KWA ISRAEL NASEMHLABENI WONKE JIKELELE
• UMA IBANDLA LIHLWITHWA UNKULUNKULU UZOBAVUSA BONKE ABAFILEYO
• BAZOVUKELA ENKOSINI ABAFA BEKHOLWA NGU JESU
• UNKULUNKULU UZOBANIKA UMZIMBA ONENKAZIMULO KA NKULUNKULU
• ABAFE BEKHOLWA NGUJESU KRISTU BAZOHLWITHWA KANYE NABO BONKE ABAKHOLWAYO ABAZOKUBE BESAPHILA LAPHO KU HLWITHWA IBANDLA
• BONKE ABAYOBE BESAPHILA LAPHO KU HLWITHWA IBANDLA,NABO BAZONIKWA IMIZIMBA ENE NKAZIMULO KANKULUNKULU
1 Thessalonians 4:16-17
ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
• IMIZIMBA YETHU IYAKUGUQULWA
• AYISEY UKUBA YIMIZIMBA EFAYO
• KODWA IYOKU GUQULWA IBE YIMIZIMBA EPHILA INGUNAPHAKADE
• UJESU UMA EBONAKALA THINASONKE SIYOFANA NAYE
1 John 3:2
Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
• UKUHLWITHWA KWEBANDLA AKUKONA UKUBUYA KUKA JESU NGO KWESIBILI
“IT IS NOT THE SECOND COMING OF JESUS CHRIST “
• UMA KUHLWITHWA IBANDLA,BONKE ABAKHOLWA NGU JESU KRISTU BAZOQOQWA YIZINGELOSI
• BAHAMBE BAZOHLANGANA NENKOSI EMOYENI
Matthew 24:31
Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye
1.Thessalonians 4:17
khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
• YIKUPHI OKUZOKWENZEKA KUQALA I RAPTURE NE TRIBULATION ?
• LOLUDABA LUDALA IMPIKISWANO ESHUBILE NOKWAHLUKANA KWEMIBONO EBANDLENI LIKA NKULUNKULU
• UMPHOSTOLI UPAWULA UTHI KULUNGILE KUBE KHONA UKWAHLUKANA PHAKATHI KWABAZALWA,UKUZE KUBONAKALE LABO ABAQINISILEYO
1 Corinthians 11:19
Ngokuba kumelwe kube khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale.
• UMA SIZOQONDA UKUTHI YIKUPHI OKUZOFIKA KUQALA PHAKATHI KOKUHLWITHWA KWEBANDLA NE TRIBULATION,KUMELE SIQONDE KAHLE UKUTHI IYINI INHLOSO YE TRIBULATION,ISIKHATHI SOSIZI,NESIKHATHI SEZINHLUPHEKO
• UDANIEL UPROFETHA ISIPROFETHO ESITHI
Daniel 9:20- 27
Ngisakhuluma ngikhuleka, ngivuma izono zami nezono zabantu bakithi u-Israyeli, ngiletha ukunxusa kwami phambi kukaJehova uNkulunkulu wami ngentaba engcwele kaNkulunkulu wami, yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa. Wangiqondisa, wakhuluma nami, wathi: “Daniyeli, sengiphumile ukukuhlakaniphisa nokukuqondisa. Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli zwi, uqonde nombono. “Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko, nokukhawula izono, nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade, nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele. “Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka. Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe. Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.”
• LESI SIPROPHETHO SIKA DANIEL SIPROFETHA NGOKUSAZOKWENZEKA KWA ISRAEL
• LESISI PROFETHO SIPROFETHA NGQO NGOKUZOKWENZEKA KU ISRAEL.
• SIKHULUMA NGESIKHATHI LAPHO UNKULUNKULU EZOGXILA NGQO KWA ISRAEL
• NASO ISIKHATHI ESING
“Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele”
I “ SEVEN YEAR TRIBULATION”
• KUYISIKHATHI ESIBUKEKA SIQONENE NESIKHATHI LAPHO UNKULUNKULU EZOKUBE EQONDE UKUJEZISA U ISRAEL NOMHLABA NGENXA YOKUNGA KHOLWA NGU JESU KRISTU
• AKUKHO KE LAPHO KUKHOMBA KHONA UKUTHI IBANDLA ALIZUKUBA KHONA NGALESISIKHATHI ESINZIMA KANGAKA
• AYIKHO INKINGA
• UMA IBANDLA LIYOBE LIKHONA, UNKULUNKULU UYOLIPHA AMANDLA OKUMA EKUKHOLWENI NGU JESU KRISTU
• KODWA UMA SIBHEKA UKUTHI UNKULUNKULU UHLOSE UKWAHLUKELA U ISRAEL NOMHLABA NGENXA YESONO NOKUNGA KHOLWA NGU JESU KRISTU
• SIYAKHOLWA UKUTHI IBANDLA LIHLENGIWE KULOLUSIZI
• IBANDLA LIYAKHOLWA NGU JESU KRISTU UMSINDISI WETHU
• SIKHOLWA NGUKUTHI KUYOKWENZEKA UKUTHI LIBE SELIHLWITHIWE
• UMA LIYOKUBE LINGAKAHLWITHWA NGEKE IPHELE I SEVEN YEAR PERIOD OF TRIBULATION LINGAKAHLWITHWA
• NGOBA IBHAYIBHELI LITHI KUKHONA UKUHLWITHWA KWEBANDLA
• SO,THERE WILL BE RAPTURE NGESIKHATHI SIKA NKULUNKULU
• BAKHONA ABAFUNDI BEZIPROFETHO ABAKHOLWA WUKUTHI KOTHI LAPHO IQALA ITRIBULATION UMPHIKI KRISTU EVUKA,IBANDLA LIHLWITHWE
• UMPHOSTOLI UPAWULA YENA UTHI
1 Thessalonians 5:9
ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu
• INCWADI YESAMBULO IYONA EYAMBULA KAKHULU NGOLAKA LUKA NKULUNKULU OLUZOKWEHLELA UMHLABA NGE PERIOD OF TRIBULATION
• INCWADI YESAMBULO IKUVEZA KAHLE UKUTHI UNKULUNKULU UZOWUSHAYA KANJANI UMHLABA NGO LAKA LWAKHE NGE PERIOD OF TRIBULATION
• AKUBONAKALI UKUTHI UNKULUNKULU ANGAFIKE ATHEMBISE IBANDLA UKUTHI NGEKE LINGENE EBUHLUNGWINI BO LAKA LWAKHE ABUYE ALIVUMELE LIPHILE NGESI KHATHI SE SEVEN YEAR PERIOD OF TRIBULATION
• UMA KUKHONA ISIMO SOMLILO WEZINHLUPHO ESIFANA NESIMO ESEHLELA IBANDLA LOKUQALA, ELANGENA EKULINGWENI NASEKUHLUSHWENI OKUNZIMA LAMA EKUKHOLWENI KWAZE KWABA SEKUFENI,
• NATHI SIYIBANDLA LIKANKULUNKULU ELIPHILA ESIKHATHINI SOKUBUYA KWE NKOSI UJESU KRISTU, KOMELE SIBEKEZELE SIBHEKANE NASO LESOSIMO SINQOBE SIZE SIHLWITHWE NGE RAPTURE
• UMQHELE NOMVUZO WETHU UKHONA EZULWINI
Revelation 3:10 -21
Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni. “Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
• UJESU KRISTU UYASISIZA NANJE UMA SIKHOLWA NGUYE FUTHI SIMETHEMBA
• SIYAPHILA IN THE MIST OF TRIBULATIONS EVEN TODAY
• ZIKHONA IZINHLUPHO
• KUZOFIKA UKUHLWITHWA KWE BANDLA SISINDISWE OLAKENI LUKA NKULUNKULU OLUZOKWEHLELA EMHLABENI
• UMA SIBUKA IZWI LIKA NKULUNKULU SAMUKELA UKUTHI
• UKUHLWITHWA KWEBANDLA
• KUZOFIKA KUQALA
• BESE KWENZEKA ITRIBULATION,OKUYI SIKHATHI SOSIZI NEZINHLUPHEKO
• IZOKUTHI UMA IPHELA IMINYAKA EYISIKHOMBISA YEZINHLUPHEKO BESE KWENZEKA UKUBUYA KUKAJESU KRISTU NGOKWESIBILI “ THE SECOND COMING OF JESUS CHRIST ON EARTH”
• NGE SECOND COMING ABANGCWELE BAYABUYA NE NKOSI LAPHA EMHLABENI
• BESUKA EZULWINI LAPHO BEZOKUBE BEHLEZI KHONA NENKOSI EMVA KOKUHLWITHWA KWEBANDLA EMHLABENI
Revelation 19:14
Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo
• IZIMPI ZASEZULWINI ZIMLANDELA ZIZA EMHLABENI NGE SECOND COMING
• I SECOND COMING YENZEKA UMA SEKUDLULE
• ISIKHATHI ESINZIMA
• ISIKHATHI SOSIZI
• NEZINHLUPHEKO “ THE TRIBULATION “
• AFTER THE PERIOD OF GREAT AND TERRIBLE TRIBULATION” KWENZEKA I SECOND COMING OF JESUS CHRIST
• ISIKHATHI SOSIZI NEZINHLUPHEKO SICHAZWA YINCWADI YESAMBULO
Revelation
6 – 19
• LESIKHATHI ESINZIMA SIZOFIKA THINA SESIHLWITHIWE NGOKWEZWI LENKOSI
1 Thessalonians 5:9
ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu
• UKUHLWITHWA KWEBANDLA KUNGUKUSUSWA KWEBANDLA LONKE EMHLABENI NGENHLOSO YOKULISINDISA OLAKENI LUKA NKULUNKULU
1 Thessalonians 4:13-17
Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo, ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
Thessalonians 5:9
ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Krist
• I SECOND COMING IHAMBISANA NOKUSUSWA KWABANTU ABANGAKHOLWA NGU JESU KRISTU EMHLABENI NGENHLOSO YOKUBAHLULELA
Matthew 24:40-41
Khona-ke kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe; ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe
• UKUHLWITHWA KWEBANDLA KUYOKWENZA NGEMFIHLO KUSHESHA KUNGALINDELEKILE
1 Corinthians 15: 50 – 54
Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli. Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe. Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi. Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.” “Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?” Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho. Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu. Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
• UKUBUYA KWE NKOSI UJESU NGOKWESIBILI “ THE SECOND COMING” KUZOBONAKALA KUWO WONKE UMUNTU
Revelation 1:7
Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.
Matthew 24:29-30
“Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’ “Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.
• NJENGA MANJE IZIPROFETHO EZININGI OKUMELE SIGCWALISEKE NGAPHAMBI KOKUHLWITHWA KWEBANDLA SEZIGCWALISEKILE
• LOKHU KUSHO UKUTHI IBANDLA SELINGAHLWITHWA NOMA YININI KUSUKELA MANJE
• I SECOND COMING AYIKEZU KWENZEKA KUZE KUBE WUKUTHI KUGCWALISEKA ZONKE IZINTO IBHAYIBHELI ELI PROFETHE UKUTHI ZIZOKWENZEKA NGAPHAMBI KOKUTHI UJESU ABUYE NGE SECOND COMING.
• OKUNYE KWAKHO OKUMELE KWENZEKE UKUTHI
• KUZE KUBE NOKU BONAKALISWA KO MPHIKI KRISTU
• UMPHIKI KRISTU OZIKHUKHUMEZA PHEZU KWAKHO KONKE
• UMPHIKI KRISTU OMELANA NAKHO KONKE
• UMPHIKI KRISTU UZOZISHAYA UNKULUNKULU
• UMPHIKI KRISTU UZOHLALA NGENKANI ETHEMPELINI LIKA NKULUNKULU AZIFUNELE UKUKHONZWA NGABANTU BONKE EMHLABENI
2 Thessalonians 2:4
omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.
Matthew 24:15-30
“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe, osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha. Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona. Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. Khona uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka. Bhekani, senginitshelile ngaphambili. “Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa; ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona. “Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’ “Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu. Revelation chapters 6–18
• UKUHLWITHWA KWEBANDLA KUNGENZEKA NOMA NINI KUSUKA MANJE
Titus 2:13
sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu
1Thessalonians 4: 13-18
Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo, ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo. Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi.
1 Corinthians 15:50-54
Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli. Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe. Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi. Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”
• UKUHLWITHWA KWEBANDLA NE SECOND COMING KUYIZEHLO EZIFANAYO ,KODWA EZENZEKA NGEZINDLELA EZINGEFANI NANGEZIKHATHI EZINGAFANI
• KUZONA ZOMBILI LEZIZIGAMEKO U JESU KRISTU UYABUYA
• NGE SECOND COMING UKRISTU UYOFIKA EMHLABENI QATHATHA
• KANTI NGE RAPTURE UYOGCINA EMOYENI KUZE IBANDLA KUYE LIQOQWA YIZINGELOSI
• NGESECOND COMING
Zachariah 14: 3-4
UJehova uyakuphuma, alwe nalabo bezizwe njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa. Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.
• UKUNYATHELA KUKA JESU PHEZU KWENTABA YEMINQUMO KUZOKWENZA KUBE NOKUZAMZAMA KOMHLABA PHEZU KWENTABA YEMINQUMO
• INDABA YOKUHLWITHWA KWEBANDLA AYAMBULWANGWA KWI “ OLD TESTAMENT “
• AKUFUNDISWANGA NGAYO KWI TESTAMENTE ELIDALA
• YINGAKHO UMPHOSTOLI UPAWULA EYIBIZA NGE MFIHLO.
1Corinthians 15:51-55
Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe. Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi. Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.” “Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?”
• INDABA YE BANDLA IYODWA NJE IYIMFIHLAKALO
• LENDABA IBILOKHU IFIHLAKELE FROM THE FOUNDATION OF THE EARTH
• NAYO INDABA YOKUHLWITHWA KWE BANDLA LIKA NKULUNKULU IYIMFIHLAKALO EBIFIHLAKELE KWI OLD TESTAMENT.
KUFANELE SONKE SINGABAZALWANE SISILANGAZEL
ELE LESISEHLO SOKUHLWITHWA KWEBANDLA,NGOBA SIKHOMBISA UBUKHULU BA MANDLA ENKAZIMULO KA NKULUNKULU
• UMA SESI HLWITHIWE” WE WILL BE FREE FROM SIN “
• ANGEKE UPHINDE USIBONE SIVIKA ISONO
• SIZOHLALA SISEBUKHONENI BUKA NKULUNKULU INGUNAPHAKADE
• ISIFUNDO NGOKU HLWITHWA KWEBANDLA KUFANELE
• SISIDUDUZE SINGABANTWANA BAKA NKULUNKULUULU
• SISIQINISE
• SISINIKE ITHEMBA
• KUNOKUBA SISENZE SIPHIKISANE SIYI BANDLA LIKA NKULUNKULU
• UNKULUNKULU UFUNA SIKHUTHAZANE NGALAWA MAZWI
1 Thessalonians 4:18
Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi.
• UMPHOSTOLI U PAWULA USIFUNDISA UKUTHI MADUZE NJE KUZOKWENZEKA I TRANSITION
• THINASONKE SIZOSUKA KULO
KHUKUPHILA ESIPHILA KUKHO MANJE
• SIYE KUKHO UKUPHILA OKUPHAKADE
• WE SHALL MOVE FROM THIS LIFE TO ETERNAL LIFE
• IMIZIMBA YETHU EFAYO WILL BE TRANSFORMED INTO EMIZIMBENI ENGAFIYO
• SIZOKUBA NEMIZIMBA ENGENAKHO UKUBOLA
• IMIZIMBA ELUNGISELWE UMBUSO KA NKULUNKULU
• NGESIKHASHANA ESINCANE
• NGOKUPHAZIMAKWESO
• NGECILONGO LOKUGCINA
• ABAFILEYO BAZOVUSWA
• BENGENAKHO UKUBOLA
• THINASONKE ESIPHILAYO SIZOGUQULWA
• UKUFA KUNQOTSHIWE
• IBANDLA LIZOHLWITHWA
NGUNKULUNKULU
1 Thessalonians 4:16-17
ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
• UJESU WEHLA EZULWINI WAZOKUBA UMNTWANA
• WAZALWA WAKHULA
• WAFUNDISA
• WAFA
• WAVUKA
• WANYUKA WAYA EZULWINI
• UZOPHINDS EHLE ESUKA EZULWINI NGEZWI LENHLOKOMO
• NGEPHIMBO LENGELOSI ENKULU
• INGELOSI ENKULU IYAKUBETHA ICILONGO LIKANKULUNKULU IBIKEZELE UKWEHLA KWE NKOSI UJESU KRISTU
• ABAFILEYO BAFELA ENKOSINI BAYOVUKA KUQALA
• BANDULELE LABO ABAYOBE BESAPHILA
• THINASONKE SIYOKUGUQULWA
• SIHLWITHELWE EMAFWINI SIHLANGABEZE INKOSI EMOYENI KANYE NABO ABAVUKA EMATHUNENI
• INKOSI AYIYIKUFIKA EMHLABENI NGE RAPTURE
• IYOLINDA IBANDLA LAYO EMOYENI
• IZINGELOSI ZONKE ZIYOKUZA EMAGUMBINI OMANE OMHLABA ZIQOQE BONKE ABAKHOLWAYO
NABAYETHEMBAYO INKOSI UJESU
• SIYOHAMBA NENKOSI SIYOHLALA NAYO NJALO NJALO
• UNKULUNKULU UYASAMBULELA LEZIZINTO UKUZE SIKHUTHAZEKE EKUKHOLWENI KWETHU

Revelation 11:15

Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”

• NGAPHAMBI KOKUBA UJESU KRISTU ABUYE NGE SECOND COMING,UZOQALE AFIKE EMKHATHINI AMUKELE IBANDLA LAKHE
• AYE NALO EZULWINI

1 Thessalonians 4:17
khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
• ZONKE IZINGELOSI ZIZOSUKA EZULWINI ZIZE EMHLABENI ZIZOQOQA BONKE ABAKHOLWA NGU JESU NABAMETHEMBAYO
• AKUZUKUSALA NEYODWA INGELOSI EZULWINI
• UJESU UZOLINDA IBANDLA EMOYENI
• KUNGE SECOND COMING LAPHO UJESU EZOFIKA QATHATHA EMHLABENI
• UJESU UZOFIKA ABUSE IZIZWE ZONKE EZISEMHLABENI
• UMBUSO WEZWE UZOKUBA NGUMBUSO KA JESUS KRESTU
• UMA EBUYA UJESU EMHLABENI UZOQALE AMISE UMBUSO WAKHE WEMINYAKA EYINKULUNGWANE ( MILLENNIAL KINGDOM OF JESUS CHRIST )
• EMVA KOKUBUSA KUKA JESU IMINYAKA EYINKULUNGWANE EMHLABENI SIZOBE SESINGENA KWI ETERNITY SESIYOPHILA NONKULUNKULU INGUNAPHAKADE EMHLABENI OMUSHA
• UNKULUNKULU WETHU UZOKUBA NEZULU ELISHA

Revelation 21

• MHLAZANE IBANDLA LIHLWITHWA KUZOGCWALISEKA UMBHALO OTHI “ UKUFA KUGINGIWE,
KWABA NGUKUNQOBA”

1 Corinthians 15:54

Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”
• MHLA NJE IBANDLA LIHLWITHWA UMHLABA UYOBONA IZIMANGA EZINGAKAZE ZIBONAKALE
• IMIZIMBA EBOLAYO IYOVUSWA EMATHUNENI,
IVUKE INGASENAKO UKUBOLA
• IMIZIMBA EFAYO IYOKWEMBATHA UKUNGAFI
• NGO KRISTU SIKUNQOBILE UKUFA
• KWAMANJE SIHAMBA SINGABA NQOBI
• NOMA SIFA KUFA ABANTU ABANQOBILE
• SIZOVUKA EMATHUNENI
• SIZOGIJIMA
SIHLANGABEZE UJESU NXA EBUYA

Leave a comment