- UMBUZO
UMA UJESU ESEBUYA NGE SECOND COMING USAZO KWENZA LOWOMSEBENZI AWENZA EFIKA ESAZOTHATHA YISIMO SOMUNTU NGE ( FIRST COMING ) YINI NA?
IMPENDULO
• NGENKATHI UJESU KRISTU ESEBUYA NGE “ SECOND COMING, “ UZOFIKA ABUSE UMHLABA IMINYAKA EYINKULUNGWANE
• U 1000 – YEAR – KINGDOM OF JESUS CHRIST EMHLABENI
• LESI ESINYE ISIKHATHI ESIDE UJESU EBUSA UMHLABA,
• KU NKULUNKULU USUKU OLULODWA LUYIMINYAKA YINKULUNGWANE EYODWA ( U ONE DAY ULINGANA NO 1000 YEARS )
• BAZALWANE ,SISAZOBUSWA NGU KRISTU KUWO LOMHLABA ESIDE ISIKHATHI UMA SESIBUYA NAYE NGE SECOND COMING
2 Peter 3:8
Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
• UKUBUYA KUKAJESU NGOKWESIBILI , NGE SECOND COMING,KUYITHEMBA LAMAKHOLWA
• UNKULUNKULU WETHU NGUYENA OPHETHE KONKE
• OUR GOD IS IN CONTROL OF EVERYTHING
• UNKULUNKULU WETHEMBEKILE EZITHEMBISWENI ZAKHE ZONKE
• AKUTHEMBISILE UYAKWENZA
• IZWI LAKHE UYALIMELA
• UJESU UZOBUYA NGE SECOND COMING AFIKE AMISE UMBUSO WAKHE WEMINYAKA EYINKULUNGWANE ( A MILLENNIAL KINGDOM OF JESUS CHRIST ) EMHLABENI
• NGE FIRST COMING KUYILAPHO UJESU AFIKA KHONA EZOTHATHA ISIMO SOMUNTU ENGUNTWANA
• WAZALWA E BETHLEHEM ESIZWENI SAKWA JUDA NJENGALOKHO KWAKU PROFETHIWE UKUTHI UMSINDISI UZOFIKA EMHLABENI AZOSINDISA ABANTU EZONWENI ZABO
Isaiah 7:14
Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
Isaiah 9:6-7
Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.
• UKUZALWA KUKAJESU KWAGCWALISA IZIPROFETHO EZININGI EZAZIPROFETHA NGOKUZALWA KWAKHE EWUMSINDISI
• KWAGCWALISEKA NANGEMPILO YAKHE ENOBUGCWELE BUKA NKULUNKULU,
• NOKUVUKA KWAKUPROFETHIWE
• KWENZEKA
• NOKUBUYA KWAKHE NGE SECOND COMING KUZOKWENZEKA NJENGOBA KUPROFTHIWE
• KUKHONA NEZINYE KE IZIPROFETHO EZAPROFETHWA NGOJESU EZINGAKAGCWALISEKI
• NAZO ZIZOGCWALISEKA NGOBA UNKULUNKULU AKAYENA UMUNTU UKUTHI ANGAQAMBA AMANGA.
• UKUBUYA KUKA JESU LAPHA EMHLABENI NGE SECOND COMING KUZOKWENZEKA UKUZE AZOGCWALISE KONKE OKWA PROFETHWA NGAYE.
• NGENKATHI EFIKA OKOKUQALA EZALWA EBANGU MNTWANA UJESU,WAKHULA,WASHUMAYELA,WAFUNDISA,WENZA IMISEBENZI YAMANDLA, WAFA ,WAVUKA NGOSUKU LWESITHATHU
• UMA ESEBUYA NGOKWESIBILI UZOBUYA ESEZOBUSA UMHLABA
• UZOBUYA ESEYINKOSI ENQOBAYO
• EFIKA OKOKUQALA NGE FIRST COMING EBA NGUMNTWANA WAFIKA ESESIMENI SOKUZITHOBA
• ENGOTHOBILEYO KAKHULU
• UMA ESEBUYA NGE SECOND COMING UJESU UZOBUYA EHAMBA NEZIMPI ZASEZULWINI EZOSILWELA ASINQOBELE IZITHA ZE BANDLA LIKA NKULUNKULU
• IZITHA ZAKHE ZIZOBONA UJESU OHLUKILE KAKHULU
• UMA UJESU ESEBUYA NGOKWESIBILI
• NABO ABAMGWAZAYO BAZOKUMBONA
Zechariah 14:4.
Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.
• LEZI PROFETHO ZISHO UKUTHI KUYOKWENZEKA KUMSINDISI OYEDWA ONGU JESU KRISTU
• OSEWAFIKA WABA NGUMUNTU
• WASITHATHA ISIMO SOMUNTU ESENYAMENI
• USAZOBUYA FUTHI ESEYINKOSI
• AKASAYIKUBA SENYAMENI MANJE
• UZOBUYA ENGU NKULUNKULU 100 %
• EFIKA OKOKUQALA WAFIKA ENGUMUNTU 100 %NGESIKHATHI ESIFANAYO ENGU NKULUNKULU 100%
• WAHLUPHEKA WAZE WAFA WAFELA ABANTU BAKHE – IBANDLA
• UJESU UZOBUYA ESENGU MNQOBI ONQOBAYO
• KU ISAIAH 53 UJESU KRISTU UPROFETHWA EZOFIKA AHLUPHEKE ASIFELE
• UJESU USESIGCWALISILE LESI PROFETHO
• USEKWENZILE OKWAPROFETHWAYO
• USEFIKILE OKOKUQALA
• AMA JUDA ACABANGA UKUTHI KUSAZOFIKA OMUNYE UMSINDISI AZOWALWELA IZIMPI ZE POLITIKI
• AKEKHO OMUNYE UMSINDISI
• NGU JESU KRISTU YENA LONA ABAJUDA ABAMBULALA BETHI UZENZA UNKULUNKULU
• UZOBUYA NGE SECOND COMING
• UJESU UMA EBUYA NGE SECOND COMING UZOFIKA AKHULULE U ISRAEL INGUNAPHAKADE EZITHENI ZAKHE
• BESEGCWALISA IZIPROFETHO EZININGI EZINGAKAGCWALISEKI NGAYE
• UJESU UZOFIKA ABE YINKOSI KWA ISRAEL
Luke 1: 32-33
Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.”
• UJESU UZOBUSA NEZIZWE ZONKE ZOMHLABA
• AZIBUSE INGUNAPHAKADE
• AWUKHO UMBUSO OYOPHINDE UMBUSE UMHLABA
• UMBUSO KAJESU UNGOWOKUGCINA BESE KUBA WUMHLABA OMUSHA NEZULU ELISHA
• UMBUSO WETHU SIYIBANDLA LIKANKULUNKULU UNGUMBUSO KANKULUNKULU
• SIZOBUSA NO KRISTU EYINKOSI FOR EVER AND EVER
• EMVA KWEMINYAKA EYINKULUNGWANE EBUSA LOMHLABA, UJESU UYOBE ESEHLISA UMHLABA OMUSHA ESIZOHLALA KUWU INGUNAPHAKADE
Zechariah 12:10
“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.
• UZECHARIAH 12:10
UYISIPROFETHO SOKUTHI U ISRAELI UZOBULALA UJESU KRISTU
• ISIPROFETHO SIVELA KUYE UNKULUNKULU UQOBO UTHI U ISRAELI EKUGCINENI UZOKUMBONA UNKULUNKULU AMGWAZAYO
• INKOSI UJESU KRISTU INGU NKULUNKULU
• YIYONA INKOSI UJESU EYAGWAZWAYO IGWAZWA NGAMAJUDA
• LOKHU KUGCWALISEKILE LAPHO UJESU EBONAKALA EHLUSHWA
• EGWAZWA
• ELENGISWA EMTHINI NJENGESELELESI NGENXA YEZIPHAMBEKO ZETHU
• NGE SECOND COMING OF JESUS CHRIST,AMA JUDA AZOKUMBONA UJESU AMBULALAYO
John 19: 36-37
Ngokuba lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyikwaphulwa thambo lakhe.” Futhi omunye umbhalo uthi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.”
ESTION
Revelation 1:7
Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.
• Recelation1:7 IS DEFINITELY AN ALLUSION TO ZECHARIAH 12:10
• UKUBUYA KUKA JESU KRISTU NGE RAPTURE KUYOKWENZEKA NGOKUPHAZIMA KWESO
• I RAPTURE IYOFIKA NGOKUZUMA KUYOKUBA YIMFIHLO
• KODWA UKUBUYA KUKAJESU NGE SECOND COMING KUYOKUBA SOBALA
• KUYOBONAKALA
• NABAMGWAZAYO BAYOMBONA
• IZIZWE ZONKE ZIYOMBONA
• ZIYOLILA NGAYE
• EVERY EYE WILL SEE HIM
• EVEN THOSE WHO PIERCED HIM
• THEY WILL SEE HIM
• ALL THE PEOPLE OF THE EARTH WILL MOURN BECAUSE OF HIM
• U ISAIAH 53:5 UYAPROFETHA UKUTHI U MESSIAH BAZOKU MGWAZA “ FOR OUR TRANSGRESSIONS “
Isaiah 53:5
Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
• ABABEKHONA EMHLABENI KUNO JESU KRISTU,BAYAMAZI UNKULUNKULU
• BAMBONA UNKULUNKULU KUJESU
• UJESU UNGU NKULUNKULU
Colossians 1:15:
yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,
• NGAKHOKE UMA EBUYA UJESU KRISTU NGESECOND COMING
• KUZOKUBE KUBUYA UNKULUNKULU OWAKE WAFIKA EMHLABENI WAKHE
• UMHLABA WANGAMEMUKELA
• WAMSHAYA WAMBULALA
• UJESU WAVUMA UKUNIKELA NGEMPILO YAKHE NGENXA YEZONO ZETHU
• UJESU WAFA UKUZE THINASONKE ESIKHOLWA WUYE SINGABE SISAFA
• KODWA SIBE NOKUPHILA OKUPHAKADE John 3:16 “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade
- NGE SECOND COMING,UJESU UZOFIKA AGCWALISE OKUSELEYO KWE ZIPROFETHO EZAPROFETHWA KWI OLD TESTAMENT
- UJESU USAZOVIKELA I JERUSALEMA EZITHENI ZALO
- UJESU UZILWILE IZIMPI ZAKOMOYA ZOMHLABA WAZINQOBA ZONKE
- WANQOBA USATHANE
- WANQOBA UKUFA
*WANQOBA ITHUNA - UZOBUYA NGE SECOND COMING MANJE AZOKULWA EZINYE IZIMPI EZISELE : THE POLITICAL WARS ZIKA ISRAEL NEZOMHLABA
- UJESU UZOQALA NGOKUBAMBA USATHANE AMFAKE ETILONGWENI
- BESEDLULA EZA EMHLABENI AFIKE KUNENDODA ENKULU UMPHIKI KRISTU MPROFETHI WAMANGA
*UZOFILA ABAMBAMBE ABAFAKE BEZWA ECHIBINI LOMLILO - AND THEREAFTER DESTROY ALL THE NATIONS THAT ATTACK JERUSALEM AND CHRISTIANS
Zechariah 12:8-9
Ngalolo suku uJehova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo. Kuyakuthi ngalolo suku ngifune ukuchitha bonke abezizwe abahlasela iJerusalema.
• LEZIZINTO ZIYOKWENZEKA AFTER THE TRIBULATION PERIOD
• KOKWENZEKA DURING THE SECOND COMING
• UZECHARIAH WAPROFETHA NGOKUGWAZWA KUKA JESU KRISTU INDODANA KANKULUNKULU
• UMESSIAH
• LESISI PROFETHO SIGCWALISEKILE NGOKUFIKA KUKA JESU NGE FIRST COMING
• WAFA ESIPHAMBANWENI
• WAGWAZWA NGOMKHONTO OHLANGOTHINI
Zechariah 12:10
“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.
John 19:36–37
Ngokuba lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyikwaphulwa thambo lakhe.” Futhi omunye umbhalo uthi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.”
Revelation 1:7
Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.
• LESISI PROFETHO SIVEZA UJESU EBETHELWA EGWAZWA EBULAWA
• U ISRAELI NOMHLABA WONKE UYAKULILA NGAYE
• BAYOKUKHALA BEKHALISWA WUKUTHI ABAZANGE BAMEMUKELE UJESU NGENKATHI EFIKA OKOKUQALA NGE FIRST COMING
• MHLA UJESU ENYUKA EYA EZULWINI INDLELA AHAMBA NGAYO,KWA PROFETHWA UKUTHI KUYINDLELA FUTHI AYOBUYA NGAYO
• KWAFIKA IZINGELOSI ZAKHULUMA NABA PHOSTOLI ZATHI
• MADODA ASE GALILEE ! NIMELENI NIBHEKE EZULWINI NA?
• LO JESU ENIMBONA ETHATHWA KINI EBHEKE EZULWINI,UZOBUYA NGENDLELA EFANAYO NENDLELA AHAMBE NGAYO EYA EZULWINI
Acts 1:11
athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”
Zechariah 14:4
Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.
• NGE SECOND COMING UJESU UZOBUYA EHLELE EJERUSALEM,ENTABENI YEMINQUMO
. Matthew 24:30
“Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.
Titus 2:13
sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu
Revelation 19:11-16
Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI
• NGE FIRST COMING WAFIKA NJENGO MSINDISI EZOSINDISA ABANTU EZONWENI ZABO
• EZOKWENZA UKUBUYISANA PHAKATHI KOMUNTU NONKULUNKULU NGOKUTHI AFE UKUZE IZONO ZABAKHOLWA NGUYE ZITHETHELELWE
• UKUZE UMA BEFA BAVUKE BAVUKELE EKUPHILENI OKUPHAKADE
• UMA ESEBUYA NGE SECOND COMING UZOBUYA ESEBUYA NATHI SIYIBANDLA LAKHE
• IBANDLA LIZOBE LIHLWITHWE KHATHI EBUYA NGE RAPTURE
• NGE RAPTURE UJESU AKEZUKUFIKA EMHLABENI
• UZOGCINA EMOYENI
• UZOTHUMELA IZINGELOSI ZAKHE EMHLABENI UKUBA ZIZOQOQA ABANGCWELE BAKHE
• LAPHO KE EBUYA NGE SECOND COMING NEBANDLA LAKHE
• AKEZUKUBA SESIMENI SENYAMA
• AKEZUKUKWENZA AKWENZA MHLAZANE EFIKA OKOKUQALA NGE FIRST COMING EZALWA NGU MARIYA OWAKHULELWA NGOKO MOYA
• NGE SECOND COMING UJESU KRISTU UZOBUYA AFIKE EMHLABENI AMISE UMBUSO WAKHE WEMINYAKA EYINKULUNGWANE ( THE MILLENNIAL KINGDOM OF JESUS CHRIST)
• UJESU KRISTU UZOBUYA NGE SECOND COMING EKUWO UMZIMBA KAMOYA
• UJESU WAVUKA NGOSUKU LWESITHATHU ESEMZIBENI KAMOYA
• WAVUKA ENOMZIMBA ONENKAZIMULO KANKULUNKULU
• UMZIMBA KAMOYA ONGABOLI
• NATHI SIYIBANDLA LAKHE SIZOBUYA NAYE SIFANA NAYE SISEMZIBENI ONENKAZIMULO KANKULUNKULU
• UJESU KRISTU NATHI SIYIBANDLA SIZOFIKA EMHLABENI KUNABANTU ABAZOKUBE BESALE KHATHI KUHLWITHWA IBANDLA
• ISIZIKULWANE SALABO BANTU SIZOSIFICA SIKHONA SIQHUBEKA NEMPILO
• LOKHU KUSHO UKUTHI FOR THE FIRST TIME UMHLABA UZOKWAKHELWA WUHLOBO OLUBILI LEZAKHAMIZI
- ABANTU ABANALOMZIMBA ESINAWO MANJE
• UMZIMBA ONGENAYO INKAZIMULO KANKULUNKULU
• UMZIMBA OFAYO
• UMZIMBA WEMVELO - NABANTU ABAZOKUBE BENOMZIMBA ONE NKAZIMULO KANKULUNKULU
• UMZIMBA OFANA NOMZIMBA UJESU KRISTU AVUKA ENAWO AFTER THREE DAYS EFILE
• NGE SECOND COMING UJESU UZOBUYA - ENGUMAHLULELI
• AFIKE AHLULELE UMPHIKI KRISTU NON-PROFETHI WAMANGA ABAFAKE ECHIBINI LOMLILO BEZWA
• ABAMBE USATHANE AMFAKE ETILONGWENI FOR A PERIOD OF 1000 YEARS
• ABULALE BONKE AYOFIKA BENGAKHOLWA NGUYE BEYIZITHA ZIKA JESU KRISTU
• ABULALE NEZIMPI ZOMPHIKI KRISTU - AKASEZUKUBA NGUMSINDISI MANJE
- UZOBUSA UMHLABA IMINYAKA EWU 1000
- NGEMUVA KOKUBUSA UMHLABA WONKE IMINYAKA EYINKULUNGWANE UJESU UZOKUBE ESEDEDELA USATHANE ETILONGWENI ISIKHASHANA
- USATHANE ABUYE EMHLABENI OKOKUGCINA NGAPHAMBI KOKUBA AFE INGUNAPHAKADE
- USATHANE UZOTHI EPHUMA ETILONGWENI AFICE ABANTU ABAZALWE KULEMINYAKA EYINKULUNGWANE YOKUBUSA KUKAJESU UMHLABA
- ABANYE BALABABANTU BAZOBE BENGAYINGENI SAMPELA INDABA YOKUKHOLWA NGU JESU KRISTU
- LABA BANTU BAZOHLANGANA NO SATHANE BAHLASELE UJESU NABANGCWELE EMHLABENI
- YILAPHO KE USATHANE EZOHLANGABEZANA KHONA NEZIMBILA ZITHUTHA
- ZIHOLWA EMHLOPHE PHAMBILI
- UJESU UZOPHONSA USATHANE ECHIBINI LOMLILO
- ABULALE BONKE ABANGAKHOLWA NEZIMPI ZIKASATHANE
- LAPHO BEYOKUFA KHONA
- EMVA KWEMINYAKA EYINKULUNGWANE UJESU EBUSA UMHLABA KUZOBE SEKWENZEKA UKWEHLULELA KOKUGCINA
- KUZOKWAHLULELWA BONKE ABANGAKHOLWANGA NGU JESU KRISTU
- BAZOKWAHLULELWA KWISIHLALO ESIKHULU ESIMHLOPHE “ IN THE GREAT WHITE THRONE JUDGEMENT “
Leave a comment