UPHONDO OLUNCANE( UMPHIKI KRISTU )

UPHONDO OLUNCANE

UDaniyeli 7:7-8

“Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi. “Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.
• UDANIEL UNGUMUNTU OHLALA EBONISWA NGUNKULUNKULU
IMIBONO ENZIMA NGEZINTO EZINKULU EZIZOKWENZEKA EMHLABENI IN THE FUTURE
• KWEMINYE YEMIBONO YAKHE UDANIEL UBONA IZILO EZINE.
• ISILO SOKUQALA
• ISILO SESIBILI
• ISILO SESITHATHU
• ISILO SESINE

• KUKUSILO SESINE LAPHO UDANIEL EBONA KHONA UPHONDO OLUNCANE

• UPHONDO OLUNCANE LUBONAKALA LUKHULA KUSO ISILO SESINE

• KWISILO SOKUQALA,SESIBILI NESESITHATHU AKUBONAKALI
UPHONDO OLUNCANE

• ISILO SESINE UMA ESIQHATHANISA NEZINYE EZINTATHU ZOKUQALA, SIBONAKALA SISUBI KAKHULU
• SIYESABEKA
• SINAMANDLA AMAKHULU
• SIQINILE KAKHULU
• SINAMAZINYO AMAKHULU
• AMAZINYO ASO AWENSIMBI
• SIBONAKALA SIDLA SIPHULA
• SINYATHELA OKUSELEYO NGEZINYAWO ZASO
• SIBI KAKHULU LESISILO
• SAHLUKILE IMPELA KULEZIZILO EZINYE EZINTATHU EZINGAPHAMBI KWASO
• ISILO SESINE SINEZI MPONDO EZIYISHUMI
• PHAKATHI KWEZI MPONDO ZASO EZIYISHUMI EZIBONWA NGU DANIEL
KULESISILO SESINE KUBONAKALAKUMILA OLUNYE UPHONDO OLUNCANE
• “ HENCE “ ISIHLOKO SALESISIFUNDO SIBIZWA
• “ UPHONDO OLUNCANE “

Daniel 7:8
“Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.
• LEZIZINTO EZINKULU EZIKHULUNYWA YILESISILO SESINE ZIMBI
• ZIHLAMBALAZA UNKULUNKULU WETHU SIYI BANDLA
• NGAPHAMBI KOKUBA KUMILE LOLUPHONDO OLUNCANE,KUQALE
KWASIMBULWA IZIMPONDO EZINTATHU KULEZO EZIYISHUMI EZINGAPHAMBILI
• UPHONDO OLUNCANE LUNAMEHLO ANJENGA MEHLO OMUMTU
• UPHONDO OLUNCANE LUNOMLOMO WOKUKHULUMA
• UMLOMO OKULOLUPHONDO AWUKHULUMI KAHLE NANGE BANDLA
LIKA NKULUNKULU OPHILAYO

Daniel 11:36

“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.
• LOLUPHONDO OLUNCANE LUYOKHULUMA KABI NGO NKULUNKULU
• IZINTO OLUYOZISHO NGONKULUNKULU ZIMBI ZIYOMANGAZA UMHLABA
• LUYOZENZELA UMATHATHANDA EMHLABENI KA JEHOVA
• LUZIPHAKAMISE
• LUZIKHULISE
• LUYODELELA KUZE KUDLULE ISIKHATHI SOLAKA LUKA NKULUNKULU
EMHLABENI “ THE GREAT TRIBULATION

Revelation 13:6
Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele* lakhe, nabo abahlezi ezulwini.

• UPHONDO OLUNCANE YISILO
• NGU MPHIKI KRISTU
• UPHONDO OLUNCANE LUYOTHUKA UNKULUNKULU
• LUTHUKE NATHI SIYI BANDLA ELIHLWITHELWE EZULWINI
• IBANDLA LISUSWE NGU JESU KRISTU EMHLABENI UKULISINDISA OLAKENI LUKA NKULUNKULU
• SINGAKA LUBUKI LOLUPHONDO OLUNCANE,AKE SIBHEKE UKUTHI
UNKULUNKULU UTHINI NGALEZIZILO EZINE
EZIMELE IMIBUSO YOMHLABA
• LEMIBUSO YOMHLABA IZOBUSA NGOKU DEDELANA KUSUKELA KUMBUSO WASE BABYLON
• KUZA KUMBUSO I ROMAN EMPIRE ( IROMANI)
Daniel 7:1-7

Ngomnyaka wokuqala kaBelishasari, inkosi yaseBabele, uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda inhloko yezindaba. UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka elwandle olukhulu. Izilo ezine ezinkulu zakhuphuka elwandle, zahlukile esinye kwesinye. “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu. “Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere,* samiswa ngolunye uhlangothi, izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’ “Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa. “Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.

• UDANIEL WABONA IMIMOYA YOMINE IVUMBUKA OLWANDLE
OLUKHULU
“ I MEDITERRANEAN SEA: “
• INYAKATHO
• ININGIZIMU
• IMPUMALANGA
• NE NTSHONALANGA
• KHUMBULA:ULWANDLE NAMANZI EBHAYIBHELINI “ AND SYMBOLICALLY” KUMELE ABANTU
• LOKHU KUSHO UKUTHI LEMIMOYA YOMINE IVUMBUKA PHAKATHI KWABANTU
• NGOKWENCWADI KA DANIEL ISAHLUKO 7, OLWANDLE
OLUKHULU ( PHAKATHI KWABANTU) KWAVUMBUKA IZILO
EZINE
• IZILO ZONKE ZAHLUKILE KWESINYE NESINYE
ISILO SOKUQALA
• SINJENGENGONYAMA
• SINAMAPHIKO OKHOZI
• UDANIEL UTHI WABONA AMAPHIKO ESILO SOKUQALA EHLUTHWA
• UTHI LESISILO SAPHALANYISWA EMHLABENI
• SAMISWA NGEZINYAWO ZOMBILI NJENGOMUNTU
• SANIKWA INHLIZIYO YOMUNTU

ISILO SESIBILI • SINJENGEBHERE • SAMISWA NGOLUNYE UHLANGOTHI

• IZIMBAMBO EZINTATHU ZISEMLONYENI WASO PHAKATHI KWAMAZINYO ASO
• KWATHIWA KULESISILO SESIBILI:
• VUKA UDLE INYAMA ENINGI

ISILO SESITHATHU
• SINJENGENGWE
• SINAMAPHIKO AMANE ENYONI
• SINAMA KHANDA AMANE
• SANIKWA UKUBUSA

ISILO SESINE
• SIYESABEKA
• SINAMANDLA
• SIQINILE KAKHULU
• SINAMAZINYO AMAKHULU ENSIMBI
• SADLA
• SAPHULA
• SANYATHELA OKUSELEYO NGEZINYAWO ZASO
• SAHLUKILE KUZONA ZONKE IZILO EZINGAPHAMBI KWASO
• SINEZIMPONDO EZIYISHUMI

• ZONKE LEZIZILO ZIMELE IMIBUSO EMINE
• IZILO EZINTATHU ZOKUQALA ZIMELE UMBUSO WASE :
(a) BABYLON
(b) MEDO-PERSIA
(c) GREECE
ISILO SESINE NOKUYISILO SOKUGCINA
• LESISILO SIYESABEKA KAKHULU
• SIYETHUSA KAKHULU
• SINAMANDLA KAKHULU

Daniel 7:7
“Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.
• ISILO SESINE SINEZINZIPHO ZETHUSI

Daniel 7:19
“Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesine esahlukile kuzo zonke zazo, esesabekayo kakhulu, esimazinyo aso ayeyinsimbi, nezinzipho zaso ziyithusi, esasidla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo;

• ISILO SESINE SIYADLA SIQEDE OKUDLELAYO NGAMAZINYO ASO SMAKHULU
• UDANIEL UYAQAPHELA UKUTHI ISILO SINEZIMPONDO EZIYISHUMI
• ESACABANGA UKUTHI ISILO SESINE SISHO UKUTHINI
• UDANIEL WABONA UPHONDO OLUNCANE LUMILA PHAKATHI KWEZIMPONDO EZIYISHUMI ZESILO SESINE
• UDANIEL UYAQAPHELA UKUTHI LOLUPHONDO OLUNCANE
• ALUJWAYELEKILE
• KUTHI LAPHO LUMILA UPHONDO OLUNCANE, UDANIEL
UBONA IZIMPONDO EZINTATHU KULEZO EZIYISHUMI
ZOKUQALA ZISIMBULWA EZIPANDENI

  • UDANIEL UYAQAPHELA UKUTHI UPHONDO OLUNCANE LU LUNAMEHLO ANJENGAMEHLO OMUMTU
    • NOMLOMO OKHULUMA IZINTO EZINKULU
    Daniel 7:8
    “Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.
  • UPHONDO OLUNCANE LUQHUBEKILE NOKUKHULUMA AMAZWI OKWEYISA UNKULUNKULU KWAZE KWAFIKA
    ISIKHATHI SOKWAHLULELA
    Daniel 7:9- 10
    “Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo. Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.
    • NGESIKHATHI SOKWAHLULELA ISILO SABULAWA
    • UMZIMBA WASO WAPHONSWA EMLILWENI
    Daniel 7:11
    “Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo, wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo.
    • UDANIEL UKHATHAZEKILE NGO PHONDO OLUNCANE
    • UFUNA UKWAZI KABANZI NGOPHONDO OLUNCANE

Daniel 7:19 “Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesine esahlukile kuzo zonke zazo, esesabekayo kakhulu, esimazinyo aso ayeyinsimbi, nezinzipho zaso ziyithusi, esasidla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo; Ngisabheka, lolo phondo lwalwa nabangcwele, lwabahlula,
• INGELOSI IYAMCHAZELA UDANIEL
• IZIMPONDO EZIYISHUMI ZIYIMIBUSO EYISHUMI EZOVUKA ISUKA KUSO ISILO SESINE
• ISILO SESINE SIWUMBUSO WESINE OKUWUMBUSO I ROMAN EMPIRE
• KUMBUSO I ROMANI KUZOVUKA EMINYE IMIBUSO EYISHUMI

Daniel 7:24

Izimpondo eziyishumi-ke, kulowo mbuso kuyakuvela amakhosi ayishumi, kuvele enye emva kwawo; iyakwahluka kwawokuqala, ithobise amakhosi amathathu.

• NGOKWE BIBLE UPHONDO,SYMBOLICALLY, LUMELE
I “ STRENGTH AND AUTHORITY “
Psalm 89:24
Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.
Psalms 132:17
“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.
• UPHONDO OLUNCANE LIWUMBUSO OZOVUKA PHAKATHI
KWEMIBUSO EYISHUMI EZOKUBA NAMANDLA “ DURING THE END TIMES ‘
• IMIBUSO EYISHUMI ENAMANDLA IZOBUSA EMAZWENI OMHLABA
• KODWA IZOTHI ISABUSA LEMIBUSO EYISHUMI,KUBE
SEKUVQUBUKA UPHONDO OLUNCANE, UMPHIKI KRISTU
• UMPHIKI KRISTU YENAKE UZOBUSA UMHLABA WONK
• UPHONDO OLUNCANE OLUZIKHUKHUMEZAYO,LINOMLOMO NAMEHLO OKUNJENGO KOMUNTU
• UPHONDO OLUNCANE REPRESENTS A CERTAIN SPECIFIC KING
• UPHONDO OLUNCANE LUZOKUTHI LU THATHA UMBUSO
• ZIZOKUBE ZIWA EZINYE IZIMPONDO EZINTATHU KULEZO EZIYISHUMI ZOKUQALA.
• LENKOSI EMBI EYAZIWA NGOPHONDO OLUNCANE IBONAKALA IKHULUMA KABI NGONKULUNKULU
• FUTHI IBONAKALA IBACINDEZELA ABANGCWELE BOPHEZU KONKE
• LENKOSI IYAKUHLOSA UKUGUQULA IZIKHATHI
• IGUQULE NOMTHETHO
• ABANGCWELE BAYAKUKHASHELWA ESANDLENI SAYO KUZE KUBE
• YISIKHATHI
• NEZIKHATHI
• NENGXENYE YESIKHATHI
• THAT IS, FOR THREE AND A HALF YEARS

Daniel 7:25
Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.
• ISILO SESINE ESABONWA NGU DANIEL SIWUMBUSO WAMA ROMA I” ROMAN EMPIRE”
• I ROMAN EMPIRE I WUMBUSO OBUSA UMHLABA WONKE KWAMANJE
• NAKUBA AMAZWE OMHLABA EZIBUSA KODWA AZOBUSA NGA PHANSI KOMTHETHO I ROMAN LAW
• I ROMAN EMPIRE UKUBUSA UMHLABA IKUTHATHE EMVA
KOKUWA LOMBUSO WAMA GREEK NGAPHANSI KOMBUSI U ALEXANDER THE GREAT
• UPHONDO OLUNCANE OLUBONWA NGU DANIEL LUMELE
• UMHOLI OZOVUKA EMHLABENI EMVA KOKUHLWITHWA KWEBANDLA
• UPHONDO OLUNCANE LUMELE UMPHIKI KRISTU
• UMPHIKI KRISTU KUYAQAPHELEKA UKUTHI UZOBUSA NGOBU NDLOVU KAYIPHOKISWA
• IZOKHULUMA AMAGAMA AHLAMBALAZA UNKULUNKULU WETHU ( BLASPHEMIES )
• LOMHOLI UZOBUSA UMHLABA NGESIKHATHI SOSIZI
OLUKHULU NEZINHLUPHEKO I GREAT TRIBULATION
• ENYE INTO EQAPHELISEKAYO NGALO MHOLI “ IS A SCOPE OF HIS POWER”
• UNEKEZWE AMANDLA OKUBUSA NGESIKHATHI SOKWAHLULELWA KOMHLABA
• YINGAKHO SIKHOLWA WUKUTHI UNGUMPHIKI KRISTU
• NGOKWE BHAYIBHELI UMBUSO OZOBUSA NGESIKHATHI
SOKWAHLULELWA KOMHLABA “ GREAT TRIBULATION”
NGUMPHIKI KRISTU

• NGESIKHATHI SOKUBUSA KOPHONDO OLUNCANE
KUYOKWENZEKA AMANYALA NENCITHAKALO OKWABO NWA
NGU DANIEL
Daniel 9:27
Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.”
• UKUBUSA IMINYAKA EMITHATHU NO HAFU ( THREE AND
HALF YEARS ) KUHAMBISANA NCAMASHI NESIKHATHI
SOKUBUSA KOMPHIKI KRISTU OCHAZWA YI BHAYIBHELI

Revelation 11:2
Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.
Revelation 12:14
Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.
Revelation 13:5.
Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.

• UPHONDO OLUNCANE KUDABUKA KWISILO SESINE
• LENTO ISHO UKUTHI NGEZIKHATHI ZOKUGCINA “ THERE WILL BE A REVIVAL OF THE OLD ROMAN EMPIRE
• UMBUSO I ROMANI WAWUKHONA
• USAZOKUBA KHONA NOKUBUSA NGENDLELA EZONYAKAZISA UMHLABA WONKE
• UMPHIKI KRISTU UMA ESEBUSA UMHLABA “ DURING THE
GREAT TRIBULATION” UZOLWELA UKUKHUPHUKA AYE
PHEZULU ABUSE UMHLABA WONKE
• UKUZE ABUSE NGEMPUMELELO UZOKULWA AHLULE
LABAHOLI ABATHATHU ( THREE HORNS ) ABAZOKUBE BE “
STRONG “ KAKHULU “ OUT OF THE TEN HORNS”
• UMA UPHONDO OLUNCANE SELUNQOBE LABABA HOLI
ABATHATHU LU ZOBE SELU PHASISA IMITHETHO EZOBUSA NGAYO UMHLABA
• UMPHIKI KRISTU UZOKULWELA UKUTHI AKWAZI “ TO CONTROL EVERY ASPECT OF LIFE.
• HE IS A TRUE TYRANT
• A CRUEL AND OPPRESSIVE RULE

Revelation 13:16–17

Senza futhi ukuba bonke, abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise, uma engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama laso.

• UZOPHOQA ABANTU BONKE EMHLABENI UKUBA
BAMKHONZE

Revelation 13:15

Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe.
• UPHONDO OLUNCANE LUKA DANIEL 7
LUYAFANA NESILO SOKUQALA SIKA DANIEL 7

Revelation 13: 1-8

Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba. Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu. Elinye lamakhanda aso kungathi lalidebezwe okokufa, kepha ingozi yaso yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala; bakhuleka kudrako, ngokuba wanika isilo amandla akhe, bakhuleka nakuso isilo, bethi: “Ngubani ofana nesilo, ngubani ongalwa naso na?” Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili. Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele lakhe, nabo abahlezi ezulwini. Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe. Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba. IsAmbulo
• NJENGALO UPHONDO OLUNCANE OLUKU DANIEL 7,
• NASO ISILO SOKUQALA ESIKU REVELATION 13:1-8
• SIKHUPHUKA OLWANDLE ( SIVUKA KUBANTU)
• SINEZIMPONDO EZIYISHUMI
• SINAMAGAMA ENHLAMBA
• UDRAGO USINIKA AMANDLA AKHE
• WASINIKA ISIHLALO SAKHE
• SINIKWE UKUBUSA OKUKHULU
• NASO SILANDELALWA WUMHLABA WONKE
• ABANTU BONKE BAPHOQWA UKUKHULEKA KUSO
• SANIKWA UMLOMO OKHULUMA IZINTO EZINKULU
• NENHLAMBA
• SAHLAMBALAZA UNKULUNKULU
• SAHLAMBALAZA IGAMA LIKA NKULUNKULU
• SAHLAMBALAZA I TABERNAKELE LIKA NKULUNKULU
• LIHLAMBALAZA IBANDLA LIKA NKULUNKULU
• SANIKWA AMANDLA OKULWA NABANGCWELE

KAFUSHANA
• UPHONDO OLUNCANE OLWABONWA NGU DANIEL NGUMPHIKI KRISTU UQOBO LWAKHE
• UMPHIKI KRISTU NGUMHOLI OZOVUKA EMHLABENI “ FROM WITHIN THE LEAGUE OF TEN FUTURE KINGS”
• UPHONDO OLUNCANE LUZOHLAMBALAZA UNKULUNKULU
• LUKHULUME AMAGAMA AYINHLAMBA NGO NKULUNKULU
• UPHONDO OLUNCANE LUZOZINGELA LUBULALE
ABANGCWELE ABAZOBE BEPHILA BEKHOLWA “ DURING THE
TRIBULATION” KUZE KUSHAYE ISIKHATHI SOKUBUYA KUKA
JESU NGE “ SECOND COMING OF THE LORD JESUS CHRIST”
• UMA KUBUYA UJESU KRISTU NGE SECOND COMING
AMANDLA NGA MPHIKI KRISTU AZOTHATHWA NGU JESU KRISTU
• UMPHIKI KRISTU “ WILL BE DESTROYED COMPLETELY
FOREVER

Daniel 7:26

“ ‘Kepha abahluleli bayakuhlala, basuse ukubusa kwayo kudliwe, kuchithwe kuze kube sekupheleni.

• UJESU KRISTU UYOBE ESEMISA EMHLABENI UMBUSO
WAKHE WEMINYAKA EYINKULUNGWANE ( MILLENNIAL
KINGDOM OF JESUS CHRIST)
• UKUBUSA KUKA MPHIKI KRISTU “ IS LIMITED :
• UZOBUSA UMHLABA ONLY FOR FORTY-TWO MONTHS AND
NOT MORE THAN THAT

Revelation 13:5

Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.
• UPHONDO OLUNCANE “ WILL LOSE THE WAR AGAINST GOD”
• UKUHLAMBALAZA UNKULUNKULU KWALO NOKU DLAME LWALO OKWESIKHASHANA
• KODWA UKUBUSA KUKA JESU KRISTU KUNGUKUBUSA
KWAPHAKADE NAPHAKADE

Leave a comment