ISIHLOKO SESIFUNDO :
INTONGA YOBUQOTHO IYINTONGA YOMBUSO KANKULUNKULU
Hebrews 1:1 - 14
UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi, ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke,
1. IZIKHATHI ZOKUGCINA ZIQALA LAPHO UJESU KRISTU :
* EZALWA
• EFA
• EVUKA
• ENYUKELA NGAKWESOKUNENE SIKANKULUNKULU
• KUZE KUBE YILAPHO EBUYA KHONA NGE SECOND COMING EZOMISA UMBUSO WAKHE WEMINYAKA EYINKULUNGWANE
• KANYE NALAPHO KUFIKA UMHLABA OMUSHA NEZULU ELISHA TO USHER US INTO ETERNAL LIFE
2. ENGAKAFIKI UJESU UNKULUNKULU UKHULUME NOMHLABA NGABA PROFETHI BAKHE
3. NAMHLANJE NANGALE SISIKHATHI UNKULUNKULU UKHULUME
NGENDODANA YAKHE UJESU KRISTU
* MORE THAN 4 BILLIONS OF PEOLPLE EMHLABENI ABAYIZWA NHLOBO INDABA KA JESU
* KODWA LOKHO AKUMENZI UNKULUNKULU UKUTHI ASHINTSHE UMQONDO ALETHE OMUNYE UMSINDISI
• UNKULUNKULU UJESU UMMISILE UKUBA ABE YINDLALIFA YAKHO KONKE OKUDALIWEYO
• UKUBA YINDLALIFA YAKHO KONKE OKUDALIWEYO KUMENZA UJESU ABE KHONA UKUDALA NOKUDALIWEYO KUNGAKABI BIKHO
• KUMENZA UJESU ANGADALWA KODWA ABE OWAYEKHONA NOKHONA NOYAKUBA KHONA FOR EVER AND EVER
• KUMENZA ABE NAMA QUALITIES ONKE KANKULUNKULU
* NGU JESU KUPHELA ONAMA QUALITIES ONKE KANKULUNKULU
• LOKHU KUSHO UKUTHI UJESU UNGUNKULUNKULU
• LENTO ISHO UKUTHI EKUGCINENI UNKULUNKULU UFIKILE EMHLABENI WAZITHOBA WABA SENYAMENI EYINDODANA
• ESUKILE WAYA EZULWINI UBUYE WABUYA ENGUMOYA ONGCWELE
• UNGENILE KU BAPHOSTOLI NASEBANDLENI LAKHE ELITHI
* IZWI LIKANKULUNKULU LITHI IMIZIMBA YETHU ILITHEMPELI LIKA NKULUNKULU
* UHLALA KITHI
• SIHLALA NAYE
• SILALA NAYE
• SIVUKA NAYE
• HE INDWELLS US AS THE HOLY SPIRIT
4. UMA SIKHOLWA SIKHONZA UJESU KRISTU SIKHONZA UNKULUNKULU
• ALIKHO ELINYE IGAMA ELIFANELE UKUPHAKANYISWA EMHLABENI NASE ZULWINI
• ELIKAJESU KUPHELA
• UMA UPHAKAMISA IGAMA LIKA JESU USUKE UDUMISA UNKULUNKULU
owadala ngayo futhi izwe. Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu, seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.
• KONKE OKUDALIWEYO KUDALWE NGO JESU
• KWADALELWA UJESU
• UJESU UFUZE UNKULUNKULU NGAKHO KONKE AYIKHO
• UJESU MKHULU KUNEZINGELOSI NGOBA NAZO IZINGELOSI :
* ZIDALWE NGUYE
* ZADALWA NGAYE
* ZADALELWA YENA
Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: “UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele,” na? nokuthi: “Ngiyakuba nguYise kuyona, yona ibe yiNdodana kimina,” na? Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi: “Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.” Ngezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”
5 . NJENGOMBUMBI ,UNKULUNKULU WENZA AKUTHANDAYO NGEZIDALWA ZAKHE
• WENZE IZINGELOSI ZAKHE ZABA YIMIMOYA
• WAZENZA ZABA NGAMALANGABI OMLILO
• PHAKATHI KWAMAKHOLWA ONKE AKHONA EMHLABENI UNKULUNKULU WENZE THINA SABA YIBANDLA LAKHE
* UMA UKHOLWA NGUJESU UMETHEMBA YENA YEDWA UYIBANDLA LIKANKULUNKULU
* UPHIWE UKUPHILA OKUPHAKADE
* UZOKUFA UVUKE UYOPHILA FOR EVER NONKULUNKULU USEMZIMBENI ONE GLORY KANKULUNKULU
• EBABANDLENI ONKE ,IBANDLA LIKA NKULUNKULU YILONA KUPHELA ELIZOPHILA NONKULUNKULU INGUNAPHAKADE
•INGANI THINASONKE SESIYIZINDLALIFA KANYE NO KRISTU
Kepha ngeNdodana uthi: “Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade;
• NGATHI ESAMUKELA SIKHOLWE NGU JESU UTHI :
SINGABANTWANA BAKA NKULUNKULU
• UMA SINGABANTWANA BAKANKULUNKULU SINESIQINISEKO UKUTHI SIYIZINDLALIFA ZOMBUSO KANKULUNKULU KANYE NO KRISTU
• intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
6 . UMA INTONGA YOBUQOTHO IYINTONGA YOMBUSO KANKULUNKULU
• WETHEMBEKILE UJESU KUKHO KONKE
• KONKE ASITHEMBISE KONA UZOKWENZA
• IZETHEMBISO NEZI PROFETHO AZITHEMBISILE ZONKE UZIGCWALISILE FUTHI EZINYE UZOZIGCWALISA UMA EBUYA NGE SECOND COMING
• IZWI LIKANKULUNKULU LINGUYE UJESU
* UNGULIZWI KA NKULUNKULU
• UNKULUNKULU AKANAWO AMANGA AKAKHULUMI AZIPHIKISE
• Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabafowenu,” nokuthi: “Wena Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; amazulu angumsebenzi wezandla zakho. Wona ayakubhubha, kepha wena umi njalo; wona onke ayakuguga njengengubo. Njengesambatho uyakuwagoqonga, njengengubo ayakuguquka. Kepha wena unguye njalo, iminyaka yakho ayiyukuphela.”
7. UNKULUNKULU USENZILE SABA NGABALUNGILEYO NGO JESU KRISTU
• NGAPHANDLE KUKA JESU SIBABI PHAMBI KUKA NKULUNMULU
• UJESU USENZA SIBE NGABA LUNGILEYO
• NGAKHOKE UMA SIYIBANDLA LIKANKULUNKULU KUSIFANELE UKUTHANDA OKUTHANDWA NGU JESU
• SIFANELWE UKUTHANDA UKULUNGA SIZONDE UBUBI
• Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho,” na? Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?
• NATHI IZITHA ZETHU ZENZIWE ISENABELO SEZINYAWO ZETHU
• YINGAKHO KUFANELE SIZIKHULEKELE SIZITHANDE IZITHA ZETHU
• SINGAZIZONDI FUTHI SINGAZESABI NGOBA THINA SIGCOTSHIWE SABA NGAPHEZU KWAZO
• ASINASIDINGO SOKUZESABA NOKUZIZONDA
* SIBAKHULU KUNEZITHA ZETHU
• UNKULUNKULU USINIKILE UGCOBO OLUKHULU KUNOGCOBO LWEZITHA ZETHU.
8. UMA SIKHOLWA NGU JESU KRISTU KUFANELE SIDLE SIPHILE NGEZWI LIKANKULUNKULU NGOBA LINGUKUDLA KWASEKHAYA LAPHO SIPHETHWE KHONA
John 8 : 31 – 32
Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.
• ASIKWAZI UKUDLA IZWI LIKA NKULUNKULU BESESITHULA NALO SINGAMTSHELI OMUNYE UMUNTU
• INTONGA YOBUQOTHO IYINTONGA YOMBUSO KANKULUNKULU
• UNKULUNKULU USITHUMILE UKUTHI SIHAMBISE IZWI LAKHE KUBANTU WASITHEMBISA UMVUZO OMKHULU
9. UMVUZO WETHU MKHULU EZULWINI
* UNGUMVUZO ESIYONIKWA WONA NGOBA SITHEMBEKILE SAMSEBENZELA KAHLE UNKULUNKULU WETHU
• IZWI LIKANKULUNKULU LIKHULUMA KANINGI NINGI NGO MVUZO WETHU ESIZOWUTHOLA EZULWINI
• LITHI MASIJABULE SITHOKOZE UMVUZO WETHU MKHULU EZULWINI
Matthew 5 : 12
Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo. “Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
10. IMIVUZO SIZOYITHOLA NGOKUSEBENZA SILEKELELA
ABANTU UKUBA BABALEKELE ULAKA LUKA NKULUNKULU OLUZAYO
1 Corinthians 9 : 16 – 18
• Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli! Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo. Pho, uyini umvuzo wami na? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli, ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho, ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini.
11. YINSINDISO KUPHELA ESIYITHOLA NGOMUSA MAHHALA NGOKUKHOLWA YINKOSI UJESU KRISTU
Romans 3:21–26
Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi, ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko; ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu, ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili ekubekezeleni kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu. Ngakho kuphi ukuzibonga na? Kuvalelwe phandle. Ngamthetho muni na? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa.
12. UNKULUNKULU UZOSINIKA UMVUZO EZULWINI KWI SIHLALO SOKWAHLULELA SIKA KRISTU
( BEMA )
• IMIVUZO YETHU SIZOYITHOLA UMA SISEBENZELA UNKULUNKULU NGOKWETHEMBEKA
• UMA SIKHOLWA KUJESU FUTHI SIMETHEMBA YENA YEDWA
• UMA SILEKELELA ABANTU BAKANKULUNKULU
* SIBENZA BABONE UKUTHI BAYIZONI
• BAYAMDINGA UJESU KRISTU
• BAZI UKUTHI AKEKHO OMUNYE ONGABATHETHELELA IZONO ZABO NGAPHANDLE KUKA JESU
2 Corinthians 5:10
Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.
13 . IMIVUZO SIZOYAMUKELA IGCWALISE UKUTHI IMPELA SINGABANTWANA BAKANKULUNKULU
• LEMIVUZO IZOGCWALISA UKUTHI IMPELA INTONGA YOBUQOTHO IYINTONGA YOMBUSO KANKULUNKULU
Hebrews 1 : 8
But to the Son He says: “Your throne, O God, is forever and ever; A scepter of righteousness is the scepter of Your kingdom.
Kepha ngeNdodana uthi: “Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
Leave a comment