ASIKHO ISIFO ESINGAPHEZULU KOKWELAPHA KUKA NKULUNKULU,ASIKHO NESONO ESINGATHETHELELEKI KU NKULUNKULU NGAPHANDLE KWESONO SOKUNGAKHOLWA NGUJESU KRISTU
Isaiah 55:9
“Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.
• uNkulunkulu unamandla onke
• Ayikho into edinga amandla angeke akwazi ukuyenza
• Unolwazi lonke
• Ayikho into edinga ulwazi angeke akwazi ukuyenza
• Ukhona yonke indawo
• Akukho lapho angekho khona
• Yena uthi esezulwini aphinde abe semhlabeni ngesikhathi esifanayo
• Aphinde abe kumuntu nomuntu okhona nongasekho emhlabeni
• Nasothulini lomhlaba lapho umuntu egqitshiwe khona,uNkulunkulu ukhona
• Indaba yezifo nezono iyohlala iyinkinga edinga uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi
• Ukubhekana nezifo kudinga amandla,ulwazi nobukhona buka Nkulunkulu
• uNkulunkulu uthi
“ I am the Lord that heals you.
• Ngingu Nkulunkulu okuphulukisayo
• UJehova ufike athethelele zonke izono zethu aphinde aphulukise zonke izifo zethu
• Sisidwa isono uNkulunkulu angeke asithethelele :
Lesi yisono sokungakholwa ngu Jesu Kristu indodana ka Nkulunkulu
• Ukungakholwa ngu Jesu Kristu
• Kusho ukungakholwa ngu Nkulunkulu
• Ukungakholwa ngu Jesu Kristu kusho ukwenqaba umnikelo ka Nkulunkulu awunikele emhlabeni ukuze kuphele icala nesono esikumuntu
• Isono sokungakholwa ngu Jesu Kristu siyisono sokungamukeli impilo entsha ku Jesu Kristu
• Isono sokungakholwa ngu Jesu Kristu
• Siyisona kuphela isono emhlabeni esingathetheleleki
• It is quite impossible for God to forgive a sinner who does not believe in Jesus Christ
John 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
• Lona yiwona mnikelo kuphela onikelwe ngu Nkulunkulu oqondene nokuthethelelwa kwezono zomuntu
• Awukho omunye
• Alikho elinye igama esingasinda ngalo
• Elika Jesu kuphela
• Uma ungafuni ukukholwa nokwethemba uJesu Kristu,kwathini usifaka enkingeni
• Usufuna sithini ke ngoba sithunyiwe ukuba siphakamise igama lika Jesu Kristu kuphela
• Empeleni umuntu ongakholwa ngu Jesu Kristu
• Uhlambalaza u Moya oNgcwele
• Umuntu ongakholwa ngu Jesu Kristu, uthi ukufakaza kuka Moya oNgcwele ngo Jesu Kristu kungamanga
Luke 12:10
Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa, kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele kayikuthethelelwa.
• Abantwana bakwa Israeli besuka eGibhithe
• Bathe nje beqeda ukuwela uLwandle
Olubomvu
• UMose wabahola wabayisa ehlane elibizwa nge Shuri
• Kulendawo bahamba izinsuku ezintathu bengatholi manzi
Exodus 15:22
UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baya ehlane laseShuri; bahamba ehlane izinsuku ezintathu bengafumani manzi.
• uNkulunkulu wayebahlola ukuthi bakholwa ngempela yini ukuthi uJehova ukhona ,emuva kokuba ebavikele kuma Egyptians
• Wabawelisa uLwandle OluBomvu maphuma BEPHILA
• Ama Gibhithe wona athi ayawela afela phakathi Olwandle Olubomvu
• Kukhona izimo ezingezile ukuzosibulala
• Kodwa ezizosihlola ukuthi sikholwa ngempela yini kona ukuthi uNkulunkulu ukhona,noma sibona ukuthi izinto ziyazenzakalela
• Ukuphila “ is being controlled by God only”
• Ngisho ungaya ku Dokotela noma enyangeni welashwe uphile
• Uma uphila uphiliswa ngu Nkulunkulu okuye uDokotela
• Nokuyo inyanga
• uNkulunkulu ukhona yonke indawo
• Ungathembi umuntu
• Themba uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yakho
Proverbs 3:5
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.
Psalms 37:39
Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.
• Themba uJesu Kristu
• God is in control
• UDokotela ne nyanga angeke benze lutho uma uJehova ethule
• Ukuphila komuntu kuphethwe ngu Nkulunkulu
• Abanye bethu izimo ziyabasusa ekuthembeni uNkulunkulu
• Izimo ziyakwazi ukwenza umuntu agcine eseba ngumuntu ongabandi nongashisi
• Abe sivivi
Revelation 3:15-16
• Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise. Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.
• Abantwana bakwa Israeli bagcina bewathola amanzi kodwa abebaba
• Babengeke bawaphuze
• Kwabona bagcina bene “ bitterness “ emiphefumulweni yabo
• Bakhala bakhononda ku Mose
• Bathi sizophuzani?
• UMose wabakhululekela kuNkulunkulu
Exodus 15:24
Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”
• uNkulunkulu ungu Nkulunkulu owelaphayo
• uNkulunkulu wakhombisa uMose “a piece of wood”
• Wathi uMose akaluthathe aluphose emanzini
• Amanzi aguquka abamtoti aphuzeka
Exodus 15:25
Wayesekhala kuJehova; uJehova wambonisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti. Wabamisela khona isimiso nomthetho; wabavivinya lapho,
• uNkulunkulu esephulukisile amanzi watshela abantwana bakwa Israeli ukuthi yena
• UNGU Jehova RAPHA
• “ I am the Lord that heals you “
• uNkulunkulu ufuna silalele iZwi lakhe
• Ufuna senze ukulunga emehlweni ka Nkulunkulu
• UJehova ufuna silalele imiyalelo yakhe
• UJehova ufuna sigcine zonke izimiso zakhe
• UJehova uthi sikholwa nguJesu uzokwe lapha zonke izifo zethu
• uNkulunkulu ungu Jehova osiphilisayo
Exodus 15:26
wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”
• uNkulunkulu akagcini nje ngokuphulukisa amanzi
• Kodwa uphulukisa nezifo zethu
• uNkulunkulu unamandla okuhlambulula ukungcola noma ngabe yikuphi
• Ngisho Izifo ezingalapheki
• UJehova RAPHA uyazelapha
• Akekho noyedwa umuntu othi yena uyakwazi ukubhekana nanoma yisiphi isifo anaso asinqobe
• Okubonakalayo nje emhlabeni ukwanda kwezifo ezingalapheki ke manje
• Umuntu nomuntu ugcina enesifo esingesakhe nazogcina kwesinye isikhathi ephila naso impilo yakhe yonke.
• Kodwa ke kufanele sikhumbule ukuthi ukhona uNkulunkulu umninimandla onke
• Ozindlela zakhe ziphakeme kunezindlela zethu
• Imicabango
ka Nkulunkulu iphakeme kunemicabango yethu
• Inkinga yethu sithi umasigula noma silimele sibuke kuphela ukugula nokulimala kwethu
• Sigcina sikhohlwa ukucabanga ukuthi mkhulu ongakithi kunezifo zethu
• Asibe sisacabanga ukuthi kukhona uNkulunkulu ongakwazi ukushintsha isimo sethu
Romans 8:28
Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.
• Kunoma yisiphi isimo esibhekana naso kukhona okuhle uNkulunkulu angakwenza
• Kuso isimo esibhekana naso kungenzeka uNkulunkulu adale ukuthi ongakholwa
• Aphenduke amukele insindiso ngo Kristu
• Obesexega ekukholweni akholwe kakhulu
• Konke kusebenzelana kube ngokuhle kulabo abamthandayo
• Nababiziweyo ngecebo lakhe
• Kithina esimthandayo nesimethembayo lapho kunesimo esibi khona kumele
• Sibhekane naso ngokukholwa
• Sithembe ukuthi uNkulunkulu esimkhonzayo uzoletha okuhle sikhona isimo
• Ekuguleni kwethu uNkulunkulu uletha ukuphila
• Konke kuyasebenzelana ukuze kuguquke kube ngokuhle
• Kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe
• Lento isho ukuthi thina
• Esimkholwayo uJesu Kristu
• Esimthandayo uNkulunkulu
• Nesibizweyo ngecebo lakhe
• Noma singagula
• Noma singahlaselwa
• Noma singalimala
• There is nothing we lose ngoba uNkulunkulu wethu thina uqedile ngempilo yethu
• uNkulunkulu iyaqeda ngaphambi kokuthi aqale
• Sihamba singaba nqobi
• Ukuphila usiphile kona
• Futhi wasipha kwachichima
• Noma singafa siyakholwa ukuthi siyaphila
• Uma sifa sikholwa sizovuka sivukele ekuphileni kwaphakade
• Umuntu okholwayo ngu Jesu akafi
• Noma efa uzovuka
• Ukugula thina kusenza sisondele kakhulu ku Nkulunkulu
• Ukugula kusenza sihlahle amehlo sibalekele uNkulunkulu
• Kukhona ukuphila ku Nkulunkulu
• Siyaqonda ukuthi ukufa kusho ukuthini
• Ukugula kusenza simethembe kakhulu uNkulunkulu
• Empeleni akuve kungukuthi njalo uma uNkulunkulu efuna ukusifundisa ukusondela kuye komele asenze sigule
• Cha akunjalo
• Umhlaba esiphila kuwo ungcwele ukona
• Ngakho ke
• Izifo
• Ukugula
• Nokufa
• Kuzohlala kukhona njalo
• Sizophila nakho
• Yingakho ke kubalulekile ukuthi
sibalekele ku Jesu Kristu
• Igama lenkosi liyiyo inqaba
• Obalekela kuJesu uyasindiswa
• Okunye ukugula kudalwa ukuhlaselwa ngamadomoni
Matthew 17:14-18
Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.” UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.” UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.
Luke 13:10-16
Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha. Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu. Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.” Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?”
• Okunye ukugula kulethwa ngu Nkulunkulu eqonde ukwahlulela abangakholwa ngu Jesu Kristu
• Kodwa okuningi ukugula kulethwa ngu Sathane
• uSathane uthanda ukusibona sikhala
• Sizwa ubuhlungu
• Thina ke esimkholwayo sikhala siku Jesu Kristu uMsindisi wethu
• UJesu usiphile vele ukuphila
• Siyamtshela uSathane ukuthi
• Asiguli thina inyama yethu egulauo
• Thina siyaphila
• Ukuphila kwethu kuku Kristu
• Noma siphila siphilela uJesu Kristu
• Noma sifa sifela yene
• Sizothoni na?
• Noma ngabe sinasiphi isimo uNkulunkulu uyabusa
• God is in control
• Kungcono ukuhlala kuye obusa kuze kube phakade
• Uma sisuka kuye sizobalelelaphi na?
• uNkulunkulu kuyenzeka avumele uSathane alethe ukugula kanti ngakho lokho kugula uNkulunkulu uqonde ukuletha ubufakazi obukhulu
• Uthi omunye
“ umama wami wagula wafa”
• “ UNkulunkulu wangenelela empilweni yami ngakholwa kakhulu
• Ngathemba uJehova impilo yami yonke”
• Omunye uthi
“ Ingane yami yagula yafa ngaphenduka ngathanda u Jesu Kristu ngenhliziyo yami yonke”
• Kwesinye isikhathi uNkulunkulu uyavuma sihlaseleke eqonde ukusakha ukuze sithele izithelo ezinhle
Hebrews 12:5-11
senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi: “Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, uphele amandla, nxa usolwa yiyo, ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.” Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na? Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana. Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na? Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe. Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.
• UJeshova uyasibusisa uma sihamba ngokulalela umthetho wakhe
• Uyasibusisa uma sihlalo kuye ngenhliziyo yethu yonke thina esesimtholile
• Ongakholwa Uma emfuna ngenhliziyo yakhe yonke uzomthola uJehova usatholakala
• Sibusisiwe uma sigwema izindlela zobumnyama sihamba ngothetho Ka Jehova
Psalms 119:9
Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.
Psalms 119;11
Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.
• Thina bazalwane uNkulunkulu uyohlala esifundisa imiyalo yakhe
• Okwethu ukuhlaselwa kunesifundo esihle
• UJehova ufuna sivule imilomo yethu simemezele izahlulelo zakhe kubantu
• Sibatshele ukuthi ukugula kusho ukuthi asakhile kulelizwe
• Ngelinye ilanga sizodlula
• Ngakhoke ongakholwa
Makalungise indaba yakhe no Jesu kuyahanjwa emhlabeni
• Konke kusebenzela kube ngokuhle
• Kulabo abamthandayo
• Ababiziyweyo nhokwecebo lakhe
• Uma umuntu ehlaseleka akangabheki isifo nokulimala kuphela
• Asibone ukuphila
Asibone impumelelo sihlaselwa kunjalo
• UDavide uthi engakahlupheki waduka
• Kodwa manje emva kokuhlupheka eseyakholwa ukuthi kufanele ahambe ngokomthetho kaNkulunkulu
Psalms 119:67,71,75
Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho. Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka.
• UDavide uthi kwamsiza ukuhlupheka
• Kwamenza wafunda izimiso zika Nkulunkulu
• Ukuhlaseleka kwethu makungasihlukanisi
no Nkulunkulu
• Muhle uNkulunkulu
• Noma siphila Muhle
• Noma sigula muhle uNkulunkulu
• Noma sifa muhle
• Uma muntu ehlaselwa kubalulekile ukuthi
• Simkhulekele
• Simtshele ngo Jesu Kristu
• Simnakekele
• Simnike uthando
Leave a comment