OMDALA WEZINSUKU
THE ANCIENT OF DAYS
Daniel 7:9,
“Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.
Daniel 7:9
“I watched till thrones were put in place, And the Ancient of Days was seated; His garment was white as snow, And the hair of His head was like pure wool. His throne was a fiery flame, Its wheels a burning fire;
• UJesu Kristu uyamamukela uDaniel ukuthi ungomunye waba Profethi baka Nkulunkulu abaprofetha ngezikhathi zokugcina,Endtimes Prophecies.
Matthew 24:15
“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele –
• Ofundayo makaqaphele
• Siyi Bandla lika Nkulunkulu sizelwe ngomoya
• Sizelwe ngokukholwa ngu Jesu Kristu
• Izono zethu sithethelelwe
• Umoya nomphefumulo wethu ubufile ngenxa yesono
• Isono senza umuntu ahlukaniswe no Nkulunkulu,
• Uma umuntu ehlukene no Nkulunkulu ufile kumoya
• Umuntu ngisho angaphila ngokwenyama kodwa ufile,
• A person whose sins are not forgiven is dead in Spirit
• Ongakholwa nguJesu unecala kuNkulunkulu
• Uzokufa aye esihogweni ngoba izono zakhe zisemehlweni ka Nkulunkulu
• Ukuphila okuphakade akukho kumuntu ongakholwa ngu Jesu Kristu
• Kwamanje ngokukholwa ngu Jesu Kristu umuntu usebuyisene noNkulunkulu
• Umuntu okholwa ngu Jesu Kristu usindisiwe olakeni luka Nkulunkulu
• uNkulunkulu wenzile ukuphila kumuntu okholwa ngu Jesu Kristu indodana yakhe
• Uma sikholwa ngu Kristu,noma sifa sizovuka siphile ingunaphakade no Nkulunkulu
• UJesu Kristu akukho afike wakuzuze personally ngokufika kwakhe emhlabeni
• He came to give and not to get
• He gives life to those who believe in him
• Isela umalifika lifika to get something
• Isela alilethi lutho
• Instead liyathatha utho kumuntu
• Ngisho ukuphila komuntu isela liyakuthatha
• Isela alishiyi lutho
• Lithatha konke okuthathekayo
• uJesu uyapha
• Jesus gives us abundant life
• Ukuphila usipha kona kuchichime
• Ku Jesu sinokuphila okuphakade
• Sinenjabulo
• We receive this abundant life the moment we accept Jesus as our Savior
John 10:10
Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
• Ngokukholwa ngu Jesu Kristu we are given life beyond measure
• Akukho okunye ukuphila okungaphezu kwalokhu esikunikwa ngu Jesu
• Life in Jesus is a superfluous life,
• UJesu usinika impilo esezingeni eliphezulu kakhulu kunokucabanga kwethu
1 Corinthians 2:9
kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
• uNkulunkulu ulithanda iBandla ngendlela yokuthi ulenzela more abundant things
• Konke uNkulunkulu usenzela kona ngamandla akhe amakhulu
• The power of God is at work within us as we believe in Jesus.
1Corinthians 1:26-29
Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu, kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla; nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.
• Ukuphila okuchichimayo uJesu Kristu asiphe kona akuhlanganisi utho nezinto eziphathekayo
• Uma kungukuthi uJesu ubenzela ukusipha ukuphila okunezinto eziphathekayo,
kwayena uJesu Kristu ubeyoba isigwili somhlaba ngenkathi eselapha emhlabeni physically
• uJesu Kristu wayehlupheka lokhu kwangempela,futhi ezalwa emzini ongenalutho lokhu kwangempela
• Kodwa emoyeni,uJesu Kristu ucebe kunabobonke emhlabeni nasezulwini
• IBandla likaNkulunkulu lingebe nalutho lokhu kwangempela ezintweni eziphathekayo kodwa,kumoya sinakho kuchichima ukuphila
Matthew 8:20
UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
• Ukuphila okuchichimayo kungukuphila okuphakade okukithi esikuphiwa yi Nkosi uJesu Kristu
• Ukuphila okuphakade kuqala lapho samukela u Jesu Kristu eba yiNkosi nomsindisi
• Uma sino Jesu Kristu sihamba sidlule singene ekuphileni okuphakade
• UJesu Kristu ukuchaza kahle ukuphila okuphakade ukuthi kuyini
• Lento isho ukuthi ukuze ube nokuphila okuphakade kufanele umuntu azi uJesu Kristu
• Uma wazi uJesu Kristu uyamazi no Nkulunkulu
• Uma wazi uNkulunkulu unakho ukuphila okuphakade
John 17:3
Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.
• Incazelo kaJesu ngokuphila okuphakade ukuthi kuyini ayisho lutho
• Ngobude bezinsuku zomuntu emhlabeni
• Ngempumelelo yomuntu emhlabeni
• Ngempilo yomuntu
• Ngomndeni womuntu
• Ngokuthi umuntu usebenzakuphi
• Incazelo ka Jesu mayelana nokuphila okuphakade iphatha
• Ukwazana noJesu Kristu ukuze uNkulunkulu akuthethelele izono zakho
• Ukuchichima is spiritual abundance
• Akuzona izinto eziphathekayo
• Kahlekahle uNkulunkulu is more concerned about our spiritual lives than our physical lives.
• UJesu Kristu uthi masingakhathazeki ngokuthi sizodlani nokuthi sizogqokani,
nokuthi nizophuzani
• Ukufika,ukufa nokuvuka kuka Kristu kuphelelisa ukuphila kwalabo abamkholwayo
• Abakholwa nguJesu Kristu banikwa ukuphila
• Baphiwa khona kuchichime
• They are given life more abundantly
• UNkulunkulu wethu ugcwalisa ukuswela konke kwethu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.
• Thinasonke siyi Bandla likaNkulunkulu sicebile kakhulu
Matthew 6:25-32
“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na? Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na? Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na? “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.
Philippians 4:19
UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.
• Izibusiso zezinto eziphathekayo zinhle zona kodwa uma ungenaye UJesu Kristu ekucebeni kwakho ulambe lokhu kwangempela
• Khumbula uLazaru nesicebi eBhayibhelini
• ULazaru wayehlupheka lokhu kwangempela uma kukhulunywa ngezinto eziphathekayo
• Isicebi sasicebe kakhulu uma kukhulunywa ngezinto eziphathekayo
• Kodwa sihlupheka straight kwezikamoya ngoba sasingenaye uKristu empilweni yaso
• Isicebi sasikuzuze konke okwasezweni kodwa salahlekelwa ukuphila okuchichimayo
• ULazaru waye ngenakho nokukodwa okwasezweni
• Kodwa enakho konke ukuphila okuchichimayo
• Umuntu ono Jesu Kristu ngenxa yokuthi ucebe kakhulu kumoya izono zakhe sithethelelwe
• Uthi uma efa immediately uNkulunkulu uthuma izingelosi zifike zimthatha ziye naye eParadise ka Nkulunkulu ayo phila no Nkulunkulu ingunaphakade
• Umuntu ongakholwa ngu Jesu Kristu uthi uma efa,ancwatshwe azithole esese Hayidese ayoqala ukuhlupheka nobuhlungu impilo yakhe yonke yaphakade
• Abangakholwa ngu Jesu Kristu bazo libona iBandla liphila no Nkulunkulu
• NeBandla lizobabona abangakholwa bezwa ubuhlungu impilo yabo yonke,including nezihlobo zethu siyi Bandla
• Kodwa izinyembezi zethu ziyokwasulwa
Luke 16:19-31
“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa. Kwakukhona futhi ompofu othile, nguLazaru igama lakhe, owayelahliwe ngasesangweni lakhe egcwele izilonda, enxanela ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi; yebo, kweza nezinja, zamkhotha izilonda. “Kwase kuthi wafa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama; nesicebi safa, sembelwa. SesiseHayidese* saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe. Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.’ “Kepha u-Abrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa. Nangaphezu kwakho konke lokho kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani ukuba abafuna ukusuka lapha baye kini bangekwenze, nabalapho bangaweleli kithi.’ “Sase sithi: ‘Njalo ngiyakucela, baba, ukuba umthumele endlini kababa, ngokuba nginabafowethu abayisihlanu, ukuze afakaze kubo, bangezi nabo kule ndawo yobuhlungu.’ “Kepha u-Abrahama wathi: ‘BanoMose nabaprofethi; mabezwe bona.’ “Sathi-ke: ‘Qha, baba Abrahama, kodwa uma kusuka umuntu kwabafileyo, aye kubo, bayakuphenduka.’ “Kepha wathi kuso: ‘Uma bengalaleli uMose nabaprofethi, kabayikuvunyiswa, noma kuvuka umuntu kwabafileyo.’ ”
Ecclesiastes 5:10-15
Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize. Lapho okuhle kwanda, nabakudlayo bayanda; kulusizo luni kumninikho ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na? Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale. Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze; futhi uma ingcebo ichithwa ngengozi embi, indodana ayizalileyo ayinalutho esandleni sayo. Njengalokho aphuma esizalweni sikanina, uyakubuye amuke, ahambe ze njengasekufikeni kwakhe, engatholi lutho ngomshikashika wakhe, ahambe nalo esandleni sakhe.
Philippians 4:11-12
Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani. Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.
• IBandla lika Nkulunkulu linendaba kakhulu nokuphila okuphakade sekunokuba likhathazeke ngengcebo yalelizwe
• Uma nje sesiphendukele ku Kristu
• Samukela the Gift of the Holy Spirit.
• Sibe sesiba nokuphila okuphakade khona lapho
1 John 5:11-15
Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila. Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
• Impilo yethu njenge Bandla “ revolves around growing in the grace” nasekumazini uKristu engu Msindisi wethu
2 Peter 3:18
kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje kuze kube lusuku lwaphakade.
• Lokhu kusifundisa ukuthi ukuphila okuchichimayo
• Kungufunda uKristu
• Ukwenza ivangeli
• Ukukhula eNkosini
• Kusho ukwehluka endleleni yokukholwa
• Kodwa uvuke uzihlambulule egazini lika Jesu Kristu
• Uzihlele ekukholweni “ organize yourself “
• Uzazi ukuthi ukholwa ngubani?
• Ukholwelani”
• Ubekezele ngoba njengoba sisesemhlabeni kaningi uSathane ufuna ukusithola sinamanga ukuthi siyakholwa
• Kodwa kuncane esikubonayo
• Ngelinye ilanga uNkulunkulu
sizakumbona face to face
1 Corinthians 13:12
Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.
• Kepha ngale kuyokube kungasekho ukuzabalaza silwa nesono
• Kungasekho ukungabaza
• The abundant life will be ultimately fulfiled
• Uma umuntu enokuphila okuchichimayo uhamba aqaphele akwenzayo
• Ahlolisise okuyintando ka Nkulunkulu
Romans 12:2
ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
2 Corinthians 5:17
Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
• Ukuphila okuchichimayo kuxuba uthando
• Kuxube injabulo
• Kuxube ukuthula
• Nezithelo zonke zika moya
Galatians 5:22-23
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
• This is an abundance of life and not an abundance of stuff
• Abundance of life consist of life that is eternal and not life that is temporal
• UMphotoli uPawula uyasixwayisa mayelana nokufuna ukuceba ngezinto eziphathekayo uthi
Colossians 3:2-3
nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;
Ephesians 3:20-21
Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.
• Our sins are forgiven
• Sizelwe ngu Nkulunkulu ongazalwanga
• Sizelwe ngu Nkulunkulu ongadalwanga
• Sizelwe ngu Nkulunkulu owayekhona izikhathi zingakabibikho
• UNkulunkulu ungomdala wezinsuku
• uNkulunkulu mdala kunezikhathi
• Wayevele ekhona
• Ungu Nkulunkulu, uNgikhona
• Unginguye Onginguye
• uNkulunkulu uNgikhona wayevele ekhona umhlaba ungakasekelwa
• Ungakabibikho
Exodus 3:14
UNkulunkulu wathi kuMose: “Nginguye enginguye.” Wathi: “Uzakusho njalo kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UNgikhona ungithumile.’ ”
• uNkulunkulu owayekhona izikhathi zingakabibikho
• Kulencwadi kaDaniel 7:9,uDaniel uchaza umbono wakhe lapho uNkulunkulu emkhombisa izulu
• Kulombono uDaniel wabona ezulwini kubekwa izihlalo zobukhosi
• UDaniel wasebona Omdala wezinsuku ehlala ezihlalweni zobukhosi
• Kwahlala uNkulunkulu
• Izimbatho zika Nkulunkulu zazimhlophe njengeqhwa
• Izinwele zekhanda lika Nkulunkulu zimhlophe njengoboya bezimvu
Obuhlanzekileyo
• Isihlalo sikaNkulunkulu sobukhosi sasingamalangabi omlilo
• Amasondo esihlalo sobukhosi sasingumlilo ovuthayo
• Ukuba ngamalangabi omlilo kwesihlalo sobukhosi “symbolically” kumele ukwahlulela
• Izinwele ezimhlophe kuNkulunkulu nesihloko esithi Omdala wezinsuku kungubufakazi bokuthi iBandla likhonza uNkulunkulu
• Omdala kakhulu
• Nowayekhona umhlaba ungakabi bikho
• Ungu Nkulunkulu Omkhulu kunonkulunkulu bonke emhlabeni
• Akakho munye uNkulunkulu nguye kuphela
• Ungu Nkulunkulu owayekhona zingakabi khona izikhathi
• Asidukanga
• Sikhonza
uNkulunkulu wangempela,a living God.
• uNkulunkulu uzoniphakamisa
Isaiah 43:13
Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?
• New King James Version :
“ Indeed before the day was, I am He; And there is no one who can deliver out of My hand; I work, and who will reverse it?”
• Our God was there from ancient of days
• He was there before days were
• Zingakakhandwa izinsuku nezikhathi uNkulunkulu wayekhona
• Mdala umdali wethu
• Konke kwavela ngaye
• Uye uJehova owakhanda izikhathi, izinsuku nobusuku
• He existed from before the beginning of time
• God is ancient
• He is from everlasting to another everlasting
Psalms 90:2
Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona
Genesis 1:3-5
UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.
• uNkulunkulu uyisiqalo nesiphetho
Isaiah 44:6
“Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti, uthi: Ngingowokuqala, ngingowokugcina, ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.
• uNkulunkulu ungumahluleli kufanele
• Kumfanele ukuba ngumahlileli
Daniel 7:9-14
“Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo. Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa. “Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yenhlokomo yamazwi amakhulu akhulunywa luphondo; ngabheka saze sahlatshwa isilo, wachithwa umzimba waso, sanikelwa ukuba sishiswe ngomlilo. Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi. “Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe. Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.
Revelation 1:14-15
futhi ikhanda lakhe nezinwele zakhe kumhlophe njengoboya bezimvu, njengeqhwa, namehlo akhe enjengamalangabi omlilo, nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi;
• Omdala wezinsuku, uNkulunkulu, uqale wabusa isizwe sakhe, uIsrael,kodwa manje usebusa iBandla lakhe,elihlanganisa uIsraeli nabo abezizwe
• IBandla likaNkulunkulu lakhelwe ku Jesu Kristu indodana ka Nkulunkulu ophezu konke
• Ngegazi lakhe u Jesu ufike emhlabeni wahlanganisa abantu ababili,uIsraeli nabezizwe,baba ngumuntu oyedwa,okuyiBandla lika Nkulunkulu
• IBandla likaNkulunkulu lingumbuso kaNkulunkulu omi ingunaphakade
• Lingumbuso ongezukubusa udedele omunye Umbuso
• Lombuso awuseyikubuye uphele nani nani
• IBandla likaNkulunkulu lingumzimba weNkosi uJesu Kristu
• UJesu Kristu uyiNhloko
• uNkulunkulu kwamanje uhlala kulo iBandla lakhe
• Uyalilwela izimpi
• Uyalivikela ezitheni zalo zonke
• Ngisho amasango ase Hayidesi awayikulahlula
Ephesians 2:14
Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha,
• And uzolibusa ingunaphakade
• Isihloko “ Omdala wezinsuku sitholakala kuze kube kathathu encwadini engcwele
• Sivela kuphela lapho kunomlayezo wesiprofetho sika Daniel
Daniel 7:9
“Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.
Daniel 7:13
“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe.
Daniel 7:22
waze wafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele.
• Ku Daniel 7:22 kuvela iNkosi yamakhosi
• Kuvela umbusi wababusi
• Kuvela uJesu Kristu okwahlulela kwakhe kuzokuba yingxenye yezehlo zokuphela kwezikhathi
• Ku Daniel 7: 13 Omdala wezinsuku usho uNkulunkulu,uYise we Nkosi uJesu Kristu
• Siyi Bandla simbona lapha uNkulunkulu esesihlalweni sobukhosi
• UJesu Kristu uza ngamafu kuye uNkulunkulu
• uNkulunkulu ungu Nkulunkulu oziqu zintathu
• Uthi emunye abemuthathu
• Ungabantu abathathu kumuntu oyedwa
• Omdala wezinsuku uveza uJesu Kristu
ebuya ezomemezela ukwahlulelwa komhlaba
Daniel 7:22
waze wafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele.
Leave a comment