BHIDLIZANI LELITHEMPELI NGIZAKULIVUSA NGEZINSUKU EZINTATHU

BHIDLIZANI LELITHEMPELI NGIZAKULIVUSA NGEZINSUKU EZINTATHU
John 2:19
UJesu waphendula, wathi kubo: “Bhidlizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.”

John 19:30
Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa
• Umzimba ka Jesu Kristu waba sesiphambanweni
• Kwaze kwaba ukuthi uyathathwa wayongcwatshwa ethunenini eliseduzane

John 19:40–42
Ngakho base besithatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha njengesiko labaJuda lokumbela. Khona ngakuleyo ndawo, lapho wayebethelwe khona esiphambanweni, kwakukhona insimu, nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo. Bambeka lapho-ke uJesu ngenxa yokulungisela lwabaJuda, ngokuba ithuna laliseduze.
• Umoya nomzimba kaJesu kwakuhlukene
• Emva kwezinsuku ezintathu umoya ka Jesu Kristu nomziba wakhe kwahlanganiswa
• Wavuka ekufeni

John 20: 1-2,6-9
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.” Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona, neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo. Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.
• Inkulumo uJesu Kristu aba nayo nesinye sezelelesi esiphambanweni
• Iyona esivezelayo kancane ukuthi uJesu Kristu wabe kuphi
• Phakathi kokufa ngokuvuka kwakhe
• Lesiselelesi esikhuluma no Jesu Kristu esiphambanweni saphenduka sakholwa ngu Jesu Kristu
• Sabe sesicela ukube uJesu Kristu asikhumbule embusweni wakhe

Luke 23:42
Sase sithi: “Jesu, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.”

• INkosi uJesu Kristu wasiphendula iselelesi wasinika isethembiso
• Isethembiso Lona anikwa sona simnika ilungelo lokuphila okuphakade
• Uthi kade aziywa ngeselelesi ngokukholwa ngu Jesu Kristu usethola ukuphila okuphakade

Luke 23: 43

Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.*”
• “ Namhlanje uzokuba nami eParadisi”
• Lamazwi ashiwo ngu Jesu Kristu ngqo ngaphambi kokuba afe
• Lento isho ukuthi ngenkathi uJesu Kristu efa umzimba wakhe ungakangcwatshwa wasala ulenga esiphambanweni
• UMoya wakhe wathathwa ,immediately, yizingelosi wasiwa eParadisi,ezulwini ku Nkulunkulu
• Emva kokufa kwakhe, uJesu waya endaweni yesi busiso,eParadisi ezulwini
• EParadisi yilapho uNkulunkulu ekhona
• Neselelesi esife sesikholwa ngu Jesu Kristu sife saya kuNkulunkulu ezulwini
• I Bhayibheli alisivezeli ngokuphelele ukuthi
• UJesu Kristu kahle kahle wabe
• Enzani?
• Kuphi isikhathi esiyizinsuku ezintathu eziphakathi kokufa kwakhe nokuvuka kwakhe?
• Esikwaziyo okuphathekayo
• Nesikuthola emazwini ka Jesu Kristu awakhuluma esiphambanweni
• Ukuthi uJesu Kristu wafa wasuka esiphambanweni waya eParadisi
• Futhi singasho singahlonizi ukuthi umsebenzi Ka Jesu Kristu woku sindisa wawenza wawuqeda waphelela
• Emva kokufa uJesu Kristu akayanga ukuyokuzwa ubuhlungu eHadesi
• Lapho okwaya khona isicebi esasitamasa singafuni ukukholwa
endabeni ka Lazaru

1 Peter 3:18-20

Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni, ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;
• UJesu Kristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono zethu endleleni eya esiphambanweni
• Nasesiphambanweni uqobo wafika wahlushwa
• Emva kokufa uJesu Kristu wahamba ngokuthula waya ku Nkulunkulu eParadisi
• UJesu Kristu wahlupheka wafa ukuze asiyise ku Nkulunkulu
• UJesu Kristu wabulawa ngabantu enyameni
• Kodwa waphiliswa ngu Nkulunkulu emoyeni
• Siyafa sibulawa ngabantu nezimo enyameni
• Kodwa ngenxa ka Kristu siyaphiliswa emoyeni

TION
1 Peter 3:18–20
Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni, ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi; enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso, okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.
• Ngosuku lwe Sabatha,uJesu Kristu engakavuki ekufeni wahamba wayoshumayela ivangeli lokunqoba kwakhe
emathuneni
• UJesu Kristu wabatshela omoya ngokunqoba kwakhe
• UJesu waya ukubatshela ukuthi ukunqobile ukufa
• Usinqobile isono
• Laba uJesu abashumayezayo ba ngo moya abakade bengalaleli emhlabeni ngesikhathi sikaka Nowa
• Laba bango moya abangenayo inyama emathuneni
• Bayizingelosi ezingalalelanga u Nkulunkulu
• These spirits are incorporeal
• They are the spirits without flesh
• UJesu Kristu wabe yotshela izingelosi ezawa ukuthi inqobile iNgonyama yomndeni kaJuda
• Inqobile impande ka Davide
• Izingelosi zobumnyama zingamademoni
• Leziziboshwa zihlezi nje ziyazi ukuthi
• Isono sinqotshiwe
• Ukufa kunqotshiwe
• Imimoya eboshiwe uJesu abekhuluma kuyo uJesu Kristu emathuneni
• Akuzona izingelosi ezingcwele
• Cha,Izingelosi ezingcwele aziwelanga esonweni
• Aziboshwangwa
• Nazo izingelosi ezawa aziboshwangwa zonke
• Zikhona ezilokhu ziwuvanzi emhlabeni nasemkhathini
• Zinga madimoni ahluphayo ayizithunywa zika Sathane
• Into eyenza ukuthi lezizingelosi ziboshwe ukuthi
• Zenza njengo Sathane
• Azibugcinanga ubukhosi ezanikwa bona ezulwini
• Zahlangana no Sathane zalwa no Nkulunkulu
• Zalishiya ikhaya lazo izulu
• UJesu Kristu uzigcinile in the Captivity
• Uzigcinele ukulahlwa ngosuku lokwa hlulela

Jude 1:6
nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,
• Lezizingelosi siboshiwe ebumnyameni
• Zalahla indawo yazo yokuhlala efanele
• Kuze kube yimanje ziboshiwe ngamaketango
• Zilinde ukwahlulela
• Yizo lezizingelosi uJesu ahamba waya kozishumayeza iqiniso noma zingephenduke
• Akukho ukuphendula emathuneni
• Kodwa kwakufanele ukuthi zazi ukuthi uJesu Kristu uphethe amandla ezulu
• Futhi zimbone ephethe ukunqoba kwethu thina esikholwa nguye
• Lezi zingelosi zimbi kakhulu
• They committed an egregious crime ezulwini
• An outstandingly bad crime
• Zavukela umdali wazo

Revelation 9:1-12,14-15

Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha. Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi. Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba. Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba, nanye into eluhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo. Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu. Ngaleyo mihla abantu bayakufuna ukufa, bangaze bakufumana; futhi bayakufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele. Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa, nasemakhanda aso kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bunjengobuso babantu; futhi sasinezinwele ezinjengezinwele zabesifazane, namazinyo aso ayenjengawezingonyama, sinezivikelo zezifuba njengezivikelo zensimbi, nomdumo wamaphiko aso wawunjengomdumo wezinqola zamahhashi amaningi egijimela ekulweni. Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu. Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni. UMaye wokuqala udlulile; bheka, kuseza oMaye ababili ngasemva kwalokho.
lithi kuyo ingelosi yesithupha enecilongo: “Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu u-Ewufrathe.” Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.

2 Peter 2-4-9

Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa, nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu; nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu; noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa – ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho – iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,
• Izingelosi eziboshiwe esihogweni yilezo ezenza isono zawa ku
Genesis 6:1-4
Kwathi abantu beqala ukwanda ebusweni bomhlaba, bezala amadodakazi, amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo. Wayesethi uJehova: “UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, njengokuba eyinyama nje; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.” Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.
1 Peter 3:18-20
Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni, ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;

• Izingelosi zawa zahluleka ukuziphatha ezulwini
• Zaboshwa kwalasha
• UJesu Kristu uzozitshela azishumayeze ngokunqoba kwakhe
• Zona sezilindele ukwahlulela kuka Jesu Kristu
Colossians 2:15
Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu; esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni; ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.
• Abanye uJesu akhuluma ukwahlulelwa kubo yimimoya yabo bonke abantu abafa ngesikhathi sika zamcolo ka Nowa
• Labo bantu babhubha bebhujiswa nguzamcolo ngenxa yokwa hlulelwa yi Nkosi
• INkosi uJesu Kristu laba bantu yaba hlulela ngokuba
bhubhisa ngozamcolo
• Kodwa manje bonke abangakholwa nguye uJesu Kristu uzobahlulela babhubhe ngomlilo

Ephesians 4:8–10
Ngalokho uthi: “Esenyukele phezulu wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho.” Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na? Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke.
• Jesus Christ was very active in the grave three days between His death and His resurrection
• Uma evuka emathuneni esenyukela phezulu
• UJesu Kristu wenyuka nabaningi
• Jesus Christ took many Captives waya nabo ezulwini

Psalm 68:17-19
Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, izinkulungwane nezinkulungwane; iNkosi iphakathi kwazo; iSinayi lisendaweni engcwele. Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona. Mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla; uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela*
Ephesians 4:8-12
Ngalokho uthi: “Esenyukele phezulu wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho.” Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na? Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke. Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu,
• Kithina sonke esikholwa yi Nkosi uJesu Kristu,iBhayibheli lithi
• Uma sifa umoya/nomphefumulo wethu kuyathathwa kuyiswe ezulwini ngoba izono zethu zithethelelwe
• Ngoba siyakholwa yi Nkosi uJesu Kristu

John 3:16, 18, 36
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu. Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.
2 Corinthians 5:6–8
Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini; ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona; simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini,
Philippians 1:23
Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu;
1 Corinthians 15:50–54
Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli. Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe. Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi. Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”
1 Thessalonians 4:13–17
Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo, ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
• Lento isho ukuthi uma umuntu efa
• Umoya wakhe nomphefumulo wakhe uya ku Jesu Kristu
• Umzimba wakhe usala ethuneni ulele
• Ngesikhathi sokuvuka kwabakholwa ngu Jesu Kristu
• Umzimba wabakholwa ngu Jesu Kristu uzovuswa usune nkazimulo ka Nkulunkulu
• Umzimba onenkazimulo uzohlanganiswa nomoya nomphefumulo womuntu
• Kungeniswe ekuphileni okuphakade emhlabeni omusha
• Nasezulwini elisha

Revelation 21:1-8

Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele* likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.” Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila. Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”

• Labo abanga
mamukelanga uJesu Kristu njenge Nkosi noMsindisi
• Ukufa kuyisijeziso sabo saphakade
• Bobabili abakholwayo nabangakholwayo ngu Jesu Kristu bazolinda
• Balinda umhlawokuphela
• Kuzofika ukuvuka kokugcina
• Nokwa hlulela kokugcina ne nengunaphakade naphakade
Luke 16:22–23
“Kwase kuthi wafa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama; nesicebi safa, sembelwa. SesiseHayidese* saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.
• Indaba Ka Lazarus nesicebi ikhombisa ukuthi
• Isicebi safa emvakwalokho sezwa ubuhlungu ngokushesha
• No Lazaru wafa wathathwa yizingelosi zamusa ku Nkulunkulu
• Incwadi ye Sambulo ichaza ukuvuka kwabafileyo
Revelation 20:11–15
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
• Abantu abangakholwa ngu Jesu Kristu akuthi bangafa bese bephonswa esihogweni there and there
• Kodwa bayahamba bayendaweni yokulinda yesikhashana
• Balinda khona
• Balinda e Hadesi bezwe ubuhlungu bokwahlulelwa okwesikhashana
• Indoda eyisicebi yayibuzwa ubuhlungu,kodwa kwakungubuhlungu besikhashana endabeni ka Lazaru
• Lendoda isazobuzwa ubuhlungu baphakade
Luke 16:24
Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.’
• Emva kokufa umuntu uhlala alinde either in the place of comfort or in the place of torment
• Lezizindawo ezimbili iParadisi Hadesi zimele izulu ne sihogo okwesikhashana kuze kufike ukuvuka kwabafileyo
• Ngosuku lokuvuka umoya no mphefumulo kuzohlanganiswa
• Bese okholwa ngu Jesu Kristu aye ekuphileni okuphakade
• Ongakholwa ngu Jesu Kristu aye esihogweni
• Ukuvuka kokuqala kungokwalabo aba blessed naba holy abakholwa ngu Jesu Kristu

Revelation 20:6
Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.
• Loyo oku Kristu nalabo aba abayothola ukuvuka kokuqala bayongena kwi Millennial Kingdom of Jesus Christ
• Bayongena ezulwini elisha nasemhlabeni omusha
Revelation 21:1
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.
• Ukuvuka kwabafileyo kwesibili kuyokwenzeka emva kwe Millenial Kingdom of Jesus Christ
• Ukuvuka kwesibili kuhambisana nokwahlulelwa kwabazono zabo azithethelelwangwa ngegazi lika Jesu Kristu
• Ababi bayokwahlulelwa ngokwemisebenzi yabo
Revelation 20:13
Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.
• Labo abangekho encwadini yokuphila will be sent in the lake of fire
• In the lake of fire labo abangakholwanga ngu Jesu Kristu will experience the second death

Revelation 20:14–15
Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
• Umhlaba omusha nechibi lomlilo are two final and eternal destinations
Matthew 25:46
“Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”
John 3:36
Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”

Questions about Heaven, Hell, and Eternity

Questions about Jesus Christ

t Questions Ministries. All rights reserved.
This page last updated: April 11, 2022

Leave a comment