UNYAKA KA 2024 UNYAKA WOKUTSHALA
PART 1
Genesis 1:11-12
UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni,” kwaba njalo. Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
• Emuva kokuba uMphostoli ES Myeni,uMholi we Bandla i Church of God for all Nations ememezele i
” Theme of the year” yeBandla uNkulunkulu amnike lona ukuba aleluse,
• uNkulunkulu ungenze ngaba nomuzwa wokubhala isifundo ngale “Theme” ebaluleke ngangaka eBandleni likaNkulunkulu, emhlabeni wonke jikelele,
• U “ 2024 uNyaka Wokutshala ”
• Ngosuku lwesiThathu lokudala indalo
• UNkulunkulu wawutshela umhlaba ukuthi mawenzeni
• God gave an instruction to the earth,
• Imvelo iyalalela yenze lokho okushiwo ngumdali wayo
• Thina uSathane umelene nokuthi silalele uNkulunkulu wethu esidalwe ngomfanekiso wakhe
• Nathi kwesinye isikhathi siyavuma ukungalaleli uNkulunkulu
• Silalele izinkanuko zethu asebenza ngazo kakhulu uSathane
• Nokho makabongwe uJesu Kristu ofikile ezweni ukuzosilekelela lapho inyama yethu inqaba ukulalela uNkulunkulu
• Kuyinkinga ke ukubona umuntu engamfuni uJesu Kristu
• Uma ungamfuni uJesu Kristu uzonda ukuphila okuphakade
• UJesu Kristu uyimpendulo yesono esibhubhisayo ingunaphakade
• UNkulunkulu wathi umhlaba mawulethe izithelo eziphilayo
• Lapha uNkulunkulu usifundisa ukuthi umlomo wakhe nomlomo wethu uyadala
• Thina sidaliwe ngoko mfanekiso ka Nkulunkulu
• Njengo Baba wethu sinamandla okukhuluma izinto zenzeke ngokwentando yaloyo osidalileyo nesikholwa nguye
• Into enhle ohlala uyifisa
• Nohlala uyikhuluma enhliziyweni yakho uyayidala
• Uyakhuluma kuyo uthi mayenzeke
• Ngelinye ilanga “ it will come into existence “
• Into oyiphuphayo “will come into reality “
• Uma ungakhulimi lutho
• Futhi ungafisi lutho
• Nothing will come into reality
• Nothing will come into existence in your life
• Uyogcina uyinto engelutho ngoba vele awufisi lutho
• Awuphuphi lutho
• Ayikho into ovuka ekuseni usunayo
• Into uqale uyikhulume
• Uyiphuphe
• Uyicele kuNkulunkulu
• Bese uba nayo
• Isibusiso siza kuwe ngoba usikhuluma phezu kwempilo yakho
• Usiphupha
• Usibona
Izaga 8:18
Ingcebo nodumo kukimi, ukunotha okumiyo nokulunga.
• UJehova ungumnikazi wayoyonke ingcebo
• Hlala kuJehova
• Ucele kuye
• Amasu okuphumelela onke akuye
Proverbs 29:18
Lapho kungekho mbono khona, abantu bayadlubulunda, kepha ogcina umthetho ubusisiwe.
• Ukudlubulunda means lack of self control
• Umuntu onombono akadlubulundi
• Uyalinda
• Uyabekezela “until” iphupho lakhe lifezeke
• Ukuba nombono kuhambisa nokugcina umthetho ka Nkulunkulu
• Gcina phela umthetho kaJehova
• Ukuze uNkulunkulu azokwazi ukuhlelemba amagebhugebhu avimba impumelelo yakho
• Ukungalaleli kwethu uNkulunkulu kuludonga oluvimba uNkulunkulu ukuze angasizwa uma sicela
Isaiah 59:1
Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.
• Ukungalaleli kuyikho ukungamethembi uJesu Kristu
• UNkulunkulu uthi asimethembe
• Sikholwe ngu Jesu Kristu
• This is an instruction evela ku Nkulunkulu
• Kufanele siyithathe siyenze kodwa lutho asilaleli
• Only a few people believe in Jesus Christ
• UJesu ufikile ukusinqobela amandla esono
• Umasizithoba kuye
• Sivuma izono uyasithethelela zona immediately
Isaiah 1:18
“Wozani-ke, sithethe indaba,” usho uJehova; “noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokububende, ziyakuba njengoboya bezimvu.
• Kungukungalaleli okusobala nokwangamabomu ukona kodwa uqubise nje
• Ushaye sengathi akonakele lutho ungavumi izono zakho
• Ungaceli intethelelo kuJesu Kristu efile ukuze wena ungafi uthethelelwe izono zakho
• “ Generally speaking” umuntu ophilayo nje kufanele abe nawo umbono
• Abe nakho ukuthi ufuna ukuzuzani empilweni
• Khombisa ukuthi you do not exist,but you are living
• An existing thing ayiphuphi
• But a living being must have a dream in life
• Bese ulalela uNkulunkulu ukuze afeze iphupho lakho
• Noma ngabe uyingane, khula unephupho
• Khula une vision yokuthi ufuna ukuzuzani in the future
• Ufuna ukwenzani kusasa
• Ukuba ne vision kwenza ulangazelele ukutshala ukuze uvune kusasa
• Ukulalela nokugcina umthetho kaNkulunkulu yiyona vision okufanele siqale sibe nayo ukuze uNkulunkulu asibusise nangezinto eziphathekayo
• Ungasuki ekulaleleni uNkulunkulu
• Izinto zakho sezifikile kuwe
• USathane usefuna ukuzihlwitha
• Qina ekulindeni
• Your financial “ emancipation has come”
• Your financial freedom isifikile
Izaga 8:33-36
Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi. Ubusisiwe umuntu ongizwayo, elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami. Ngokuba ongifumanayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova. Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”
• Lalela uJehova ulinde imihla ngemihla
• UNkulunkulu ukubona uqala ukumlalela
• Akuzwe isicelo sakho
• Aqale akuphe ukuphila
• Uma ulalela uJehova wena uphethe izibusiso zakho ngezandla zakho
• Olalela uJehova uzizuzela isibusiso
• Awukwazi ukufuna izibusiso kodwa wenqabe ukulalela uNkulunkulu
• IZwi lika Nkulunkulu lithi “ nihlakaniphe”
• Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova
Izaga 13:18
Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.
Izaga 15:32
Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe, kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo.
Izaga 4: 14-16
Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo. Yixwaye, ungadluli ngayo; chezuka kuyo, udlule. Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.
• Okuyikona okwenza sibusisiwe ukumlalela uNkulunkulu
• Umuntu ongafuni ukuyalwa nokukhuzwa uzibizela ubuphofu
Leave a comment