IMPI YASE ARMAGEDDON/ THE BATTLE OF ARMAGEDDON PART TWO


Revelation 16: 8-9
Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo. Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.
• Ngokwe Bhayibheli Isiprofetho esiku Revelation 16 sizogcwaliseka lapho i seven year tribulation period emhlabeni isiya ngase maphethelweni
• Kulesisi profetho yilapho ukubusa kuka Mphiki Kristu emhlabeni sekufike ekugcineni
• God is in control,not the devil
• USathane angahle abonakale sengathi uyabusa empilweni yakho emehlweni akho nasemehlweni abantu,
• Wena, have faith in Jesus Christ
• Methembe yena yedwa
• Umbuso ka Sathane ungowe sikhashana
• Actually,God is in control of your life because He is in control of everything
• Ngolimi oluqondile lesisi profetho sika Revelation 16 sizogcwaliseka nge last half of the seven year period of tribulation
• Since the beginning of the creation, uSathane ubekade ebusa umhlaba enza akuthandayo ngezimpilo zethu
• Now is the time to end the rule of the devil once and for all
• Generations and generations in the Millennial Kingdom of Jesus Christ will live a life without fear of the devil.
• Satan will be impresoned for 1000 years,and after that he will be temporarily released from the prison to face eternal judgement in hell.
Revelation 20:1-3
Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. Yambamba udrako*, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.
• Kuzokube sekuwu 3 ½ years wokugcina we seven year period of tribulation
• Kuzokwenzeka isenzo sokwehla kolaka luka Nkulunkulu lusuka ezulwini luza emhlabeni
• Ukugcwaliseka kwesi profetho esiku Revelation 16 kulandelwa eduzane yiMpi yase Armageddon kanye ne Second Coming of Jesus Christ.
• Jesus is coming back again
• Jesus Christ and His Church will once again populate this earth for the second time,and before the emergence of the New Heaven and New Earth in which the Church will live in eternity.
• UJesu Kristu uzobuya azobusa u Israel nomhlaba for a period of 1000 years
• Ukubuya kuka Jesu Kristu ezomisa uMbuso wakhe emhlabeni kuzokwenzeka noma yikanjani
• Uma kwa profethwa ukuthi UJesu Kristu uzozalwa emhlabeni wazalwa
• Nokubuya kwakhe for the Second time kuprofethiwe and kuzokwenzeka ukuthi abuye
• Jesus is coming back again
• God is in control
• uNkulunkulu akuthembisile uzokwenza noma kanjani
• The Second Coming of Jesus Christ will come to pass njengoba kwa profethwa• The IMillennial Kingdom of Jesus Christ will come to reality
Revelation 16:8-9
Then the fourth angel poured out his bowl on the sun, and power was given to him to scorch men with fire. And men were scorched with great heat, and they blasphemed the name of God who has power over these plagues; and they did not repent and give Him glory.
• Ingelosi yesiNe i target yayo yilanga
• Ingelosi yathululela isitsha solaka luka Nkulunkulu elangeni
• Lokhu kungu kwahlulela kwe solar system
• Ilanga lanikwa amandla okubashisa abantu ngomlilo
• Kulokhu ukwahlulelwa komhlaba
• Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu,
• Kepha abantu bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho,
• uNkulunkulu unamandla okuqeda izinhlupho kodwa abantu abafuni ukukhonza uNkulunkulu ngo Kristu sekunalokho bayamhlambalaza
• Generally speaking, kaningi abantu uma besenkingeni ungaze ucabange ukuthi bayalangazelela ukuzwa ngo Nkulunkulu ongazisusa zonke izinkinga zabo kanti lutho babaleka kakhulu kunakuqala kumnini mandla wonke
• Ungaze ushumayele ngethemba lokuthi ngoba basenkingeni abantu bazobalekela ku Nkulunkulu bathole ukusindiswa
• Lutho bayakubuka nje ushumayele uqede uhambe basale baqhubeke nokungakholwa
• Uma uSathane esemthumbile umuntu kubanzima ukumdedela
• Kuze kulamule yena uNkulunkulu ngomusa wakhe asibuyise ekuthunjweni
• Abantu bahamba nazo izinkinga zabo baqhele kakhulu Nkulunkulu
• USathane uphuphuthekisa kakhulu izinqondo zabo
• Bazalwane,lento isho ukuthi kungu musa ukuthi sikwazile ukwamukela uJesu Kristu njeNkosi noMsindisi
• siyiBandla likaNkulunkulu uJesu Kristu simamukela sinezinkinga noma singenazo izinkinga ngenxa yomusa uNkulunkulu asiphe wona
• Ngo Moya oNgcwele uNkulunkulu wenza siphendukele kuye
Zachariah 4:6
‘… Not by might, nor by power, but by My Spirit,’ Says the Lord of hosts.’
‘… Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.
• Siyambonga u Nkulunkulu ozambulile kithi, otherwise ngabe sonke siphikelele esihogweni
• Ngomusa Ka Nkulunkulu sikwazile ukwamukela insindiso ngo Kristu kuphela.
• Kuyabalekwa langaphandle
• Abantu abamfuni uJesu Kristu lokhu kwangempela
• Abantu babalekela ukuphila kwabo okuphakade umuntu okuthola ngokwamukela uJesu Kristu
• Ngoku nqaba ukwamukela uJesu Kristu abantu abayi ezulwini baya esihogweni
• Izulu likhona
• Uma likhona izulu,kanjalo nesihogo sikhona
• Bafowethu abantu abazenzi
• Bahlwithiwe ngu Sathane
• Thinasonke siyiBandla lika Nkulunkulu sihlwithiwe ngu Nkulunkulu ngomusa wakhe
• Akukho lutho oluhle esilwenzele uNkulunkulu ukuze asiphe insindiso
• UNkulunkulu wethu usikhiphile ezweni lokuboshwa yisono
• Besiyiziboshwa
• Sisekudukeni
• Singena Nkulunkulu
• Singena themba
• Helpless and hopeless as we were,God favoured us for eternity
• Ngomusa iNkosi yasihawukela sasindiswa ezonweni
• We are freed from the bondage of sin
• Kungu musa ukuthi sisindisiwe
• Hayi ngoba sibahle
• Hayi ngoba sinamandla,
• Ayikho imali eyanele ebesingayinika uNkulunkulu ukuze athi asonanga
• Intengo yempilo yomuntu idula kakhulu
• Singahlanganisa umnotho wamazwe onke emhlabeni ukuthenga ukuphila okuphakade komuntu oyedwa nje kuphela ku Nkulunkulu
• Kodwa i offer yentengo yomphefumulo wethu izodlula inganeli ( insufficient)ukuthi uNkulunkulu angathi asonanga asinike ukuphila okuphakade
• The price will remain insufficient,
• Sekukhokhiwe itshe lemali umuntu usangaqubeka abe necala lokona Ku Nkulunkulu
• Ngaphandle kwegazi lika Jesu Kristu asikwazi ukwanelisa uNkulunkulu ukuze athi umuntu akonanga
• We cannot buy our righteousness by any means except by the blood of Jesus Christ
• Only the precious blood of Jesus Christ suffices the need to bring us back to God.
Psalms 49: 7-9
• Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye. Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.
New Kings James Version
Psalms 49:7-9
• None of them can by any means redeem his brother, Nor give to God a ransom for him— For the redemption of their souls is costly, And it shall cease forever— That he should continue to live eternally, And not see the Pit.
• Yigazi lika Jesu Kristu kuphela elikwazi ukwenza umsebenzi ophelele empilweni yethu, siyiBandla likaNkulunkulu
• Sifumene umusa ka Nkulunkulu
• Sibe ngaba khethiweyo ukuthi singene ekuphileni okuphakade
• We are the elects
• We are a chosen race
• Thina siluhlanga olukhethiweyo
• Singubu priest obobukhosi
• Siyisizwe esingcwele
• We are a royal priesthood
• Singabantu abazuziweyo baka Nkulunkulu
• We belong to God
• Sibiziwe ukuba sishumayele ubukhosi buka Jesu Kristu
• UJesu Kristu wasibiza ukuba siphume ebumnyameni
• Singene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo
• Singaka sindiswa bekade singesiso isizwe sika Nkulunkulu
• Manje sesiyisizwe sika Nkulunkulu
• Besingakaze sihawukelwe
• Kepha manje sesi hahukelwe
AMPLIFIED VERSION
1 Peter 2 : 9
• But you are a chosen race , a royal priesthood , a consecrated nation , a [special] people for God’s own possession , so that you may proclaim the excellencies [the wonderful deeds and virtues and perfections] of Him who called you out of darkness into His marvelous light. [Ex 19:5, 6] Once you were not a people [at all], but now you are G od’s people ; once you had not received mercy , but now you have received mercy . [Hos 2:23]
kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe.
Exodus 19:5-6
Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami, nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”
Hosea 2:23
Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bathi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”
• Abantu bathi noma besha yizinhlupho,kodwa abaphenduki ukuba bamdumise uNkulunkulu
• Nakuso isiprofetho ku Revelation 16:8-9,bazozizwa izinhlupho
• Bazobuzwa ubuhlungu bokushiswa yilanga
• Kodwa abezukuphenduka
• IBhayibheli lithi abaphendukanga and give Him glory
• UNkulunkulu unamandla okwahlulela abantu bakhe ngendlela yakhe ukuze baphenduke ezonweni zabo
• Kodwa lapha sibona abantu bemhlambalaza uNkulunkulu
• Lokhu kushisa okwenzekayo esikhala ngakho ehlobo Kuyi global warming
• Kanti ukushisa esikubona ku Revelation 16:8-9 is a supernatural intervention of God emhlabeni
• UNkulunkulu wanele wumonakalo owenziwa ngusathane emhlabeni
• Ulaka luka Nkulunkulu seluphezulu kakhulu
• Sekufike ekugcineni
• Enough is enough
• Ukwehla kolaka luka Nkulunkulu luzokwehla kakhulu nge Great Tribulation,during the last half of the seven year tribulation
• The last half ( 3 1/2) of the seven year tribulation period is called the Great Tribulation
• I Bandla would have been already raptured ngenkathi kwenzeka iSambulo 16:8-9 and the entire seven year tribulation period
• During the period of Tribulation,the Church will be no more emhlabeni
• Uma nje kushisa kakhulu kusene Bandla lapha emhlabeni
• Akukabi yisehlo sokwahlulela sika Revelation 16:8-9
• Kuseyi natural global warming
• UMalak 4:1 uprofethile ngale supernatural intervention of God ezokwenzeka ku Revelation 16:8-9
Malaki 4:1
“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha
• Akesibuke ingelosi yesihlanu ukuthi i target yayo iyini
• Ikuphi
Revelation 16:10-11
EyeSihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu, futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo. Kuyavela ukuthi ingelosi yesihlanu i target yayo isihlalo sobukhosi sesilo
• Ngalesisikhathi se seven year tribulation period isilo,okungu Mphiki Kristu
• Uzokube esezakhele isihlalo sakhe sobukhosi emhlabeni
• Usekela wakhe kungu Mprofethi Wamanga
• Uzokube ebusa umhlaba
• Ekhothanyelwa
• Ingelosi yeSihlanu i target isihlalo sobukhosi sika Mphiki Kristu
• Ingelosi ithululela isitsha solaka luka Nkulunkulu esihlalweni sobukhosi sika Mphiki Kristu
• Umbuso ka Mphiki Kristu wenziwa waba mnyama
• Baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,
• Bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo;
• Abaphendukanga emisebenzini yabo.
• Kuyavela ukuthi ingelosi yesihlanu i target yayo isihlalo sobukhosi sikaMphiki Kristu,
• Ingelosi yesiThupha yabi sithulula isitsha solaka luka Nkulunkulu
Revelation 16: 12-16
Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga. Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa; ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe. Wayesebahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni. • Lama vesi asitshela ukuthi impi yase Armageddon izokulwa endaweni ebizwa nge Armageddon • Yingakho lempi ibizwa ngempi yase Armageddon • Ingelosi yesithupha yathululela isitsha sayo solaka luka Nkulunkulu phezu komfula i Euphrates River. • Umfula i Euphrates River washa • Amanzi awo asha aphela onke athi nya • Ukushiswa kwamanzi alomfula kulungisela amakhosi ase Mpumalanga ukuthi awele kahle eya empini yase Armageddon • Lapho ayofika khona ephila,ezoqeda ngesizwe sika Nkulunkulu ophilayo • Kodwa agcine eseyizidumbu ezizodliwa yizinyoni zezulu • UNkulunkulu uyowabhubhisa onke amabutho ezempi eyolwa no Israel • UIsraeli ka Nkulunkulu uyovikelwa ngonamamdla onke kaNkulunkulu • Ungu Nkulunkulu onolwazi lonke • Ungu Nkulunkulu othi esezulwini abe khona nasemhlabeni ngesikhathi g • I Africa • Ne Asia • Lendawo ,is a birthplace for all humanity • Insimu yase Eden yabekwa ngu Nkulunkulu kulendawo • Isintu sonke originated from the middle East • Impi yase Armageddon izolwelwa ku lendawo ekwa Israel • Impi yase Armageddon iyimpi yokugcina phakathi kobubi nobuhle • Lempi iyokulwa ngezikhathi zokugcina,”at the End Times “ Revelation 16:16 Wayese bahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni. • Impi yase Armageddon will be the final battle in the world • Iyokulwa eMegiddo okuyi Armageddon • After this battle you will never hear about the battle again • This is the final fight of the End Times before the Second Coming of Jesus. • Izimpi zonke zomhlaba zizokwehlela kule region in the Middle East • E Megiddo or • E Armageddon • Zizohlasela ngenhloso yokubulala ziiqede ngo Israel • Isizwe sika Nkulunkulu asikhipha eGibhithe,ezweni lobugqila • Wavula uLwandle olu Bomvu ukuze amanzi alo ame ngqi bawele abantwana baka Nkulunkulu • Nasempilweni yakho, umntwana ka Nkulunkulu,akukho okungenzeke kuNkulunkulu • UNkulunkulu uyathanda ukuvikela abegazi lakhe • Abathengiwe ngegazi lika Jesu Kristu • UIsraeli wasindiswa ngegazi eGibhithe • Afa amazibulo aseGibhithe ebulawa yingelosi ebhubhisayo • neBandla likaNkulunkulu livikelwe ngegazi lika Jesu Kristu • Asiseyikufa lapho ukwahlulela komhlaba sekufikile: “During The Great White Throne Judgement “ • Lapho uJesu Kristu eyokwahlulela afake esihogweni bonke abangakholwanga yi Nkosi uJesu Kristu Revelation 20:11-15 Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengo kwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
• Uma impi iphela
• The Valley of Megiddo izokube igcwele igazi
• Lomhlaba uNkulunkulu abewunike uIsrael ngokwesethembiso
• Asinika u Abraham
• Uzobuyiselwa kwa Israel
• Ngaphansi koMbuso weNkosi uJesu Kristu weminyaka eyinkulungwane
• I Millennial Kingdom of Jesus Christ
Genesis 12:6-7
U-Abrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini* laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni. UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.
• UKristu uzobusa uIsraeli nomhlaba wonke for a period of 1000 years
• The land will be restored to Israel under Christ’s rule,
• Peace will be restored on earth
• Ngakho ke impi yomhlaba yesithathu isendleleni
• Iyeza
• Kodwa iBandla lika Nkulunkulu
• Will already have been “caught up” to be with Christ in heaven by then
• The Church will come back with Him in His Second Coming.
• Lendawo lapho iMpi yase Armageddon izolwelwa khona
• Sekunezigameko ezinkulu zezimpi esezehlele khona eminyakeni edlula
• Lendawo ibizwa nge
• The Valley of Jezreel
• Noma the Valley of Megiddo
• Noma ,the valley of Armageddon
• Lendawo inomlando omude wezimpi eziliwe kuyo nezizoliwa kuyo
• Kuhlangene nempi yokugcina yomhlaba
• Ingakho ibuye ibizwe the “ Battle of Blood”
• Dozens of battles have been fought here
• The place called the valley of Armageddon
• Is a place u Napoleon Banaparte ayibiza wathi it is
“ The perfect battlefield. “
• Umlando ukhombisa ukuthi landawo “ is in the Northern part of Israel”
• Iseduzane nesi Zwe sika Nkulunkulu U Israel
• INkosi yokuqala yakwa Israel uSaul Nama dodana akhe bafela kulendawo belwa na Philistines okuyisizwe Sama Filisti
• Lendawo icebile kwezolimo
Revelation 16:13
Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako*, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa;
• UJohane wabona “ the unholy trinity”
• UJohane ubona kuphuma omoya abathathu abangcolileyo
• Emlonyeni ka Drago (Sathane)
• Emlonyeni weSilo ( uMphiki Kristu )
• Nase mlonyeni wo Mprofethi wamanga
• U Mprofethi wamanga ungu Deputy ka Mphiki Kristu
• uMprofethi wamanga uye oqinisa kakhulu ekuhlupheni abakholwa
• Labo moya abangcolileyo abathathu
• Bafana namaxoxo izingxangxa
• Bangomoya bama demoni abaphuma baya emhlabeni
• Bangena emakhosini omhlaba ukuba bawenze ahlasele u Israel
Revelation 16:14
ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
• UJoel uprofethile nge ndawo okuzolwelwa kuyo impi yokugcina yomhlaba
• UJoel uyibiza ngokuthi
• Kusesigodini
Joel 3:14
Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela, ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini
• Indawo i Armageddon, ibuye ibizwe nge
“Hill of Megiddo” kwi Testamente Elisha
• Amakhosi omhlaba azobeholwa ngama demoni kuhlaselwa impi ka Nkulunkulu lapho umlando womhlaba usufike ekugcineni.

Revelation 1:1-3

Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane, ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa encekwini yakhe uJohane owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Kristu, konke akubonayo. Ubusisiwe ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.

Incwadi yesambulo”  is unique” ngendlela yokuthi iyona ncwadi kuphela eBhayibhelini  esitshela ngqo ngesibusiso esithenjiswa abazalwane abayifundayo  futhi bafundise ngayo emphakathini Futhi lencwadi iyona kuphela eBhayibhelini enesethembiso kulabo   abalalela izifundiso sezambulo ezivela encwadini ye Sambulo.

James 1:22

Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

Isibusiso sinesiyalo sokuthi masilizwe iZwi likaNkulunkulu.Singagcini ngokulizwa siphinde silenze. ” We are blessed!”

Ukulenza iZwi likaNkulunkulu kungukukholwa yi Nkosi uJesu kristu,sikhonze yena yedwa.Simthande ngayo yonke inhliziyo yethu.

Esinye isethembiso sesibusiso esisithola encwadini ye Sambulo sithi sibusisiwe uma sikholwa ngisho kubiza ukuthi sife sifele ekukholweni nase kumethembeni uJesu Kristu. Singathembi abantu abasebenza ngama demoni nangabanye onkulunkulu.

Revelation 14:13

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.” “Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”

UNkulunkulu lesisethembiso usisho singaka thululwa isitsha eziyisikhombisa zolaka nokwa hlulela kuka Nkulunkulu okuzokwenzeka nge tribulation encwadini ye Sambulo 16.Lencwadi izobakhuthaza abazalwane abazophila ngesikhathi se tribulation.

Esinye isethembiso sesibusiso sitholakala ku

Revelation 16:15

Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.

Incwadi ye Sambulo 16:15 iyisexwayiso kakhulu kubantu abazophila sekusele kancane ukuthi impi yase Armageddon iqale.Emva kwempi yase Armageddon kuzokwenzeka i Second Coming of Jesus Christ. Lencwadi abazalwane iyabaqinisa kulesisikhathi esinzima esizokwehlela umhlaba.

Ngesikhathi sempi yase Armageddon, UJesu Kristu uzofika njengesela.Labo bazalwane uJesu Kristu azobafica emhlabeni bekholwa nguye bazo busiswa.

Esinye isibusiso sitholakala encwadini ye Sambulo 19:9

 Revelation 19:9

Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi kimi: “Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”

Isidlo somshado phakathi kwe kuka Jesu Kristu ne Bandla lakhe uzokwenzeka eZulwini

Bonke abantwana baka Nkulunkulu ” from all Ages

  will be on hand to celebrate.

 Matthew 22:1–14

UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza. “Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’ “Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala. Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo. “Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele; ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’ Lezo zinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni. “Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado; yathi kuye: ‘Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula. “Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’ “Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.”

Matthew 25:1–13

“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni. Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile. Ngokuba eziyiziwula zithatha izibani kaziwaphathanga amafutha. Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo. Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala. “Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’ “Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo. Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’ “Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: ‘Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.’ “Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango. “Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: ‘Nkosi, nkosi, sivulele.’ “Kepha waphendula wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.’ “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.

Esinye isethembiso sisithola encwadini

 Revelation 20:6:

Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.

Ukuvuka kokuqala kungukuvuka kwabo bonke abakholwa yiNkosi uJesu Kristu.

Ukuvuka kwesibili kungukuvu kwalabo abangakholwa ngu Jesu Kristu

Daniel 12:2

Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade

 Luke 14:14

uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”


Luke 14:14 NKJV

And you will be blessed, because they cannot repay you; for you shall be repaid at the resurrection of the just.”

Acts 24:15

nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.

Ukuvuka kokuqala kwenza ovukayo angene ekuphileni okuphakade

Ukuvuka kwesibili kwenza ovukayo avukele ukufa kwesibili

Revelation 20:13–15

Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Esinye isibusiso sisithola encwadini

 Revelation 22:7

“Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi.”

Uyaphinda futhi uJesu Kristu uthembisa isibusiso kulabo abafundi bagcine izifundiso ze ncwadi  ye Sambulo.

Esinye isibusiso sisithola kuyofuthi incwadi yeSambulo

 Revelation 22:14

“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.

Alikho elinye igazi esingasinda ngalo.Insindiso iza ngokuzihlambulula egazini le Wundlu.

Revelation 7:14

Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.

 Ephesians 1:7

esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe


Amakholwa ahlanziwe ngegazi lika Jesu Kristu kuphela azonikwa ilungelo lokuhla emthini wokuphila

 Psalm 118:20

Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo.

 Isaiah 35:8

Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.

• Impi yase Armageddon iyimpi yokugcina emhlabeni
• Awuyikuphinde uzwe ukuthi kunempi emhlabeni noma ngabe yimpi yaluphi uhlobo
• Akuphinde kube nezimpi emhlabeni after the battle of Armagaddon
• Igama elithi Armageddon livela kanye kuphela eBhayibhelini
• Livela ku
Revelation 16:16
Wayeseba hlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni.
• Impi yase Armageddon iyimpi yokugcina phakathi kuka Nkulunkulu no bubi
• Selokhu umhlaba wasekelwa uNkulunkulu uhlala ematasatasa elwa nobubi obulethwa ngu Sathane emhlabeni
• Emva kwempi yase Armageddon kuyophela kuthi nya ngesono nobubi ngoba uSathane odukisa abantu uzokube eseboshiwe

• Emuva kwempi yase Armageddon nasemva kokubusa kuka Jesu Kristu iminyaka eyi nkulungwane kuzokwenzeka ukwa hlulela kokugcina ezulwini i “ The Great White Throne Judgement “

Revelation 16:8–16
Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo. Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise. Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu, futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo. Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga. Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako*, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa; ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
• Lempi izokulwa lapho i tribulation isifika ekugcineni uma ingelosi yesithupha uthulula isitsha sesithupha sokwahlulela emhlabeni
• Ulaka luka Nkulunkulu lwehlela emhlabeni
• Ingelosi yesithupha izothulula isitsha sayo esiqukethe ulala luka Nkulunkulu phakathi emfuleni omkhulu i Euphrates
• Amanzi alomfula asha ukuze kuvuleke indlela okuzohamba kuyo amakhosi ase Mpumalanga lapho eyokulwa noNkulunkulu ka Israeli endaweni i Armageddon
• Omoya babi abafana nama selelesele
• Bangama demoni enza izibokaliso
• Amakhosi omhlaba agcwele lama demoni
• Yiwo lamademoni enza ukuthi amakhosi anqume ukulwa no Nkulunkulu
• Ahlambalaze uNkulunkulu
• Ama demoni aya ku makhosi omhlaba
• Ayowahlanganisela ukuba abesempini ngosuku lwe Nkosi,uNkulunkulu
• UMnini Mandla onke
• Ama demoni afaka amakhosi enkingeni yokulwa no Nkulunkulu ophethe amandla onke
• Onolwazi lonke
• UNkulunkulu othi esezulwini abesempini no Sathane ngesikhathi esifanayo
• He is God omnipotent
• He is God Omniscient
• He is God Omnipresent
• Ama demoni afaka ama khosi omhlaba umoya wokuthi ayohlangana endaweni yempi ebizwa ngesi Hebheru ngokuthi
i Armageddon
• Yasukake impi phakathi komubi uSathane noNkulunkulu,ama Demoni,amakhosi omhlaba
• Bonke bahlasela uNkulunkulu olungileyo beqhutshwa ngamademoni
• Lempi isuka nje kuqondana nokuthi usuku lwe Nkosi uJesu Kristu selufikile ukuba lugcwaliseke
• UJesu Kristu uyabuya
• It is the Second Coming of Jesus Christ
• Ukubuya kwe Nkosi uJesu wakuqondanisa kahle kuhlaselwa isizwe sika Nkulunkulu
u Israel
• Amakhosi omhlaba alwa no Israel nje

• IBandla likaNkulunkulu selihlwithiwe selise zulwini
• Nokho ke amakhosi omhlaba ahlangana bezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili
• Izimpi zasezulwini zizokwehla zize emhlabeni ziholwa yi Nkosi yamakhosi
• Ne Bandla likaNkulunkulu libuya ne Nkosi uJesu Kristu nge Second Coming ukuzobusa naye after the Battle of Armagaddon
• Izimpi zasezulwini zizohlangana nezimpi nasemhlabeni
• Ezase mhlabeni ziholwa ngu Sathane
• Kuhlanganwa endaweni ngesikhathi Hebheru ebizwa nge Armagaddon
• Ngase ngibona ingelosi imi elangeni,
• Yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu
• Ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu ukuba nidle inyama yamakhosi,
• Nenyama yezinduna,
• Nenyama yamaqhawe,
• Nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo,
• Nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.”
• Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe.
Revelation 19:11–20
Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.” Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe.
• Kuyona lempi yokugcina emhlabeni ezoliwa nge Second Coming of Jesus Christ
• UJesu Kristu uzofika “ as the conquering Christ
• Uzofika anqobe izimpi zika Mphiki Kristu

• Lempi iBhayibheli liyichaza kahle Ku Revelation 19:11-21

Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.” Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe. Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule. Nabaseleyo babulawa ngenkemba ephuma emlonyeni wakhe owayehlezi ehhashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.
• The exact location of Armageddon akucaci ngoba ayikho intaba ebizwa nge Armagaddon
• Leli yigama lesi profetho se Bhayibheli
• Igama elithi “ har” ngesi Hebheru lisho intaba
• Siyakholwa ukuthi izindawo ezizungeze intaba iMegiddo yilapho the Battle of Armagaddon izolwelwa khona
• Intaba i Megiddo iseduzane kakhulu ne Jerusalem
• Umlando ukhomba ukuthi ziningi izimpi eziliwe kuyo lendawo around the plain of Megiddo

• Egyptians, Assyrians, Greeks, Romans, and Crusaders fought in Megiddo,

• Nezimpi zika Napoleon Banaparte zilwile in this region• Megiddo was the site of battles during World War I and the Arab-Israeli War of 1948• The plain of Megiddo or Armagaddon yaziwa kakhulu ngezimpi ezabakhona zanqotshwa yizwe lakwa Israel• UBarak ulwile wanqoba isizwe sama Canaan
Judges 4:14-16
UDebora wathi kuBaraki: “Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na?” UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulungwane eziyishumi emva kwakhe. UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo. Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.• U Gideon ulwile wanqoba abakwa Midiyani kuyo lendawo yase Armageddon

Judges 7:2-25
UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu abanawe baningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sabo, funa u-Israyeli aziqhenye ngakimi ngokuthi: ‘Isandla sami singisindisile.’ Ngalokho memeza ezindlebeni zabantu, uthi: ‘Owesabayo ethuthumela makabuye, amuke entabeni yakwaGileyadi!’ ” Kwabuya abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili, kwasala abayizinkulungwane eziyishumi. UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu base baningi; behlisele ngasemanzini, ngikulingele bona khona; kuyakuthi lowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo uzakuhamba nawe,’ yena ahambe nawe; nalowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo akayikuhamba nawe,’ yena akayikuhamba.” Wayesebehlisela abantu ngasemanzini; uJehova wathi kuGideyoni: “Bonke abaxhapha amanzi ngolimi lwabo njengokuxhapha kwenja babeke bodwa, kanjalo nabo bonke abaguqa ngamadolo ukuba baphuze.” Umumo wabaxhaphayo bebeka isandla emlonyeni wawungamadoda angamakhulu amathathu, kepha bonke abanye abantu baguqa ngamadolo ukuba baphuze amanzi. Wayesethi uJehova kuGideyoni: “Ngalawo madoda amakhulu amathathu axhaphayo ngizakunisindisa, ngibanikele abakwaMidiyani esandleni sakho; bonke abanye abantu mabahambe, yilowo nalowo aye endaweni yakhe.” Abantu base bethatha umphako ngesandla sabo namacilongo abo; bonke abanye abakwa-Israyeli wabathuma, kwabayilowo nalowo etendeni lakhe, wagcina lawo madoda amakhulu amathathu; ikamu* lakwaMidiyani laliphansi kwakhe esigodini. Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho. Kepha uma wesaba ukwehla, yehla noPhura udibi lwakho, niye ekamu; uzakuzwa ukuthi bathini, andukuba kuqiniswe izandla zakho ukuba wehlele ekamu.” Khona wehla noPhura udibi lwakhe emaphethelweni abahlomileyo abasekamu. AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi. Lapho efika uGideyoni, bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: “Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali* lagingqikela ekamu lakwaMidiyani, lafika etendeni, lalishaya laze lawa, laligumbuqela, labhadalala.” Umngane wakhe waphendula wathi: “Lokhu akulutho ngaphandle kwenkemba kaGideyoni indodana kaJowashi, umuntu wakwa-Israyeli; uNkulunkulu unikele esandleni sakhe uMidiyani nempi yonke.” Kwathi uGideyoni ekuzwa ukulandwa kwephupho nokuchazwa kwalo, wakhuleka; wabuyela ekamu lakwa-Israyeli, wathi: “Vukani, ngokuba uJehova unikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.” Wahlukanisela amadoda angamakhulu amathathu izigaba ezintathu, wawanika, kwaba yileyo naleyo amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho, nezimbaqa zisezitsheni. Wathi kuwo: “Ngibukeni, nenze kanjalo; bhekani, nxa nifika emaphethelweni ekamu, kuyakuthi njengalokho kwenza mina, nenze nani. Nxa ngibetha icilongo, mina nabo bonke abanami, bethani nani amacilongo nxazonke zekamu, nithi: ‘EkaJehova nekaGideyoni!’ ” UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye base befika emaphethelweni ekamu ngasekuqaleni komlindo ophakathi, besand’ ukubeka abalindi; babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla. Izigaba zontathu zabetha amacilongo, zaphohloza izitsha, zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngezandla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!” Onke amadoda ayemi, kwaba yileyo naleyo, ahaqa ikamu; bonke abasekamu bagijima bamemeza. Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera, laze lafika emkhawulweni we-Abela Mehola ngaseThabati. Amadoda akwa-Israyeli ayebuthene evela kwaNafetali, nakwa-Asheri, nakulo lonke lakwaManase, abaxosha abakwaMidiyani. UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani.” Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani. Abamba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi, ambulala u-Orebi ngasedwaleni lika-Orebi, noZebi bambulala ngasesikhamweni sewayini sikaZebi, abaxosha abakwaMidiyani; aletha ikhanda lika-Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.
• I Armageddon iphinde ibe yinkundla yezinhlekelele ezinkulu ezimbili Kwa Israeli

Ukufa kwe Nkosi uSawule namadodana akhe amathathu kuyo lentaba yase Armageddon1 Samuel 31:8

AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule. Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica, wakhathazeka kakhulu ngenxa yabacibishelayo. USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo. Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye. Wafa-ke uSawule namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo suku kanyekanye. Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo. Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa. Amnquma ikhanda, athatha izikhali zakhe, azithuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela endlini yezithombe zawo nakubantu. Azibeka izikhali zakhe endlini ka-Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe ogangeni lwaseBeti Shani. Sebezwile abakhe eJabeshi Gileyadi lokho amaFilisti ayekwenzile kuSawule, kwasuka onke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule, nezidumbu zamadodana akhe ogangeni lwaseBeti Shani, afika eJabeshi, azishisa khona. Athatha amathambo abo, awembela phansi komtamariske* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

  1. Kwafa kuyo lentaba yase Armageddon iNkosi uJosiah

2 Kings 23:29–30
Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje. Izinceku zayo zayisusa ngenqola eMegido ifile, zayiyisa eJerusalema, zayimbela ethumeni layo. Abantu bezwe bamthatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.

2 Chronicles 35:20-24
Emva kwakho konke lokho uJosiya eselilungisile ithempeli, uNekho inkosi yaseGibithe wenyuka ukulwa neKharikemishi ngase-Ewufrathe; uJosiya waphuma ukumhlangabeza. Kepha wathuma izithunywa, wathi: “Nginamsebenzi muni nawe nkosi yakwaJuda na? Angiphambene nawe namuhla, kepha ngiphambene nendlu engilwa nayo; uNkulunkulu ungitshelile ukuba ngisheshe; mgweme uNkulunkulu onami ukuba angakuchithi.” Kepha uJosiya akaphendukanga kuye, kodwa waziguqula ukuba alwe naye; akalalelanga amazwi kaNekho emlonyeni kaNkulunkulu, weza ukulwa esigodini saseMegido. Abacibishelayo bacibishela inkosi; inkosi yathi ezincekwini zayo: “Ngikhipheni, ngokuba ngikhutshaziwe kakhulu.” Izinceku zayo zayikhipha enqoleni, zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo, zayiyisa eJerusalema; yafa, yembelwa emathuneni awoyise. Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.

• Impi yase Armegeddon kuzokuba yiMpi yangempela.
• Impi engekho efana nayo selokhu umhlaba wasekelwa
• Futhi ayisekubuye ibekhona impi efuze impi yase Armageddon
• Lena yiMpi yokugcina emhlabeni
• Emva kwempi yase Armageddon kuzokuba nokuthula okungakaze kube khona emhlabeni
• Jesus Christ will come back again to usher in His Millennial Kingdom in which the world will experience the great peace for the first time.
• Near the end of the tribulation. Demonic influences will cause the kings of the earth to gather their armies for an all-out assault on Jerusalem.
• The Antichrist will be leading the charge

• Revelation 16:13–16
• Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako*, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa; ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe. Wayesebahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni.
• UJesu Kristu uzobuya nge Second Coming
• UJesu Kristu uzofika nezingelosi zonke zase zulwini.
• Heaven for the first time will be empty of the angels
• Ayikho ingelosi ezosala ezulwini nge Second Coming
• Zonke izingelosi zizokuza ne Nkosi uJesu Kristu emhlabeni
• Ziholwa ngu Jesu Kristu
• The Earth will be full of angels
• Zonke izingelosi zizokwehla no Jesu Kristu ehamba neBandla lakhe
• Zizofika qathatha emhlabeni
• Izizwe zonke zomhlaba zizokumbona ngamehlo
• Nxa uJesu ebuya ebuya
Matthew 25:31
“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;

Revelation 19:14
Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.

And in that day His feet will stand on the Mount of Olives, Which faces Jerusalem on the east. And the Mount of Olives shall be split in two, From east to west, Making a very large valley; Half of the mountain shall move toward the north And half of it toward the south.

• Izinyawo zika Jesu Kristu ziyakunyathela phezu kwentaba
i Mount of Olives for the first time uJesu Kristu ebuya nge Second Coming

• Izinyawo zeNkosi uJesu Kristu ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga,
• INtaba Yeminqumo izoqhekezeka phakathi ngasempumalanga nangase
ntshonalanga,
• Kube yisigodi esikhulu kakhulu
• And the Mount of Olives shall be split in two,
• From east to west,
• Making a very large valley;
• Inxenye yentaba yemiNqumo iyakuqhekezekela iye ngasenyakatho
• Half of the mountain shall move toward the north
• Nenxenye yentaba yemiNqumo iyakuya ngaseningizimu
• And half of it toward the south

Zechariah 14:4

Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.

• He will bind Satan
• And He will set up His kingdom on earth for 1,000 years

NEW KING JAMES VERSION

And in that day His feet will stand on the Mount of Olives, Which faces Jerusalem on the east. And the Mount of Olives shall be split in two, From east to west, Making a very large valley; Half of the mountain shall move toward the north And half of it toward the south.

• uJesu Kristu uyolwa anqobe zonke izimpi zika Sathane
• Izimpi zobumnyama,izimpi zama demoni ziyokwahlulwa yiNkosi uJesu Kristu yamakhosi

Revelation 19:15–16

Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI
• He will cast the Antichrist and the false prophet into the lake of fire

Revelation 19:20Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.

Revelation 20:1–6
Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. Yambamba udrako*, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana. Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane. Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala. Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.
• Ngesikhathi kuliwa iMpi yase Armageddon uJesu Kristu uzokube khama
• The winepress yolaka Luka Nkulunkulu

Revelation 16:19Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.

Leave a comment