Revelation 1:1-3
Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane, ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa encekwini yakhe uJohane owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Kristu, konke akubonayo. Ubusisiwe ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.
Incwadi yesambulo” is unique” ngendlela yokuthi iyona ncwadi kuphela eBhayibhelini esitshela ngqo ngesibusiso esithenjiswa abazalwane abayifundayo futhi bafundise ngayo emphakathini, futhi lencwadi iyona kuphela eBhayibhelini enesethembiso kulabo abalalela izifundiso nezambulo ezivela encwadini ye Sambulo.
James 1:22
Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa
Isibusiso sinesiyalo sokuthi masilizwe iZwi likaNkulunkulu.Singagcini ngokulizwa siphinde silenze.
” We are blessed!”
Ukulenza iZwi likaNkulunkulu kungukukholwa yi Nkosi uJesu kristu,sikhonze yena yedwa.Simthande ngayo yonke inhliziyo yethu.
Esinye isethembiso sesibusiso esisithola encwadini ye Sambulo sithi sibusisiwe uma sikholwa ngisho kubiza ukuthi sife sifele ekukholweni nase kumethembeni uJesu Kristu.Singakholwa okudaliweyo.Sithembe uNkulunkulu kuphela.
Singathembi abantu abasebenza ngama demoni nabasebenza ngabanye onkulunkulu
Revelation 14:13
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.” “Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”
UNkulunkulu lesisethembiso usisho zingaka thululwa izitsha eziyisikhombisa zolaka nokwa hlulela kuka Nkulunkulu okuzokwenzeka emhlabeni ngesikhathi sosizi i ” Great Tribulation” encwadini yeSambulo 16.
Lencwadi izobakhuthaza abazalwane abazophila ngesikhathi se tribulation ukuze babambelele ku Jesu Kristu Noma kunzima
Esinye isethembiso sesibusiso sitholakala ku
Revelation 16:15
Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohambaze, baze balibone ihlazo lakhe.
Incwadi ye Sambulo 16:15 iyisexwayiso esikhulu kubantu abazophila sekusele kancane ukuthi impi yase Armageddon iqale.Emva kwempi yase Armageddon kuzokwenzeka i Second Coming of Jesus Christ. Lencwadi abazalwane iyabaqinisa kulesisikhathi esinzima esizokwehlela umhlaba.
Ngesikhathi sempi yase Armageddon, UJesu Kristu uzofika njengesela.Labo bazalwane uJesu Kristu azobafica emhlabeni bekholwa nguye bazo busiswa badle ifa lomhlaba ne Nkosi yamakhosi
Esinye isibusiso sitholakala encwadini ye Sambulo 19:9
Revelation 19:9
Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi kimi: “Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu
Isidlo somshado phakathi kuka Jesu Kristu ne Bandla lakhe uzokwenzeka eZulwini
Bonke abantwana baka Nkulunkulu ” from all Ages
will be on hand to celebrate.
Matthew 22:1–14
UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza. “Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’ “Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala. Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo. “Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele; ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’ Lezo zinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni. “Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado; yathi kuye: ‘Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula. “Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’ “Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.”
Matthew 25:1–13
Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni. Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile. Ngokuba eziyiziwula zithatha izibani kaziwaphathanga amafutha. Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo. Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala. “Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’ “Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo. Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’ “Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: ‘Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.’ “Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango. “Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: ‘Nkosi, nkosi, sivulele.’ “Kepha waphendula wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.’ “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.
Esinye isethembiso sisithola encwadini
Revelation 20:6
Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane
Ukuvuka kokuqala kungukuvuka kwabo bonke abakholwa yiNkosi uJesu Kristu.
Daniel 12:2
Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.
Luke 14:14
uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”
Luke 14:14 NKJV
And you will be blessed, because they cannot repay you; for you shall be repaid at the resurrection of the just.”
Ukuvuka kokuqala kwenza ovukayo angene ekuphileni okuphakade
Ukuvuka kwesibili kwenza ovukayo avukele ukufa kwesibili
Acts 24:15
nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.
Revelation 20:13–15
Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
Esinye isibusiso sisithola encwadini
Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.
Revelation 22:7
Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi.”
Uyaphinda futhi uJesu Kristu uthembisa isibusiso kulabo abafundi bagcine izifundiso ze ncwadi ye Sambulo.
Esinye isibusiso sisithola kuyofuthi incwadi yeSambulo
Revelation 22:14
Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.
Alikho elinye igazi esingasinda ngalo.Insindiso iza ngokuzihlambulula egazini le Wundlu.
Revelation 7:14
Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.
Ephesians 1:7
esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe
Amakholwa ahlanziwe ngegazi lika Jesu Kristu kuphela azonikwa ilungelo lokudla emthini wokuphila
Psalm 118:20
Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo.
Isaiah 35:8
Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.
Leave a comment