Matthew 28: 18-20
UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”
Ngokuka Jesu Kristu wonke umuntu emhlabeni kufanele abe wumfundi weZwi likaNkulunkulu.Thinasonke esikholwayo sinikwe umthwalo woku shumayela ivangeli lensindiso ngo Kristu nokwenza izizwe zonke abafundi.Usuyabona ke ukuthi sine “backlog ” engakanani uma uJesu Kristu ethi ” nenze izizwe zonke abafundi”. Ukumema abantu ukuba beze enkonzweni kubanika ithuba lokuthi bezwe uNkulunkulu ekhuluma nabo.UNkulunkulu ukhuluma nomuntu wakhe ngeZwi lakhe.Ukuza enkonzweni kwenza abantu babe nethuba eliwu 100 % lokuthola ukusindiswa.Uma abantu bengezi ukuzokuba ngabafundi beZwi bazihlalele emakhaya nje banethuba eliwu 100 % lokulahlwa ingunaphakade.Baye esihogweni wena uyezulwini .Uzokuthi usezulwini uNkulunkulu abuze kuwe igazi lalaba bantu ngoba wawubashiya bangayi ekilasini ukuyofunda ngo Nkulunkulu wabo.Wena uyazondla ngeZwi bona ubashiya ekhaya .Ungathuli mzalwane baxine ngesimemo sokuyokuba ngabafundi. Babize bonke !!! Abeze nawe bazolalela iZwi likaNkulunkulu.Uzokwamukeliswa umqhele ngokumema kwakho abangani,omakhelwana izihlobo nalabo ohlangana nabo endleleni.
Batshele ukuthi sidla ukudla komphefumulo.Sidla iZwi likaNkulunkulu uma sikhonza.Asijabulisi inyama.Kuzomsiza ngani umuntu ukuthi achithe isikhathi sonke eqhelelene no Nkulunkulu bese kuthi ekugcineni alahlekelwe ngukuphila kwakhe okuphakade
” The closer you come to the genuine Bible Teachings,the more your chances are to know the way to God.Jesus Christ is the only gate to enter heaven.”
Alikho elinye isango esinga ngena ngalo ezulwini,ngu Jesu Kristu kuphela.
Ngalesikhathi umema umuntu ukuthi ezokuba ngumfundi, afike, usuke wenza uminikelo ojabulisa uNkulunkulu .Ukuthi asindiswe sikushiyela ku Nkulunkulu.Kungumsebenzi kaNkulunkulu ukubenza bahlatshwe yiZwi likaNkulunkulu baphendukele ku Kristu.Okwakho ukubaletha ubenze babe ngabafundi.Babelesele, mzalwane, ulingise uMoya oNgcwele.UMoya oNgcwele akabaniki ukuthula abantu abangakholwa ngu Jesu Kristu.Ubaxina imini nobusuku ebatshela ukuthi “wena njalo uyisoni”.Izono zakho zisemehlweni ka Jehova.Azithethelelwe. Uyamdinga UJesu Kristu osusa izono zelizwe.UMoya oNgcwele noma abantu bangaqinisa amakhanda kodwa uyabatshela ukuthi uma ungakholwa ngu Jesu Kristu uzolahlwa esihogweni.Naweke mzalwane kungumsebenzi wakho ukumema abantu ukuthi beze bazolalela indaba emnandi .Indaba exoxekayo.Indaba yokuthi uJesu Kristu uyathethelela izono zabantu abakholwa nguye nabamethembayo
” register them as the Bible scholars”.
Umzali umsebenzi wakhe omkhulu wuku rejista umntwana esikhungweni semfundo.Ukwenza umntwana ukuthi azi kungumsebenzi kathisha.Ukwenza umuntu afinyelele ekulazini iqiniso kungumsebenzi ka Nkulunkulu.Owakho umnikelo ukuletha abantu esikhungweni sensindiso.
Ukuletha umuntu enkonzweni kungumnikelo omkhulu kunayo yonke ongayenza ,futhi uzothola umvuzo omkhulu ezulwini .
” Just tell the people “ukuthi ikhona insindiso ngo Kristu.
John 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Iyini insindiso?Insindiso iyisehlo somusa osithola mahhala ” from God .” Ngokusindiswa uthethelelwa zonke izono zakho.Insindiso uyiphiwa ngu Nkulunkulu.Ngaphandle kokuthi ukholwe nguJesu Kristu,akukho lutho okunye okufanele ukwenze ukuze usindiswe.Akukho ngisho ukwenza kahle ongakwenza ukuze usindiswe.Insindiso uyayiphiwa nje mahhala ngu Nkulunkulu ngoba ekuthanda. Ufumene umusa ka Nkulunkulu wasusindiswa.Ukukhethile uNkulunkulu ukuba uyezulwini. Awuyitholi insindiso uma wena ungayifuni.Insindiso uyithola ngokuthi uyifune wena.Usibone isidingo sokuthi usindiswe uyithathe ngokuthi wamukele uJesu Kristu abe yi Nkosi nomsindisi wakho. . Ukuthethelelwa kwezono zakho iyona kuphela inhloso eyenza ukuba uNkulunkulu Alethe uJesu Kristu ukuba azokuba ngumnikelo ophelele nowanelisa uNkulunkulu.Ayikho enye indlela ebekwe ngu Nkulunkulu esingasindiswa ngayo ukuze singabhubhi ngaphandle kokufa kuka Jesu Kristu.Indlela yokwamukela insindiso iyodwa:Lendlela ukuthi ukholwe nguJesu Kristu kuphela umethembe yena yedwa.Uma ungakholwa ngu Jesu Kristu izono zakho zakho zihlala zingathethelelwe.Uma ufa uzolahlwa esihogweni.
UJesu Kristu uyayigcizelela kakhulu indaba yokuthi wonke umuntu osemhlabeni akhuthazwe ukuba ngumfundi, azi ngo Jesu Kristu.Uma umuntu umnika ulwazi oluzomsiza ukuthi akholwe ngu Jesu Kristu,bese ekholwa , lowo muntu usuke umnikelele ngomnikelo wangempela.Ukusiza umuntu ukuze akholwe ngu Jesu Kristu kungumnikelo ongapheli.Lona ngumnikelo ozomenza umuntu aphile ingunaphakade.Wena uzokwamukeliswa umqhele ngabantu obalekelele ukuthi bazi ngo Jesu Kristu.Teachers , Evangelists, Apostles,Prophets, Pastors and Church,okwethu ukubatshela ngo Kristu.To save them is the responsibility of God. Your responsibility is to make them disciples
” Nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho”
Ukungabafundisi ngo Jesu Kristu abantu kwenza ukuthi bangamazi uNkulunkulu.UNkulunkulu umuntu umazi ngokuqale azi ngo Jesu Kristu ongukuphila
13 OCTOBER 2024
CHURCH OFFERING
John 14:6-7
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.”
Kunenkulumo evamise ukukhulunywa ngabantu abangaka fundi kahle ngo Jesu Kristu .Laba ngabantu ababuye benze izinto eziphambene neZwi likaNkulunkulu.Bathi:
” Lokho umuntu akholelwa kukho yikhona okulungele yena.UNkulunkulu umamukela ngakho.Uyabona uJesu Kristu esikhuluma ngaye lapha ungu Nkulunkulu.UNkulunkulu akakwazi ke ukuziphikisa “Akakwazi ukukhuluma amazwi abuye aziphikise.Uma ukusindiswa kuza ngo Jesu Kristu ku phela, uNkulunkulu akakwazi ukubuye amise elinye igama esingasinda ngalo.Izinto abantu abazethembayo noma zingabasiza lapha emhlabeni kodwa ukungena ezulwini kudinga uJesu Kristu kuphela.Ezulwini akungenwa ngenye indlela.Kungenwa ngokukholwa ngu Jesu Kristu.
John 10:7, 9, 11
Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo. “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
Matthew 5:13-16
Baningi abantu abazitshela ukuthi bakhonza uNkulunkulu,kodwa iqiniso lithi, abafundisiwe.Kufanele bafundiswe ngo Jesu Kristu.Uma bekholwa nguye bazothethelelwa izono zabo . Basindiswe,bese beya ezulwini.Abanye babo bayizihlobo zethu,bangabangani bethu,bayizingane zethu,bangomakhelwane bethu.Sithule nje asibafundisi lutho ngokuphila okungu Jesu Kristu.Lababantu bahleli nothisha ophethe isibani, kodwa isibani usibeke ngaphansi kwetafula.Abantu badinga ukuxakwa ngo Kristu,ngoba uma nje beke badlula emhlabeni bengenakho ukuphila okungu Jesu Kristu,kubi kakhulu.Babhubhile.
“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
Umuntu ufana nengane engafuni ukudla,kanti ukudla kuzomenza umntwana aphile.Uma ingane ingadli izobulawa yindlala.Mama!Ixake ingane ngokudla ize ifunde ukuzidlela.Nathi siyiBandla likaNkulunkulu asibaxake abantu ngokubaxoxela ngo Jesu Kristu osindisayo,baze bamamukele basindiswe.
UJesu Kristu uthi asibenze abantu bafunde ukuzidlela iZwi lika Nkulunkulu.Babe ngabamfundi beZwi.Akakhuli kahle umuntu ongazifundeli iBhayibheli.Ukhula efunzwa aze afunzwe nabobonke oshevu laba.Kanti uma ezifundela ” God always reveals Himself to that person.Ukhula usuku nosuku uma ufunda iZwi lika Nkulunkulu .”You become more and more galvanized”.”Your strength in faith” sikhuliswa ukufunda iZwi lika Nkulunkulu.UNkulunkulu utholakale eZwini lakhe. Izinto zakho zilethwa ukukhula kwe “faith” yakho, ikhuliswa ukufunda iZwi lika Nkulunkulu.Uma ukukholwa kwakho kubhashile nezinto zakho zizobhasha,zize kancane kancane.Kanti uma ufunda kakhulu iZwi lika Nkulunkulu uqhamukela kuNkulunkulu ngokushesha and you break through in everything in your life.
“Yehla Moya oNgcwele!”.UMoya oNgcwele vele ukuwe uma ukholwa nguJesu Kristu.UJesu Kristu uyasho ukuthi: “Bhekani mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe”Lento ithi asikho isikhathi lapho wena uzoke uzithole wehlukene no Jesu Kristu.UJesu Kristu no Moya oNgcwele noNkulunkulu bonke bangu Nkulunkulu oyedwa oziqu zintantu. Bobathathu bakuwe.Kodwa” the only prerequisite” edingekayo ukuze uNkulunkulu ,uJesu Kristu no Moya oNgcwele abe kuwe” in every second and all the time” ukuthi ukholwe ngu Jesu Kristu kuqala.UJesu Kristu uyindodana kaNkulunkulu ophezu kwakho konke .Kufanele umethembe uJesu Kristu yena yedwa.”This is a perfect relationship and perfect divine order” yasezulwini. Kufanele uyamukela ” in order to get the approval of God”.Ungathembi omunye uNkulunkulu.Ungathembi umuntu.”Believe in Jesus Christ only.You will be saved.”Umuntu uza kubaba, uNkulunkulu ngokukholwa ngu Jesu Kristu indodana yakhe “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade,John3:16.Ukuphila okuphakade ukuthola ngokuthi uNkulunkulu akuthethelele zonke izono zakho . UNkulunkulu ukuthethelela ngoba ukholwa ngu Jesu Kristu indodana yakhe.Uma ungakholwa ngu Jesu Kristu ulaka luka uNkulunkulu luhlala luphezu kwakho.Uma udlula emhlabeni uzokuya esihogweni.Uma usukholwa ngu Jesu Kristu uyasindiswa olakeni lukaNkulunkulu,uyathethelelwa kuzona zonke izono zakho . “Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu. Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe ,John 3:18,36.”Immediately,” ukholwa nguJesu Kristu,uMoya oNgcwele wehlela kuwe.” He indwells you.He takes permanent residence in your life.”Akaphinde asuke. UMoya oNgcwele” seals your salvation “.Ubeka kuwe uphawu lokuthi wena usungu mntwana ka Nkulunkulu ingunaphakade.”Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe,John 1:12
” Nenze izizwe zonke abafundi”.
Uma usungumfundi weZwi lika Nkulunkulu,futhi uthole the right resources awube usathintwa ngolwazi onalo ngo Jesu Kristu.Nguwena ogcina usushiswa ngulwazi lweZizwi likaNkulunkulu selukapaka.Ugcina usulicula iBhayibheli,ulangazelela ukufundisa nabanye.You become closely related to God.God talks to you all the time.Konke kuqala ekutheni umuntu abe ngumfundi weZwi.
” Nenze izizwe zonke abafundi”.
UJesu Kristu akalikhulumi iphutha.Uma ethi unathi kuze kube sekupheleni kwezwe uqinisile.Thina sidinga ukwamukela futhi sikholwe ukuthi umuntu osindisiwe uno Jesu Kristu for ever. Akukho lutho olungahlukanisa umuntu osindisiwe no Jesu.Alifuneki ikholwa elithi uma likhuleka limemeze lithi ” Hoza Nkosi uJesu”.Uza kuphi manje uJesu Kristu ngoba wena uJesu uhlala kuwe.Uma nje usindisiwe yazi ukuthi uJesu Kristu ukuwe.
Elinye ikholwa likhuleka lithi
John 16:7- 11
Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela: ngesono, ngokuba bengakholwa yimi; ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe.
Njengoba amandla onke enikezwe uJesu Kristu
• Ezulwini
• Nasemhlabeni
• The best offering esingayenzela abantu emhlabeni
• Ukuthi siphakamise uJesu Kristu ophiwe amandla onke ukuze abantu basindiswe. Akucabange nje ukhonza uNkulunkulu onamandla onke,onolwazi lonke,okhona yonke indawo ngesikhathi esisodwa.Konke ukuphila kuphelelisiwe kuwe uma ukholwa ngu Jesu Kristu .Unakho konke ukuphila.
• Umuzi nomuzi esihambisa kuwo inkonzo akumenywe omakhelwana
• Sifike siphakamise uJesu Kristu
• Sifike nezipho esizozinika abadingayo
• Sinikele
• Ikakhulukazi kusizakale nabange nalutho nhlobo
• Siphathe izimpahla ezingaguqula izimpilo zabantu
• Umfelandawonye ohambisana nokuphakamisa uJesu Kristu ungumnikelo omkhulu kakhulu
• Ungumnikelo ongazuzela abantu ku Nkulunkulu bakholwe nguJesu Kristu ukuze baphile inguna phakade
Deuteronomy 16:10
Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho, oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho
Uma sinikela masinikele ngesihle.Sinikele sithokoza.Sinikele ngokubusiswa ngu Nkulunkulu.Singa cindezelwa
• Iminikelo kungebe yimali kuphela
• Iminikelo kungaba okudliwayo
• Imali nokunye ongafisa ukukwenza kuthathwe njengomnikelo wakho
• Ukunikela makwenziwe ngesihle “out of your free will “• Silalele uMoya oNgcwele
• Iminikelo eqondene ne Bandla kungaba kuhle yenziwe eBandleni ukuze iBandla libonge uNkulunkulu ngomnikelo owenzile,nawe onikelile uthole isibusiso ezivela kuNkulunkulu.Ngeminikelo esiyenzayo kufanele iBandla liphe lilekelele lapho kunezidingo zeBandla neza bazalwane khona
• Iminikelo yethu izokwenza ukuthi iBandla likwazi
• Ukunakekela iziNceku
• Ukunakekela abafelokazi nalabo “who cannot afford life”,ukwakha izindlu zokukhonzela
• Ayikho imali eyimpoqo nekhokhwa ngenkani eBandleni lika Nkulunkulu.Kuyanikelwa lokhu kwangempela okusuka enhliziyweni yomzalwane.Asithandi ukuthi abazalwane banikele besaba.Siyacela! umzalwane onakho akanikele kusuka othandweni.Kusuka enhliziyweni . Singabasabisi ngesihogo abazalwane.Into ezofaka umuntu esihogweni iyodwa.Ukungakholwa ngu Jesu Kristu athethelelwe izono zakhe.Umzalwane ongenakho azonikela ngakho akhuleke “Our God is a provider”, uNkulunkulu uzomkhombisa ukuthi unakho anganikela ngakho ukuthi akakuboni..Futhi ne Bandla liyamkhulekela ocabanga ukuthi akanalutho nje anganikela ngakho.ukuze abazalwane babone ukuthi sinezinto eziningi kabi esingaziletha Ku Nkulunkulu Sinikele ngazo uJehova athokoze ngeminikelo yethu.
1 Samuel 1:10-28
Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu. Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.” Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi kukaJehova, u-Eli waqaphela umlomo wakhe. UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe, kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. U-Eli wathi kuye: “Uyakudakwa kuze kube nini na? Susa iwayini lakho kuwe.” UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane omubi, ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube manje.” Wayesephendula u-Eli ethi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu wakwa-Israyeli makakunike okucelileyo kuye.” Wathi: “Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho.” Owesifazane wayesehamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukumala. Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula. Kwathi sesiphelele isikhathi, uHana wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuJehova.” Lowo muntu u-Elkana wenyuka kanye nendlu yakhe ukuyonikela kuJehova umhlatshelo weminyaka nesithembiso sakhe. Kepha uHana akenyukanga, ngokuba wathi kumyeni wakhe: “Hhayi aze alunyulwe umntwana; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.” Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Yenza okuhle emehlweni akho; hlala uze umlumule; uJehova makaqinise izwi lakhe kuphela.” Owesifazane wayesehlala, wancelisa indodana yakhe waze wayilumula. Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu, ne-efa* lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaJehova eShilo; umntwana wayesemncane. Bahlaba inkunzi, bamyisa umntwana ku-Eli. Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova. Ngamkhulekela lo mntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye; ngalokho nami ngimnikele kuJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova.” Bakhuleka kuJehova khona.
Kukona konke esingaku nikela ku Nkulunkulu,sinelingelo lokuya kosiphileyo uNkulunkulu siyothi:
Nkosi ngiyanikela ngesikhathi ongiphe sona.Ngiyahamba ngiya kokudumisa ne Bandla lakho.Ngiyanikela ngabantwana bami benze bakhonze wena wedwa.Niyanikela ngokudla kwami kulabo abaswele.Ngiyanikela ngokokugqoka kwami.Ngiyanikela ngothando lwami ngenze. Ngithande
i” mankind”.Kuningi onganikela ngakho eBandleni ,ekhaya,kwamakhelwane,esikoleni,emsebenzini.Uma unikela usho uthi ngenxa ka Kristu owanikela ngempilo yakhe nami ngalokho enginakho ngiyanikela.Nikela kusuka othandweni. Ungenzi ngoba ufuna ukubukwa.
1 Corinthians 13:3-7
Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho. Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu; aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
UJesu Kristu unikele ngokuphila kwakhe ngothando.Nathi sikhuthaza ukunikela ngothando.
• Asinawo uminikelo esiwukhokha ngoba siphoqwa ngumthetho .We are Christians.” We base our offerings on the free gift of the blood of Jesus Christ that shed for our sins”.Uma unikela ngoba uphoqwa ngumthetho kusho ukuthi awunikeli ngoba ukholwa futhi uthanda iNkosi uJesu Kristu.Kholwa yiNkosi uJesu Kristu bese unikela ukuze uthole izibusiso.Okwenzayo konke yiba nenhloso yoku jabulisa uJesu Kristu.Noma upha umuntu isipho akube wukuthi wenzela iNkosi.Awenzeli kona ukugcina umthetho othile.Konke masikwenze “to express our faith to Jesus Christ , love of the Lord and love of the people.”
• Into enomthetho isho ukuthi unecala lokungenzi njengoba umthetho usho.”You are a law breaker.”Ukuphula umthetho kuhambisana ne sijeziso” punishment”
• Iningi lethu siyahluleka vele ukunikela ngokomthetho. Ngakhoke bazalwane siyaningcenga.Bambelelani ekukholweni ngu Jesu Kristu.” We exalt Jesus Christ above all the laws.”UJesu Kristu usesenzele lokhu okusehlulayo.Kunzima ukugcina umthetho.UJesu Kristu wafa ukuze kuthi sesonile sithethelelwe ezonweni zethu.Asikholwe nguye owasifelayo besesinikela lokho “which we can afford.”Sinikele sithokozile.Uma unikela ukhala enhliziyweni yakho uNkulunkulu akajabuli ngomnikelo wakho.
Asinikeli iminikelo yethu ngoba siphoqwa umthetho othile SingamaKristu. Iminikelo yethu siyinikela ngoba sibonga uNkulunkulu ngesipho samahhala segazi likaJesu Kristu elachitheka esiphambanweni ngenxa yezono zethu.Kholwa yiNkosi uJesu Kristu,unikele ukuze uthole izibusiso zakho. Noma yini esiyenzayo, sinenjongo yokujabulisa uJesu Kristu. Ngisho noma sipha umuntu isipho, sisinika iNkosi uJesu Kristu.Asenzeli ukugcina umthetho othile noma ukujabulisa omunye umuntu. Sinikela ukuze sibonise ukukholwa kwethu sikholwa yiNkosi,futhi sijabulisa uJesu Kristu.
Matthew 25: 34-40
“Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba. Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa; ngihamba ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.’ “Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na? Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba ze sakwembathisa, na? Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?’ “Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’
Luke 6:38
Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”
Give, and it will be given to you: good measure, pressed down, shaken together, and running over will be put into your bosom. For with the same measure that you use, it will be measured back to you.”
Luke 6:38
KuLuka 6, uJesu uchaza indlela iBandla lakhe okufanele liphile ngayo. Emavesini 27–38, ugxila ezinhliziyweni, efundisa abafundi bakhe ukuhlakulela ukupha kwangaphakathi kokuthethelela, umusa, nothando:
“Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo. Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi. Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye. Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo. “Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo. Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho. Uma nitsheleka labo enithemba ukwamukela kubo, ninakubongwa kuni na? Nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele okungako. Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi. Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu. “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa. Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”
Luke 6:27-38
“Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.
Matthew 18:21-35
Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?” UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. “Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe. Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi. Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe. Ngalokho inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.’ Inkosi yaleyo nceku inesihe yayikhulula, yayithethelela icala. “Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu* abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’ “Khona inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’ Kepha ayivumanga, kodwa yahamba, yayifaka etilongweni, ize ilikhokhe lelo cala. “Izinceku ezikanye nayo zathi ukubona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zaya zabika enkosini yazo konke okwenzekileyo. Khona inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga; nga ungayihawukelanga yini inceku ekanye nawe, njengokuba nami ngikuhawukele, na?’ Inkosi yayo yathukuthela, yayinikela kubaphathi betilongo, ize ikhokhe lonke icala layo. “Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”
Ephesians 4:32
Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.
Luke 6:31
Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.
Uma sizifunela inzuzo yangokwethu.Sifuna kuzuze thina kuphela,sizo lahlekelwa yikho konke.
Luke 9:25-27
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na? Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele. Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu.”
Luke : 6:38
Give, and it will be given to you: good measure, pressed down, shaken together, and running over will be put into your bosom. For with the same measure that you use, it will be measured back to you.”
Luke 6:38
Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”
Siyakunikwa izibusiso eziningi uma sithethelela ,sithululela umusa nothando luka Nkulunkulu phezu kwabanye.siyothola izibusiso ngesilinganiso esihle,esigxushiweyo,nesigqishiyweyo, nesichichimayo.Ngokuba ngesilinganiso esilinganisa ngaso abanye, nathi niyakulinganiselwa ngaso
But if we spend our lives generously pouring out God’s grace, forgiveness, and love onto others, we will receive back “a good measure, pressed down, shaken together and running over”
Matthew 6:33
Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.
Ingabe siyancishana ngomusa wethu, umusa, intethelelo, kanye nothando kwabanye, noma ingabe sichitha lezi zipho ngezinga elifanayo uJesu alithululela phezu kwethu? Asikwazi ukuthanda njengoJesu ngamandla ethu, kodwa kuphela ngamandla kaMoya oNgcwele
Romans 5:5
ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
Nakuba uJesu ayengakhulumi ngokuqondile ngokunikela ngemali kuLuka 6:38, isimiso ‘sokucindezelwa phansi’ siyasebenza: “Yiphani ngesihle nicebe ngokwengeziwe; ncishana futhi ulahlekelwe yikho konke”
Galatians 5:22-23
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
Proverbs 11:24
Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.
Proverbs 22:9
Oneso elimnene uyakubusiswa, ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.
Kwi Old Testament uNkulunkulu ukhuluma no Israel ngokugcina umthetho wokukhokha okweshumi.Kwa Israel uJesu Kristu engakafi ukunikela okweshumi kwabe kungumthetho wakwa Israel.UNkulunkulu wayefuna bawugcine lomthetho.UNkulunkulu uthi:
” Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.
ngilingeni ngokungenisa njalo okwe shumi ukudla okuyisivuno senu ( 10% of your product ) nibone ukuthi angiyikunibusisa yini ngezibusiso ezinkulu.Ngizonivulela ama fasitela ezibusiso zethu.Zehle zize kini.Njengemithetho yonke ka Jehova abakwa Israeli babe hluleka ukuletha okweshumi ngendlela.
Malachi 3:10
Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.
Kithina ma Krestu I New Testament igcizelela ukuthi asinikele kakhulu ukuze kusizakale abaswele.Kusizakale iziNceku zikaNkulunkulu.Kusizakale IBandla likaNkulunkulu.Awukho umthetho omiselwe iBandla likaNkulunkulu ukuthi alinikele ngokomthetho.UJesu Kristu ufike wakgcwalisa umthetho.UKukholwa ngu Jesu Kristu kwenza ukuthi impilo yethu ipheleliswe ngaphandle kokugcina umthetho.Sesisindiswa ngokukholwa ngu Jesu Kristu.Asisindiswa ngemisebenzi.UKukholwa ngu Jesu Kristu kusenza sifanele sinikele kakhulu singaphoqwe muntu.Singaphoqwa umthetho wo kukhokha okweshumi ngendlela.
Umphostoli uPawulu wabhala: “Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Yilowo nalowo kini makanikele ngalokho azinqumele enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda umuphi onamileyo. Futhi uNkulunkulu unamandla okunibusisa ngokuchichimayo, ukuze nibe nakho konke enikudingayo ngezikhathi zonke, nivame emisebenzini yonke emihle.
2 Corinthians 9:6-15
Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza. Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Wahlaphaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.” Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu, ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu. Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi, lokhu ngokuvivinyeka kwale nkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke, banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini. Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.
SiyiBandla likaNkulunkulu asinganikeli ngoba siphoqwa.Asiphe sinikele ngoba sithanda,kusuke ekuthandeni iNkosi yethu uJesu Kristu owanikela ngempilo yakhe ukuze thinasonke sithethelelwe izono zethu . UJesu Kristu akazange aphoqwe muntu ukuthi anikele ngempilo yakhe .Wanikela ngoba esithanda .Wadela ukuphila kwakhe wafa endaweni yokuba kufe thina.
Galatians 2:20
akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
Romans 8:1-3
Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa. Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,.
Ngakhoke bazalwane ukuze uNkulunkulu athokoze ngeminikelo yethu siyi Bandla kufanele senze okulula kunokufuna ukwenza ukunikela kube wumthetho ” which is difficult to observe”. Masikholwe ngu Jesu Kristu,besesinikela kusuka enhliziyweni ,sithokoza.UJesu Kristu usenzele ukunikela kwaba lula.Sinikele sithokoza sikholwa nguye owasibizayo.Ukukholwa ngu Jesu Kristu kuyamthokozisa uNkulunkulu.
Uma sifuna ukujabulisa uNkulunkulu kufanele sikholwe ngu Jesu Kristu indodana Ka Nkulunkulu ophilayo
Hebrews 11:6
kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
Hebrews 11:6
But without faith it is impossible to please Him, for he who comes to God must believe that He is, and that He is a rewarder of those who diligently seek Him.
• UNkulunkulu usithwalele icala ngokufa kuka Jesu Kristu.Wethule umthwalo owawusehlula.Ukunikela siphoqwa ngumthetho nakho kuyasehlula bazalwane.Kwesinye isikhathi size siye ko Mashonisa ngoba sifuna ukugcina umthetho wokunikela.Hayi bo!Ikuphi inkinga yethu.Sizithwaliselani umthwalo uJesu Kristu ekhona.Insindiso ingeka Nkulunkulu,ngo Kristu indodana yakhe.Awukho umthetho ongasenza sisindiswe.UJesu Kristu ufikile ukugcwalisa umthetho.
Matthew 11:28-30
“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”
• Lento yokufuna ukulandela imithetho ethize yokunikela igcina isiyenza uMalusi e Bandleni agcine esethetha. Afune iminikelo ngenkani. Abathethise abazalwane abahlulwa ukunikela ngendlela eshiwo ngumthetho obekiwe.We do not want to preach the gospel of money.We preach the Gospel of salvation ngokukholwa yi Nkosi uJesu Kristu kuphela.Ukunikela is not a gospel,but ukunikela kungamasu okulekelela ukuthi ivangeli lihambe.Asifuni ukuphakamisa ukunikela kakhulu ngaphezu kokuphakamisa UJesu Kristu.
Ngakhoke ukuze singezukulokhu sixabana bazalwane ” let us all hold firmly to Jesus Christ”.UJesu Kristu uwugcwalisile umthetho.Usesikhululile emthethweni.Walithwala icala lethu
• Asifuni nenze into kwathina esehlulayo
• UJesu Kristu uvesane wasenzela umusa ukuze thinasonke sonke siyiBandla sikhululwe emthethweni nasesonweni
• UJesu Kristu ufile ukuze thina sibe nokuthula
Isaiah 53:5
Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
• Sinikele sijabule
• Kungabibikho okuthiwa kuye “ Awuyi ezulwini ngoba awufuni ukugcina umthetho wokukhokha iminikelo
• Umzalwane anganikela nanga phezulu kuka 10% kodwa ethokozile.Unganikela nangemotor nangendlu yakho eBandleni
• Umthetho uqalekisiwe
Galatians 3:10-14
Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.” Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa; ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho. UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,” ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.
Galatians 3:13
UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”
• Ngiyafisa bazalwane sinikele ngoba sikholwa,futhi sazi ukuthi ngokunikela kwethu uJesu Kristu uyasibusisa ngezibusiso zonke
• Sinikele ngoba sithanda uJesu Kristu
• Iminikelo yethu mayiphakamise udumo ilulethe ku Jesu Kristu
• Asiyeke ukunikela ngoba sesaba umthetho.
• UJesu Kristu usefikile ukuzogcwalisa umthetho
• UJesu Kristu uphelele yena yedwa.
• Masenze konke ngenhloso yokuphakamisa owasifelayo
• Jesus Christ redeemed us from the curse of the law
• We are required to believe in Jesus Christ
John 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Romans 8:1-4
Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa. Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni, ukuze umyalo womthetho ugcwaliseke kithina esingahambi ngokwenyama kepha ngokukaMoya.
• Ukukhululwa esi qalekisweni somthetho kusho ukukhululwa from the rules and regulations ento ethinta umthetho
• Ukugcina umthetho akufaki muntu ezulwini, kodwa
• Ukukholwa yi Nkosi uJesu Kristu ngakho siphila ingunaphakade kwamanje
• Christ redeemed us from the curse of the law.
• His sacrificial work on the cross purchased our freedom from the law.
• Jesus fulfilled the original intention and purpose of the Mosaic Law on our behalf
Matthew 5:17
“Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.
• Uma uJesu Kristu ezogcwalisa umthetho lokho kusho ukuthi yena ungaphezulu komthetho
• Okholwa ngu Jesu Kristu ulungisiwe
• Sewenziwe waba “ righteous “ ngenxa nje kokuthi uyakholwa ngu Jesu Kristu indodana kaNkulunkulu ophezu konke
• Lokho okusahlulayo nesingeke sikwenze ngoba umthetho uyasehlula ngenxa yenyama, uJesu Kristu usenzele Kona,ngokufa esiphambanweni
• UJesu Kristu uwugcwalisile umthetho
• Wakwenza lokho okwakuhloswe ngu Nkulunkulu ngomthetho
• Ukusindiswa kwethu ngo Kristu akusho ukuthi sekufanele singawuhloniphi umthetho,kodwa kusho ukuthi asingazitsheni ukuthi sisindiswe ngoba sigcine umthetho .Sisindiswa ngokukholwa nguJesu Kristukuqala,beseke sihlonipha umthetho kaNkulunkulu.Kuqala ukukholwa ngu Jesu Kristu bese kuza umthetho.Nalapho sihluleke khona ukugcina umthetho uJesu Kristu uyasilamulela olakeni Luka Nkulunkulu.Mkhulu umsebenzi owenziwa ngu Jesu Kristu ezimpilweni zabantu abakholwa nguye.Noma befa uJesu ubavusa baphile ingunaphakade
• Ukuthi sisindisiwe kusho ukuthi angeke sisakuthola ukwahlulela kuka Nkulunkulu.Ngenxa Ka Kristu asibekwa cala Noma sonile.
“Jesus Christ has done a complete and perfect salvation for our spiritual lives
• UKristu ujezisiwe on our behalf
• Koswa ke akusho ukuthi ayihambe sibulala abantu ngoba sithi sisindisiwe.
• Ngenxa yesono bekufanele
,Sibulawe siphanyekwe emthini ngokomthetho kodwa akusezukwenzeka ngenxa yokuthi uJesu Kristu ufile on our uJesu Kristu waphanyekwa emthini ukuze thina esikholwa nguye siphile ingunaphakade
Deuteronomy 21: 23
“Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini, isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini, kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku, ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.
1 Peter 2:24
yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;
Galatians 3:14
Ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya
• Ukufa kuka Jesu Kristu kube sekuba ukugcwaliswa komthetho
• Esewugcwalisile umthetho uJesu Kristu akukho lapho I New Testament lithi khona iBandla likaNkulunkulu liphoqelekile ukukhokha okweshumi okwakuwumthetho Kwa Israel.
• I New Testament kuphela ikhuthaza abazalwane ukuthi banikele
• Uma kune zipho abafisa ukuzipha inceku
• Abazalwane abaqoqe baqongolozele kuqala iSonto
• Kungabi wukuthi sekufanele banikele kube yima bekhumbula ukuthi abanamali
• Sebebamba beyeka ukuze banikele
1 Corinthians 16:2
Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.
• INew Testament likhuthaza nje ukuthi abazalwane kuhle banikele
• Ligcizelela ukuthi kubalulekile ukunikela uthokozile
• Sinikele ngokwamandla ethu
• Sinikele nangokqezidingo ze Bandla singaphoqwa mthetho
James 1:5
Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.
• Umuntu akanikele lokho anqume enhliziweni yakhe ukunikela ngakho
• Akanikele ethokozile ukuze athole
Isibisiso
• Akangaphoqwa muntu
• UJehova uyamthanda onikela ejabulile
2 Corinthians 9:7
Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.
Leave a comment