Isaiah 53:5
Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
1 Peter 2:23-24
owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga; yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;
Yebo, ngezinye izikhathi uJesu Kristu uyasiphulukisa ngokwenyama lapho sithandazela ukuphulukiswa kwethu ngokomzimba. Kodwa injongo kaNkulunkulu ngokunikela ngoJesu Kristu njengomhlatshelo wezono zethu iwukusinika ukuphulukiswa ngokomoya. Siphile ingunaphakade noNkulunkulu.Ukuphu lukiswa okungokwenyama esihlale sikulangazelela, kungokwesikhashana, kodwa ukuphulukiswa okungokomoya abantu abangakuthandi kakhulu kuhlala ingunaphakade.
1 John 5:14-15
Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
Uma sicela ukuphulukiswa kwethu ngokwentando yakhe, uNkulunkulu uyasizwa.Unawo onke amandla okusiphulukisa.Unalo lonke ulwazi lokusiphulukisa.Futhi uthi esezulwini abekhona yonke indawo,abe khona kithi.Siphila nje ukithi. UNkulunkulu uzimisele ukuqala asiphulukise ngokomoya futhi enze siphile ingunaphakade.Uma sicela ukuphulukiswa kwethu enyameni uNkulunkulu angasiphulukisa ngokwentando yakhe, kodwa akuyona into ayenza njalo.Ukwenza uma ethanda.Kwesinye isikhathi siyafa Uma noma siphulikiswe ngokwenyama,futhi kodwa ngokomoya siphile ingunaphakade noNkulunkulu. Uma sikholwa kuJesu Kristu, isu elikhulu kanye nentando kaNkulunkulu ukusiphilisa ngokomoya.UNkulunkulu usazenza izimangaliso. UNkulunkulu usabaphilisa abantu. Ukugula, izifo, ubuhlungu, nokufa kuseyinto engokoqobo kuleli zwe. Ngaphandle kokuba iNkosi ibuye, bonke abaphilayo namuhla bayokufa, futhi iningi labo (kuhlanganise namaKristu) liyokufa ngenxa yenkinga engokomzimba (izifo, ukugula, ukulimala). Akuyona intando kaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi ukusiphulukisa ngokwenyama.Ngisho noma sifa ekufeni kwethu kwenyama, uMoya oNgcwele usenza sivuke ekuphileni kwaphakade.
Ekugcineni, ukuphulukiswa kwethu okuphelele ngokomzimba kusilindele ezulwini. Ezulwini, ubuhlungu, ukugula, izifo, ukuhlupheka noma ukufa ngeke kusaba khona.Ezulwini sizonikwa “physical bodies”,kodwa imizimba yethu izokuba nenkazimulo ka Nkulunkulu.IBhayibheli lithi kutshalwa kunokubola kuvuswe kungenakho ukubola
1 Corinthians 15:42-44
Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola; kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla. Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya.
Revelation 21:1-2,4,6-7
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila. Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.
Revelation 21:4
azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
Mark 5:25-34
Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka, esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe, ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe. Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?” Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho. Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”
Lapho uJesu ethi: “Ukholo lwakho lukuphilisile kowesifazane owayenomopho, lokhu kuphulukisa kukaJesu Kristu kwakungaphezu kokuphulukiswa ngokwenyama.” Lowo wesifazane naye welashwa ngokomoya.
UJesu Kristu wenza izimangaliso ezengeziwe kubantu abakholwa Kuye.
Matthew 13:58
Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.
John 9:1-11
Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?” UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu. Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.” Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka. Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona. Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?” Abanye bathi: “Nguyena,” abanye bathi: “Qha, kepha ufana naye;” yena wathi: “Nginguye.” Base bethi kuye: “Pho, amehlo akho avulwe kanjani na?” Waphendula yena, wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenza udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Yana eSilowama, ugeze.’ Ngaya, ngageza, ngabona.”
UJesu ubhekana nezinkinga ezingokwenyama zale ndoda ngokuhlukene nokubhekana nesidingo sayo esingokomoya.Le ndoda iphulukiswa ngaphandle kokuba nokholo kuJesu Kristu.
Noma kunjalo, le ndoda ifinyelela ekuqondeni ngokugcwele ukuthi uJesu Kristu ungubani futhi ibonise ukholo Kuye
John 9:25-38
Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.” UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele phandle; kwathi emfumana, wathi: “Uyakholwa yiNdodana kaNkulunkulu na?” Waphendula yena, wathi: “Ingubani, Nkosi, ngize ngikholwe yiyo, na?” UJesu wathi kuye: “Usuyibonile; okhuluma nawe yiyona.” Wayesethi: “Ngiyakholwa, Nkosi.” Wakhuleka kuye.
Ngezinye izikhathi, abantu bayaphulukiswa ngoba uJesu Kristu ethanda ukubaphulukisa, hhayi ngenxa yokholo lwabo kuJesu Kristu. Ukuphulukisa kukaJesu laba bantu abangenalo ukholo akuphathelene nokukholwa kwabo .Kumayelana nentando kaNkulunkulu ukwenza laba bantu baphulukiswe.Wonke umuntu uJesu athanda ukuba aphulukiswe uyaphulukiswa. UJesu Kristu uphilisa labo ababonisa ukholo lwabo kuye.UJesu Kristu wenza iphuzu lokugcizelela isimo sezinhliziyo zabo:
“Ukholo lwakho lukuphilisile.”
UJesu Kristu, ngomusa wakhe omkhulu, uphilisa nalabo abangakholwa kuye.Ubasondeza kuye.
Leave a comment