Isaiah 11:2
UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.
Ngokukholwa kwakho ngu Jesu Kristu,
1. uMoya ka Nkulunkulu uhlezi phezu kwakho.
2. Umoya wokuhlakanipha uphezu kwakho.
3. Umoya wokuqonda uphezu kwakho.
4. Umoya wamasu uphezu kwakho.
5. Umoya wamandla uphezu kwakho.
6. Umoya wokwazi uphezu kwakho
7. nomoya wokumesaba uNkulunkulu uphezu kwenu.
Ngakho-ke, asikho isizathu sokwesaba ngoba uNkulunkulu unawe ngo Moya oNgcwele wakhe o ” seven folded”
Ukuthi oMoya abayisikhombisa baka kaNkulunkulu akusho ukuthi uNkulunkulu unoMoya abayisikhombisa,kodwa kusho ukuthi the ” Holy Spirit of God is Seven-Folded”
Psalms 23:4
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
Kholwa ukuthi uJehova unawe ngaso sonke isikhathi.USathane akanawo amandla okusephuca amalungelo ethu okuba ngabantwana baka Nkulunkulu.Thina sifakwe uphawu lokuphila okuphakade ngu Nkulunkulu wethu ngamandla kaMoya oNgcwele.
1John4:4
NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
Njengoba sikholwa ngu Jesu Kristu, izono zethu zithethelelwe , futhi uNkulunkulu ubuyiselwa kithi ngokugcwele. Bonke oMoya abayisikhombisa baka Nkulunkulu baphezu kwethu. Njengoba sihamba,sivuka,siphila uNkulunkulu unathi. UJehova ungumalusi wethu Asiyikweswela
AmaHubo 23: 1
UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.
Judges 6:14-17
UJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, umsindise u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?” Wathi kuye: “O Nkosi, ngiyakumsindisa u-Israyeli ngantoni na? Bheka, umndeni wami umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.” UJehova wathi kuye: “Impela ngiyakuba nawe; uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi bangumuntu munye.” Wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, unginike isibonakaliso ukuthi nguwe okhuluma nami.
Ukuba khona ko Moya abayisikhombisa baka Nkulunkulu akusho ukuthi uNkulunkulu unawo Moya aba Ngcwele abayisikhombisa,kodwa kusho ukuthi uMoya oNgcwele u Seven – Spirit Folded:
1.Umoya ka Nkulunkulu
2.Umoya wokuhlakanipha
3.Umoya wokuqonda
4. Umoya wamasu
5. Umoya wamandla
6. Umoya wokwazi
7. Umoya wokumesaba uNkulunkulu
2345790/(-£#*’;!?/+&£#24680
Revelation 1:4-5
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi, nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe
Revelation 3:1
“Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila, kanti ufile.
UNkulunkulu unolwazi lonke.Unamandla onke.Uthi esezulwini abekhona yonkindawo ngesikhathi esifanayo.Ubona konke ukuganga nokungagangi okwenziwa yi Bandla lakhe emhlabeni.UNkulunkulu uyazi ukuthi iBandla lizungeziwe ngabantu abangakufuni ukukholwa,kodwa yena ufuna ukubona iBandla likugcina ukukholwa kwalo ngu Jesu Kristu .Into ehlanganisa uNkulunkulu ne Bandla lakhe ukukholwa ngu Jesu Kristu.No faith in Jesus Christ,no relationship with God.IBandla laseSardesi ku Sambulo 3:1 lalizungezwe ubuqaba nokukhonza izithombe kodwa lehluleka ukugqama phakathi kobumnyama.
IBandla lase Sardesi alikwazanga ukuphumela obala nje licacise ukuthi lona liyi Bandla likaNkulunkulu ophilayo.Lalixova lingahlukanisi.Lalingamkho nzi u Jesu Kristu yena yedwa .Lalibuye likhonze nabanye onkulunkulu.UNkulunkulu akakufuni ke lokho .Uthi ungabi nabanye unkulunkulu ngaphandle kwami.
Exodus 20:3-6
“Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.
NjengeBandla kumele sibonakale ngokomoya ngaphakathi nangaphandle.UJesu uyazazi izinhliziyo zethu.Unamandla onke.Unolwazi lonke futhi unamandla okuba yonke indawo ngesikhathi esisodwa.UJesu Kristu ukhuza abantu eBandleni abanedumela lokuba bayaphila kodwa abakholelwa kuJesu Kristu.Bahamba nathi kodwa abakaze bamamukele uJesu njengomsindisi wakhe.
Leave a comment