UMTHANDAZO WAKHO USIZA NABANYE

Mark 4:35-41

Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya.” Base bemukisa isixuku, bahamba naye, njengalokho ebesemkhunjini; kwakukhona neminye imikhumbi ihambisana naye. Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala. Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?” Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu. Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?” Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Kanti lo ungubani, lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?”

” Asiwele siye ngaphesheya”.

Mzalwane,kholwa ukuthi uJesu Kristu ukhona kuwe,Akaseduze nawe kodwa ukuwe,futhi uyabona konke okwenzekayo empilweni yakho.Uma sithandaza uJesu Kristu angathulisa du isivunguvungu esifuna ukusibhubhisa.Isivunguvungu sakho singathula sithi du!

Eselapha emhlabeni uJesu  Kristu waba ngumuntu 100%.Khona manjalo futhi waba ngu Nkulunkulu 100%.Wabe esesebenze kakhulu efundisa,eshumayela ,ekhulekela abantu .Ephulukisa hulukisa abagulayo.Njengomuntu

100% wakhathala watshela abafundi bakhe ukuthi abatshele abantu bamuke ukuze yena ngabafundi bakhe bawelele ngaphesheya ukuze aphumule athole ithuba lokuthi hlwithi ubuthongo.Ngenxa yokuthi uJesu Kristu ungu Nkulunkulu,100% wabe buka konke okwakwenzek emkhunjini.Wayengathulisaisisivunguvungu..Abafundi baka Jesu Kristu babengazi ukuthi bahamba no Nkulunkulu.UJesu ungu Nkulunkulu.Akozeli.Akalali.

Namanje uJesu Kristu 100%

ukhona kithi ukuzwa konke esikucelayo.Asenzele esikucelayo ngokwentando yakhe.

Leave a comment