KHOLWA WETHEMBE UJESU KRISTU KUZONA ZONKE IZIMO ZAKHO

Mark 9:23

UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”

Jesus said to him, “If you can believe, all things are possible to him who believes.”

IBhayibheli  likhuluma

  • Ngokukholwa ngu Jesu Kristu
  • Alikhulumi ngokukholwa ngu Nkulunkulu  ungaqalanga ngokwamukela uJesu Kristu abe yiNkosi noMsindisi wakho
  • Ukukholwa ngu Jesu Kristu kwenza ukuthi sibuyisane no Nkulunkulu kuqala ukuze sikhone ukuxhumana noNkulunkulu
  • Uma isono singathethelelwe sixabene no Nkulunkulu
  • Ukukholwa ngu Jesu Kristu kwenza izono zethu zithethelelwe
  • UNkulunkulu uyasixolela “only if we believe in Jesus Christ His begotten Son”
  • IBhayibheli alikhulumi ngokukholwa yinoma yini
  • Alikhulumi ngokukholwa yinoma ngubani

Into ejabulisa uNkulunkulu, amandla okukholwa kwethu,akuwona umkhuleko odontsa isikhathi eside.Singakhuleka isikhathi eside, kodwa masingathemelezi sifune ukujabulisa abasizwa sikhuleka. Asikho isidingo sokufuna ukumangaza abantu ngamazwi anobuchule nobuchwepheshe obukhulu uma sikhuleka.Kahle kahle uNkulunkulu uyazi ukuthi sidingani singaka khuleki.UNkulunkulu akufuna kithi kunakho konke ukuthi sikholwe ukuthi uNkulunkulu ukhona.Akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe.USathane ke nguye ofuna ukusisusa ku Nkulunkulu.USathane usinika umqondo othi umuntu unelungelo lokuzikhethela uNkulunkulu amthandayo.Lento yonkulunkulu abaningi ngokwemithetho sisekelo yamazwe omhlaba isho ukuthi ” democratically” baningi onkulunkulu futhi bayalingana.Thina ke siyiBandla likaNkulunkulu ophilayo silawulwa yiZwi lika Nkulunkulu i Bhayibheli.IZwi likaNkulunkulu lisifundisa ukuthi munye uNkulunkulu akekho munye.

1 Timothy 2: 5-7

Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso, engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli – ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga – yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.

Khuleka ” by faith” ukholwe “strongly” ukuthi uJesu Kristu    

  • Ukhona
  • Futhi ungumvuzi walabo abamethembayo.                            Hebrews 11:6 kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

Ningakholelwa ekutheni izimo zethu ezimbi, ukuthakatha, amademoni, uSathane,kunamandla ngaphezu kwezimpilo zenu

Kunalokho, kholwani ukuthi uJesu Kristu unamandla nga phezu kwakho konke okubi ezimpilweni zethu.

Akukho okungenzeki kuJesu Kristu

UJesu Kristu unawo

onke amandla,

Unalo Lonke ulwazi

Unakho konke ukuqonda

Unawo onke amasu

Unakho konke ukuhlakanipha

UMoya kaNkulunkulu uphezu kukaJesu Kristu

Wonke uMoya wokumesaba uNkulunkulu ukuJesu Kristu

Manje ke njengoba sikholwa ngu Jesu Kristu

Wonke lawa mava nama  “qualities “aku Jesu Kristu anikezwe  thina siyiBandla likaNkulunkulu.

Singabanqobi

Romans 8:37

Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.

Yet in all these things we are more than conquerors through Him who loved us.

USathane uhlala efuna ukucekela phansi

Impilo yethu

  • Uthando lwethu
  • Umshado wethu
  • Impumelelo yethu
  • Ukuthula kwethu
  • Ukukholwa kwethu
  • Udumo lwevangeli esilishumayelayo .Asingavumi bazalwane ukudukiswa ngomubi.
  • Sinikiwe uMoya kaNkulunkulu
  • Sinikiwe ukuhlakanipha kuka Nkulunkulu
  • Sinikiwe amandla kaNkulunkulu
  • Sinikiwe ukuqonda okuku Jesu Kristu
  • Sinikiwe ukumesaba uNkulunkulu
  • Sinikiwe uMoya wamasu
  • Sinikiwe uMoya wokwazi
  • Asikwazi bazalwane ukwehluleka empini sibe ka Nkulunkulu ( Seven-Folded Holy Spirit)
  • Noma iyiphi impi singayinqoba uma nje singahlala ekumethembeni uJesu Kristu.
  • Sikhuleke sinokukholwa ukuthi sesinqobile ngo Kristu
  • Mkhulu ongakithi kunalowo osezweni. 1John 4:4
  • NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
  • Ngenkathi sikhula ekukholweni,yingalesikhathi nezimpi zikhula.Thina masihambe ngalawo mandla nje ngo GideonUJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, umsindise u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?” UJehova wathi kuye: “Impela ngiyakuba nawe; uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi bangumuntu munye.”
  • Judges 6:14,16         UJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, umsindise u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?” UJehova wathi kuye: “Impela ngiyakuba nawe; uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi bangumuntu munye.”
  • ” Hambani ngalawo mandla iNkosi  eninike wona maqhawe eNkosi
  • Do not give up!

Isaiah 11:2

UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.

Njengoba uJesu Kristu echazela isixuku, ukhiye omkhulu empini yethu ” against the devil” wukuthi abantu abakholwe ngu Jesu Kristu bamethembe yena yedwa. Ngakho kusobala ukuthi umthandazo osekelwe okholweni kuJesu Kristu uyasebenza

Sonke sifisa imithandazo yethu ukuba ibe namandla.Ukuze imithandazo yethu ibe namandla nemiphumela emihle,kufanele kuqala sazi ukuthi sinamalungelo amakhulu okucela kuNkulunkulu ngokukholwa ngu Jesu Kristu, sinikwe esikucelayo ngokwentado kaNkulunkulu.Leli yilungelo lethu eliyisima uNkulunkulu asiphe lona ngokufika kuka Jesu Kristu emhlabeni, ukuthi sine lungelo lokucela noma yini ku Nkulunkulu uma yena ethanda uyasinika.Uma engasiniki lokhu esikucelayo unesizathu.Kodwa futhi siyambonga ngoba usinikile ukuphila,wasinika kona kuchichime.

23345789)+-&£@©✓[[{=¢¥€•π÷××}=°$¥.    Njgfs at yui

Kwasa kona ukuthi singabantu sibe namandla okukhuluma no Nkulunkulu odale izulu nomhlaba kuyisimanhaliso. Ngaphezu kwakho konke u Nkulunkulu uyasizwa asenzele esikucelayo.

Okukhulu okufanele sikuqonde ngomkhuleko onamandla ukuthi iNkosi yethu no Msindisi wethu uJesu Kristu kwadingeka ukuthi aqale ezwe ubuhlungu afe esiphambanweni ukuze thinasonke siyi Bandla sikwazi ukungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo.UJesu Kristu wadabula isihenqo,ngo Kristu sesiyakwazi ukusondela ku Nkulunkulu ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu ngegazi, kungasekho valo lokuthi sonile.Umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebiley.Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi.Ukholekile lowo owethembisayo. Siyaqaphelana, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle. Singakuyeki ukuhlangana kwethu.

Impi esibhekene nayo inkulu kakhulu njengoba usuku lokubuya kwe Nkosi selusondele.

Hebrews 10:19-25

Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe, sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo; masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo; masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

Umkhuleko unamandla.Umkhuleko wamsindisa Daniel esemphandwini wezingonyama

Daniel 6:11

Ayesebuthana lawo madoda, amfumana uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe.

Kufanele senze isiqiniseko ukuthi imikhuleko yethu siyazi ukuthi izophenduleka ngokwentando ka Nkulunkulu.

1 John 5: 14 – 15

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.

UMoya oNgcwele uyasisiza ukuthi siqonde futhi samukele ukuthi imikhuleko yethu izophenduleka,kodwa kuzokuya ngokuthi uNkulunkulu esimkhonzayo uyathanda yini ikusinika lokho esikucelayo.Ayikho into ephoqa ukuthi uNkulunkulu asenzele konke esikucelayo.Ungu Nkulunkulu siyasihlonipha isinqumo asithathayo.Kwasakona ukuthi sisindiswe siyezulwini kuyisinqumo uNkulunkulu asithathe yedwa engu Nkulunkulu.Okwethu ukuthi samukele ngokubonga insindiso ngokuthi sikholwe ngu Jesu Kristu bese siyasindidwa.

  Konke esinakho uMoya oNgcwele uyasikhulekela yena ukuba sinikwe Kona ngokwentando kaNkulunkulu.UMoya oNgcwele uyayazi inqondo Ka Nkulunkulu.Ngakhoke uMoya oNgcwele usinxusela ngokwentando kaNkulunkulu.

Romans 8:27

kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.

Umkhuleko kufanele  siwenze ngesikhathi zonke ukuze sivale intuba yokungena kuka Sathane empilweni yethu.

1 Thessalonians 5:17

khulekani ningaphezi

Kufanele  sikhuleke singadangali.

 Luke 18:1

Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.

Kufanele sikhuleke

ngokukholwa.

Futhi sikhuleke ngokubonga.

James 1:5

Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.

Mark 11:22-24

UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho. Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.

Philippians 4:6

Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.

Mark 11:25-26

Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.”

John 14:13-14

Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza.

and as stated above, with a heart that is right with God

Ukukhuleka unenhliziyo ebuyisene no Nkulunkulu ” a heart that is in good standard with God ” kusho ukuthi kuleka ube imemukele uJesu Kristu eyi Nkosi noMsindisi wakho.Sivuma izono zethu kuJesu Kristu.

James 5:16

Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

Into ejabulisa uNkulunkulu amandla okukholwa kwethu,akuwona umkhuleko odontsa isikhathi eside.Asikho isidingo sokufuna ukumangaza uNkulunkulu ngamazwi anobuchule nobuchwepheshe okukhulu Uma sikhuleke.Kahle kahle uNkulunkulu uyazi ukuthi sidingani singaka khuleki.

Matthew 6:7-13

Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye. Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’

Singalokothi sikhuleke singazivumanga izono zethu uMoya oNgcwele azivusa enhliziyweni yethu.

Uma sikhuleka singazivumanga izono zethu lokho kuzokwenza imikhuleko yethu ingazwakali ku Nkulunkulu esimkhonzayo.

Isaiah 59:2

Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa.

But your iniquities have separated you from your God; And your sins have hidden His face from you, So that He will not hear.

Ngenhlanhla enkulu sikhonza uNkulunkulu okwaziyo ukusithethelela izono zethu.Wethembekile.Akuthembisile uyakwenza.Uyasihlambulula ububi nokungalungi kwethu.

1 John 1:9

Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

Esinye isithiyo sokukhulumisana ngokuphumelelayo noNkulunkulu siwukuthandaza unezifiso zobugovu nezinhloso ezimbi

James 4:3

niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.

Ukwenqaba ubizo lukaNkulunkulu noma ukunganaki iseluleko Sakhe konke kwenza uNkulunkulu angalaleli imikhuleko yethu.

  Proverbs 1:24:-28

Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo; kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami; nami ngiyakuhleka ingozi yenu, ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo, lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo, nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi. “Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana

Ukukhonza izithixo kwenza uNkulunkulu angalaleli imikhululeko yethu

Jeremiah 11:11-14

Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa. Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakukhala konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayikubasindisa neze ngesikhathi sokuhlupheka kwabo. Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti* ama-altare, ama-altare okushisela uBali impepho.’ “Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.

Ukuvala indlebe ekukhaleni kwabampofu kwenza uNkulunkulu angezwa imikhuleko yethu

Proverbs 21:13

Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu naye uyakukhala angaphendulwa.

Hebrews 4:16

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
KumaHeberu 4:16 ZUL59
https://bible.com/bible/286/heb.4.16.ZUL59

Leave a comment