IZIPHIWO EZINHLANU SIBE SISINYE: THE FIVE – FOLD MINISTRY

Ephesians 4:11-12

Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu,

Umqondo we Five – Fold Ministry uvela kwabase

-Efesu 4:11

“Nguye owanika abanye ukuba (1) babe ngabaPhostoli, abanye babe (2) abaProfethi, abanye babe   (3) abaVangeli, futhi abanye babe ( 4) abeLusi (5) nabaFundisi.”

Lawa ngama Office amahlanu lilodwa esiwanikwa yiNkosi uJesu Kristu eBandleni lika Nkulunkulu.Asigcobani sodwa.Umuntu uyanikwa ngu Jesu Kristu bese ubuholi beBandla buyaqaphela ukuthi umuntu unayo inkonzo ayinikwa yiNkosi u Jesu Kristu.Ubuholi beBandla abumgcobi kodwa buyamkhulula ukuthi asebenze kwi Five-Fold Ministry.

” And He Himself gave some to be apostles, some prophets, some evangelists, and some pastors and teachers,”

Ephesians 4:12-13

ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu, size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu,

” for the equipping of the saints for the work of ministry, for the edifying of the body of Christ, till we all come to the unity of the faith and of the knowledge of the Son of God, to a perfect man, to the measure of the stature of the fullness of Christ”

Eyabase-Efesu 4:12-13 isitshela ukuthi inhloso ye Five-Fold Ministry  iwu “kulungiselela  abantwana  bakaNkulunkulu belungiselelwa imisebenzi yenkonzo, ukuze umzimba kaKristu wakheke size sifinyelele sonke ebunyeni ekukholweni nasebunyeni. Yazini iNdodana kaNkulunkulu, nibe ngabapheleleyo, nifinyelele esilinganisweni sonke sokugcwala kukaKristu.” Ngakho-ke, njengoba umzimba kaKristu ngokuqinisekile ungakhelwanga ebunyeni okholweni futhi ungakafinyeleli esilinganisweni sonke sokugcwala kukaKristu, umcabango uthi, izikhundla zomphostoli nomprofethi kufanele zisasebenza.

Njengaye  uMoya oNgcwele, uyakwazi ukuthi ethi engu Moya oyedwa ka Nkulunkulu 

kodwa abe ngo Moya abayisikhombisa baka Nkulunkulu.Uthi emunye uMoya oNgcwele asebenze imisebenzi eyisi khombisa

  • UMoya ka Nkulunkulu ohlala ku Jesu Kristu nakubo bonke abantu ikakhulukazi  abakholwa nguJesu Kristu
  • UMoya wokuhlakanipha ukhona ku Jesu Kristu nakubantu bonke ikikhulukazi abakholwa yiNkosi uJesu Kristu
  • UMoya wokuqonda uhlala kuJesu Kristu aphinde ahlale kubantu bonke ikakhulukazi abakholwa nguJesu Kristu
  • Umoya wamasu uphezu kuka Jesu Kristu nakubantu bonke ikakhulukazi abakholwa nguJesu Kristu
  • UMoya wamandla uhlezi kuJesu Kristu nakubantu bonke ikakhulukazi abakholwa nguJesu Kristu
  • UMoya wokwazi uhlala kuJesu Kristu nakubantu bonke ikakhulukazi abakholwa nguJesu Kristu
  • UMoya wokumesaba uNkulunkulu uhlezi kuJesu Kristu nakubantu bonke ikakhulukazi abakholwa nguJesu Kristu

Isaiah 11:2

UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.

Kanjalo iNkonzo yokuthi kwakha umzimba ka Kristu.IBANDLA uNkulunkulu ulinikile isipho esiyinkonzo eyodwa ezinhla zinhlanu ( Five -Fold Ministry).IFive-Fold Ministry iyinkonzo eyodwa lena esebenza ngokubambisana nobunye ukwakha nokukhulisa iBandla elilodwa lika Nkulunkulu.

Phakathi kulo iBandla abanye wabapha ukuba babe ngaba Phostoli,abanye baba ngaba Profetha,abanye baba ngabaVangeli, abanye babangaBelusi, abanye baba ngabaFundisi.Ubu Phostoli nazozonke lezinkonzo ezibaliwe kwabase Efesu 4:11 uyabunikwa nguJesu Kristu ube uphakathi eBandleni,elizohlwithwa ngelinye ilanga.Futhi awubi ngumPhostoli,umProfethi,umVangeli,umeLusi,umuFundisiwena wedwa.Ninikwa lezipho nibe baningi.Kufanele nonke nina eniphiwe lezizipho nicingane,sikhuleke ndawonye,naluse ngokubambisana,ngifundise nimqondo munye..Awuthi ungasithola isipho bese uzibona usucebile ubaleke kwabanye uyoqala into yakho wedwa uhambe nabazalwa wedwa.Uma usuwenza njalo usuhlukanisa phakathi IBandla likaNkulunkulu..Cinga abanye abaku Five – Ministry khona lapha eBandleni elilodwa lika Nkulunkulu nisebenzisane.Nibe munye nabanye aba nezinye isipho kwi Five -Fold Ministry.

  “Nguye uJesu Kristu owanika abanye ukuba babe (1) abaphostoli

  abanye babe

  (2) abaprofethi,

abanye babe

  (3) abavangeli,

  futhi abanye babe

  (4) abafundisi kanye

(5) nabelusi

Abantu abagcotshwa kodwa siya mukela ugcobo lwabo,bese siyabakhulula singami endleleni yokuphiwa kwabo.

Ephesians 4:12-13

ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu, size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu,

Eyabase-Efesu 4:12-13 isitshela ukuthi inhloso ye Five-Fold Ministry  iwukufun disa abantwana bakaNkulunkulu

ukusebenzela iNkosi benobunye,ukuze kwakhiwe umzimba kaKristu.IFve – Fold Ministry ikhonela ukuthi thinasonke siyi Bandla likaNkulunkulu sifinyelele   ekuyazini iNdodana kaNkulunkulu,sibe ngabapheleleyo, sifinyelele esilinganisweni sonke sokugcwala kukaKristu..

Leave a comment