IBANDLA LINGUMZIMBA KAKRISTU

Ephesians 1:21–23

ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.

Le ” Module” ihlanganisa izifundo ezintathu ezihlanganiswe ngokusho kweBhayibheli nguMoya oNgcwele.

1.Yini iBandla?

Abantu abaningi baqonda i Bandla njengesakhiwo. Incazelo yeBhayibheli yegama elithi “iBandla” ayisona isakhiwo.IBandla lingabantu.Thinasonke esikholwa yiNkosi uJesu Kristu siyiBandla likaNkulunkulu . Igama elithi “iBandla” lihumusha igama lesiGreki elithi ” ekklesia”. Igama  “ekklesia” lichazwa ngokuthi “inhlangano” noma “ababiziweyo.” Umsuka wencazelo ye Bandla ayisiyo eyesakhiwo, kodwa ngeyabantu. Thinasonke “siyiBandla” noma abaBiziweyo.Sibiziwe ngu Nkulunkulu ngo Jesu Kristu.

Lidala iBandla lika Nkulunkulu. IBandla liqale ngokubizwa kuka Abrahama ebizwa ngu Nkulunkulu ethi akaphume ezweni lakubo eMesopotamia edolobheni i Ur.Lelizwe namhlanje libizwa nge Iraq, eMiddle East.Kulelizwe kwakukhonzwa yonke inhlobo kankulunkulu.Ukuze u Abrahama akhonze uNkulunkulu oyedwa, uNkulunkulu esimkhonzayo wathi u Abrahama akaphume ezweni lakubo aye ” to the Promised Land,e Canaan.

IBandla lanamhlanje liqale lapho kubizwa bonke abantu abakholwa yiNkosi uJesu Kristu emhlabeni wonke. uNkulunkulu usibizile wathi asiphume ekuboshweni isono.Uma ungakholwa ngu Jesu Kristu uboshiwe yi sono forever.Uzokuya esihogweni uyodonsa isigwebo sokufa       ” forever”.

Uma ukholwa nguJesu Kristu ukhululiwe esonweni.Ulalelile uma uNkulunkulu ekubiza ethi kholwa yi Nkosi u Jesu Kristu ukuze usindiswe.Isono sakho sithethelelwe.Uzokuya ezulwini uyophila no Nkulunkulu ” forever “.

 

Genesis 12:1-3

UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso. Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”

Kanjaloke laqala iBandla kwa Israeli.Kwabizwa uAbrahama ukhokho we Bandla lonke laseZulwini.U Abrahama wazala uIsaka.U Isaka wazala uJakobe.UJakobe wazala uJuda.UJuda wazala uDavide.UDavide wazala uJesu Kristu ngo Moya oNgcwele.UJesu Kristu wazala iBandla labo bonke abakholwa ngu Jesu Kristu ebazala ngo Moya oNgcwele.Ngakho ke bonke abangebona abakwa Israeli abayena uIsraeli.Nabo bonke abanga kholwa nguJesu Kristu abalona iBandla likaNkulunkulu,futhi izono zabo azithethelelwe.”They always remain the enemies of God.” Abangakholwa nguJesu Kristu abayi ku Nkulunkulu ezulwini.Baya lapho okuya khona uSathane,esihogweni.

John 3:3,5,16.

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

John 3: 18,36

Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu. Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”

Kithina iBandla liwuMzimba wamakholwa akholwa nguJesu Kristu.SiyiBandla eliyophila noNkulunkulu ingunaphakade  ngoba siyi Bandla elithethelelwe izono zalo ngo Jesu Kristu.

Romans 16:5

Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu.

IBandla likaNkulunkulu ngabantu bonke abasindisiwe abakholwa nguJesu Kristu.IBandla akusona isakhiwo.

2.IBandla liba kanjani wuMzimba ka Jesu Kristu?

UJesu Kristu akafile.Uyaphila.Uvukile ekufeni.UJesu Kristu ukhona emhlabeni nasezulwini.Ezulwini kunezingelosi ziyathunywa nguye uJesu Kristu.Ziyehla ziyenyuka zithunywa imisebenzi ehlukene emhlabeni nasezulwini.

Ukuze uJesu Kristu aqhubeke nomsebenzi wakhe wokusindisa abantu ezonweni zabo lapha emhlabeni,ubedinga umzimba.UJesu Kristu uzakhele umzimba wakhe asebenza ngawo.Umzimba ka Jesu Kristu uyabonakala ,uyiBandla likaNkulunkulu.IBandla liyathunywa ngu Jesu Kristu.UJesu Kristu kwayena uqobo uyasebenza engu Moya oNgcwele esemzimbeni wakhe.UMoya oNgcwele uhlala kithi.IBandla lingumzimba ka Jesu Kristu.UJesu Kristu uyiNhloko yoMzimba wakhe.Ngawo umzimba wakhe UJesu Kristu uyashumayela,uyafakaza,uyabhabhathisa,uyafundisa,uyalusa,uyaprofetha,uyavangela.Ukwenza konke ngeziphiwo azibeke eBandleni lakhe.Iziphiwo zika Moya oNgcwele zingezika Jesu Kristu.Uzibeke emzimbeni wakhe ukuze zisebenze ukukhulisa wona uMzimba wakhe.IBandla likaNkulunkulu likhula kakhulu ku Spirit ngenxa yokuthi uJesu Kristu uyiNhloko yalo.

Inkulumo ethi “uMzimba kaKristu” liyisingathekiso esivamile seTestamente elisha . IBandla ngabantu bonke  abasindiswe ngokweqiniso. IBandla lingathekiswa  libizwe “ngoMzimba owodwa ka Jesu Kristu “

ku 

Romans 12:5

kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.

Singu mzimba owodwa” Kwa

1 Corinthians 10:17

Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye.

Singu mzimba kaKristu” kwa

1 Corinthians 12:27

Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye.

Naku

Ephesians 4:12

ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu,

Singu mzimba ka Kristu ku

Hebrews 13:1-3

Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi. Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.

IBandla lifaniswa ngokucacile “noMzimba” kaKristu ku

Ephesians 5:23 

ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.

Naku

Colossians 1:24

Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;

Lapho uKristu efika emhlabeni wethu, wathatha umzimba wenyama “olungiselelwe” Yena

Hebrews 10:5

Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.

Philippians 2:7

kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu;

NgoMzimba wakhe wenyama, uJesu Kristu wabonisa uthando lukaNkulunkulu kithi ngokucacile, ngokubonakalayo, nangesibindi—ikakhulukazi ngokufa Kwakhe okuwumhlatshelo esiphambanweni.

Romans 5:8

kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

Ngemva kokunyuka kwakhe ngokomzimba, physically , u Jesu Kristu uqhubeka nomsebenzi wakhe emhlabeni ngalabo abahlengile—iBandla.IBandla lika Nkulunkulu manje selibonisa uthando lukaNkulunkulu ngokucacile emhlabeni, ngokubonakalayo, nangesibindi. Ngale ndlela, iBandla lisebenza “lingu Mzimba kaKristu.”

Njengoba uJesu Kristu engabonakali emhlabeni ngokwenyama ( physically),usuyabonake manje ukuthi uma kukhona IBandla elingumzimba ka Jesu Kristu kusho ukuthi naye ukhona.IBandla kudingeka lilungise indaba yobunye,ukuthandana nokubekezelelana ukuze abantu babone ukuthi singabantwana baka Nkulunkulu.

IBandla lingabizwa ngoMzimba kaKristu ngenxa yala maqiniso alandelayo:

1) Amalungu oMzimba kaKristu ahlanganiswa noKristu ensindisweni

Ephesians 4:15-16

kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu, okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo njengokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.

2) Amalungu oMzimba kaKristu alandela uKristu njengeNhloko yawo

Ephesians 1:22-23

wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.

3) IBandla lingu mzimba kaKristu.UJesu Kristu ubonakalisa ngathi impilo yakhe emhlabeni namuhla.

4) Amalungu oMzimba kaKristu kuhlala kuwo uMoya oNgcwele kaKristu.

Romans 8:9

Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.

5) Amalungu oMzimba kaKristu anezipho ezihlukahlukene ezifanele imisebenzi ethile

1 Corinthians 12:4-31.     

Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya. Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi. Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke. Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya, omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye, omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe. Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu. Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye. Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi. Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba. Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba. Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na? Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na? Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye. Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.” Kanti ngempela lezo zitho zomzimba ezingathi zibuthakathaka kunezinye ziyadingeka; nalezo zitho zomzimba ezingathi zidelelekile kunezinye, yizona esizazisa kakhulu; nalezo esinamahloni ngazo zihlonipheka kakhulu. Kanti lezo ezinesimo esihle azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu, ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso. Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye. UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi. Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na? Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na? Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu. Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.

6) Amalungu oMzimba kaKristu ahlanganyela isibopho esifanayo nawo wonke amanye amaKristu, kungakhathaliseki isizinda, uhlanga, noma inkonzo. “Akufanele kube khona ukwahlukana emzimbeni, kodwa . . . izitho zaso kufanele zinakekelane ngokulinganayo” ( 1 Korinte 12:25 ).

Umzimba uyimbumba, nakuba wakhiwe ngezitho eziningi; nanxa zonke izitho zawo ziziningi, zibumba umzimba munye. Kunjalo nakuKristu” (ivesi 12).

7) Amalungu oMzimba kaKristu avikelekile ekusindisweni kwawo.Akekho ongasephuca insindiso yethu.Our salvation is guaranteed and sealed by the Holy Spirit.

John 10:28-30

ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.”

Ukuze umKristu alahlekelwe insindiso yakhe, uNkulunkulu kuyodingeka “anqume isitho” eMzimbeni kaKristu!

8) Amalungu oMzimba kaKristu ahlanganyela ekufeni nasekuvukeni kukaKristu

Colossians 2:12

nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

9) Amalungu oMzimba kaKristu ahlanganyela ifa likaKristu

10) Amalungu oMzimba kaKristu athola isipho sokulunga kukaKristu

Romans 5:17

Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu.

UPawulu uthi: “Bingelelani iBandla elisendlini yabo.” UPawulu ubhekise eBandleni elisendlini yabo—hhayi isakhiwo sesonto, kodwa umzimba wamakholwa.

3.Kungani kunama hlelo amaningi emhlabeni?

Kumelwe siqale sikwazi  ukuhlukanisa phakathi namahlelo angaphakathi eMzimbeni kaKristu namahlelo angewona awobuKristu nezinye izinkolo. AmaPresbyterian namaLuthela ayizibonelo zamahlelo obuKristu. AmaMormon noFakazi BakaJehova bayizibonelo zamahlelo (amaqembu azisholo ukuthi angawobuKristu kodwa ephika okukodwa noma ngaphezulu kwezinto ezibalulekile zokholo lobuKristu). UbuSulumane nobuBuddha yizinkolo ezihlukene ngokuphelele.

Ukwanda kwamahlelo enkolweni yobuKristu kungalandelelwa emuva enkathini yenguquko yamaProthestani.I movement  yama Protestant iyinhlangano eyabe yakhelwe ukuguqula  iSonto lama Roma, i Roman Catholic Church eminyakeni yawo 1600 BC. Emizamweni yokulwisana nenqubo mgomo  nokuguqula  imfundiso ye Roman Catholic Church,kwabe sekuqaleka amasonto amakhulu amane anemfundiso yobu Protestant.

Kwaqala kwabakhona amasonto amakhulu obu Kristu:I

1.Lutheran Church

2.Reformed Church

3.Baptist Church

4. Anglican Church

Kusukela kuama sonto amakhulu kwazaleka amanye ama Christian Denominations asabalala umhlabawonke.

izigaba ezine ezinkulu noma amasiko obuProthestani: AmaLuthela, amaReformed, ama-Anabaptist. , kanye ne-Anglican. Kusukela kulawa amane, amanye amahlelo akhula phakathi namakhulu eminyaka.Kuze kube yimanje amasonto asasungulwa.

IBandla lika Nkulunkulu lasungulwa ngu Jesu Kristu kwabakanye.UNkulunkulu uyengeza eBandleni lakhe abasindiswayo.

AbaPhostoli, abaProfethi, abaVangeli, abeLusi  nabaFundisi eBandleni lika Nkulunkulu bonke bangabeLusi bezimvu zika Nkulunkulu,The Church. Akekho phakathi kwethu oyiNhloko  yeBandla. Ngu Jesu Kristu kuphela oyiNhloko ye Bandla lika Nkulunkulu. Wonke amalunga ( parts) eBandla likaNkulunkulu ayathoba phansi kuka Jesu Kristu oyiNhloko.Thinasonke sibalulekile futhi siyingxenye elinganayo yomzimba ka Kristu.Sihlukana ngokwemisebenzi yethu engafani.Omunye uphiwe ukuthi  enze lokhu.Omunye uphiwe ukuthi enze lokhuya ukuze kwakhiwe umzimba owodwa ka Kristu,The Church.

Ephesians 4:11-13

Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu, size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu,

UJesu Kristu usithanda sonke ngothando olulodwa wabe esesipha iziphiwo ezahlukene zika Moya oNgcwele.UJesu Kristu akasahluleli futhi akasibaleli izono zethu, ngoba uye wabhekana ngokupheleleyo nezono zethu esiphambanweni wasinqobela,wasithukulula ekuboshweni yisono.

Sonke sibalulekile futhi  siyalingana  eMzimbeni kaKristu. Siyizinceku. Sidinga ukusebenzela bonke  abantwana bakaNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi bakhonza kuphi ngokwe Local Church.

Matthew 28:18-20

UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”

Asikwazi ukubacwasa  abazelwe ngegazi likaJesu Kristu.Nalabo abangaka phenduki asikwazi ukubalahla.UKristu akasilahlanga.Abangakasindiswa nabo  bayizimvu zalesisibaya.Kufanele sibalande babuye emzimbeni ka Kristu.

Romans 8:31-39

Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na? Ngubani ozakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo; ngubani olahlayo na? UKristu Jesu owafayo, yebo impela, owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguyena osinxuselayo. Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na? Kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, sithiwa izimvu zokuhlatshwa.” Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo. Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.

2 Corinthians 5:19-21

ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana. Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.” Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

Lapha emhlabeni UNkulunkulu uyazinxusela yena ngathi.Uthume thina siyi Bandla lakhe ukuba sizotshela abantu bakhe ukuthi lomhlaba uzogoqwa uphele uthi nya.Kuzofika umhlaba omusha sha esizophila kuwo no Nkulunkulu ingunaphakade.I Bandla likaNkulunkulu lifaka wonke  umuntu ozelwe kabusha,umuntu okholwa yi Nkosi UJesu Kristu.

Thinasonke, siyiBandla likaNkulunkulu sithunyiwe ukuba siye kotshela abantu ukuthi mababuyisane ( reconcile) noNkulunkulu,ngoba uma abantu bengabuyisani no Nkulunkulu bazokufa babhubhe inguna phakade.UJesu Kristu akasazanga isono.UNkulunkulu  wamenza uJesu Kristu isono ngenxa yethu, ukuze kuthi kuyena uJesu Kristu thina senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.Thina sihamba nje singukulunga kuka Nkulunkulu.”We are  the righteousness of God.

John 3:3‭, ‬5‭, ‬14‭-‬15

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.

Kufanele sonke sikhulume ” on behalf of our God”. uNkulunkulu wethu uyasethemba ekunxuseni kwethu,sinxusela uNkulunkulu.UNkulunkulu wethu akasibaleli izono zethu. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu akasasibaleli izono zethu ngoba uJesu Kristu wazikhokhela ngokufa kwakhe esiphambanweni. UJesu Kristu waphatha izono zethu ngendlela efanele.UJesu Kristu wayinqoba impi esikhundleni sethu.Wasikhulula ebugqilini besono. Sihamba nje sikhululwe nguJesu Kristu ebugqilini besono. Sicela ufunde lokho uJesu Kristu akusho kuPetru: Asinakubandlulula labo abazelwe ngegazi likaJesu Kristu. Nalabo abangakaphenduki, ngeke sibalahle. UKristu akasilahlanga. Labo abangakasindiswa yizimvu zalesi sibaya. Balahlekile .Kumelwe sibabuyisele emzimbeni kaKristu..Sihamba nje singabakhululiweyo ngu Jesu Kristu ebugqileni besono. Ake sifunde lokho uJesu Kristu akusho kuPetru.

John 21:15-18

Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.” Wabuye wathi kuye ngokwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yalusa izimvu zami.” Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona; kepha nxa usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona.

Sonke kufanele sikhulume egameni likaNkulunkulu wethu. UNkulunkulu wethu uyasethemba ekunxuseni kwethu.  Sinxusela  uNkulunkulu kubantu ukuze bangalahlwa esihogweni.

 UNkulunkulu akasibaleli izono zethu ngoba uJesu Kristu wazikhokhela icala lethu ngokufa kwakhe esiphambanweni.

Psalms 49:7-9

Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye. Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

UJesu Kristu wafela izono zethu ukuze thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu singabe sisafa.Siphile ingunaphakade.Bekufanele kufe thina.Sasindiswa. UJesu Kristu wafa esikhundleni sethu.Besiboshiwe yisono,futhi besibhubhile.Wasikhulula ebugqilini besono. Sihamba nje sikhululwe nguJesu Kristu ebugqilini besono.Uma  ungakhohlwa ngu Jesu Kristu kuze kufike ukufa isono sikubophile bese uya esihogweni uyodonsa isigwebo sokufa ingunaphakade.

Asingaba bandlululi labo abazelwe ngegazi likaJesu Kristu abangekho kwi Local Church yethu.Nabo basemzimbeni ka Kristu. Nalabo abangakaphenduki,asingaba  lahli. UKristu akasilahlanga nathi.Wasilinda saze saphenduka. Labo abangakasindiswa bayizimvu zalesi sibaya. Balahlekile badukile .Kumelwe sibabuyisele emzimbeni kaKristu.

IBandla lingumzimba kaKristu, yena uyiNhloko yomzimba,iBandla.  UNkulunkulu ubeke uJesu Kristu ukuba abe yiNhloko yabo bonke abakholwa ngu Jesu Kristu.Singabazalwane siyi Bandla likaNkulunkulu .Umzimba kaKristu wakhiwe yibo bonke abakholwayo abakholwa kuJesu Kristu kusukela osukwini lwePhentekoste (Izenzo 2) kuze kube sekubuyeni kukaJesu UKristu. NgokweBhayibheli, kunamaBandla amabili kuphela, okuyiBandla elikhona emhlabeni wonke jikelele, The International Church.Bese kuba neBandla eliseduze kwabantu,The Local Church.IBandla lonke liholwa phakathi kwamahlelo ahlukahlukene.Ngeshwa ama amahlelo abuye aholwe ngabantu abanombono wokusungula” Okwabo”.Ubuholi bamahlelo buyalingeka,bucabange ukuthi IBandla ngelabo, kanti cha, iBandla lingelika Nkulunkulu yena yedwa.IBandla lasungulwa ngu Jesu Kristu ” eminyakeni eminingi edlule.UNkulunkulu uyengeza eBandleni lakhe abasindiswayo usuku nosuku.UNkulunkulu usebenzisa iziphiwo zika Moya oNgcwele ukwandisa abasindiswayo eBandleni lakhe.UJesu Kristu uthi ku Petru:

“Phezu kwalelidwala ngizokwakha IBandla lami.

Matthew 16:16-19

USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini. Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula. Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini, nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.”

IBandla ngelikaJesu Kristu.Uma usunaleyo mentality yokuba umnikazi weBandla,uyozama ukubaleka neBandla likaNkulunkulu ulifake imfundiso yakho engasekelwa yi Bhayibheli.Uphinde futhi uNkulunkulu akuthethelele isono sokuzifunela udumo.Uyehluleka ukuvumela abantwana bakaNkulunkulu ukuze bakhonze uNkulunkulu ngokukhululekile kanye namanye amalungu oMzimba kaKristu.

Amahlelo enze into  enhle emhlabeni, ngo kushumayela iVangeli likaJesu Kristu ukuze kusindiswe abantu abaningi. Nokho, kunento  embi eyenziwa ngamahlelo”.Ukutshela abantu ukuthi babambelele  ezimfundisweni ezakhiwa yiwo amahlelo ayeke isifundiso seZwi lika Nkulunkulu.Isibonelo, akukho eZwini leNkosi ukuthi ezulwini kungenwa ngemisebenzi.Lemfundiso ibukela phansi umsebenzi Omkhulu owenziwe yiGazi lika Jesu Kristu efa esiphambanweni,kuchitheke iGazi lakhe,sithethelelwe izono zethu ukuze singene ekuphileni okuphakade.

Kufanele batshele abantu ukuthi mababambelele ku Jesu Kristu bewu mzimba owodwa ka Jesu Kristu,The Church . Lezizakhiwo ( Doctrines) zize zakhelwe imithethosisekelo ukuze abantu bangakhululeki bakhonze uJesu Kristu bewu mzimbeni wakhe.Izimfundiso zamahlelo zihlukanisa iBandla likaNkulunkulu.Ngakho-ke, kungumsebenzi “Five-Fold Ministry” ukufundisa abazalwane ukuba babambelele ngokuqinile ezimfundisweni zikaJesu Kristu, uMsunguli we Bandla.

Nakuba sikuwo amahlelo,thinasonke, asingaziboni  siyi hlelo  elikhulu lobuKristu, kodwa asijabulele ukuba yingxenye yoMzimba kaKristu.Sijabulele  ukuba se Bandleni  elisendaweni ” Local Church,” kanye nokuba yingxenye ye Bandla elisemhlabeni jikelele, “Universal Church.” Abazalwane esibabiza ngama Branch bayi Bandla eliphelele eli Local,The  Local Church.Banikiwe ugcobo oluphelele ngu Nkulunkulu.Banengqondo.Banamehlo.Banawo onke amandla okuthatha izinqumo ezithinta i Local Church.

UJesu Kristu uyiNhloko yeBandla.Thina siyiBandla likaJesu Kristu.Singabakhe.

IBandla elisemhlabeni wonke jikelele lihlanganisa wonke umuntu,okholwa ngu Jesu Kristu. “Ngokuba sonke sabhapathizwa ngaMoya munye emzimbeni munye—noma singamaJuda noma amaGreki, izigqila noma abakhululekileyo—futhi sonke saphuziswa uMoya munye”

1 Korinte 12:13.

Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.

Leli vesi lisho ukuthi noma ubani okholwa ngu Jesu Kristu uyingxenye yomzimba kaKristu futhi uthole uMoya kaKristu njengobufakazi. Bonke labo abathole insindiso ngokukholwa ngu Jesu Kristu bahlanganisa iBandla likaNkulunkulu elikhona emhlabeni  wonke.

Sibonakala ukuthi siyi Bandla likaNkulunkulu ngokukholwa kwethu nguJesu Kristu.Impela siyilo iBandla lika Nkulunkulu.Inqobo nje uma sikholwa ngu Jesu Kristu,siyingxenye yoMzimba kaKristu.Akunandaba futhi akukhathalekile ukuthi sikhosele ngaphansi  kwaliphi iHlelo ( Denomination ) Simunye eNkosini.Masingavumi ukwahlukaniswa ngamagama amahlelo esikhosele kuwo okwesikhashana.Amasonto ayaphela,thina asizukuphela. Siphila ingunaphakade no Nkulunkulu wethu.Thina singabo Mbuso ongapheliyo.UMbuso ka Nkulunkulu .Kumele sithandane futhi sihloniphane.Singabukelani phansi.Ukuzihlanganisa neBandla likaNkulunkulu kusho ukuqiniseka ngokuthi ungubani ngokukholwa nokwethemba   uJesu Kristu.  IBandla lisho umzimba  kaKristu osemhlabeni emhlabeni wonke jikelele.UJesu Kristu uyi Nhloko yomzimba.

Bonke abakholwa futhi bethembele kuJesu Kristu emhlabeni bayiBandla likaNkulunkulu elisemhlabeni wonke.UNkulunkulu namhlanje usefuna sisebenze sise Bandleni lakhe.Amasonto asebenzela  ukuhlakaza iBandla.

IBandla eli Local lichazwa kahle ku

Galatians 1;1-2

UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo, nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya:

Lapha siyabona ukuthi esifundazweni of saseGalathiya ayemaningi amabandla—ayenenkonzo yendawo futhi ehlakazekile esifundeni sonke. Kwakungamasonto endawo. Isonto lamaBaptisti, ibandla lamaLuthela, i-E-Free, njll., akulona isonto, njengasebandleni lomhlaba wonke; kunalokho, yisonto lasendaweni, indikimba yendawo yamakholwa. Ibandla lomhlaba wonke lakhiwe yibo bonke abangabakaKristu. Amalungu ebandla lomhlaba wonke kufanele afune ukuhlanganyela nokwakhiwa ebandleni lendawo.

Mathew 12:30

“Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.

“Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.

Luke 11:23

Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.

Buyani bazalwane abasontayo.Buyani singene emzimbeni owodwa ka Kristu.

Abantu emasontweni ethu abayizwa indaba yokusebenza njengomndeni owodwa ka Nkulunkulu.Iloyo naloyo uzifunela okwakhe. (  egocentric ).Umuntu wakha UMabuso wakhe awubiyele ngomthethosisekelo wakhe ovikela umbono wakhe.

John 17:1-26.      

   UJesu wakhuluma lokho; wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena, njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade. Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu. Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze. Manje-ke ngikhazimulise wena Baba, kuwe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho. “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho. Sebazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe. Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena. Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe kepha labo ongiphe bona, ngokuba bengabakho. Konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; ngikhazimulisiwe kubona. Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi. Lapho ngise nabo ezweni, ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona, ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo. “Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni. Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso. “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile. Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye, mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile. “Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe. “Baba olungileyo, izwe kalikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile. Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”

IFive – Fold Ministry isebenzela ukuhlanganisa iBandla.Amahlelo namabandla akulona iBandla, kodwa asinika  izinkundla lapho iBandla lithola khona  izimfundiso ngoJesu Kristu. Izakhiwo zeBandla akulona iBandla. IBandla linye futhi lihlanganisa bonke abantu abakholelwa kuJesu Kristu. Maningi amahlelo manje, uNkulunkulu ufuna ukubona iBandla lisebenza nganhliziyonye njengoMzimba  owodwa weNkosi. UJesu Kristu uyiNhloko yoMzimba.Uyinhloko ye Bandla.

Leave a comment