UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”
- Ukushaywa kwesithende kwenzalo yowesifazane ,kusho ukuzingelwa nokubulwa kuka Jesu Kristu esiphambanweni
- Ukuchoboza ikhanda lika Sathane kusho ukusho ukuvuka kukaJesu Kristu ekufeni.
- Ngenkathi uJesu Kristu evuka ekufeni walishaya ikhanda lika Sathane kwaphela nya ngaye.
- Bonke abantu abakholwa ngu Jesu Kristu banokuphila okuphakade okuyinto angayifuni nokuyizwa uSathane
- USathane ufuna ukubhubha nabaningi.Akafuni ukufa yedwa.
- UJesu Kristu wakunqoba ukufa
- Walinqoba ithuna
- Singabanqobi ngenxa Ka Jesu Kristu
- UJesu Kristu wazalwa esimeni lapho wayengafunwa khona ngu Sathane esebenzisa uHerode iNkosi yama Juda.
7.Ukuze uJesu Kristu atholakale, abulawe ekuzalweni kwakhe kwaphuma umthetho kahulumeni othi akubulawe zonke izingane zabafana ezincane Bethlehem lakwa Juda
8.Kwabulawa izingane zabafana ezina two years nangaphansi
9.Kulesosihluku esinjalo wasinda umntwana uJesu Kristu
10.UJesu Kristu wayefuniswa okwe nyamazane.Uma ethi uya le kuthiwe vimba ngaphambili.
11.Kodwa ngoba icebo lika Nkulunkulu lokwambula uNkulunkulu kubantu wabe engakalifezi iNkosi yasindisa komubi.
12 Kwathi noma esebulewe uJesu Kristu ,kodwa wangakubona ukubola
Acts 2:31 ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola.
13. Inzalo yowesifazane nguJesu. Njengoba ezelwe yintombi nto, uyinzalo yowesifazane ngokoqobo
12.UJesu Kristu ungummeleli ophelele wesintu sonke
13..Inzalo kaSathane kwakungamadoda amabi namandla amademoni, okuthi njengenyoka, acinga uMsindisi futhi amshaya ambulala
14. Itulo labo elinobuthi lalahla uJesu Kristu ngecala ukuba abethelwe esiphambanweni.
15.Ngokwabo babethi banqonile kanti uJesu Kristu uzovuka ngosuku lwesithathu.Walishaya ikhanda lika Sathane,umbulani, iNyoka endala.
16..UJesu wavuka ngosuku lwesithathu, ephula amandla okufa futhi wazuza ukunqoba kokugcina. 17..Ngesiphambano, uJesu “wachoboza” ikhanda likaSathane wamehlula phakade.
18..Ngakho, kuGenesise 3:15, ukuchotshozwa kwekhanda lenyoka kwakuwumfanekiso wokunqoba kukaJesu Kristu phezu kwesono noSathane esiphambanweni
Johane 12:31
Ngakho isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”
19. USathane, nakuba esasebenza kuleli zwe,kodwa uyisitha esinqotshiwe. Ukubhujiswa kwakhe kuqinisekisiwe ngu Jesu Kristu.
20.Uma nje ukholwa ngu Jesu Kristu futhi umethemba yena yedwa,khohlwa wukuthi uSathane kukhona asangakwenza ngempilo yakho.USathane usefana nenja ekhonkotha ingasenawo amazinyo.
Leave a comment