1Thessalonians 4:13–18
Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo, ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo. Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi
Kulencwadi uPawulu ukhuluma ngosizi lwabaseThesalonika ngokufa kwamakholwa.UPawula uqinisekisa abazalwane ngokuthi labo abafele kuKristu bayovuka kuqala ekufikeni kwakhe.Abaphilayo bayohlangana Naye emoyeni.UPawula ukhuthaza iBandla ukuba baduduzane ngala mazwi kuloludaba lokufa.
Ukubhekana nosizi
1 Thesalonika 4:13
Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.
Abazalwane babehlala belusizi uma beshonelwa ngabathandiweyo babo,Abanye bekhala lokhu kwangempela,bengenalo ithemba.UPawula uyabakhuthaza uyabaqinisa lapha ngokuthi abatshele ukuthi abafileyo akuphelile ngabo.Bazovuka bavukele ekuphileni okuphakade.Abakholwa yi Nkosi uJesu Kristu bazovuka ngokuvuka kokuqala ( The Rapture ).Abangakholwa ngu Jesu Kristu abezukuvuka bona ngokuvuka kokuqala ( The Rapture ).Abazalwane abahlwithiwe nge Rapture bazovuka baye ekwahlulelweni kwabo
” In the Judgement Seat of Christ “
Isihlalo sokwahlulela [bema] sikaKristu”
2 Corinthians 5:10
Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu,( The Judgement Seat of Christ) ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.
Kulokhu kwahlulela amaKristu azothola amazinga omvuzo ngemisebenzi yawo noma inkonzo yawo kuNkulunkulu.Siyi Bandla lika Nkulunkulu sizokwahlulelwa sodwa ” in the Judgement Seat of Christ”.
Thina sizokwahlulelwa ukwahlulelwa okuhluke kakhulu kulokhu kwahlulelwa okuzokwenza
” In the Great White Throne Judgement”,
uKwahlulela KweSihlalo sobuKhosi esiKhulu esiMhlophe .The Great White Throne Judgement is the Final Judgement.
Revelation 20:11-15
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
Umbhalo usinikeza isizathu sokungahlulelani: “Ngokuba sonke siyakuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu. . . . Ngakho-ke, yilowo nalowo kithi uyakuziphendulela kuNkulunkulu”
Roman 14:10–12.
Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi, ‘kimina ayakuguqa amadolo onke, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ” Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.
Akekho kithi ofanelekela ukuba uMahluleli. INkosi uJesu kuphela efanelekile, futhi konke ukwahlulela kuphathiswe Yona
John 5:22
Sonke siyoma ngolunye usuku phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu ( The Judgement Seat of Christ)
Isihlalo sokwahlulela sikaKristu sihlanganisa isikhathi esizayo lapho amakholwa eyoziphendulela kuKristu. Nansi imfundiso ecacile yoMbhalo:
“Kumelwe sibonakale sonke phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze ngamunye wethu amukele okumfanele ngezinto azenzile ngesikhathi esemzimbeni, noma ezinhle noma ezimbi”
“Ngokuba liyini ithemba lethu, noma intokozo, nomqhele wethu wokuzibonga na? Akunina yini phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwayo na?
Ukulindela isihlalo sokwahlulela sikaKristu, siyaqaphela esikushoyo nesikwenzayo kulempilo. UJakobe unikeza lesi seluleko:
“Khulumani futhi nenze njengabayokwahlulelwa ngomthetho onikeza inkululeko”
James 2:12
Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.
Matthew 12:36
Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.
Sifuna ukulandisa ngenjabulo ngalolo suku, futhi yingakho silwela ukukhonza uJehova ngokwethembeka namuhla.
2 Corinthians 5:10
Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu,(The Judgement Seat of Christ ) ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.
Isixwayiso sibhekiswe kumaKristu, hhayi kwabangakholwa. Njengoba uJesu afundisa emfanekisweni wakhe, iNkosi izobuya, ngaleso sikhathi iyofuna ukulandisa ezincekwini zayo
Luke 19:11–26.
Isihlalo sokwahlulela sikaKristu ( The Judgement Seat of Christ ) sehlukile kwiSihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe ( The Great White Throne Judgement ) . Ukwahlulela kweSihlalo sobukhosi esikhulu esiMhlophe kuyoba kungu kwahlulela kokugcina kwababi ngaphambi kokuba baphonswe echibini lomlilo
Revelation 20:11–15
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
Abayivela phambi kwesihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe kuyoba ngabantu abangakholwa.
Johane 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Thina Bangcwele sizovela phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu ( The Judgement Seat of Christ )
Isihlalo sokwahlulela sikaKristu asinqumi ( Does not determine our Salvation ) ukusindiswa kwethu.Indaba nokusindiswa kwethu seyalungiswa ngomhlatshelo kaKristu ngenxa yethu.UKristu wafa waba ngumhlatshelo ophelele ukuze thina sithethelelwe izono zethu.Disindiswe.
Abazalwane nabo bazokwahlulelwa nguKristu.Ukulunga kukaKristu kubalelwe kithi namagama ethu abhaliwe encwadini yokuphila. Siyovuzwa, singajeziswa, ngokwezenzo zethu.Sizonikwa umvuzo wethu.
Romans 14:10-12
Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi, ‘kimina ayakuguqa amadolo onke, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”
Thinasonke siyiBandla siyokuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu futhi ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.
1 John 2:2
yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.
kanye nokholo lwethu Kuye
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Zonke izono zethu zithethelelwe, futhi “akukho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu”
Romans 8:1
Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.
UJesu wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade, akayikwahlulelwa, kepha udlule ekufeni, wangena ekuphileni.”
John 5:24
“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.
Ngakho, amakholwa avikelekile kuKristu, kodwa kusamelwe avele phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu. Kuyoba isikhathi sokuhlolwa nesikhathi somvuzo. UJesu uzohlola imisebenzi yethu. Senzeni ngezinsiza uNkulunkulu asinike zona? Sasithembeke kangakanani? Ingabe sasizinikele kuMoya, sifuna ukudumisa uKristu nokuqhubekisela phambili umsebenzi wakhe emhlabeni na? Uma kunjalo, sizoba nomvuzo
Matthew 10:41–42
Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo. Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”.
UPawulu ufanisa inkonzo yethu yobuKristu nokwakha isakhiwo:
1 Corinthians 3: 11-15
Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.
IBhayibheli likhuluma ngamakholwa amukela imiqhele yezinto ezihlukahlukene. Imiqhele ehlukahlukene ichazwe
Kunemiqhele yasezulwini emihlanu okukhulunywa ngayo eTestamenteni Elisha ezonikwa amakholwa. Bangumqhele ongenakonakala, umqhele wentokozo, umqhele wokulunga, umqhele wenkazimulo, nomqhele wokuphila.
Sikholelwa ukuthi isihlalo sokwahlulela sikaKristu yilapho imiqhele izoklonyeliswa khona, futhi lokhu kuzokwenzeka ezulwini maduzane ngemva kokuhlwithwa kweBandla
1 Thesalonika 4:13–18
Ekugcineni kweBhayibheli, uJesu wathi, “Bheka, ngiyeza masinyane! Umvuzo wami unami, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo njengalokho akwenzileyo” (IsAmbulo 22:12). Lapho ulungiselela isihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukhetha “ukwakha” ngani? Igolide, isiliva, namatshe ayigugu—izinto eziyohlala zikhona? Noma ukhuni, notshani, notshani—izinto ezingeke zime ngosuku lokuvivinywa?
1 Corinthians 3:10b–15
Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni. Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?
Isihlalo sokwahlulela sikaKristu futhi akusona isikhathi sokujezisa isono. UJesu wasithatha kwaba kanye kuphela. Isihlalo sokwahlulela sikaKristu yisikhathi lapho siyobizelwa khona ukuba sibike, silandise ngalokho esikwenzele uJesu. Kuyoba isikhathi esibucayi nesidingekayo sokulandisa, kodwa, njengabahlengiweyo bakaNkulunkulu, asisoze salahlwa kanye nababi.
Njengoba silindele isihlalo sokwahlulela sikaKristu, siyaqaphela esikushoyo nesikwenzayo kulokhu kuphila. UJakobe unikeza lesi seluleko: “Khulumani futhi nenze njengabayokwahlulelwa ngomthetho onikeza inkululeko” ( Jakobe 2:12 ; cf. Mathewu 12:36 ). Sifuna ukulandisa ngenjabulo ngalolo suku, futhi yingakho silwela ukukhonza uJehova ngokwethembeka namuhla.
IBhayibheli likhuluma ngamakholwa amukela imiqhele yezinto ezihlukahlukene.
Kunemiqhele yasezulwini emihlanu okukhulunywa ngayo eTestamenteni Elisha ezonikwa amakholwa. 1.umqhele ongapheliyo, 2.umqhele wentokozo, 3.umqhele wokulunga, 4.umqhele wenkazimulo, 5.nomqhele wokuphila.
1) Umqhele ongapheliyo
1 Corinthians 9:24-25
Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.
Zonke izinto kulo mhlaba ziyobola futhi ziyoshabalala. UJesu uyasinxusa ukuba singazibeki ingcebo yethu emhlabeni “lapho inundu nokugqwala kubhubhisa khona, nalapho amasela efohla khona ebe”
Matthew 6:19
“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.
Lokhu kufana nalokho uPawulu ayekusho ngalolo mqhele wamahlamvu owawuzophethuka uwohloke. Kodwa akunjalo umqhele wasezulwini; ukukhuthazela ngokwethembeka kuzuza umvuzo wasezulwini “oyifa elingenakonakala nelingangcolile nelingabuni, elibekelwe nina ezulwini”
1 Peter 1:4
sibe nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini;
2) Umqhele wentokozo
1 Thessalonians 2:19
Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na?
Philippians 4:4
Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!
ukuba ‘sijabule ngaso sonke isikhathi eNkosini’ ngazo zonke izibusiso ezichichimayo uNkulunkulu wethu onomusa asithululele zona. NjengamaKristu sinokuningi kulokhu kuphila okufanele sijabule ngakho kunanoma ubani omunye. ULuka usitshela ukuthi kukhona ukuthokoza ezulwini
Luke 15:7
Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.
Umqhele wenjabulo uyoba umvuzo wethu lapho “uNkulunkulu eyosula zonke izinyembezi . . . ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala; Ubuhlungu abusayikuba-khona, ngokuba okokuqala kudlulile”
Revelation 21:4
azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
3) Umqhele Wokulunga
2 Timothy 4:8
sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
Sizuza lo mqhele ngokulunga kukaKristu okuyikhona okusinika ilungelo lawo, futhi ngaphandle kwawo ongeke watholakala. Ngenxa yokuthi utholwa futhi ungowakho ngendlela elungile, hhayi ngamandla nangenkohliso njengoba ngezinye izikhathi unjalo imiqhele yasemhlabeni, uwumqhele waphakade, othenjiswe kubo bonke abathanda uJehova futhi abalindele ngokulangazela ukubuya kwayo. Ngokukhuthazela kwethu ukudangala, ukushushiswa, ukuhlupheka, noma ngisho nokufa, siyazi ngokuqinisekile ukuthi umvuzo wethu ukuKristu phakade
Philipians 3:20
Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,
4) Umqhele Wenkazimulo
1 Petru 5:4
kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.
Nakuba uPetru ekhuluma nabadala, kumelwe futhi sikhumbule ukuthi umqhele uyonikezwa bonke abalangazelela noma abathanda ukubonakala Kwakhe. Leli gama elithi “inkazimulo” liyigama elithokozisayo elibhekisela esimeni sikaNkulunkulu kanye nezenzo Zakhe. Kubandakanya ubukhazikhazi nokukhanya Kwakhe okukhulu. Khumbula uStefanu owakhandwa ngamatshe waze wafa, wakwazi ukubheka ezulwini futhi wabona inkazimulo kaNkulunkulu
Acts 7:55-56
Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu, wathi: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.”
Isaiah 42:8
“NginguJehova; yilo igama lami; angiyikunika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
Isaiah 48:11
Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami.
Galathiya 1:5
makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen.
Iphinde ibone ukuthi amakholwa abusiswe ngendlela emangalisayo ukungena embusweni, emfanekisweni kaKristu uqobo Lwakhe. Ngoba njengoba uPawulu akubeka ngobuciko, “Ngokuba ngithi izinhlupheko zalesi sikhathi azinakulinganiswa nenkazimulo ezokwambulwa kithi”
Romans 8:18
Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.
5) Umqhele wokuphila
Revelation 2:10
“Ungesabi lutho lwalezo zinto osazohlupheka ngazo. Yebo, uSathane usezaphonsa abanye kini etilongweni, ukuze nilingwe, nibe nosizi izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.
Lomqhele ungowabo bonke abakholwayo, kodwa uthandeka kakhulu kulabo abakhuthazelela ukuhlupheka, ababhekana ngesibindi nokushushiswa ngenxa kaJesu, kuze kube sekufeni. EmiBhalweni igama elithi “ukuphila” ngokuvamile lisetshenziselwa ukubonisa ubuhlobo obufanele noNkulunkulu. KwakunguJesu owathi, “Mina ngize ukuba babe nokuphila futhi babe nakho kuchichime kakhudlwana”
John 10:10
Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
Njengoba nje izinto ezinjengomoya, ukudla, namanzi zibalulekile ekuphileni kwethu okungokwenyama, uJesu usinikeza lokho okudingekayo ekuphileni kwethu okungokomoya. Nguye onikeza “amanzi aphilayo.” “Uyisinkwa sokuphila”
John 4:10
John 6:35
Siyazi ukuthi ukuphila kwethu kwasemhlabeni kuzophela. Kodwa sinesithembiso esimangalisayo esiza kuphela kulabo abeza kuNkulunkulu ngoJesu: “Futhi yilesi isithembiso asithembisa sona—ukuphila okuphakade”
1 John 2:25
Abafe bengakholwa ngu Jesu Kristu,nabo bazovuka kodwa bavukele ukuyokwahlulelwa balahlwe esihogweni.Bona bazovuka ngokuvuka kwaSibili.Ngenxa yokuthi izono zabo azithethelelwe,bona bazovuka baye kwi ” Great White Throne Judgement”.Lokhu kungu kwahlulela kwesihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe
Revelation 20:11-15
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
I “The Great White Throne Judgement” iwukwahlulelwa kokugcina ngaphambi kokuba abalahlekile baphonswe echibini lomlilo. Siyazi kusukela ku
Revelation 20:7-15
Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe, aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle. Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda; noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade. Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo. Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
ukuthi lokhu kwahlulela kuyokwenzeka ngemva kweminyaka eyinkulungwane nangemuva kokuba uSathane ephonswe echibini lomlilo lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga
Revelation 19:19-21
Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe. Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule. Nabaseleyo babulawa ngenkemba ephuma emlonyeni wakhe owayehlezi ehhashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.
Revelation 20:7-10
Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe, aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle. Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda; noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
Izincwadi ezivuliwe Revelation 20:12
Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
ziqukethe imibhalo yezenzo zawo wonke umuntu, kungakhathalekile ukuthi zinhle noma zimbi, ngoba uNkulunkulu wazi konke okwake kwashiwo, kwenziwa, noma kwacatshangwa, futhi uyovuza noma ajezise ngamunye wabo ngokufanele
Psalms 28:4
Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo; banike njengokwenza kwezandla zabo, baphindisele abakwenzileyo.
Psalms 62:12
Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.
Roma 2:6
Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.
Revelation 2:23
ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.
Psalms 18:2,6
Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.
Futhi ngalesi sikhathi, kuvulwa enye incwadi, ebizwa ngokuthi “incwadi yokuphila”
Revelation 20:12
“… nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
Yile ncwadi enqumayo ukuthi umuntu uyozuza yini ukuphila okuphakade noNkulunkulu noma athole isijeziso saphakade echibini lomlilo. Nakuba amaKristu enecala ngezenzo zawo, athethelelwe kuKristu futhi amagama awo alotshwa “encwadini yokuphila kusukela ekudalweni kwezwe”
Revelation 17:8
Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona.
Siyazi futhi ngokusuka emiBhalweni ukuthi kungalesi sahlulelo lapho abafileyo ‘beyokwahlulelwa ngokwalokho abakwenzileyo’
Revelation 20:12
Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
nokuthi “igama lanoma ubani” ‘elingatholakali lilotshiwe encwadini yokuphila’ liyophonswa “echibini lomlilo”
IsAmbulo 20:15
Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.
UJesu Kristu ufika emhlabeni:
1.OKOKUQALA ENGUMNTWANA
UJesu Kristu usefikile ewumntwana,indodana,enguLizwi,engu Nkulunkulu.Ufikile waqala iMinistry yakhe abe eyithunye ngu Nkulunkulu ukuba azoyenza emhlabeni:
- Ukutshela abantu ngombuso ka Nkulunkulu ozayo
- Ukufundisa ngezibonelo ngombuso ka Nkulunkulu ukuze kucace kithi kuthi bha ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu.
- Ukukhombisa ngezimangaliso nezibonalaliso ukuthi uMbusa ka Nkulunkulu uzokuba ngu Mbuso onamandla kakhulu,futhi ungumbuso wokugcina emhlabeni awuzukushiyela eminye imibuso
- Umbuso wase Babele,wenkosi uNebuchedinassari , wabusa washiyela
- Umbuso wama Medo-Perisiya ( Medo-Persia)
- Namhlanje lendawo yama Medo-Persia isibizwa nge IRAN.
- Umbuso wama Medo-Perisiya wabusa washiyela umbuso wama Greek ( Greece )
- Umbuso wama Greek wabusa washiyela umbuso wama Roma- iRoman iRoman Empire
- UJesu Kristu uzalwe kubusa umbuso wama Roma
- UJesu Kristu ufe wabulawa ngumbuso wamaRoma uhlangene namaJuda: abaFarisi,ama priest nezazi mthetho
- Umbuso wamaRoma namanje usaphila usabusa ‘indirectly” emazweni omhlaba
- Abafunda i “Law” bayazi ukuthi amazwe omhlaba ane Justice System esuselwa kwi Roman Law
- Ngakho umthetho wamaRoma wasebenza njengesisekelo somthetho kulo lonke elaseNtshonalanga Yurophu, kanye nasemakoloni amaningi angaphambili alezi zizwe zaseYurophu, kuhlanganise neLatin America, kanye naseTopiya. Umthetho ovamile wamaNgisi nama-Anglo-American nawo wasuselwa kuwo umthetho wamaRoma, ikakhulukazi kuhlu lwamagama olusemthethweni lwesiLatini.
- UJesu Kristu wabekwa amacala ukuze thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu singabekwa i nacala ngu Nkulunkulu ngenxa yesono esisukela ensimini yase Eden
- Icala lethu ulithethile,lamlahla walithwala wabulawa ukuze thinasonke siyiBandla sibe nokuthula
- Isaiah 53:3-5
- Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
- Lamlahla kungafanele wavuma ukubethelwa kanye nezelelelesi esiphambanweni.UJesu Kristu wayenawo onke amandla okubiza 10000 angels zizoqeda ngezitha zakhe kodwa wakhetha ukuthoba njengemvu iya kumgundi
- Wafa wasifela ukuze thinasonke siyiBandla singabhubhi kodwa siphile ingunaphakade
- Wavuka ngosuku lwesiThathu
- Wabonakala kwabaningi esemzimbeni omusha onenkazimulo kaNkulunkulu
- Wayengadingi ukuvulelwa uma engena “in the upper room” lapho abafundi bakhe ababekheleka khona.Wayesemzimbeni okwazi kungena kuvaliwe.
- Nathi sizovuka sigqokisiwe umzimba ofana nomzimba we Nkosi yethu uJesu Kristu
- Umzimba ophila ingunaphakade
- UJesu Kristu wenyukela ezulwini kuNkulunkulu,engu Nkulunkulu
- Webuye wehla ngosuku lwePhentekoste,
- Kuse nguye uNkulunkulu kodwa engu Moya oNgcwele ukuze ahlale kubona bonke abakholwa nguNkulunkulu enguMoya oNgcwele
- Uhlala kithi nathi Sihlala kuye
- Njengamanje ukulo i Bandla lakhe unguMoya oNgcwele esibekwe uphawu ngaye
- Uphawu olungu Moya oNgcwele lungubufakazi bokuthi thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu singabantwana baka Nkulunkulu kuze kube phakade
- Insindiso esiyemukele ngesihle ivela ku Jesu Kristu ingeyethu singeyamuncwe muntu
2.UJESU KRISTU SILINDELE UKUTHI AFIKE NOMA YININI KUSUKELA MANJE. SILINDELE UKUHLWITHWA KWE BANDLA : THE RAPTURE
- Nge Rapture uJesu Kristu uzofika ame emkhathini alinde iBandla lakhe.IBandla lika Jesu Kristu likhulu kakhulu kakhulu ngoba lihlanganisa bonke abantu abakholwa nguJesu abasaphila nalabo asebadlula emhlabeni eminyakeni eminingi ningi esiyadlula.IBandla ( The Church) likhona emaGumbini omane omhlaba.Shiya phansi ukuthi bakuliphi iHlelo uma nje bekholwa nguJesu Kristu futhi bemethemba yena yedwa labobantu bayi Bandla likaNkulunkulu.Basindisiwe
- UJesu Kristu uzofika kanye nazo zonke izingelosi zakhe esuka ezulwini
- Kuzokube kungokokuqala ukuthi izulu lingabi nazo izingelosi okwesikhashana mhla zilande thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu.Izingelosi zizosuka ezulwini zize lapha emhlabeni.
- Zizofika zihamba no Jesu Kristu zize lapha emhlabeni. Kuzokwenzeka isehlo esibizwa ngokuthi ” UKUHLWITHWA KWE BANDLA ” ( THE RAPTURE OF THE CHURCH)
- I Rapture yisehlo esikhulu esizokwenzeka emhlabeni wonke,nesingakaze senzeke.Lesisehlo kuzokuba ngokoku qala ukuthi senzeke.Sizoqala ngathi singu Makoti we WUNDLU .Nge Rapture uNkulunkulu uzoqoqa bonke abantu abakholwa ngu Jesu Kristu abasemhlabeni wonke jikelele,abasaphila nalabo asebedlulile.UNkukunkulu uzobaqoqa bonke ngokuphazima kweso.Kuzovuka kuqala abalele bahlwithelwe ezulwini.Thinasonke esisaphila siyohlangana nabo abaleleyo emoyeni besesihamba sonke siyohlangana beNkosi uJesu Kristu emoyeni.Yona iNkosi uJesu Kristu iyosihola njalo njalo isise ezilwini.
- UNkulunkulu uzobaqoqa abazalwane abasuse emhlabeni ngenhloso yokuba SINDISA, ukuze bangatholi ukwahlulelwa ngezinhlupho zolaka lukaNkulunkulu oluzokwehlela emhlabeni ngesikhathi sobunzima nesosizi ( Seven Year Tribulation Priod ) Revelation 6 kuya 18.
- UNkulunkulu uzobahlulela abasemhlabeni abangakholwa ngu Jesu Kristu.Uma selihlwithiwe i Bandla kuzoqala isikhathi sosizi.Isikhathi esinzima.Lesisikhathi sizodonsa iminyaka eyisikhombisa umhlaba wahlulelwa kabuhlungu
- UJesu Kristu angafika nomayinini kusukela manje
- Iziprofetho zonke ebekumele zigcwaliseke ngaphambi koku hlwithwa kwe Bandla sezigcwalisekile.
- IBandla lizohlwithwa lihlwithelwe ezulwini
- Abafileyo bafela eNkosini bazovuka ngokuphazima kweso
- Amathuna abo azokwehluleka ukubagcina ngoba bazokube sebesemzimbeni omusha onenkazimulo kaNkulunkulu .Noma amathuna abo evaliwe bazo phuma bahlangabeze iNkosi uJesu Kristu emoyeni
- Thinasonke esisaphila sikholwa ngu Jesu Kristu asizukukubona ukufa nokubola uma kwenzeka i Rapture.
- Imizimba yethu izoguqulwa ibe yimizimba enokuphila okuphakade
- Lokhu kungukuvuka kokuqala ( The First Resurrection)
- Loyo iNkosi emhlelele ukuthi avuke kwasekuqaleni umhlaba ungaka sekelwa iNkosi uJesu Kristu izomvusa,avukele enjabulweni yaphakade.Kulokhu kuvuka kokuqala ngoMoya oNgcwele umuntu ozovuka akasezukuya ekwahlulelweni kokulahlwa ngenxa yesono, ngoba izono zakhe zithethelelwe ngu Jesu Kristu
- Sonke sizovuka sihambe siye kokwahlulelwa ukuze sinikezwe imiqhelele yethu kuye ngemi sebenzi yethu emihle noma emibi esiyenzile sisahamba emhlabeni.
- Owenze kahle uyokwahlulelwa ngalokho uyokwamukela umqhele wokwenza kahle
- Umuntu okholwayo ngu Jesu Kristu owenze kabi naye uyokwahlulelwa ngalokho okubi akwenzile. Akayikuwuthola umqhele ngenxa yokwenza kabi.
- Uyokwamukwa ( Akayikunikwa) umqhele, kodwa yena uqobo, ngenxa ka Jesu Kristu owasifelayo uyakusindiswa akayi ekwahlulelweni kokufa. Akayi esihogweni.Thina bazalwane asiyikwahlulelwa silahlwe echibini lomlilo.U Nkulunkulu asenzele umusa Saphunyuka enkembeni ngokukholwa nguJesu Kristu.Siyi Bandla siyokwahlulelwa sinikwe imiqhele.Uma sizivuma izono zethu kuJesu Kristu, siphenduka kubona bonke ububi bethu siyathethelelwa khona manje.Ukwahlulelwa kwethu kungukuthi sinikwe imiqhele ngemisebenzi emihle esiyenzile sisahamba emhlabeni noma siphucwe imiqhele ngemisebenzi emibi esiyenzile sisahamba emhlabeni kodwa sisindiswe olakeni luka Nkulunkulu oluzokwehlela bonke abantu abangakholwa GA ngu Jesu Kristu
3.UKUFIKA KUKA JESU KRISTU KWESITHATHU EMHLABENI SIKULINDELE UKUTHI KWENZEKE NGOKUBUYA KUKA JESU KRISTU EMHLABENI NGOKWESIBILI ( THE SECOND COMING OF JESUS CHRIST)
- Nge Second Coming uJesu Kristu uzodlula emkhathini ahambe ngamafu aze azofika emhlabeni
- Akezukulinda IBandla lakhe emoyeni njengakwi Rapture.Nge Rapture iBandla lizosuka emhlabeni liye ezulwini lihamba no Jesu Kristu.
- Nge Second Coming iBandla lizosuka ezulwini lihamba no Jesu Kristu lize emhlabeni. Ngesikhathi uJesu Kristu ebuya emhlabeni nge Second Coming,iBandla lizokuba selivele lise sezulwini. I Bandla lizokuba yinxenye yezimpi nasezulwini uJesu Kristu azobuya nazo nge Second Coming.UJesu Kristu uzofika azoqeda impi yase Armageddon ezokube isemhlabeni.UJesu Kristu uzobuya azoqeda udlame nodlambedli oluzokube ludalwa ngu:
- Sathane
- uMphiki Kristu
- No Mprofethi Wamanga
- UJesu uzofika neBandla nazo zonke izimpi zasezulwini.
- Ezulwini ngokwesibili akuzukusala ngisho eyodwa ingelosi.
- Izingelosi zonke nabazalwane bonke bazokwehla no Jesu Kristu besuka ezulwini beza emhlabeni.
- Uma uJesu Kristu ebuya nge Second Coming uzofika emhlabeni kunempi enkulu
- Impi engakaze ibekhona selokhu umhlaba wasekelwa
- Lempi ibizwa ngesi Hebheru ngokuthi yimpi yase “ARMAGEDDON” ( THE BATTLE OF ARMAGEDDON )
- Kulempi amazwe onke omhlaba azohlasela uIsrael
- Azokube eholwa nguMphiki Kristu kanye noMprofethi wamanga namadimoni
- Amazwe omhlaba azokube ehlose ukuqeda ngo Israel
- UJesu Kristu uzokwehla nge Second Coming afike anyathele ngezingawo zakhe phezu kwentaba yemiNqumo ( Mount Olive )
- INtabaYeminqumo isempumalanga ye Jerusalem ( East of Jerusalem)
- INtaba Yeminqumo yayiyindawo yezehlakalo eziningi eziseBhayibhelini futhi iyokuba yindawo okuyogcwaliseka kuyo iziprofetho esikhathini esizayo.
- Ngezinsuku zokugcina uJesu Kristu abezokhashelwa ngazo uvakashe kwaze kwaba kathathu entabeni Yeminqumo
- Ukuvakasha kukaJesu kwesiThathu kwakuwubusuku akhashelwa ngabo. Ngalobo busuku baqala ngeSidlo Sakusihlwa Sokugcina eJerusalema futhi baphelela eNsimini yaseGetsemane eNtabeni Yeminqumo.
- Ngaleso sidlo sePhasika sokugcina, uJesu wageza izinyawo zabafundi Bakhe wabe esembula uJudas njengomkhapheli
- John 13:1–30
- Ekupheleni kwesidlo, uJesu wamisa iSivumelwano Esisha futhi wamisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa (Mathewu 26:26–29; I Korinte 11:23–26). Wabe esethatha abafundi Bakhe waya eNsimini yaseGetsemane (ngokwezwi nezwi, “Insimu yesikhamo samafutha”) esendaweni esentshonalanga yeNtaba Yeminqumo.
- Lapho, uJesu wathandaza ebuhlungu lapho ecabanga ngosuku oluzayo. Ngakho enqotshwe ukwesabeka kwalokho ayezobhekana nakho ekubethelweni kwakhe ngosuku olulandelayo, izithukuthuku Zakhe “zazinjengamathonsi egazi” ( Luka 22:44 ) futhi uNkulunkulu wathumela ingelosi evela ezulwini ukuba izomqinisa ( Luka 22:43 ).
Ngemva kokuthandaza kukaJesu, kwafika uJuda Iskariyothe nesixuku samasosha, abapristi abakhulu, abaFarisi nezinceku bezobopha uJesu. - UJuda wabonisa uJesu ngophawu olwaluhlelwe kusengaphambili lokumanga, alunikeza uJesu.
- Ezama ukuvikela uJesu, uPetru wahosha inkemba wahlasela indoda egama layo linguMalkusi, inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe.
- UJesu wakhuza uPetru futhi welapha indlebe yale ndoda, ebonisa amandla kaNkulunkulu ayisimangaliso (Luka 22:51).
- Noma kunjalo, isixuku sambamba uJesu samyisa enkantolo, kuyilapho abafundi behlakazeka besaba ukuphila kwabo.
- Ngemva kwezilingo, ukubethelwa, nokuvuka, uJesu waphinda wema eNtabeni Yeminqumo. Phakathi nokubonakala Kwakhe okokugcina ngemva kokuvuswa kwabafileyo, uJesu wahola abafundi Bakhe “waze waya ngaseBethaniya, [futhi] waphakamisa izandla zakhe wababusisa. Esababusisa wabashiya, wenyuselwa ezulwini.
- Bakhuleka kuye, babuyela eJerusalema benokuthokoza okukhulu” (Luka 24:50–52). IzEnzo 1:12 zicacisa ukuthi “indawo yaseBethaniya” ngempela kwakuyiNtaba Yeminqumo.
Ngokushesha ngemva kokwenyuka kukaJesu, izingelosi ezimbili zatshela abafundi eNtabeni Yeminqumo ukuthi “yena lo Jesu, othathwe kini wayiswa ezulwini, uyobuya ngendlela efanayo enimbonile eya ngayo ezulwini.”— IzEnzo 1:11 . - Ngokomprofethi uZakariya, uJesu ngeke abuye ngendlela efanayo kuphela, kodwa endaweni efanayo. Esiprofethweni esihlobene nezikhathi zokugcina, uZakariya uyamemezela, “Ngalolo suku izinyawo zakhe ziyakuma eNtabeni Yeminqumo, empumalanga yeJerusalema, futhi iNtaba Yeminqumo iyoqhekeka kabili kusukela empumalanga kuye entshonalanga, kwenze isigodi esikhulu, ingxenye yentaba iye enyakatho enye ingxenye iye eningizimu” ( Zakariya 14:4 ).
- Yona kanye indawo lapho uDavide alila khona lapho enqotshwa futhi lapho uJesu akhashelwa futhi enqatshwa khona kuyoba yindawo lapho uJesu ebuya khona ngokunqoba phezu kwazo zonke izitha zaKhe.
- Impi yase Armageddon, uJesu Kristu uzufika emhlabeni ayiqede ngokushesha
- Abulalele izitha zakhe
- Uyokubamba uMphiki Kristu noMprofethi wamanga abaphonse bezwa echibini lomlilo
- Emva kwe Tribulation nempi yase Armageddon,uJesu Kristu uzomisa uMbuso wakhe wemi Nyaka eyiNkulungwane emhlabeni ( Millennial Kingdom of Jesus Christ)
- Thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu siyobusa izizwe no Jesu Kristu. 4. EMVA KWEMINYAKA EYINKULUNGWANE YOKUBUSA KUKA JESU KRISTU NANGEMVA KOKUVUKA KWESIBILI LAPHO KUZOVUKA KHONA ABANGAKHOLWA NGU JESU KRISTU NOKWAHLULELWA KWABO,
- UJesu Kristu uzofika okokugcina emhlabeni ezomisa uMhlaba omusha nombuso wokuphila ingunaphakade Revelation 21
Igama elithi ” ukuhlwithwa” livela egameni lesiLatini elisho “ukususa endaweni, ukuthutha, noma ukuhlwitha.” Nakuba igama elithi ( Rapture ) ukuhlwutha lingekho eBhayibhelini,kodwa umqondo “wokususa” iBandla emhlabeni” ufundiswa ngokucacile emBhalweni.
Ukuhlwithwa kweBandla kuyisehlakalo lapho uNkulunkulu “ehlwitha” bonke abakholwa yi Nkosi UJesu Kristu ebasusa emhlabeni ukuze ehlise ukwahlulela kwakhe okulungileyo ekuthululela emhlabeni. Ukuhlwithwa kwe Bandla kuchazwa kahle ku-
1 Thessalonians 4:13–18
Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo, ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo. Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi.
kanye naku
1 Corinthians 15:50–54.
Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli. Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe. Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi. Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”
Ngesikhathi sokuhlwithwa kwe Bandla, uNkulunkulu uyovusa bonke abakholwa nguJesu Kristu abafile, abanikeze imizimba ekhazinyulisiwe, futhi abasuse emhlabeni, kanye nabo bonke abakholwayo abaphilayo, nabo bayonikezwa imizimba ekhazimulayo ngaleso sikhathi.
“Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini, ngezwi elikhulu, ngezwi lengelosi enkulu nangokukhala kwecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala. Ngemva kwalokho, thina esisaphila futhi esisele siyohlwithwa kanye nabo emafwini ukuze sihlangabeze iNkosi emoyeni. Ngakho-ke siyoba neNkosi kuze kube phakade”
1 Thesalonika 4:16–17
ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
Ukuhlwithwa kuzobandakanya ukuguqulwa kwemizimba yethu ngokuphazima kweso ukuze ifaneleke ukuphila phakade. Siyazi ukuthi lapho uKristu ebonakala, siyofana naye, ngoba siyombona njengoba enjalo.
1 John 3:1-3
Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena. Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo. Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
Imfundiso yokuhlwithwa kwe Bandla likaNkulunkulu ayizange ifundiswe eTestamenteni Elidala, yingakho uPawulu eyibiza ngokuthi “imfihlakalo” eyembulwa manje:
1 Corinthians 15 :51-52
Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.
Ukhona umehluko phakathi kokuhlwithwa kwe Bandla nokubuya kweSibili kuka Jesu Kristu . Ekuhlwithweni kwe Bandla ( Rapture ) iNkosi u Jesu Kristu iza “ngamafu). INkosi uJesu Kristu izosihlangabeza “emoyeni”
1 Thesalonika 4:17
khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
Ekufikeni kweSibili ( The Second Coming ) iNkosi uJesu Kristu izokwehla yehlele emhlabeni ifike emhlabeni ime phezu kwe Ntaba Yeminqumo.Ukuma kukaJesu Kristu phezu kwalentaba kuzodala ukuzamazama komhlaba okukhulu okuzolandelwa ukunqotshwa kwezitha zikaNkulunkulu
Zakariya 14:3–4
UJehova uyakuphuma, alwe nalabo bezizwe njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa. Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.
Leave a comment