UKUBUYA KWESIBILI KUKA JESU KRISTU EMHLABENI

Acts 1:10-14

Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.” Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha. Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.

UkuBuya Kwesibili KukaKristu kuzoba yisehlo  somhlaba wonke jikelele.Kuzokuba yisehlo esikhazimulayo esingakaze sibonakale ngaphambili.Ukubuya kuka Jesu Kristu emhlabeni kuyivuthondaba (culmination ) yalokho uJesu Kristu asenzela kona ngokufa kwakhe  esiphambanweni.

Kubalulekile ukukhumbula ukuthi ukuBuya kweSibili kukaJesu Kristu akusho ukuphela kwayo yonke into emhlabeni.UJesu Kristu usazobuya ahlale emhlabeni abuse umhlaba eside isikhathi.Ukubuya kuka Jesu Kristu kweSibili kusho ukuguquka ( transition) kwempilo ebesiyiphila  uJesu Kristu singaka mamukeli.Kusivezela ukuthi  singubani njengoba sikhethe uJesu Kristu waba Msindisi wethu.

Siyazi ukuthi kuzoba khona ukuBuya kweSibili kukaKristu.Siyatshelwa ngokubuya kweSibili kuka Jesu Kristu  eBhayibhelini. UJesu Kristu kea PROFETHWA ukuthi uzozalwa,uzofika emhlabeni.Nebala wafika uJesu Kristu emhlabeni kwakhulelwa ngokuka Moya yintombi nto uMariya unina kaJesu Kristu.Wazalwa waba ngumntwana.Lokhu kungukufika  wakhe kokuQala.Kulokhu kufika kuka Jesu Kristu kokuQala wafika emhlabeni esewusana, waphila ukuphila okungenasono,wenza umsebenzi ka Nkulunkulu kulabo  azalelwa kubo.UJesu Kristu wafa wafela ukholo waba ” Martyred.Wathwala  isijeziso obekufanele sitholwe yithi esihogweni ngenxa yezono zethu.Wafa ngenxa yezono zethu ukuze thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu sibe nokuthula.Izono zethu zithethelelwe ngu Nkulunkulu. Asisezukufa,Noma sifa sizovuka siphile no Nkulunkulu ingunaphakade.

Kwathi lapho uJesu Kristu eseyiqedile inkonzo yakhe yasemhlabeni , kwadingeka asuke kubafundi bakhe. UJesu Kristu wenyuselwa ezulwini

Luke 24:50-53

Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini. Bakhuleka kuye, baphindela eJerusalema benokuthokoza okukhulu. Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu.

Acts 1:9-11

Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo. Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”

UJesu Kristu uzisholo yena ukuthi uyabuya

John 14:1-3

“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.

” Ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.”

Lawa ngamazwi anika ithemba ukuthi ukhona uJesu Kristu.Ikhona insindiso.Siyaqiniswa ukuthi emva kokuphila kabuhlungu kulomhlaba, sivika izigameko ezimbi umzuzu nomzuzwana,,uJesu Kristu uzokubuyisa ukuthula emhlabeni. Thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu sizohlala noJesu Kristu ingunaphakade kulomhlaba yasemhlabeni omusha.

Revelation 21:1

Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.

Ukubuya kukaJesu Kristu kweSibili kuyoba yisehlakalo esingakaze  sibonakale emhlabeni. Ngenkathi umhlaba uhlangabezana nezigigaba ezimbi zokubusa kuka Mphiki Kristu, ukuza kweSibili  kukaJesu Kristu kuzoba yisehlakalo esizobonwa ngabantu bonke emhlabeni wonke kanye kanye . Ukuza kuka Jesu Kristu kweSibili kuyokuba ukubuya  okukhazimulayo.UJesu Kristu siyombona ekhazimula. Kuyokuba yisikhathi esijabulisayo njengoba uJesu Kristu ebuyela  kubantu bakhe. Ukubuya kuka Jesu Kristu kweSibili kusho  ukuphela komhlaba ogcwele   isono.Encwadini kaThithu, ukubuya kuka Jesu Kristu kweSibili kuchazwa njenge themba elibusisiweyo,

“the blessed hope

Titus 2:12-13

uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje, sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu

Igama elithi “ubusisiwe” lingasho “ukujabula” noma “ukuzuzisa”. Ithemba lethu “libusisiwe” ngoba ukubuya kukaJesu kuyoba yinto emangalisayo, nejabulisayo kokholwayo ku Jesu Kristu. Siyojabula ngokungenakulinganiswa lapho sibona uKristu ebuya. Uvivinyo lwalokhu kuphila luyophela, futhi sizobona ukuthi “ukuhlupheka kwethu kwamanje akuyilutho uma kuqhathaniswa nenkazimulo ezokwambulwa kithi mhlazane kubuya uJesu Kristu.

Isaaih 53:4-5

Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

Romans 8:18

Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.

Igama elithi ” ithemba”

 liyisiqiniseko esijabulisayo sokuthi  uJesu uyithemba lethu, futhi akekho ongasusa lelo themba kithi. “Ithemba alisijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo”.Siyi Bandla likaNkulunkulu siphiwe uMoya oNgcwele oyisibambiso sefa lethu lokuphila okuphakade.

Romans 5:5

ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.

Khona-ke, “ithemba elibusisiwe,” isiqinisekiso esijabulisayo sokuthi uNkulunkulu uyodlulisela izinzuzo Zakhe kithi nokuthi uJesu Kristu uzobuya. Silindele lo mcimbi manje. UJesu wathi uzobuya

John 14:3

Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.

Izenzo 1:11

athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”

UJesu angabuya noma yinini ngenxa yeBandla lakhe elise mhlabeni. IBandla lika Jesu Kristu lihlanganisa wonke amakholwa akholwa ngu Jesu Kristu kusukela ngosuku lwePhentekoste kuZenzo 2 kuqhubeke kuze kube yilapho ebuyakhona nge Second Coming. Kune sehlakalo  sokubuya kuka Jesu Kristu esibizwa ngokuthi yi ” Rapture”, ukuhlwithwa kwe Bandla. Ukubuya kuka Jesu Kristu nge Rapture akusiyona I Second Coming ngoba uJesu Kristu akezukufika emhlabeni ngqo.Uzogcina emoyeni bese elinda khona IBandla lakhe.Ukubuya kuka Jesu Kristu nge Rapture kuzomenyezelwa ngezwi lengelosi enkulu nokukhala kwecilongo likaNkulunkulu. Imizimba yalabo abafileyo iyovuswa ukuze ihlanganiswe nemiphefumulo yabo, khona-ke imizimba yalawo makholwa asaphila emhlabeni iyoshintshwa ibe umzimba ofana nomzimba weNkosi uJesu Kristu evuka ekufeni. Amakholwa avusiwe kwabafileyo namakholwa aphilayo ekubuyeni kukaKristu nge Rapture ayohlangana neNkosi emoyeni athathwe ayiswe ezulwini.

1 Thessalonians 4:13-18

Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo, ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo. Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi.

1 Corinthians 15:50-54

Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli. Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe. Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi. Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”

Amakholwa afile ayovuswa imizimba yawo, kanye namakholwa asaphila, ayohlangana neNkosi uJesu Kristu emoyeni. Konke lokhu kuzokwenzeka  ngokuphazima kweso.
Ukuza kweSibili yilapho uJesu ebuya ezonqoba UMphiku Kristu, abhubhise ububi, futhi amise uMbuso waKhe weminyaka eyinkulungwane,i Millennial Kingdom . Ukuza kweSibili kuchaziwe ku 

Revelation 19:11-16.

Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI

1.Kwi ” Rapture”, amakholwa ahlangana neNkosi emoyeni.

1 Thessalonians 4:17

khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.

Nge Second Coming,bonke  abakholwa ngu Jesu Kristu baya buya neNkosi uJesu Kristu emhlabeni

Revelation 19:14

Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.

 

Leave a comment