Isaah 40:31
kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
But those who wait on the Lord Shall renew their strength; They shall mount up with wings like eagles, They shall run and not be weary, They shall walk and not faint-NKJV
Unyaka odlule awubanga muhle kuwe.Ushayekile kakhulu.Ushayeke physically ,washayeka spiritually na psychologically ushayekile.Amandla aphelile.You are dispirited.Uzizwa uphansi.Uqala unyaka ukhathele.Izimo esihlangabezana nazo empilweni zingasenza sibe ” dispirited”.Siphelelwe ngamandla.Sibe distressed.” Sibe nokhwantalala.Sifise ukufa kunokuphila. Don’t give up your faith.
There is God.Khuluma ukuphila phezu kwempilo yakho.Do not look at the size of your bad situation,but look at our God who is Greater than all our situations.Greater is He who is in us than the one who is in the World.
Bazalwane ngiyafisa ukuthi sazi,siqonde futhi nibone ukuthi siyiBandla likaNkulunkulu thinasonke sikhonza uJehova onguNkulunkulu ingunaphakade.Nango lulodwa usuku lapho uyoke uzwe khona ukuthi uNkulunkulu akekho kithi.UNkulunkulu wethu uhlala ekhona.Owethu uNkulunkulu akakhandwa,akenziwanga ngezandla.Akathengwangwa lapho kudayiswa khona onkulunkulu.Aka bunjwangwa ngebumba.Ungu Nkulunkulu ophilayo.A living God.Akunamfanekiso esingawukhonza sithi ungunkulunkulu wethu. Never!
John 1:1-3
Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.
UNkulunkulu wethu nguye ongu Mdali wemikhawulo yonke yomhlaba.Umhlaba uqala kuye uphele kuye.Konke kwavela ngaye.Ungu Nkulunkulu yena yedwa.Never doubt the presence of God in your life.
UNkulunkulu wethu akakhathali; ukuqonda kwakhe akuphenyeki. Unika okhatheleyo amandla, onamandla amancane uyawandisa amandla akhe.
Emhlabeni izinsizwa ziyakuphelelwa amandla, zikhathale,izinsizwa ziyawa phansi; kodwa labo abamethembayo uJehova bayothola amandla amasha; bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi; bayakugijima bangakhathali; bayahamba bangapheli amandla”.
Never give up and lose hope.
Njengo khozi luvikela abantwana balo,unjalo uJehova kulabo abamethembayo.UJehova uliqhawe lethu.Unamandla okusivikela.Uyasinakekela. Ukhozi luthwala abantwana balo lubahanbise endaweni ephephile.UJehova usivikela imihla nama langa ku Sathabe nakuwo amadimoni.Ngabe sesaphela ukuba uNkulunkulu wethu akasibikeli.
Ukhozi luyaziwa ngamandla nesibindi esinalo esimweni sezulu esiyingozi.Ukhozi lukwazi ukundizela ngaphezulu kwesimo esibi sezilu.Kakhulu ke uNkulunkulu ungaphezulu kwesimo zethu zonke.Asimethembe uNkulunkulu.
Ukuze siqonde kahle ngokusivikela kwakhe ukuNkulunkulu usebenzisa isifengqo:
Ukhozi luvikela abantwana balo
Exodus 19:1–6
Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi. Sebesukile eRefidimi, befike ehlane laseSinayi, bamisa ehlane; u-Israyeli wahlala khona phambi kwentaba. UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye, wathi: “Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi. Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami, nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”
SiyiBandla lika Nkulunkulu sibekezelwe umyalelo womusa wokuthi:
John 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
UNkulunkulu usithanda ngendlela yokuthi unikela ngendodana yakhe enguye uNkulunkulu uqobo.Weza emhlabeni wafika wabekwa icala, engenalo icala.Wahlulelwa. Wagwetshwa ukufa ukuze kuthi loyo naloyo okholwa ngu Jesu Kristu,angabhubhi kodwa Abe nokuphila okuphakade.
Yini enye uNkulunkulu angasenzela yona sijabule kakhulu,edlula ukusipha isipho somusa esiwukhphila okuphakade na?Sizophila ingunaphakade no Nkulunkulu ezulwini.
Ngaphezulu kokusipha ngomusa ukuphila okuphakade,bazalwane
sibonile lokho akwenzile kwabaseGibithe. UNkulunkulu wabathwala bantwana bakhe, uIsraeli, ngamaphiko okhozi wabasondeza kuye.. Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami, nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli
Kule ndima, uJehova unikeza uMose umyalezo kubantu bakhe: “Nina ngokwenu nikubonile lokho engakwenzayo eGibhithe, nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi nganiletha kimi. Manje uma ningilalela ngokugcwele futhi nigcina isivumelwano sami, khona-ke niyoba impahla yami eyigugu kuzo zonke izizwe” (amavesi 4-5).
Leave a comment