Amen Bazalwane ngiyanibingelela egameni le Nkosi yethu uJesu Kristu
Bazalwane ngifisa ukwethula le WHAT’SAPP GROUP njenge group yabazalwana abakholwa yiNkosi uJesu Kristu noma ngabe bakhonza kuyiphi iChristian Denomination ( iHlelo ).
Le Group akusiyo igroup yesonto elithile ,futhi asichwasi muntu.Samukela ukuthi iBandla likaNkulunkulu lihlanganisa bonke abantu abakholwa nabathemba uJesu Kristu.Wena nathi:
siluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owasibizayo saphuma ebumnyameni, sangena ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;
1 kaPetru 2:9
Uma nje ukholwa ngu Jesu Kristu futhi umethemba yena yedwa ngifisa ukukuqinisekisa ukuthi ungumntwana kaNkulunkulu.Thina nawe singumzimba ka Jesu Kristu.UJesu Kristu uyiNhloko yoMzimba.UyiNhloko yeBandla.
We are The Body of Christ constituted by all people who believe and trust in Jesus Christ.Njenga manje “We are waiting for the Rapture of the Church, where the Church will meet the Lord in the air and the Second Coming of Jesus Christ to this very earth.”
I RAPTURE
Iyisehlo lapho uNkulunkulu ezoqoqa khona bonke abantu abakholwa ngu Jesu Kristu,abasuse emhlabeni ukuze basindiswe lapho uNkulunkulu ehlisa ulaka kwakhe,ahlulela umhlaba ngenxa yesono.
Bonke abazalwane bazonyukela emafini bayohlangana no Jesu Kristu emoyeni,yena uJesu Kristu uzobathatha abazalwane abahambise ezulwini ku Nkulunkulu.
1 Thessalonians 4:13-17
Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo, ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
I SECOND COMING
Isehlo lapho uJesu Kristu ezofika khona emhlabeni anqobe zonke izitha zakhe. Uzobulala u Mphiki Kristu noMprofethi wamanga.Uzobulala nabo bonke abantu emhlabeni abangakholwa ngu Jesu Kristu ngenhloso yokwahlulela umhlaba ngenxa yesono.UJesu Kristu uzoqeda nya ngesono emhlabeni.
After the Second Coming you will never ever hear about the rule of sin on earth.The world will experience peace and stability for the first time.
During the Second Coming, UJesu Kristu uzokube esemisa uMbuso wakhe wemi Nyaka eyiNkulungwane ( Millennial Kingdom of Jesus Christ) khona lapha emhlabeni.
Bonke abazalwane bazokwehla besuka ezulwini bevela kuNkulunkulu, behamba no Jesu Kristu beza ngqo kuwo lomhlaba esiphila kuwo,” the planet earth”,nge Second Coming.
Nge Rapture abazalwane bayanyuka no Jesu Kristu baya ezulwini Ku Nkulunkulu.Nge Second Coming abazalwane bayehla no Jesu Kristu beza emhlabeni,bavela Ku Nkulunkulu.
Revelation 19:11-21
Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.” Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe. Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule. Nabaseleyo babulawa ngenkemba ephuma emlonyeni wakhe owayehlezi ehhashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.
In the Group ,we are performing the activities that will promote unity in The Church and the growth of the Body of Christ regardless of where you are physically located in the world.
1.We share the Word of God in one accord
2.We base all what we preach,teach and discuss on what the Bible says
3.What is not confirmed by the Bible does not belong to the Church.
4. We can ask the questions and answers will be given by well trained team members who pray and read of the Bible guided by the Holy Spirit.
5. We can recruit members of the Body of Christ who wishe to work or learn in the group.
6.If you wish to share or become an intercessor in the group you can communicate privately with an administrator Pastor Sotomela.Pastor Sotomela’s Cell phone number is:
+27 73 936 9238
They will programme you so that you work for the Lord with other members of the Body of Christ.
7.Ngiyacela bazalwane si meme abanye abantwana bangene e grouping yomzimba ka Kristu.Abazalwane bangawashiyi ama Local Church abo.Asibumbane sibe silapho sikhonza khona ukuze sitshele abazalwane esikhonza nabo ukuthi SIMUNYE EMZIMBENI KA JESU KRISTU: JOHN 17
8.Ngelinye ilanga siyo hlangana enkundleni siyiBandla elilodwa lika Nkulunkulu siyokusho ngezwi elilodwa sithi:
UNGCWELE ! UNGCWELE UJESU KRISTU!
Simemezele ukuthi uJesu uyabuya nge Rapture nange Second coming.
9. As we are all guided by the GREAT Commission in Matthew 28:16 -20,we can invite one another in our Local Churches for support
OWENU EMZIMBENI KA JESU KRISTU: THE CHURCH
Jabulani Dlamini
Leave a comment