SINGUMAKOTI WE WUNDLU,UJESU KRISTU

Siyabonga kakhulu,Mrs IN Nyawo, Mom uDumakude ngenkonzo uNkulunkulu asiphe yona.

Mathewu 25:1–13 

“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni. Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile. Ngokuba eziyiziwula zithatha izibani kaziwaphathanga amafutha. Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo. Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala. “Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’ “Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo. Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’ “Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: ‘Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.’ “Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango. “Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: ‘Nkosi, nkosi, sivulele.’ “Kepha waphendula wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.’ “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.

Kulencwadi ekhuluma ngomfanekiso wezintombi ezilishumi,umkhwenyana nguJesu Kristu.Lomfanekiso uchaza ukubuya kukaJesu Kristu nge Rapture nange Second Coming

ETestamenteni eLidala uNkulunkulu uzifanekisa njengo myeni ka Israeli.

Namhlanje uNkulunkulu ukhuluma neBandla lakhe.Uthi masingesabi, Asiyikujabha.Singazenyezi ngokukholwa kwethu.Bazalwane asidukanga.Sakhethwa nguye uJehova umhlaba ungakasekelwa.Nathi ngokusizwa nguye  uNkulunkulu samukela isipho sethu esikhulu somusa esiyinsindiso ngokukholwa ngu Jesu Christu.UNkulunkulu uthi singabi namahloni.Uma siku Christ uNkulunkulu uyakhohlwa yihlazo lobusha bethu.Uthi nathi singabe sisawakhumbula amahloni okungabi naNkulunkulu wethu. UMenzi wethu  ungu Myeni wethu. NguJehova Sebawoti igama lakhe.ONgcwele ka-Israyeli manje usenguMhlengi wethu ngenxa kaJesu Kristu owasifelayo.UNkulunkulu wethu unguNkulunkulu womhlaba wonke.Bonke abamethembayo nabakholwa yiNdodana yakhe uJesu  Kristu, ungu Nkulunkulu wabo.Ngesikhathi singaka kholwa ngu Jesu Kristu,uNkulunkulu ubesibona singumfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni.Namhlanje singumlobokazi.Singu Makoti we Wundlu.Sithengiwe ngenani elikhulu.Inani nentengo yempilo yethu iphezulu kakhulu.Bekunzima ukuthi sisindiswe . Akekho obengakhona ukusi khokhela inhlawulo yethu ahlawule uNkulunkulu ukuze singaboni ukubola ngaphandle kuka Jesu Kristu.

Psalms 49:7-9

Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye. Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

Isaaih 54:4–6

“Ungesabi, ngokuba awuyikujabha, ungabi namahloni, ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho. Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho, uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke. Ngokuba uJehova ukubizile njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni; umfazi wobusha ukhona omalayo na?” usho uNkulunkulu wakho.

Isaaih 62:4-5

Awusayikuthiwa Oshiyiweyo, nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo, kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile. Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe; nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.

Hosea 2:19

Ngiyakuzimisela wena ube ngumkami kuze kube phakade, ngizimisele wena ngokulunga, nangokwahlulela, nangomusa, nangobubele.

Kwi Testamenteni eLisha uJesu Kristu uvezwa engu myeni we Bandla.

John 3:27–30 

UJohane waphendula wathi: “Umuntu angelwamukele utho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini. Nina ngokwenu niyangifakazela ukuba ngathi: ‘Angisiye uKristu mina, kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe.’ Onomlobokazi ungumyeni, kepha umhlobo womyeni omiyo emuzwa uthokoza nokuthokoza ngezwi lomyeni. Le ntokozo yami isiphelele. Umelwe ukukhula yena, nginciphe mina.

Matthew 9 :15

UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.

  Mark 2:19–20

UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile. Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku.

  IBandla lichazwa emiBhalweni njengomlobokazi kaKristu

Ephesians 5:25–32

Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi, ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala. Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla; ngokuba singamalungu omzimba wakhe. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.

Iphuzu eliphelele nelibonakala kalula kulomfanekiso wezintombi ezilishumi wukuthi uKristu uzobuya ngehora elingaziwa.Abantu bonke kufanele balungele ukubuya kukaJesu Kristu.Ukulungela ukubuya kuka Jesu Kristu ukuthi sonke sikholwe nguJesu Kristu.Zonke izintombi zazilele ngesikhathi kufika umbiko wokuthi umyeni esefikile.Unyeni wethu uzofika noma yini kusuka manje. Kungenzeka ukuthi uJesu Kristu afike sisebenza, sidla, silele, noma sizijabulisa. Noma ngabe yini esiyenzayo kodwa masingakhohlwa ukuthi uJesu Kristu uzobuya.

Izintombi ezihlakaniphile zimele abakholwa ngu Jesu Kristu.Izintombi eziyiziwula zimele abantu abangakakholwa ngu Jesu Kristu,kodwa okufanele basheshe baphendukele kuye ngoba akusasele nosuku zatshwala ukuthi abuye.

Uma sikholwa ngu Jesu Kristu futhi simethemba ayikho indlela lapho angabuye asiphike khona athi akasazi.UJesu Kristu ungu Myeni wethu forever.Nothing can divorce us from His love.

Uma  sikulungele ukubuya kukaKristu, kufanele sizalwe kabusha ngokukholwa nguJesu Kristu.Sikholwe wukufa kukaJesu Kristu.Sikholwe ukuvuka kwakhe  kwabafileyo

John 3:16

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

John14:6

UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.

Roma10:9 10    

       Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.

                                                       1 Corinthians  15:1- 4

Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize. Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,

Ephesians 2:1-10

Uniphilisile nani enanifile ngeziphambeko nangezono zenu, enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli, esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye. Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe – wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu, kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu. Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

Ukukholwa nokusindiswa nguJesu Kristu kuzibonakalisa kuzo zonke izenzo zempilo yethu.Kuzobonakala ngezithelo zikaMoya ukuthi sisindisiwe.

Galathiya 5:22 – 25

Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo. Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko. Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.

Titu 2:11-14

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje, sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.

Leave a comment