KUSHO UKUTHI  UKUKHULEKA KUNKULUNKULU NGEGAMA LIKA JESU KRISTU?

2 Kings 20:1-8

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya uMprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.” Wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu. Kwathi u-Isaya engakaphumi emzini ongaphakathi, izwi likaJehova lafika kuye, lathi: “Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova. Ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu, ngikophule wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya; ngiyakuwuvikela lo muzi ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ” Wathi u-Isaya: “Landani isigaxa samakhiwane.” Basilanda, basibeka ethumbeni, wasinda. Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na?”

Ngo-701 BC, uHezekiya kanye noJuda wonke babhekana nenkinga. Ama-Asiriya, umbuso wezwe owawubusa ngaleso sikhathi, ahlasela uJuda futhi ahlasela iJerusalema. Abase-Asiriya base bevele bewunqobile umbuso wasenyakatho wakwa-Israyeli nezinye izizwe eziningi, manje base besongela uJuda 

2 Kings 18:13 

Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.

Ekusabiseni kwabo idolobha laseJerusalema, abase-Asiriya bamdelela obala uNkulunkulu kaJuda, bemfanisa nonkulunkulu abangenamandla bezizwe ababezinqobile 

2 Kings 18:28–35

Wayesema uRabi Shake, wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda, wakhuluma wathi: “Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya. Isho kanje inkosi, ithi: ‘Maningakhohliswa nguHezekiya, ngokuba akayikuba namandla okunophula esandleni sami; futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi: “UJehova uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.” ’ “Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba inkosi yase-Asiriya isho kanje, ithi: ‘Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe, ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo nezinyosi, ukuba niphile, ningafi.’ Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho eniyenga ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula.’ Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na? Baphi onkulunkulu baseHamati nase-Aripadi na? Baphi onkulunkulu baseSefarivayimi, nabaseHena, nabase-Iva, na? Balophulile iSamariya esandleni sami na? Ngobani phakathi kwabo bonke onkulunkulu bamazwe abophule izwe lakubo esandleni sami ukuba uJehova alophule iJerusalema esandleni sami na?”

Ngalesikhathi i Asiriya yayisimnqobile uIsrael ongenhla okuyi Northern Kingdom of Israel eyayakhiwa yizizwe   eziyishumi zakwa Israel.Abakwa Israel mbase bethunjiwe sebengaphansi kwe Assyria.I Northern Kingdom yayibuswa ngu yinkosi uHosheya

2 Kings 15:30

UHosheya, indodana ka-Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.

I Asiriya kwasekusele u ukuthi  linqobe uJuda  kuphela bese kuphela ngo Israel wonke ka Nkulunkulu,kodwa uJehova wanqaba no Juda.UNkulunkulu watshela uHezekiya ngomlomo kaMprofethi u-Isaya ukuthi i Asiriya angeke lingene Jerusalema.I Southern Kingdom of Israel yayakhiwa yisizwe sakwa Juda nesizwe sakwa Benjamin.

Ebhekene nosongo lwase-Asiriya, uHezekiya wathumela izwi kumprofethi u-Isaya 

2 Kings 19:2

Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.

UJehova, ngo-Isaya, waqinisekisa inkosi ukuthi i-Asiriya alisoze langena eJerusalema. Kunalokho, abahlaseli babezobuyiselwa ekhaya, futhi idolobha laseJerusalema liyosindiswa

2 Kings 19:32–34 

“Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi: “ ‘Ayiyikungena kulo muzi, ayiyikucibishela mcibisholo khona; ayiyikubhekisa kuwo isihlangu, ayiyikunqwabela iduli ngakuwo. Indlela eyafika ngayo, iyakubuya ngayo; ayiyikungena kulo muzi, usho uJehova. Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”

Ethempelini, uHezekiya uthandaza umthandazo omuhle ecela usizo, ecela uNkulunkulu ukuba aziphendulele: “Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sikhulule esandleni sakhe, ukuze imibuso yonke yomhlaba yazi ukuthi wena wedwa, Jehova, unguNkulunkulu” 

2 Kings 19:19

Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu, yebo, wena wedwa.”

2 Kings 19:10–12

‘Niyakukhuluma kanje kuHezekiya inkosi yakwaJuda, nithi: “UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.” Bheka, wena uzwile okwenziwe ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na? Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene abaseThelasari, bazophula na?

UNkulunkulu, ethembekile njengenhlalayenza, wasigcina isithembiso sakhe sokuvikela iJerusalema. “Ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ( 185 000 ) ekamu lama-Asiriya. Lapho abantu bevuka ngakusasa, bheka, kwakukhona zonke izidumbu!”

2 Kings 19:35 

Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.

And it came to pass on a certain night that the angel of the Lord went out, and killed in the camp of the Assyrians one hundred and eighty-five thousand; and when people arose early in the morning, there were the corpses—all dead. NKJV

Abase-Asiriya abasele bagqashula ngokushesha futhi bahoxa benqotshiwe. “Ngakho uJehova wamsindisa uHezekiya nabantu baseJerusalema. . . . Wawanakekela nxazonke” 

2 Chronicles 32:22

UJehova wasindisa-ke uHezekiya nabakhileyo eJerusalema esandleni sikaSaneheribi inkosi yase-Asiriya nasesandleni sabo bonke abanye, wabahola nxazonke.

Isaiah 43:1-3

Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami. Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho, iKushe neSheba esikhundleni sakho.

UHezekiya ngenye yamakhosi akwaJuda eyayi hlala eqaphela ukwenza izenzo ezinhle phambi kukaNkulunkulu.IBhayibheli lichaza uHezekiya njengenkosi eyayinobuhlobo obuseduze noNkulunkulu, ‘eyayenza okuhle nokulungile nokuthembekile phambi kukaJehova uNkulunkulu wayo.

2 Kings 16:20

U-Ahazi wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uHezekiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

UHezekiya, indodana yenkosi embi u-Ahazi, wabusa umbuso waseningizimu wakwaJuda iminyaka ewu 29 kusukela c. 715 kuya ku-686 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu. Waqala ukubusa eneminyaka engu-25

2 Kings 18:2

Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalingu-Abi indodakazi kaZakariya.

UHezekiya wayeshisekela kakhulu ukujabulisa uJehova .

2 AmaKhosi 18:5-8

Wamethemba uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli kwaze kwangabakho onjengaye phakathi kwawo onke amakhosi akwaJuda nakuwo ayengaphambi kwakhe. Ngokuba wabambelela kuJehova, akasukanga ekumlandeleni, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose. UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga. Wachitha amaFilisti kwaze kwaba seGaza nemikhawulo yalo, imibhoshongo yabalindi nemizi ebiyelweyo.

Phakathi nokubusa kwakhe, abaprofethi u-Isaya no Mika babekhonza kwaJuda.Ngemva kokubusa okubi kuka-Ahazi, kwakunomsebenzi omningi okwakumelwe wenziwe.UHezekiya wahlanza indlu ngesibindi. Ama-altare, izithombe namathempeli amaqaba wawacekela phansi. Inyoka yethusi uMose ayeyenzile ehlane nayo yabhujiswa, ngoba abantu babeyenze yaba yisithombe esibaziweyo

  2 Kings 18:4 

Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera,* wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba ngalezo zinsuku; yabizwa ngokuthi uNehushitani.

Ithempeli elise Jerusalema, eliminyango yalo yayivalwe ngu Ahazi uyise kaHezekiya, lahlanzwa laphinde lavulwa. Ubupristi bukaLevi babuyiselwa 

2 Chronicles 29:5

wathi kubo: “Ngizweni nina maLevi; zingcweliseni, niyingcwelise nendlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, nikhiphe ukungcola endaweni engcwele.

futhi iPhasika labuyiselwa njengeholide lesizwe

2 Chronicles 30:1 

UHezekiya wathumela kuye wonke u-Israyeli noJuda, walobela o-Efrayimi noManase izincwadi ukuba beze endlini kaJehova eJerusalema, bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika.

Ngaphansi kwezinguquko zikaHezekiya, imvuselelo yafika kuJuda.

Ngenxa yokuthi iNkosi uHezekiya yayibeka uNkulunkulu kuqala kukho konke eyayikwenza, uNkulunkulu wamphumelelisa. UHezekiya “wanamathela kuJehova, akayekanga ukumlandela; wayigcina imiyalo uJehova ayala ngayo uMose. INkosi yayinaye; wayephumelela kukho konke akwenzayo”

2 Kings 18:6–7

Ngokuba wabambelela kuJehova, akasukanga ekumlandeleni, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose. UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga.

I-Asiriya yayingomunye wemibuso eminingi eyayihlala esifundeni  saseMesophothamiya.  Lo mbuso wawuhlanganisa izingxenye eziningi ze-Iraq yanamuhla, Iran, Kuwait, Syria, kanye neTurkey.

Nokho, ngemva nje kokuphulukiswa kwakhe, uHezekiya wenza iphutha elikhulu. AbaseBhabhiloni bathumela isipho kuHezekiya, ngoba babezwile ukuthi uHezekiya wayegula. Ngokuzidla kobuwula uHezekiya wabonisa abaseBhabhiloni yonke ingcebo yakhe, lonke isiliva negolide, nakho konke okwakusenqolobaneni yakhe. Akukho lutho uHezekiya angazange alubonise phambi kwabo. U-Isaya wamsola uHezekiya ngalesi senzo futhi waprofetha ukuthi yonke inkosi eyayibonise abaseBhabhiloni ngolunye usuku bayoyiswa eBhabhiloni—kanye nenzalo kaHezekiya.

2 Kings 20 : 1 – 8

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.” Wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu. Kwathi u-Isaya engakaphumi emzini ongaphakathi, izwi likaJehova lafika kuye, lathi: “Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova. Ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu, ngikophule wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya; ngiyakuwuvikela lo muzi ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ” Wathi u-Isaya: “Landani isigaxa samakhiwane.” Basilanda, basibeka ethumbeni, wasinda. Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na?”

UHezekiya inkosi yakwa Juda waphendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova.Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

Waqala wabala imisebenzi emihle nemikhulu.Wabala izinto ezinhle azenzile   phambi kuka Nkulunkulu.Nangempela uNkulunkulu wabona ukuthi uHezekiya  usebenzile senzile okuhle phampi kuka Nkulunkulu.

Khumbula !!!

Namhlanje sisindiswa ngomusa.Simukela insindiso ngokukholwa ngu Jesu Kristu indodana ka Nkulunkulu ophilayo.Ayikho imisebenzi eminingi nemihle esingayiletha kuNkulunkulu ukuze asithethelele izono zethu.

John 3:16

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

” …ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.”

Kwathi u-Isaya engakaphumi emzini ongaphakathi, izwi likaJehova lafika kuye, lathi:Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi.Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa.

Look at the power of works and keeping the law in those days before Christ.The works Hezekiah performed immediately changed the heart and the mind of God.

Bheka amandla emisebenzi nokugcina umthetho ngalezo zinsuku uKristu engakafiki.Imisebenzi eyenziwa uHezekiya yashintsha ngokushesha inhliziyo nomqondo kaNkulunkulu.

Today in the Church Age your faith in Jesus Christ immediately changes the heart and the mind of God.Whoever was heading to eternal condemnation,once they believe and accept Jesus Christ have their sins forgiven and head for eternal life.

Namuhla eNkathini YeBandla ukukholwa kwakho nguJesu Kristu kushintsha ngokushesha inhliziyo nengqondo kaNkulunkulu. Loyo obengakholwa ngu Jesu Kristu ehamba ngesivinini  ephikelele  ekulahlweni okuphakade, uma esekholwa futhi emukela uJesu Kristu enhliziyweni yakhe izono zakhe zithethelelwe ngaso lesosikhathi ,asindiswe aqale uhambo oluqonde ekuphileni okuphakade.

If you strongly believe and trust in Jesus Christ God will send the healing power upon your life.It is your faith in Jesus Christ that will make you spiritually healed .

Uma ukholwa ngokuqinile futhi umethemba uJesu Kristu uNkulunkulu uzothumela amandla okuphulukisa empilweni yakho. Ukukholwa kwakho nguJesu Kristu yikona okuzokwenza uphulukiswe ngokugcwele kumoya.

2356790)(-_#@24780/)+_#@®✓[]\{°¢¥~|√÷×§∆∆\=^$€%®™[[[][\{°¢¥`|π×§∆}=¢¥¥[[]

Ukukhuleka kusho ukuxoxa no Jehova.Kwi Testamente eLidala uJesu Kristu ubengaka fiki emhlabeni ukuze  okholwa nguye athethelelwe izono.Asindiswe nasezifweni zakhe.Abantu babesindiswa ngokukholwa ngu Nkulunkulu bagcine imithetho yakhe.Kwakunendlela eshiwo ngu Nkulunkulu yokuhlanjululwe kwezono zabo ngegazi lesilwane.Futhi azithethelelwa impela okwaleso sikhathi esibekwe nguNkulunkulu.

Namhlanje sisindiswa ngegazi lika Jesu Kristu indodana ka Nkulunkulu ophilayo .Ngesikhathi se Church Age izono zabakholwa ngu Jesu Kristu zithethelelwa ” forever,and not temporarily”.

Ngesikhathi se ‘Old Testament ” abantu  babesindiswa kuphela ngokukholwa  nokukhuleka egameni ngqo lika Jehova.Babevuma izono zabo ku Nkulunkulu abathethelele.Lowo ongakholwa ngu Jehova wayehlala engasindisiwe.Izono zakhe zazihlala zingathethelelwe.Kuqala kwakufanele bamazi uMsindisi wabo ukuthi wabe engu Jehova . Kwakufanele bakhuleke bakhale egameni lika Nkulunkulu,uJehova ukuze  basindiswe.

Namhlanje u Nkulunkulu wenze icebo lokuthi abantu basindiswe ezonweni zabo  ngokuthi bakholwe ngu Jesu Kristu futhi bakhuleke egameni lika Jesu Kristu bese besindiswa.Namhlanje insindiso itholakakala ngoba kwachiitheka igazi lika Jesu Kristu,ukuze yiloyo naloyo okholwa ngu Jesu Kristu athethelelwe izono zakhe aphile ingunaphakade.

Namhlanje sinikiwe igama  esifanele ukukhuleka kulo bese siyasindiswa.

Singena ku Jehova ngokukholwa nokukhuleka egameni lika Jesu Kristu.Simethembe yena yedwa.Waqala waxuba uNkulunkulu nezinye izithixo awukutholi okusindiswa.

Ohlabelelayo ukubeka kahle ngokuhlabelela athi:

Igama leNkosi uJesu Kristu liyiyo inqaba,
Ophephela egameni lika Jesu Kristu uyakusindiswa.
Ohlezi kuye uJesu Kristu akanakwesaba,
Noma ngabe umhlaba uzanyazanyiswa.

Abayokhulek’ egameni leNkosi
Bayakusindiswa, uyasho umbhalo.
Kufanele igama lika Jesu Kristu libongwe ngabantu, libongwe  nayizingelosi!
Alikho elinye igama elihle njengalo.Alikho igama esingasindiswa ngalo.

Igama lika Jesu Kristu lisinika amandla,
Liyawaqinisa amadolo ethu;
Lisusa uvalo, lisinika inhlanhla,
Liyasikhanyisa endleleni yethu.

Mhla ngiyakumuka, ngishiye lomhlaba,
Igama lika Jesu Kristu lithikithi lami.Akekho ozongena ezulwini engakholwanga ngu Jesu Kristu.
Khona ngiyohamba, ngingenakwesaba;
Ngocasha kuJesu Kristu. UnguMhlengi wami.

UHezekiya uyacela, Jehova:

“Ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.”

Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu. Kwathi u-Isaya engakaphumi emzini ongaphakathi, izwi likaJehova lafika kuye, lathi:

“Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi:

Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova. Ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.

Namhlanje sicela izinto esizifisayo nokukhuleka egameni lika Jesu Kristu.UNkulunkulu uyabheka ukukholwa kwethu ngu Jesu Kristu indodana yakhe bese esenzela lokho esikucelayo.

“uyakwenyukela endlini kaJehova.”

Namhlanje imizimba yethu iliThempeli lika Nkulunkulu.UNkulunkulu uhlala kithi

John 16:7-8

Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela:

Sisuke senzani uma sikhuleka ku Nkulunkulu ngegama lika Jesu Kristu siyiBandla likaNkulunkulu?

Ukukhuleka kusho ukuthandaza.
Umthandazo ungaba ozwakalayo noma othule, oyimfihlo noma osobala, osuhlelekile noma ongakahleleki ( formal or informal prayer ).Yonke imithandazo kumelwe yenziwe ngokukholwa  yi Nkosi uJesu Kristu.Asiyi kuNkulunkulu singadlulanga ku Jesu Kristu,sihlanzwe izono zethu kuqala bese, Siya khuleka ku Nkulunkulu.Uma sikhuleka singakholwa ngu Jesu Kristu uNkulunkulu akasizwa.

Jakobe 1:6

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

But let him ask in faith, with no doubting, for he who doubts is like a wave of the sea driven and tossed by the wind.
NKJV

Khuleka kuNkulunkulu ukholwa egameni lika Jesu Kristu

Johane 16:23

Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.

“And in that day you will ask Me nothing. Most assuredly, I say to you, whatever you ask the Father in My name He will give you.NKJV

Lento isho ukuthi kufanele uqale ukholwe ngu Jesu Kristu . Umethembe yena yedwa ngaphambi kokuba ucele ku Nkulunkulu.Ubusisiwe umuntu othemba lakhe liku Jehova .Onganciki kokwakhe ukuqonda umuntu okuthokoza kwakhe kusemthethweni ka Jehova.Izono zethu uma uJesu Kristu engekho empilweni yethu zisahlukanisa no Nkulunkulu.

Ukuze uNkulunkulu asizwe umasikhuleka kufanele sikholwe nguJesu Kristu.

Jeremy 17:7-8

“Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova.  Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe luhlaza, angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu, anganqamuki ukuthela izithelo.”


“Blessed  is the man who trusts in the Lord , And whose hope is the Lord . For he shall be like a tree planted by the waters, Which spreads out its roots by the river, And will not fear when heat comes; But its leaf will be green, And will not be anxious in the year of drought, Nor will it cease from yielding fruit.NKJV

Uma ukhuleka ungakhuleki ngengqondo kuphela kodwa khuleka uholwa nagamandla kaMoya oNgcwele

Roma 8:26

Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;

  Ababi abanaso isifiso sokukhuleka.Abamfuni uNkulunkulu

Psams 10:4

Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke.

The wicked in his proud countenance does not seek God; God is in none of his thoughts.

Kodwa abantwana bakaNkulunkulu banesifiso semvelo sokuthandaza 

Luke 11:1

Kwathi ekhuleka endaweni ethile, esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.”

Ukuthandaza kuwukufuna umusa kaNkulunkulu.Kungukucela intethelelo ku Nkulunkulu.Uma ukhuleka ukhombisa uNkulunkulu ukuthi wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.Futhi uyazi uyamukela ukuthi uNkulunkulu kuphela onamandla onke.Nguye kuphela onolwazi lonke, futhi ukhona ezibdaweni zonke.

Exodus 32:11

UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?

Ukukhuleka kuwukuthululela umphefumulo wakho kuJehova 

1 Samuel 1:15 

UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.

But Hannah answered and said, “No, my Lord, I am a woman of sorrowful spirit. I have drunk neither wine nor intoxicating drink, but have poured out my soul before the Lord .

Ukukhuleka kuwukukhalela ezulwini,njengomntwana ekhalekala unina.Nathi siyi Bandla likaNkulunkulu uma sikhuleka sisuke sikhala, sikhalela uNkulunkulu wethu.

2 Chronicles 32:1,20-22

Emva kwalezo zinto naleso sibonelo sokuthembeka kwafika uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wangena kwaJuda, wamisa malungana nemizi ebiyelweyo, wathi uyakuzifohlela yona. UHezekiya inkosi no-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, bakhuleka ngenxa yalokho, bakhala ngasezulwini. UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna ekamu* lenkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba. UJehova wasindisa-ke uHezekiya nabakhileyo eJerusalema esandleni sikaSaneheribi inkosi yase-Asiriya nasesandleni sabo bonke abanye, wabahola nxazonke.

After these deeds of faithfulness, Sennacherib king of Assyria came and entered Judah; he encamped against the fortified cities, thinking to win them over to himself. Now because of this King Hezekiah and the prophet Isaiah, the son of Amoz, prayed and cried out to heaven. Then the Lord sent an angel who cut down every mighty man of valor, leader, and captain in the camp of the king of Assyria. So he returned shamefaced to his own land. And when he had gone into the temple of his god, some of his own offspring struck him down with the sword there. Thus the Lord saved Hezekiah and the inhabitants of Jerusalem from the hand of Sennacherib the king of Assyria, and from the hand of all others, and guided them on every side.

Ukukhuleka kusho ukubona ukuthi uNkulunkulu ukithi.Kusho ukukhuluma no Nkulunkulu.

Psalms 73:28

Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

But it is good for me to draw near to God; I have put my trust in the Lord G od , That I may declare all Your works.

Uma sikhuleka sikhombisa ukuzithoba ngaphambi kuka Nkulunkulu.

Efesu 3:14

UPawulu wabhala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe kuNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.  Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu”

Ungakhathazeki ngalutho;  khuleka ngakho konke.Kukho konke masikhuleka.

Filipi 4:6-7

Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

UNkulunkulu ufuna sikhulume naye njalo njalo.  Kufanele sithandaze kaningi. Khulekani ningaphezi

1 Thessalonians 5:17

khulekani ningaphezi;

  Singakhuluma no Nkulunkulu noma yinini.Ayikho indlela ekhethekile yokukhuleka.Ukukhuleka kufanele sikwenze njalo.Singakhuleka ngaphansi kwanoma iziphi izimo. Umthandazo uthuthukisa ubuhlobo bethu noNkulunkulu.bonisa ukumethemba kwethu.Ubonisa ukuncika ngokupheleleyo kuNkulunkulu.

Umthandazo uyindlela yethu yoku khuluma noNkulunkulu.Uma sithandaza siyamdumisa  uNkulunkulu.Sithandaza ukumbonga uNkulunkulu.Sithandaza ukumtshela uNkulunkulu ukuthi simthanda kangakanani.Uma sithandaza sijabulela ukubona  ubukhona bakhe futhi simtshele ukuthi kwenzekani ezimpilweni zethu. 

Sithandazela ukwenza izicelo.Sithandazela ukucela ukuhlakanipha.  UNkulunkulu uyakuthanda ukusibona sicela ukuhlakanipho.UNkulunkulu uyakujabulela ukusibona sixhumana naye siyiBandla lakhe. Nathi nje singabantu siyakuthanda ukuxhumana nabantwana bethu. Ubudlelwane noNkulunkulu kuyingqikithi nenhliziyo yomthandazo. Ukuthandaza kuyisizathu sokuthi kungani sithandaza.Why do we have to pray.

   Romans 11:33–36

Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo! Ngokuba “ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?” Noma “ngubani owaqala ukuyipha ukuba kubuyiselwe kuye na?” Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade.

UNkulunkulu muhle futhi ufuna ukuba simethembe,yena yedwa. Umthandazo ophendulwa ngu Nkulunkulu yilowo esiwukuthandaza ngokwentando kaNkulunkulu,  vumelana neZwi likaNkulunkulu..  Umthandazo awukona ukufuna intando yethu kodwa ukufuna ukuzihlanganisa nentando kaNkulunkulu ngokugcwele

1 John 5:14–15

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye. Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.

 Jakobe 4:3

niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.

IBhayibheli liqukethe izibonelo eziningi zomthandazo kanye nezikhuthazo eziningi zokuthandaza

 Luke 18:1

Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.

 Romans 12:12

ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;

Ephesians 6:18-19

ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke, ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi, nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;

  Thina imizimba yethu uli Thempeli lika Nkulunkulu. Indlu kaNkulunkulu kufanele ibe yindlu yokukhuleka ( Old Testament)

Mark 11:17 

Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ”

futhi abantu bakaNkulunkulu kumelwe babe abantu bomkhuleko: “Bathandekayo, ngokuzakha ekukholweni kwenu okungcwelengcwele, nikhuleka ngoMoya oNgcwele, nizigcine ebungcweleni bukaNkulunkulu.  uthando” 

Jude 1:20–21

Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele, nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.

Leave a comment