Thou Art the Worthy. Thou Art the One.Thou Art the Worthy to me.Hallelujah X2.Jesus is coming.He is coming back again.Hallelujah x 2.Jesus is coming.He is coming back again.
Luke 22: 19 – 20
Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi:“Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”
Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.
Abantu bayabuza ukuthi.Siyini sivumelwano esisha?Sihluka kuphi Isivumelwano esisha kwesidala?
Iyini imiphumela yesivumelwano esisha?
Esivumelwaneni Esisha, uNkulunkulu ubeke uMthetho Wakhe enhliziyweni yalowo owamukela uJesu Kristu abe yiNkosi noMsindisi empilweni yakhe. Umthetho Ka Nkulunkulu ungumuntu uMoya oNgcwele ohlala kumuntu osindisiwe amlawule impilo yakhe yonke.
UMoya oNgcwele uyakuyala ukuthi ungoni.Uma wonile UMoya oNgcwele uyakutshela ukuthi vuma isono sakho kuJesu Kristu uzihlambulule ukuze uthethelelwe .
Ngaphansi kweSivumelwano Esidala, ama-Israyeli amaningi ayebheka uMthetho njengesiko okufanele lilandelwe, kodwa izinhliziyo zabo zazikude noNkulunkulu. Ukulalela kwabo kwakungaveli enhliziyweni yabo.Kwakuvela ekwazini umthetho ababethi wumthetho KaMose.
UMTHETHO KAMOSE WAWUYISITHUNZI SOKUPHELELE OKWAKUZOFIKA.
Usefikile uJesu Kristu, asikholwe nguye kuphela simethembe yena yedwa.UJesu Kristu ungu Nkulunkulu Futhi ungu Moya oNgcwele.Uhlala kithi nathi Sihlala kuye.
Hebrews 10:1-18
Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo; uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono. Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka; ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono. Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba. Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ngenxa yesono awuyithokozelanga. Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza – emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami – ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ” Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho, ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili. Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela. Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono; kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu, usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe. Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo. Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina, ngokuba emva kokusho kwakhe ukuthi: “Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyilobe engqondweni yabo, nezono zabo nobubi babo angisoze ngakukhumbula futhi.” Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.
Ngaphansi kwesivumelwano esisha, lokho okuyisithunzi kuyothathelwa indawo yilokho oku ngokoqobo, futhi uNkulunkulu ngeke nje athethelele ububi bethu kuphela kodwa futhi akasayikukhumbula isono sethu ngenxa yegazi lika Jesu Kristu.Ukungena esivumelwaneni eSisha kubiza ukuthi ukholwe ngu Jesu Kristu Futhi umethembe yena yedwa.NGESIVUMELWANO ESISHAUNkulunkulu uthethelela zonke izono zethu
Matthew 26:28
ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.
Esiphambanweni, ubulungiswa banelisiwe. Intethelelo Yakhe ingunaphakade.
UNkulunkulu akafuni ke umbhanqe nabanye onkulunkulu.U Israel akungakho ngoba babemshiya uNkulunkulu.Cha,babemkhonza.Bemthanda futhi bemethemba kodwa babebuye bakhonze abanye onkulunkulu abakhonzwa yizizwe abakhe phakathi kwazo.Lapho-ke uNkulunkulu waye ngacucuzi.Wayevele ababuke nje badlale izitha ngoba konke lokhu ababekwenza ukukhonza abanye onkulunkulu kwakusho ukuthi babe ngamethembi uJehova.UJehova wayengabavikeli abantwana bakwa Israel ezitheni uma sebembhanqa.UNkulunkulu unomhawu.
ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.
IzEnzo 13:38
Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose.
Izono zethu azigcinange nje ngokumbozwa ngegazi lezinkunzi nelezimbuzi,kodwa zikhokhelwe futhi zasuswa yiWundlu likaNkulunkulu kulesisi Vumelwano eSisha
John 1:6-8, 15, 19-29
Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye. Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengozofakaza ngokukhanya. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ ” Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?” Wavuma, kaphikanga, wavuma wathi: “Angisiye uKristu mina.” Bambuza bathi: “Uyini pho? Ungu-Eliya na?” Wathi: “Angisiye.” “UngumProfethi na?” Waphendula wathi: “Qha.” Base bethi kuye: “Ungubani na? ukuze sibaphendule abasithumileyo; uzisho ukuthi ungubani na?” Wathi: “Ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ ” njengalokho washo u-Isaya umprofethi. Labo ababethunyiwe babevela kubaFarisi. Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, nomProfethi, na?” UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi; umi phakathi kwenu eningamaziyo: yena ozayo emva kwami, omchilo wesicathulo sakhe ngingafanele ukuwuthukulula.” Lokho kwenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona. Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.
IVangeli likaJohane nezincwadi ezintathu zikaJohane (1, 2, kanye no-3 Johane) ngokwesiko zibhalwa nguJohane uMphostoli, owaziwa nangokuthi uJohane uMvangeli. IVangeli likaJohane likhomba kuJohane uMphostoli njengomlobi, kuhlanganise nencazelo yombhali ngokuthi “umfundi uJesu amthandayo”. UJohane kuthiwa nguye owabhala iNcwadi yesAmbulo.
Izono zethu zisusiwe kithi.Azisekho kithi ngokwesivumelwano esisha.
Exodus 20:3-5
“Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,
Nathi uNkulunkulu akafuni simbhanqe nabanye onkulunkulu.Uma simbhanqa nabanye onkulunkulu “He will leave us or forsake us.” Sizoke sidlale amadimoni nezitha zethu ngenxa yokukhonza kwethu izithixo.Ngenxa Ka Jesu Kristu uzobuye asizwele asilwele.No Israel wayethi uma esekhala uJehova amzwele.The best way ukuthi ukhonze UNkulunkulu yena yedwa ngokuthi ukholwe ngu Jesu Kristu,umethembe yena yedwa.
Uma sikholwa ngu Jesu Kristu simethemba yena yedwa.
UNkulunkulu akabe esazikhumbula izono zethu.Uma sibuyela ezonweni zethu yithina esenza uNkulunkulu esimkhonzayo asibone sesona futhi.Kodwa Noma kunjalo Uma sizivuma uyasithethelela izono zethu.
Hebrews 8:12
Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo angisayikuzikhumbula.”
Hebrews 10:17
nezono zabo nobubi babo angisoze ngakukhumbula futhi.”
Jer 31:34
abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”
Mayelana nokuzithethelela kuba sengathi asikaze sikwenze.
UNkulunkulu uthembisa ukuthi ngeke aphinde asithukuthelele.Uma sikhonza yena yedwa ngo Kristu.Singakwenza konke kodwa kodwa ukukhonza bany onkulunkulu kumenza asiyekelele empini ukuze sifunde Futhi sibone ukuthi ukhona uNkulunkulu e Bandleni sicele yena asilwele izimpi zethu azinqobe.UDavide wazilwa zonke izimpi noNkulunkulu wazinqoba.NguNkulunkulu owayelwa bese kunqoba uDavide.Imfihlo kaDavide ukuthi wayekholwa nguNkulunkulu uJehova kuphela Futhi emethemba yena yedwa.Ngenxa yesivumelwano eSisha.UJehova unesihawu esikhulu kithi Uma sikholwa ngu Jesu Kristu. Isaya 54:7-10 “Umzuzwana omncane ngakushiya, kepha ngobumnene obukhulu ngiyakukubutha. Ngentukuthelo echichimayo ngabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana, kepha ngomusa ongapheliyo ngiyakukuhawukela,” usho uJehova uMhlengi wakho. “Ngokuba lokhu kunjengezinsuku zikaNowa kimi, ngokuba njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awayikube esadlula emhlabeni, kanjalo sengifungile ukuthi angisayikukuthukuthelela, ngikusole. Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa, kepha umusa wami awuyikumuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,” usho uJehova okuhawukelayo.Ngokungafani nesivumelwano somthetho esingasasebenzi, isivumelwano esisha siyisivumelwano saphakade sothando nokuthula. Isaiah 54:10 Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa, kepha umusa wami awuyikumuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,” usho uJehova okuhawukelayo. Isaiah 55:3. Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.UNkulunkulu akasoze ayeka ukwenza okuhle kithi . Jeremiah 32:4. Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.UNkulunkulu usenza sifaneleke Colossians 1:12. nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeniAkuseyona indaba yalokho esikwenzayo ngaphansi kwesivumelwano somthetho noma ukuthi sihlobene nobani ngaphansi kwesivumelwano sika-Abrahama kodwa esimethembayo, uJesu Kristu UJesu Kristu uyasibamba futhi akalokothi asidedele. Philipians 3:7-14. . Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu, ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe, uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo, kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.
Juda1: 24 Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,Akukho okungasehlukanisa nothando lukaNkulunkulu Romans 8:39 . nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
Ngenxa yalokho singakhuluma ngethemba lethu njengehange eliqinile nelivikelekile lomphefumulo . Hebrews 6:18-20. ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo, esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo, lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.UNkulunkulu usinikeza ukulunga okuphelele kukaJesu 2 Korinte 5:21. . Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.Ukulunga akuzuzwa, kodwa kwamukelwe Ngenxa yomhlatshelo kaJesu isimo sethu phambi kukaNkulunkulu “siphelele kuze kube phakade” Romans 5:17 Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu. Heb 10:1. UNkulunkulu usinika uMoya oNgcwele ukuze asifundise (Joh 14:26), asinike amandla (IzEnzo 1:8) futhi asikhumbuze ngokulunga kwethu (Joh 16:10). Asisabadingi abapristi abazosilamulela, ngoba manje sonke singamazi uJehova (Jer 31:34). Thina singabapristi bakhe basebukhosini (1 Pet 2:9).UNkulunkulu ungakithi ( Roma 8:31 )! UNkulunkulu uyasithethelela futhi akusekho ukulahlwa (KwabaseRoma 8:1). Uma sona, uJesu akasahluleli, uyasivikela (1 Johane 2:1). Umusa wakhe usenza sikwazi ukunqoba isono (KuThit 2:12). Usinika ngokuchichimayo zonke izidingo zethu (Ph 4:19) ukuze sijabulele ukuphila ngokugcwele (Johane 10:10). Umusa kaNkulunkulu awusebenzi futhi awufaneleki.UNkulunkulu unathi (Ez 37:27)! Ngenxa kaJesu umnyango wesihlalo sobukhosi uhlale uvuliwe (Heb 4:16). Singasondela kuye ngenkululeko nangokuzethemba (Efe 3:12).UNkulunkulu usinika amandla okunqoba isitha (1 Johane 5:4). Sinegunya alinikezile phezu kwamademoni nezifo (Marku 16:17). Siphila ngaphansi kwesivikelo sakhe saphezulu (Luka 10:19). Simiselwe ukubusa ekuphileni (Roma 5:17).UNkulunkulu usinikeza ukuphumula kwakhe ( Heb 4:10-11 ). Ngaphansi kwesivumelwano esidala kwakungukwenza, kwenze, kwenze. Ngaphansi kwesivumelwano esisha kuyenziwa, kwenziwa, kwenziwa (Johane 19:30). Sihlezi noKristu ezindaweni zasezulwini (Eph 2:6). Simunye neNkosi.UNkulunkulu usinika ukuphila okuphakade (Roma 6:23). Yini okufanele siyenze ukuze sizuze lezi zithembiso? Thembela kuJesu. Bheja impilo yakho kuye. Thatha umqhele ekhanda lakho uwubeke ezinyaweni zakhe. Khetha ukukholelwa okushiwo iBhayibheli ngaye, ukuthi wafela izono zethu futhi wavuka engumnqobi kwabafileyo. Mcele ukuthi akugcwalise ngoMoya wakhe ukuze umazi kakhulu. —–
Acts 9:1-31
Kepha uSawulu esafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi, waya kumpristi omkhulu, wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni,* kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe. Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.” Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?” Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena; kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.” Kepha amadoda ayehamba naye ayemi engenakukhuluma, ngokuba ezwa izwi kodwa ayengaboni muntu. USawulu wayesevuka phansi; kepha esevulile amehlo akhe, kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku. Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi. Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: “Ananiya!” Yena wathi: “Ngikhona, Nkosi.” INkosi yayisithi kuye: “Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu; ngokuba bheka, uyakhuleka; ubonile indoda, igama layo lingu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.” Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.” INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba mina ngizakumbonisa konke amelwe ukuhlushwa ngakho ngenxa yegama lami.” Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.” Kwawa masinyane emehlweni akhe kwangathi inkwethu, wabona, wasukuma, wabhapathizwa; esedlile wathola amandla. Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu. Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?” Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu. Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale. Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale. Abafundi base bemthatha ebusuku, bamehlisa ogangeni, bemewula ngeqoma. Esefikile eJerusalema wazama ukuzihlanganisa nabafundi; kepha bonke bamesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi. Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu. Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi, ekhuluma ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGreki; bona bazama ukumbulala. Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu. Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
Elinye lamadolobha amadala kakhulu emhlabeni, iDamaseku laliyinhloko-dolobha ( Syria) yaseSiriya, futhi kuseyilo. Idolobha le-oasis lihlala onqenqemeni logwadule lwaseSyria-Arab cishe amakhilomitha angama-130 enyakatho-mpumalanga yeJerusalema futhi kuthiwa lingelinye lamadolobha amahle kakhulu kuyo yonke intshonalanga ye-Asia. IDamaseku idlala indima ebalulekile eTestamenteni Elidala neLisha futhi mhlawumbe ikhunjulwa kangcono njengendawo yokuhlangana kukaPawulu okumangalisayo noKristu ovukile kanye nendawo lapho aguqukela khona ebuKristwini.
Ukukhulunywa okokuqala ngeDamaseku eBhayibhelini kuhlobene nokuhlenga kuka-Abrahama uLoti ngemva kokuba ethunjwe inhlangano yamakhosi aseMesophothamiya
IBhayibheli aliphinde libhekisele kulo muzi kuze kube yisikhathi sikaDavide lapho iDamaseku namakhosi alo beqala ukusebenzelana kaningi no-Israyeli. Njengengxenye yomfelandawonye wama-Aramu, iDamaseku yayivame ukuhlotshaniswa nezimpi ezilwa no-Israyeli. INkosi uDavide yagcina iwunqobile umbuso wama-Aramu waseSiriya
2 Samuweli 8:5–6
Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadadezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili kuma-Aramu. UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona. UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadadezeri, waziletha eJerusalema. Emizini kaHadadezeri iBetha neBerothayi inkosi uDavide yathatha ithusi eliningi kakhulu.
kodwa inkosi uResini yaseDamaseku yaphinde yalawula iSiriya ngesikhathi sokubusa kukaSolomoni
1 AmaKhosi 11:23–25
UNkulunkulu wamvusela omunye omelana naye, uRezoni indodana ka-Eliyada owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri inkosi yaseSoba. Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku. Wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni phezu kokubi akwenzayo uHadadi, wanengwa ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu.
Ngemva kokufa kukaSolomoni, u-Israyeli wahlukaniswa waba imibuso emibili, futhi iDamaseku yanda amandla. Ngezikhathi ezehlukene, bobabili u-Israyeli kanye noJuda benza izivumelwano namakhosi abusayo aseDamaseku
1 AmaKhosi 15:18–20
U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, wakunikela ezandleni zezinceku zakhe; inkosi u-Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi: “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.” UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali.
Ekugcineni, lokhu kwaholela ekubeni iDamaseku ibuse yomibili imibuso yamaHeberu. Esikhathini esisele seTestamente Elidala, yomibili imibuso yasenyakatho neyaseningizimu yakwa-Israyeli yahlala ibambene neDamaseku ezimpini zokulawula.
UNahamani, induna yaseSiriya eyahlangana no-Elisha, wayehlala eDamaseku.
2 AmaKhosi 5:1- 15
UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko. Ama-Aramu ayephumile ngamaviyo, abuya ezweni lakwa-Israyeli enentombazana encane; yayiyincekukazi yomkaNahamani. Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaba phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.” Yangena, yatshela inkosi yayo, yathi: “Intombazana yasezweni lakwa-Israyeli yasho ukuthi nokuthi.” Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Yiya khona; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wasuka, wahamba namatalenta* ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide, nezingubo eziyishumi zokuphendulela. Waletha incwadi enkosini yakwa-Israyeli, ethi: “Manje, lapho le ncwadi ifika kuwe, bheka, ngithumile uNahamani inceku yami kuwe ukuba umphilise ochokweni lwakhe.” Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.” Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.” Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha. U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.” Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko. O-Abana noFariphari, imifula yaseDamaseku, abangcono kunawo onke amanzi akwa-Israyeli na? Ngingegeze kuyo yini, ngihlambuluke, na?” Wayesephenduka, wahamba ethukuthele. Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: “Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga na? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: ‘Geza, uhlambuluke,’ na?” Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka. Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.”
IBhayibheli liqukethe isiprofetho esishaqisayo ngokuphathelene neDamaseku:
“Isiprofetho ngeDamaseku: ‘Bheka, iDamaseku ngeke lisaba umuzi kodwa liyoba yinqwaba yezincithakalo’”
Isaya 17:1 -14
Isiprofetho ngeDamaseku. “IDamaseku liyakususwa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo eshiyiwe kuze kube phakade, neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona, ingesatshiswa muntu. Inqaba iyakuphela kwa-Efrayimi, nombuso eDamaseku, nensali e-Aramu, kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli,” usho uJehova Sebawoti. “Kuyakuthi ngalolo suku udumo luka Jakobe lube buthakathaka, kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe. Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele asemi nengalo yakhe evuna izikhwebu, kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa. Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu, ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,” usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo, namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli. Abayikubheka ama-altare abo, umsebenzi wezandla zabo, bangabuki okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera* nama-altare empepho. Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya phambi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo. Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho, awukhumbulanga idwala lamandla akho; ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi, uhlwanyele amahlumela angaziwayo, ngosuku lokutshala kwakho, lapho ubiyela, nangokusa kokuhlwanyela kwakho, lapho wenza ukuba kuqhakaze, ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi nolobuhlungu obungenakupholiswa. Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe eziningi ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle, nomsindo wokuxokozela kwabezizwe abaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi. Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi, kodwa uyakuzisola, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya, nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho. Ngesikhathi sokuhlwa, bheka, yingebhe; kungakasi azisekho. Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo, nenkatho yabasamukayo.
Isiprofetho esiphathelene neDamaseku siwukuthi: Ukubhujiswa kweDamaseku okwabikezelwa u-Isaya kwakuhlobene nokunqotshwa kombuso wasenyakatho wakwa-Israyeli, obizwa ngokuthi “u-Efrayimi” lapha: “Umuzi onezivikelo eziqinile uyoshabalala kwa-Efrayimi, nobukhosi eDamaseku” ( ivesi 3 ). Lesi siprofetho sasingagcwaliseka c. Ngo-732 BC lapho abase-Asiriya behlasela i-Aramu: “U-Ahazi [inkosi yakwaJuda] wathuma izithunywa ukuba zithi kuThigilati-Phileseri inkosi yase-Asiriya: ‘Ngiyinceku yakho nenceku yakho, yenyuka ungisindise esandleni senkosi yase-Aramu nesenkosini yakwa-Israyeli, abangihlaselayo.’ U-Ahazi wathatha isigodlo sesiliva nesiliva esigodlweni segolide ethempelini legolide negolide. Isigodlo sasebukhosini futhi wasithumela njengesipho enkosini yase-Asiriya Inkosi yase-Asiriya yavumelana ngokuhlasela iDamaseku futhi yalithumba Yadingisela izakhamuzi zayo eKiri futhi yabulala uRezini [inkosi yase-Aramu]. Ezinye izazi zeBhayibheli zikholelwa ukuthi isiprofetho sika-Isaya ngeDamaseku ngeke sigcwaliseke ngokuphelele kuze kube sekupheleni kwezikhathi.
2 Kings 16:7–9
U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: “Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho: yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase-Aramu nasesandleni senkosi yakwa-Israyeli angivukelayo.” U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho. Inkosi yase-Asiriya yamlalela; inkosi yase-Asiriya yenyuka ukuhlasela iDamaseku, yalithatha, yathumbela abantu balo eKhiri, yambulala uResini.
IDamaseku kamuva yakhiwa kabusha futhi yahlala iyidolobha elinethonya kwaze kwaba izikhathi zeTestamente Elisha, ichuma njengesikhungo esiyinhloko samasiko esinamasinagoge amaningi kanye nomphakathi omkhulu wamaJuda. USawulu waseTarsu wayehambela eDamaseku ukuze aqhubeke nokushushisa ngentshiseko amaKristu lapho eba nokuhlangana noKristu ovusiwe okwashintsha ukuphila. Ephuphuthekiswa, uSawulu wayiswa eDamaseku lapho aphendukela khona ebuKristwini futhi kamuva waziwa ngokuthi umphostoli uPawulu. Ngaleso sikhathi iDamaseku yayibuswa inkosi yamaNabate u-Aretha. Ngemva kokuba umKristu, uPawulu waqala ukufakaza ngensindiso yakhe emasinagogeni aseDamaseku. Itulo lokuqeda ukuphila kwakhe laphoqa uPawulu ukuba abaleke edolobheni ngobhasikidi owehliswa odongeni lomuzi
Acts 9:1–25
Kepha uSawulu esafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi, waya kumpristi omkhulu, wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni,* kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe. Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.” Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?” Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena; kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.” Kepha amadoda ayehamba naye ayemi engenakukhuluma, ngokuba ezwa izwi kodwa ayengaboni muntu. USawulu wayesevuka phansi; kepha esevulile amehlo akhe, kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku. Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi. Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: “Ananiya!” Yena wathi: “Ngikhona, Nkosi.” INkosi yayisithi kuye: “Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu; ngokuba bheka, uyakhuleka; ubonile indoda, igama layo lingu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.” Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.” INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba mina ngizakumbonisa konke amelwe ukuhlushwa ngakho ngenxa yegama lami.” Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.” Kwawa masinyane emehlweni akhe kwangathi inkwethu, wabona, wasukuma, wabhapathizwa; esedlile wathola amandla. Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu. Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?” Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu. Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale. Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale. Abafundi base bemthatha ebusuku, bamehlisa ogangeni, bemewula ngeqoma.
Acts 22:6–21
Acts 26:12–18
2 Korinte 11:32 33
Genesise 14:13-16
Kepha kweza ophunyukileyo, wamtshela u-Abrama umHeberu, ngokuba wayehlala ngasema-okini* kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama. Nxa u-Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe, wabutha izinceku zakhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe, ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDani. Wazahlukanisa ebusuku izinceku zakhe, wabahlasela, wabanqoba, wabaxosha, waze wafika eHoba elingasenyakatho kwaseDamaseku. Wabuyisa yonke impahla, wambuyisa noLoti umzalwane wakhe, nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu.
Inceku ka-Abrahama ephakeme u-Eliyezeri yayivela eDamaseku
Genesise 15:1- 21
Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.” Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.” U-Abrama wathi futhi: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.” Bheka, izwi likaJehova leza kuye, lathi: “Lona akayikudla ifa lakho, kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.” Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.” Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga. Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.” Wathi: “Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?” Wathi kuye: “Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.” Wamthathela zonke lezo, wazinquma phakathi, wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga. Amanqe ehlela phezu kwezidumbu; u-Abrama wawaxosha. Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu. Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane. Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi. Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala. Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.” Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye. Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe: amaKheni, namaKhenizi, namaKadimoni, namaHeti, namaPherizi, namaRefa, nama-Amori, namaKhanani, namaGirigashi, namaJebusi.”
Luke 22:19-20
Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.
Okubalulekile esivumelwaneni esisha ukukholelwa kuJesu Kristu njengomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nesintu. Ngokufa kanye nokuvuka kwakhe, uJesu ugcwalisa izimfuno zeSivumelwano Esidala, enikeza insindiso kubo bonke abakholwa kuye.
UJohn 3:16
uhlanganisa lenkolelo:
“UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu okholwa yiyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.
Ngokungafani neSivumelwano Esidala, esibonakala ngemithetho neziqondiso zangaphandle, isivumelwano esisha sisebenza ngoguquko lwangaphakathi. UJeremiya 31:33 uprofetha ngeSivumelwano Esisha sesikhathi esizayo: “Ngiyakufaka umthetho wami ezingqondweni zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.” Lapho sifunda zonke izivumelwano zeTestamente Elidala, siqaphela ukuthi asikho nesisodwa esasibhekene nenkinga yenhliziyo. UJeremiya noHezekeli babhala ngalesi sidingo, isivumelwano esisha esiphathelene nesiqalekiso. Nakuba uMthetho wawulungile, wawuthembele enhliziyweni yomuntu onesono ukuba uwenze, owawungenakuwenza futhi owawungenakuwenza. Isivumelwano esisha sichitha isiqalekiso, umsuka wenkinga.
234567800876
Incwadi yeZenzo umsebenzi Omkhulu ewenzayo ukuthi yenza ukuguquka ( trinsition ) sisuka kwisi Vumelwano eSidala siya kwisi Vumelwano eSisha.
Isivumelwano Esisha, siwumqondo oyinhloko ( a central concept ) kwimfundiso yempilo yobuKristu.Isivumelwa eSisha sichaza ebuhlobo obusha uNkulunkulu abakha nesintu sonke ngoJesu Kristu. Isivumelwano esisha siyisithembiso sokuthethelelwa kwezono nokubuyiselwa kobudlelwane obuhle phakathi komuntu no Nkulunkulu.,UJesu Kristu ungumlamuli ( Mediator) kwingxabano ekhona phakathi komuntu no Nkulunkulu ngenxa yesono . Empeleni, iSivumelwano Esisha siyisivumelwano esingcono, esiphakade esithatha indawo yeSivumelwano Esidala.
Isivumelwano Esisha sisekelwe emseni kaNkulunkulu, hhayi ekuzuzeni komuntu noma ekulaleleni umthetho.
Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wahlephula isinkwa, wabela iwayini, futhi wamisa isivumelwano esisha lapho ehlanganyela esidlweni sePhasika. Isinkwa newayini zifanekisela umzimba negazi likaJesu. Uma sisebenzisa lezi zinto emibuthanweni yokukhulekela, simemezela iqiniso lesivumelwano esisha kuKristu.
Okubonakalayo kwaba noshintsho enkonzweni kaMoya oNgcwele. Esivumelwaneni esidala kwi Testamente elidala umsebenzi Ka Moya oNgcwele Omkhulu ubuwenziwa uhamuka ngaphandle kugcotshwa abantwana baka Nkulunkulu. Lapha sibona kugcotshwa kuka
uMose
Numbers 11:16 – 17
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe. Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.
uGedeon
Judges 6:34
Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni, wabetha icilongo, kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.
uSawule
1 Samuweli 10:6–10
uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho, uyakuprofetha kanye nabo, uphenduke omunye umuntu. Kuyakuthi lapho lezo zibonakaliso sezifikile kuwe, wenze esikufumanayo isandla sakho, ngokuba uNkulunkulu unawe. “Uyakwehla phambi kwami ukuya eGiligali; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike kuwe, ngikutshele oyakukwenza.” Kwathi esefulathela emuka kuSamuweli, uNkulunkulu waphendukisa inhliziyo yakhe yaba ngenye; zonke lezo zibonakaliso zafika ngalona lolo suku. Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.
Kwi Testamente elidala uMoya oNgcwele ubefika kumuntu Ka Nkulunkulu ngalesosikhathi angene uNkulunkulu amenzise umsebenzi othize njengokulawula kuka Nkulunkulu.
Ngemva kokwenyuka kukaJesu, uMoya weza wazohlala kuzo kanye izinhliziyo zabakholwa nguJesu
Romans 8:9–11
abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu. Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe. Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
. 1 Corinthians 3:16
Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?
UMoya oNgcwele uyasinqondisa.Usinika amandla okunqoba izimo zonke esibhekene nazo.
UMoya oNgcwele uhlezi ngaphakathi kithi siyiBandla likaNkulunkulu.Uyisipho sikaNkulunkulu kithina sonke esikholwa ngu Jesu Kristu.
Uthi nje lapho wamukela uJesu Kristu eba yiNkosi noMsindisi empilweni yakho uMoya oNgcwele athathe indawo enhliziyweni yakho.UMoya oNgcwele uhlala kuwe ingunaphakade.The Holy Spirit indwells you permanently.
Acts 1:1- 5
Incwadi yokuqala ngayiloba, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa, kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo, esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile; waziveza kubo ephilile emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi, wabonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane ekhuluma ngezombuso kaNkulunkulu; kwathi ehlangene nabo, wabayala ngokuthi: “Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami. Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”
Incwadi yezEnzo cishe yalotshwa phakathi kuka-AD 61 no-64.
Injongo Yokubhala: Incwadi yeZenzo yabhalelwa ukunikeza umlando webandla lokuqala. Ukugcizelelwa kwencwadi ukugcwaliseka Kokuthunywa Okukhulu. Incwadi yezEnzo ibika ukuthi abaphostoli bangofakazi bakaKristu eJerusalema, eJudiya, eSamariya nasemhlabeni jikelele. Incwadi yezEnzo isikhanyisela ngesipho sikaMoya oNgcwele.UMoya oNgcwele usinika amandla, asiqondise, asifundise, futhi asebenze njengoMeluleki wethu. Uma sifunda incwadi yeZenzo, siyakhanyiselwa futhi siyakhuthazeka ngamandla evangeli njengoba lisabalala emhlabeni wonke futhi liguqula izimpilo. Izimangaliso eziningi zenziwa abaphostoli ngalesi sikhathi ukuze baqinisekise umlayezo wabo. Incwadi yezEnzo ihlanganisa isikhathi soguquko phakathi kokunyuka kukaKristu nokuqedwa kohlu lwezincwadi zeBhayibheli zeTestamente Elisha, futhi izimangaliso zabaphostoli zaziyindlela kaNkulunkulu yokuqinisekisa umlayezo Wakhe ngamadoda aloba iBhayibheli.
Acts 4:12:
“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”
Acts 9:3–6:
Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.” Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?” Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena; kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.”
1235789)-£#@124689)+-£@£&+(98653116+-_#@:+(964312457⁸_£@*!????¿?567888
Incwadi yeZenzo inikeza umlando webandla lobuKristu nokusabalala kwevangeli likaJesu Kristu, kanye nokwanda kokuphikiswa kwalo. Nakuba izinceku eziningi ezithembekile zasetshenziswa ekushumayeleni nasekufundiseni ivangeli likaJesu Kristu, uSawulu, owayebizwa nangokuthi uPawulu, wayenethonya elikhulu kunawo wonke. Ngaphambi kokuba aguqulwe, uPawulu washushisa amaKristu ngentshiseko. Ukuguqulwa kukaPawulu okumangalisayo endleleni eDamaseku kuyisehlo esivelele sencwadi yezEnzo. Ngemva kokuguquka kwakhe wasebenza kakhulu nokuthanda uNkulunkulu nokushumayela iZwi laKhe ngamandla nangentshiseko ngoMoya kaNkulunkulu weqiniso nophilayo. Abafundi banikezwa amandla ngoMoya oNgcwele ukuba babe ofakazi Bakhe eJerusalema ( IzEnzo 1—8:3 ), eJudiya naseSamariya ( 8:4— 12:25 ) kuze kube semikhawulweni yomhlaba ( 13:1—28:31 ). Okuhlanganisiwe engxenyeni yokugcina uhambo lukaPawulu lwezithunywa zevangeli ezintathu ( 13:1—21:16 ), ukuquliswa kwakhe amacala eJerusalema naseKesariya ( 21:17—26:32 ) nohambo lwakhe lokuya eRoma ( 27:1—28:31 ).
Isifinyezo esifushane: Incwadi yeZenzo inikeza umlando webandla lobuKristu nokusabalala kwevangeli likaJesu Kristu, kanye nokwanda kokuphikiswa kwalo. Nakuba izinceku eziningi ezithembekile zasetshenziswa ekushumayeleni nasekufundiseni ivangeli likaJesu Kristu, uSawulu, owayebizwa nangokuthi uPawulu, wayenethonya elikhulu kunawo wonke. Ngaphambi kokuba aguqulwe, uPawulu washushisa amaKristu ngentshiseko. Ukuguqulwa kukaPawulu okumangalisayo endleleni eDamaseku (IzEnzo 9:1–31) kuyisici esivelele sencwadi yezEnzo. Ngemva kokuguquka kwakhe waya kokuphambene kakhulu nokuthanda uNkulunkulu nokushumayela iZwi laKhe ngamandla nangentshiseko ngoMoya kaNkulunkulu weqiniso nophilayo. Abafundi banikezwa amandla ngoMoya oNgcwele ukuba babe ofakazi Bakhe eJerusalema ( IzEnzo 1—8:3 ), eJudiya naseSamariya ( 8:4— 12:25 ) kuze kube semikhawulweni yomhlaba ( 13:1—28:31 ). Okuhlanganisiwe engxenyeni yokugcina uhambo lukaPawulu lwezithunywa zevangeli ezintathu ( 13:1—21:16 ), ukuquliswa kwakhe amacala eJerusalema naseKesariya ( 21:17—26:32 ) nohambo lwakhe lokuya eRoma ( 27:1—28:31 ).
Ukuxhumana: Incwadi yeZenzo isebenza njengenguquko isuka esivumelwaneni esidala iye eSisha. Lolu shintsho lubonakala ezenzakalweni ezimbalwa ezibalulekile kuZenzo. Okokuqala, kwaba noshintsho enkonzweni kaMoya oNgcwele, umsebenzi wawo oyinhloko eTestamenteni Elidala “ukugcotshwa” kwangaphandle kwabantu bakaNkulunkulu, phakathi kwabo okukhona uMose (Numeri 11:17), u-Otheniyeli (AbaHluleli 3:8–10), uGidiyoni (AbaHluleli 6:34), kanye noSawule (1 Samuweli 10:6–10). Ngemva kokwenyuka kukaJesu, uMoya weza wazohlala kuzo kanye izinhliziyo zabakholwayo (KwabaseRoma 8:9–11; wa-1 Yokuqala] , wabaqondisa futhi wabanika amandla ngaphakathi. UMoya ohlezi ngaphakathi uyisipho sikaNkulunkulu kulabo abeza Kuye ngokukholwa.
Ukuguqulwa kukaPawulu kuZenzo 9 kuyisibonelo esimangalisayo samandla kaNkulunkulu ensindiso (bona Roma 1:16) kanye nokuvulwa kwamehlo aphuphuthekiswe ngokomoya. UPawulu wavuma ukuthi, ngaphambi kokuhlangana noMsindisi ovusiwe, wayengumIsrayeli owayeshiseka kakhulu futhi wayengenasici “ngokulunga ngokuqondene nomthetho” ( Filipi 3:6 ), waze wafika ekushushiseni labo ababefundisa insindiso ngomusa ngokukholwa kuKristu. Kodwa, ngemva kokuguquka kwakhe, uPawulu waqaphela ukuthi yonke imizamo yakhe yomthetho yayiyize, futhi wayithatha “njengezibi, ukuze ngizuze uKristu futhi ngitholakale kuye, ngingenakho ukulunga okungokwami okuvela emthethweni, kodwa lokho okungokukholwa kuKristu—ukulunga okuvela kuNkulunkulu okungokukholwa.”— Filipi 3:8-9 . Ngaphambi kokuba ahlangane noKristu, uPawulu wayephuphuthekiswe ukuchazwa kabi komthetho kwabaFarisi nombono ophakeme wokulunga kwakhe siqu. Ngemva kokuhlangana noKristu, “kwawa izikali emehlweni kaSawulu,” njengokungathi (IZenzo 9:18). Ukuziqhayisa kwakhe ngobuhle bakhe kwathathelwa indawo udumo lwakhe esiphambanweni sikaJesu Kristu ( Roma 3:27; Galathiya 6:14).
Umbono kaPetru weshidi eligcwele izilwane ezingcolile kuZenzo 10:9–15 olunye uphawu loguquko lusuka esivumelwaneni esidala luye ebunyeni beSivumelwano Esitsha somJuda noweZizwe eBandleni elilodwa lomhlaba wonke. Izilwane “ezingcolile” embonweni kaPetru zazifanekisela abeZizwe, uNkulunkulu athi ‘bahlanziwe’ ngokufa kukaKristu okuwumhlatshelo. Umthetho weSivumelwano Esidala wawuyifezile injongo yawo (bona AbaseGalathiya 3:23–29), futhi amaJuda kanye nabeZizwe bamunye eSivumelwaneni Esisha somusa ngokukholwa kwabo ekufeni nasekuvukeni kukaKristu.
Ukusebenza Okungokoqobo: UNkulunkulu angenza izinto ezimangalisayo esebenzisa abantu abavamile lapho ebanikeza amandla ngoMoya Wakhe. Incwadi yeZenzo ikhombisa ukuthi uNkulunkulu wathatha kanjani iqembu labadobi nabantu abavamile wabasebenzisa ekuguquleni umhlaba (IZenzo 17:6). UNkulunkulu wathatha umbulali onenzondo yobuKristu wamguqula waba umvangeli ongumKristu omkhulu kunabo bonke emlandweni, umbhali wezincwadi ezicishe zibe yingxenye yeTestamente Elisha. UNkulunkulu wasebenzisa ukushushiswa amaKristu akukhuthazelela ukuze asize ekuvuseni ukwanda okushesha ngendlela emangalisayo kwebandla elalisafufusa. UNkulunkulu angenza futhi enze okufanayo ngathi—eshintsha izinhliziyo zethu, esinika amandla ngoMoya oNgcwele, futhi asinike intshiseko yokusakaza izindaba ezinhle zensindiso ngoKristu. Uma sizama ukufeza umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ngamandla ethu, siyohluleka. Njengabafundi kuZenzo 2, kufanele simemezele ivangeli ngokwethembeka, sithembele kuNkulunkulu ngemiphumela, futhi sizinikele “esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni” (IZenzo 2:42).
Leave a comment