Exodus 14:14
UJehova uzakunilwela, nothula nina.
Deuteronomy 1:30
UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu
Job 2:6
UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.”
Lesifundo sine zinto eziningi ezenziwa nguNkulunkulu esebenzisa uElisha ukusifundisa ukuthi mkhulu uNkulunkulu ongakithi kuno Sathane osezweni.Lesifundo sisifundisa ukuthi omunye umuntu angasibona sikholwa asibukele phansi,kanti akazi ukuthi kunezimpi zasezilwini
- Eziningi
- Ezinkulu
- Ezinzima ezisizungezile
- Eziqaphe ukuphepha kwethu.Ngisho uSathane uqobo akakwazi ukuthinta ukuphila kwethu. uSathane angayithinta inyama yethu kodwa umphefumulo nomoya wethu akwenzeki ukuthi uNkulunkulu avume nakho ukuba kubhubhe ngoba uJesu Kristu wafa ukuze siphile ingunaphakade.
- John 3:16. “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
- Izimpi zasezulwini zihlala zihamba nathi Noma kuphi lapho sihamba khona. “Mkhulu ongakithi kunaye osezweni.”
Indaba kaJobe eBhayibhelini isifundisa ukuthi uSathane angayi thinta inyama yethu ewumzimba,kodwa ngo Jesu Kristu esimkhonza , uSathane ngisho esethanda akasoze akuqeda ukuphila okuphakade okukithi.
1John 4:4
NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
2 Kings 6:16
Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”
Ukuze ubenesiqiniseko sokuthi uNkulunkulu ukhona kuwe,futhi uzokuvikela,angifuni ukukukhohlisa, kufanele ukholwe ngu Jesu Kristu indodana yakhe.Ayikho enye indlela ongathola ngayo ukunakekelwa ngu Nkulunkulu ngaphandle kokuthi ukholwe ngu Jesu Kristu.
John 14:6
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
UMprofethi uElisha kwakufanele abanjwe abulawe ngoba wayeprofetha izinto ezinkulu.Wayekwazi ukuzwa uma izwe lase Aramu ( Syria ) lizohlasela uIsrael. Wabegcotshwe ngu Nkulunkulu ukubona ngisho izinto ezikhulunywa yinkosi yase Syria ekameleni layo. Inkosi yase Aramu ( Syria) yahlela ugobe lokuhlasela kwa Israel.
UMprofethi u Elisha kwakuyindoda yezimangaliso.
UMprofethi uElisha wakwazi ukuntantisa imbazo etshelekiwe eyawela emanzini umniniyo egawula ngayo imithi.Umnini wembazo wakhala kakhulu ngoba wabe eyitshelekile.
2 Kings 6: 5-7
Kwathi lapho omunye esegawula umshayo, insimbi yawela emanzini; wakhala wathi: “Maye, nkosi! Ibitshelekiwe!” Wathi lowo muntu kaNkulunkulu: “Iwelephi na?” Wamkhombisa indawo. Wayesenquma uthi, waluphonsa khona, insimbi yantanta. Wayesethi: “Yikhuphule.” Welula isandla sakhe, wayithatha.
UMprofethi uElisha wabe ehamba no Nkulunkulu.U Elisha wathatha uthi waluphonsa lapho athi umniniyo imbazo yawela khona.Khumbula ukuthi imbazo yabonakala intanta ibe yakhiwe ngensimbi.
Inkosi yase Syria yathuma amabutho akaka idolobha eDothani u Elisha abehlala kulo ukuba bambambe ayobulawa.
Iqala ngokunxusa amakholwa ukuba avivinye imimoya yabaprofethi noma abafundisi: “Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini, ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni”
2 Kings 6: 14 – 16
Wathuma khona amahhashi, nezinqola, nempi enkulu; bafika ebusuku, bakaka umuzi nxazonke. Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni, saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi. Yayisithi inceku kuye: “Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?” Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”
Ngokubuka kwamehlo enyama kwasekuphelile ngo Elisha nabantu bakhe,kodwa uElisha wasizwa wukuthi uyawazi amandla kaNkulunkulu.
Bazalwane! Ake sime ekumazini,ekumkholweni nasekumthembeni uNkulunkulu.Ayikho impi engaphezu kwempi kaNkulunkulu ohlala njalo ekithi.
UElisha wakhuleka ukuba uNkulunkulu avule amehlo enceku yakhe eyayingaboni ukuthi mkhulu ongakithi kunalowo osezweni,Futhi baningi abangakithi kunabo abaceba okubi ngathi.
Noma ubani ofundisa noma omemezela amanga ngoJesu, njengokuphika ubuNkulunkulu Bakhe, ungumphrofethi wamanga. Laba baprofethi bamanga empeleni bakhuluma ngomoya womphikukristu bemelela ( represent) “lowo osezweni,” uSathane.
2 Kings 6: 16-17
Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.
Ngogcobo lwakhe oluvela ku Nkulunkulu u Elisha wakhuleka kuJehova ukuba ashaye ama Aramu ( Syrians) ngobumpumputhe ukuze abathumbele e Samariya bengaboni
2 Kings 6: 18- 23
Sebehlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuJehova, wathi: “Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha. Wayesethi u-Elisha kubo: “Le akusiyo indlela, nalona akusiwo umuzi; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo.” Wabayisa eSamariya. Kwathi sebefike eSamariya, u-Elisha wathi: “Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone.” UJehova wavula amehlo abo, babona; bheka, base bephakathi kweSamariya. Inkosi yakwa-Israyeli yathi ku-Elisha, isibabonile: “Baba, ngibabulale na? Ngibabulale na?” Kepha wathi: “Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.” Yayisibalungisela idili, badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe, baya enkosini yabo. Amaviyo ama-Aramu awabe esaphinda ukungena ezweni lakwa-Israyeli
1 Peter 4:12-13
Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo, kodwa njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu, thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze, nethabe nokwethaba.
- Umkhuhlane Noma ngabe ungakanani awumkhulu kuno Nkulunkulu esimkhonzayo
- Indlala
- Izitha zakho zonke azizinkulu kuno Nkulunkulu esimkhonzayo
- Ukugula Noma ngabe sifo sini,Noma isifo singadla inyama yakho kodwa wena asikwazi ukukudla ngoba ongakithi mkhulu kunalowo osezweni.Sizovuka siphile ingunaphakade no Nkulunkulu
- Isifo asisikhulu kuno Nkulunkulu esimkhonzayo
- Mkhulu ongakithi kunalowo osezweni
- 23557890)(-_##’:?)))+-_##2457800/(&£#*”:!?)+&£2346790/(_£#%®[]}{°
- U-Elisha, igama lakhe lisho ukuthi “uNkulunkulu uyinsindiso.”
- Kunokulandisa okuningi okwaziwayo ngenkonzo ka-Elisha njengomprofethi. Welapha amanzi aseJeriko ( 2 AmaKhosi 2:19–21 ) futhi waklolodelwa yintsha abiza kuyo isiqalekiso okwaholela ekufeni kwayo ngokugawula amabhere ( 2 AmaKhosi 2:23–25 ). Wandisa amafutha omfelokazi (2 AmaKhosi 4:1–7). Waphrofetha ngendodana yomndeni ocebile waseShunemi owamamukela futhi kamuva wayivusa yona kanye leyo ndodana ( 2 AmaKhosi 4:8–37 ). U-Elisha wabuye wasusa ushevu embizeni yesitshulu ( 2 AmaKhosi 4:38–41 ) futhi wandisa izinkwa zebhali ezingamashumi amabili ukuze ondle abantu abayikhulu ( 2 AmaKhosi 4:42–44 ). Welapha uNahamani ochokweni ( 2 AmaKhosi 5 ) futhi wenza ukuba ikhanda lembazo lantanta ( 2 AmaKhosi 6:1–7 ). Izimangaliso ezenziwa u-Elisha, ngokwengxenye enkulu, ziyizenzo zosizo nesibusiso. Abanye bafana kakhulu nezinye izimangaliso zikaKristu, njengokwandiswa kokudla ( Mathewu 16:9–10 ) kanye nokwelapha abanochoko ( Luka 17:11–19 ).
- U-Elisha weluleka inkosi yakwa-Israyeli. Esinye isenzakalo silandisa ngo-Elisha exwayisa inkosi ngokunyakaza kwenkosi yase-Aramu. Lapho inkosi yase-Aramu ithola ukuthi u-Elisha wayebhuntshisa amacebo akhe, yafuna ukumbamba umprofethi. Lapho inceku ka-Elisha, uGehazi, ibona ama-Aramu ayebahlasele, yesaba. Kodwa u-Elisha wamtshela ukuthi angesabi ngoba “abakithi baningi kunalabo abanabo. U-Elisha wakhuleka wathi: ‘Vula amehlo akhe, Nkosi, ukuze abone.’ Khona-ke uJehova wavula amehlo enceku, futhi yabheka, futhi wabona izintaba zigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zika-Elisha.”—2 AmaKhosi 6:16-17. Umuntu uyakhumbula indlela u-Elisha ayezibone ngayo izinqola zomlilo ezifanayo lapho u-Eliya eyiswa ezulwini. U-Elisha wabe esethandazela ukuba ama-Aramu ashaywe ngobumpumputhe. U-Elisha wabaholela eSamariya, inhloko-dolobha yakwa-Israyeli, ngaphambi kokuba acele uJehova ukuba avule amehlo abo. Inkosi yakwa-Israyeli yazibuza ukuthi kufanele yini ibabulale abathunjwa, kodwa u-Elisha wayiluleka ukuba ibalungisele ukudla. Lapho sebeqedile ukwenza idili, ama-Aramu abuyela enkosini yawo, futhi ama-Aramu ayeka ukuhlasela u-Israyeli. U-Elisha waprofetha nangezinye izenzakalo ezibalulekile ezweni nasemhlabeni wonke mayelana no-Israyeli neSiriya.
INkosi uJehowashi, noma uJowashi, yayibusa ngesikhathi sokufa kuka-Elisha. Inkosi yavakashela u-Elisha ngesikhathi umprofethi egula futhi yamkhalela. U-Elisha wayala uJehowashi ukuba athathe umnsalo nemicibisholo acibishele ngefasitela. Lapho uJehowashi enza kanjalo, u-Elisha wamtshela ukuthi lona kwakuwumcibisholo kaNkulunkulu wokunqoba ama-Aramu. U-Elisha wabe esetshela inkosi ukuba ishaye phansi ngemicibisholo, kodwa ngemva kwezikhathi ezintathu kuphela uJehowashi wayeka. U-Elisha wathukuthela. Ukube uJehowashi wayeshaye phansi izikhathi ezinhlanu noma eziyisithupha, wayezolibhubhisa ngokuphelele i-Aramu kodwa manje wayezowanqoba kathathu kuphela ( 2 AmaKhosi 13:14–19 ). - Ukufa kuka-Elisha, U-Elisha wafa wangcwatshwa. Kodwa lesi siqephu siqhubeka sikhuluma ngabaphangi bakwaMowabi ababefika kwaIsrayeli njalo entwasahlobo: “Kwathi lapho amanye ama-Israyeli embela umuntu, kungazelelwe abona iviyo labaphangi; basiphonsa isidumbu salowo muntu ethuneni lika-Elisha. Kubonakala sengathi uNkulunkulu wakhetha ukubonisa amandla akhe ngomprofethi ngisho nangemva kokufa kwakhe.
UJesu wakhuluma ngo-Elisha ku- Luka 4:27. Abantu babemlahlile uJesu eNazaretha futhi wabatshela ukuthi “akekho umprofethi owamukelwayo emzini wakubo” ( Luka 4:24 ). UJesu wathi babebaningi abanochoko kwa-Israyeli ngesikhathi sika-Elisha, kodwa uNahamani kuphela, umSiriya, owelapha.
Ukutadisha ngokuphila kuka-Elisha kuyokwembula ukuthobeka komprofethi ( 2 AmaKhosi 2:9; 3:11 ), uthando lwakhe olusobala ngabantu bakwaIsrayeli ( 2 AmaKhosi 8:11—12 ), nokwethembeka kwakhe enkonzweni yokuphila konke. U-Elisha walalela ubizo lukaNkulunkulu, elandela u-Eliya ngokulangazela nangokwethembeka. U-Elisha wamkholwa ngokusobala uNkulunkulu futhi wamethemba. U-Elisha wafuna uNkulunkulu, futhi ngaye uNkulunkulu wasebenza ngamandla.
Ungamangali ngecala elivuthayo. Ukuhlupheka kuvamile. Eqinisweni, uNkulunkulu usebenzisa ukuhlupheka ukuze asilolonge futhi asenze sifane noJesu. Ungalokothi umangale lapho uhlupheka kulo mhlaba. Abantu bakaNkulunkulu bavame ukuzithola besenkingeni,kodwa bayanqoba ngo Jesu Kristu.
Asikho isomo esikhulu kuno Nkulunkulu esimkhonzayo.Khuluma IZwi phezu kwesimo sakho sizolalela sishabalale
Leave a comment