Isaiah 25:8
Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.
U Isaiah 25:8 kwabe kuyi siprofetho ngo Mprofethi uIsaiah.Lesisiprofetho sasisho ukuthi uNkulunkulu wethu uzofika yena mathupha emhlabeni.Emhlabeni uzofika kunokufa okwa profethwa nguye uNkulunkulu ngesikhathi sika Adamu no Eva ukuthi:
” Uma nje beke badla umuthi ophakathi nensimu,okwenza umuntu akwazi ukuhlukanisa okubi nokuhle umuntu uyokufa nokufa ngaso lesosikkhathi.
Inkulumo ethi “uma udla isithelo, uzokufa nokufa” iwumqondo oyinhloko ovela endabeni yeBhayibheli ka-Adamu no-Eva, etholakala
ku
Genesis 2:17.
kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”
UNkulunkulu ubanqabela ngokucacile ukuba bangadli isithelo soMuthi Wokwazi Okuhle Nokubi, ethi ukusidla kuyoholela ekufeni okuqinisekile. Lesi sixwayiso sisho ukwehlukana ngokomoya nangokwenyama ebukhoneni bukaNkulunkulu kanye nokulahlekelwa isimo sokuqala sokungabi nacala. Isiprofetho sokufika kokufa emhlabeni sigcwaliseka ku
Genesis 3:11-13, 22-24
Khona wathi: “Ngubani owakutshela ukuthi uhamba ze na? Udlile kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na?” U-Adamu wathi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.” UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: “Yini lokhu okwenzileyo na?” Owesifazane wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.” UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.” UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo. Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.
Ukugcwaliseka kwesiprofetho sokufika kokufa kwakusho ukuthi umuntu wabe esefile kumoya nasenyameni.Lokhu kusho ukungabi nakho ukuphila okuphakade.
Now umuntu uphila esenecala elizomenza alahlwe esihogweni okungukufa ingunaphakade.
UNkulunkulu waphinda waprofetha ukuthi uzofika yena emhlabeni eyindodana azokufa ukuze bonke abakholwayo bangafi kodwa babenokuphila okuphakade.
John 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
We will never see death again.Ukufa Noma kungachanasa manje kuzenzele umathanda ezimpilweni zethu,kodwa God has a clear plan ngakho.And God’s plan about death is to swallow it forever.You will never ever see death again.
Akuphinde sikhale sikhaliswa wukufa.Asisophinde sijabhe sijabhiswe ngukufa.
Kuyajabulisa ukwazi ukuthi thina asizukuphela ngenxa Ka Kristu kodwa ukufa Kona kuzogwinywa.Kuzophela kithi nya! uNkulunkulu uyokuqeda ukufa phakade.
INkosi uNkulunkulu iyosula izinyembezi ebusweni bonke; amahloni abantu bakhe uyowasusa emhlabeni wonke; ngoba uJehova ukhulumile.
Nkosi, wena uyinqaba yethu, amandla ethu, umusa wethu osindisayo, inqaba yethu, kulesi sidingo samanje, futhi siyazinikela, umhlaba, ikusasa, ezandleni zakho ezinekhono, ezithembekile. Sibonga umusa, izimangaliso zonke, zonke izimangaliso kanye nezimangaliso zesandla sakho esifakaza ngazo, esikhathini lapho umhlaba ubhidlika, isikhathi simile futhi sinyathelwa wubhadane olubonakala lungapheli. Njengoba sesifinyelele esicongweni sokukhuthazela, siphumule emseni wakho wothando.
Silindele ngokulangazela okunethemba, ukubuya kwesibili kukaKristu okuthenjisiwe, iNkosi enhle kakhulu, evusiwe, ezomisa umbuso wayo waphakade emhlabeni, lapho bonke abagcotshiweyo beyohlala khona phakade. UJesu ubhubhise ukufa nesono ngokuza kwakhe kokuqala, njengomuntu osenyameni, efa futhi eqeda isiqalekiso unomphela. Uyokwesula ukufa okungokwenyama, okungokomoya nokuphakade, akuqede phakade. Uyokwenza ubulungisa kubo bonke abathembekile abaye basekela ukholo lwabo ngisho nangemva kokushushiswa izihlubuki nabangakholwa.
Baba, silindele usuku lapho bonke abafileyo abathembekile beyovuswa ngokuza kukaKristu okunqobayo futhi ubuhlungu buyothatha indawo yenjabulo ejabulisayo. Siyakuba sebusweni bakho, sikuthande, sikukhonze, sihubele izindumiso, sidumise iGama lakho eliNgcwele. Zonke iziphambeko, amacala, izilingo, namaqhinga kaSathane ahlukahlukene, kuyoqedwa kuze kube phakade futhi awusoze wacasuka, ngoba isono nakho konke ukucasuka kuyobhujiswa, njengokunqunywa kwezithembiso zakho ezingcwele, esizethembayo, ngokusebenza kukaMoya eGameni likaJesu. Amen
Leave a comment