Ezekiel 37:1-14
Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo. Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?” Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.” Wayesethi kimi: “Profetha phezu kwalawa mathambo, uthi kuwo: ‘Nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova. Isho kanje iNkosi uJehova kulawa mathambo, ithi: Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile. Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu, ngihlumise inyama phezu kwenu, nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.’ ” Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe, nalapho ngiprofetha kwaba khona umsindo nokugunquza; amathambo asondelana, ithambo kulo ithambo. Ngase ngibona; bheka, kwakukhona imisipha phezu kwawo, kwahluma nenyama, nesikhumba sawasibekela ngaphezulu, kepha umoya wawungekho kuwo. Wayesethi kimi: “Profetha kuwo umoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi kuwo umoya: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile.’ ” Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe; umoya wangena kuwo, aphila, ema ngezinyawo zawo, impi enkulu kakhulu impela. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli; bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile, sinqunyiwe.’ Ngalokho profetha, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina bantu bami, nginiyise ezweni lakwa-Israyeli. Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho sengiwavulile amathuna enu, nganikhuphula emathuneni enu nina bantu bami. Ngiyakuwufaka uMoya wami kini, nize niphile, nginibeke ezweni lakini, nazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza, usho uJehova.’
Luke 18:27
Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu
Isihloko salesi sifundo siveza ukuthi uNkulunkulu wehluke kakhulu kumuntu.UNkulunkulu ukwazi ukwenza yonoma yini afuna ukuyenza.Kodwa umuntu kunezinto eziningi angakwazi ukuzenza.
UNkulunkulu unama “QUALITIES” amenza abe nguNkulunkulu ahluke kakhulu kumuntu.UNkulunkulu
- Unamandla onke
- Unolwazi lonke
- Ukhona yonke indawo ngesikhathi esifanayo. Umuntu ke akanawo lama ” qualities ” “Hence” ,kukhona izinto eziningi umuntu angeke akwazi ukuzenza. Uma kukhona into uNkulunkulu angayenzi kungaba wukuthi akathandi ukuyenza.Akungakho ngoba ehluleka ukwenza.Noma yini athanda ukuyenza uNkulunkulu angayenza.Singakhuleka sicele utho kuNkulunkulu singalutholi.Hayi ngoba uNkulunkulu ehluleka usenzela esikucelayo.Yena unamandla okuthatha isinqumo sokuthi asenzele yini lokho esikucelayo noma angasenzeli. Njengoba sifunda encwadini ka Ezekiel 37 siyabona ukuthi uNkulunkulu uyahlala kumuntu amhole ukuthi enzeni.Uma usukholwa ngu Jesu Kristu uba noMoya oNgcwele okuholayo.Okwakho wukuthi umlalele wenze lokho akushoyo.Ungenzi okufunwa yinqondo yakho.
( The Holy Spirit takes residence in your life.He resides in you.
UMoya oNgcwele uyakuhola ngaso sonke isikhathi.
Uyakutshela ukuthi yini okufanele uyenze Yini okungafanele uyenze.
Ukuze uNkulunkulu akwazi ukuba namandla okwenza kwenzeke konke afuna ukukwenza,yingoba usebenza ngo Moya wakhe, UMoya oNgcwele.UMoya oNgcwele unamandla onke,unolwazi lonke futhi ukhona yonke indawo ngesikhathi esifanayo.Thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu sibusisiwe.Sikwazile ukuba no Nkulunkulu esimkhonzayo ngenxa Ka Kristu.Siyambonga uNkulunkulu ozambule yena kithi,waletha emhlabeni uKristu oyi MESSAGE ephelele eveza uNkulunkulu enjengoba ambuliwe kithi.
Singubani thina ukuthi besingakwazi ukuba namandla okuziqokela uNkulunkulu.UNkulunkulu nguye osikhethile.
UMoya wakhe wehlela phezu kwethu kwacaca kithi ukuthi siyamdinga uJesu Kristu.UMoya oNgcwele wenze sabona ukuthi sifile ngaphandle kuka Nkulunkulu ophilayo- LIVING GOD.
Ngaye uMoya oNgcwele uMprofethi uHezekeli wabona umbono. Wazibona edluliswa ngu Moya oNgcwele phakathi kwesigodi ( in the midst of the valley ) esasinamathambo abantu abafileyo.Amathambo abantu abafileyo asho uIsrael isizwe sika Nkulunkulu ade sithunjiwe sahlakazeka umhlaba wonke “until MAY 1948 lapho uNkulunkulu khona wasivusa sabuye saphila saba ngu Israel wecebo lika Nkulunkulu. Before 1948 bese kuphelile ukuthi kukhona isizwe uIsrael esibekwe ngu Nkulunkulu ezweni lase Canaan ngokwese thembiso sika Nkulunkulu Ku Abraham.UIsrael uke waphela ,wayeka ukuba ngu ISRAEL . Ngokuka Nkulunkulu uIsrael uke wafana namathambo amhlophe,omile kakhulu.INkulunkulu ongahlulwa lutho wamvusa uIsrael.Wayalela UMprofethi u Hezekeli wathi akakhulume amazwi okuphila phezu kuka Israel ongamathambo omile kakhulu.
Nathi uMoya oNgcwele uyasiyala ukuthi ngegama lika Jesu Kristu ophilayo asikhulime ukuphila phezu kwezimo zonke zempilo yethu.
Lababantu bake uNkulunkulu u Israel bake baphila” before”.Babuye bafa kwasala amathambo abo odwa esigodini ( EMHLABENI ) esibonwa ngu Hezekeli.
1. Isigodi sigcwele amathambo
2. uHezekeli utshelwa ngu Moya oNgcwele ukuthi akahambe phakathi kwawo lamathambo awazungeze abone kahle ingqikithi ne simo sokufa kwabo abantu Baka Nkulunkulu ,u Israel ,bebulawa yizimo zempilo yomhlaba.Izimo zomhlaba beseziqede nya ngo Israel.Besekusele umlando wodwa wokuthi konjwa uNkulunkulu wake wathembia u Abraham ukuthi uyokuba yisizwe esikhulu.
Genesis 12:1-3
UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso. Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”
UHezekeli kufanele awabone lamathambo ukuthi
3.Maningi kakhulu amathambo kulesisigodi esivulekile.
4. Futhi amathambo omile kakhulu
UMoya oNgcwele uyambuza UMprofethi uHezekeli ukuthi lamathambo angakwazi yini ukubuye aphile na?
UProfethi uyazi ukuthi uNkulunkulu uno Lwazi lonke,namandla onke futhi ukhona nakhona emgodini onamathambo omileyo kakhulu, ngoba yena ukhona yonke indawo ngesikhathi esisodwa.Yingakho uHezekeli ephendula ethi
“Nkosi Jehova, wena uyazi.”
UMoya oNgcwele uthi uMprofethi aka Profethe phezu kwa mathambo, athi kuwo:
” Nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova. Isho kanje iNkosi uJehova kulawa mathambo, ithi: Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile. Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu, ngihlumise inyama phezu kwenu, nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”
UNkulunkulu siyakhuleka ukuthi akasiphe amandla sibone ukuthi ukhona uMoya oNgcwele kithi.Singakwazi ukuprofetha amazwi okuphila phezu kwempilo yeBandla nezimpilo zethu, izimo ezingalungile siziguqule.Asiprofethe ukulunga izimo zilunge.
UMprofethi waprofetha phezu kwawo amathambo njengalokho UMoya oNgcwele emtshelile:
Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe, nalapho ngiprofetha kwaba khona umsindo nokugunquza; amathambo asondelana, ithambo kulo ithambo. Ngase ngibona; bheka, kwakukhona imisipha phezu kwawo, kwahluma nenyama, nesikhumba sawasibekela ngaphezulu, kepha umoya wawungekho kuwo.
UMoya oNgcwele wayalela UMprofethi ukuba aprofethe kuwo umoya ukuze amathambo abe nomoya:
Profetha kuwo umoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi kuwo umoya: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile
Ukuprofetha kusho ukukhuluma noma ukubhala umlayezo ophefumulelwe nguNkulunkulu, ngokuvamile ohlanganisa ukubikezela kwekusasa noma iziqondiso zaphezulu. Akukhona nje ukuqagela komuntu, kodwa kunalokho kungukuxhumana okunikezwe amandla ngokwaphezulu.
Ukuprofetha kusho ukukhuluma nokukhipha umyalezo usebenzisa izwi eliphefumulelwe ngu Moya oNgcwele kaNkulunkulu.
UHezekeli ubengeke akhulume nama thambo omileyo ngezwi lakhe lemvelo amathambo amuzwe.Udinga ukuthi IZwi lakhe liphefumulelwe ngu Moya oNgcwele kaNkulunkulu ukuze amathambo omileyo ezwe UMoya oNgcwele utshela uHezekeli uthi akaprofethe athi:
Nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova.
Isiprofetho ne sithembiso sokuthi u Israeli uzokuba yizwe, Futhi abuyele ezweni lesethembiso eCanaan sabonakala singenakwenzeka uma kubhekwa isimo sika-Israyeli samanje.Izwe lakwa Israeli ‘Lalifile’ njengesizwe, liphucwe izwe lalo, inkosi yalo, nethempeli lalo. Wayekade ehlukene futhi ehlakazwa isikhathi eside kangangokuthi ukuhlanganiswa nokubuyiselwa kwakubonakala kungenakwenzeka. Ngakho uNkulunkulu wanika uHezekeli umbono wamathambo omile njengesibonakaliso
UNkulunkulu wamyisa uHezekeli ngombono—esigodini esigcwele amathambo omileyo futhi wamtshela ukuba akhulume namathambo. UHezekeli kwakufanele atshele amathambo ukuthi uNkulunkulu wayezokwenza umoya ungene emathanjeni futhi amathambo ayeyophila, njengoba nje ekudalweni komuntu lapho ephefumulela u-Adamu ukuphila
Genesise 2:7
UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.
UHezekeli waprofetha phezu kwamathambo. Amathambo ahlangana, kwamila inyama, isikhumba samboza inyama, umoya wangena emizimbeni, basukuma baba ibutho elikhulu. Lo mbono wawufanekisela yonke indlu ka-Israyeli eyayisekuthunjweni ngaleso sikhathi. Njengamathambo angangcwatshiwe, abantu babesesimweni sokufa, bencipha ngokungapheli . Babecabanga ukuthi ithemba labo seliphelile futhi banqunywa unomphela. Ama-Israyeli ayesindile ezwa ukuthi amathemba awo esizwe ayeshabalala futhi sihlaselwa yiBabiloni singenathemba lokubuye baphile babe yisizwe.
Ukuvuselelwa kwamathambo omile kwakusho icebo likaNkulunkulu lokubuyisela isizwe sika-Israyeli esikhathini esizayo ngo 1948.Futhi, okubaluleke kakhulu,umbono wabonisa ukuthi impilo entsha ka-Israyeli incike emandleni kaNkulunkulu hhayi izimo zabantu. Ukufaka “ukuphefumula” ngoMoya kaNkulunkulu emathanjeni kwabonisa ukuthi uNkulunkulu wayengeke nje awabuyisele ngokwenyama kuphela kodwa nangokomoya. Ama-Israyeli ayeyohlala eZweni Elingcwele. KwaKuyogcwaliseka lapho uNkulunkulu ephinde eqoqela ama-Israyeli akholwayo ezweni lawo eCanaan.
2356790)(-_##”;!!:,zcbnkkhfseryiolhgdsxvbnxFghkoutrwwdghjmvczVvdfhjkppooiutewaghkmczwrikgscbn
UMprofethi uHezekeli wazalelwa eJerusalema cishe ngo-623 BC, emndenini wabapristi. Wayefundele ubupristi, kodwa ngaphambi kokuba aqale umsebenzi wakhe, wadingiselwa eBhabhiloni ngo-597 BC kanye namanye amaJuda ayedingisiwe. UHezekeli nomkakhe babehlala endaweni ebizwa ngokuthi iTheli-abibi ngaseMfuleni iKhebari eBhabhiloni. Inkonzo kaHezekeli yokuprofetha yaqala onyakeni wakhe wama-30, cishe ngo-593 BC, ngombono onamandla kaNkulunkulu nobizo lokuprofetha. Iziprofetho zakhe zazigxile kukho kokubili ukwahlulelwa kwezono zama-Israyeli nokubuyiselwa kwabantu bakaNkulunkulu esikhathini esizayo. Waprofetha ngeJerusalema nezinye izizwe, egcizelela ubukhosi bukaNkulunkulu nemiphumela yokungalaleli. U Hezekeli wabuye wakhuluma ngokubuyiselwa kuka-Israyeli okuzayo, kuhlanganise nokwakhiwa kabusha kweThempeli nokumiswa kabusha kwesivumelwano sikaNkulunkulu nabantu bakhe. UHezekeli wamelana nokukhonza izithombe kukaIsrayeli nezinye izono, egcizelela isidingo sokuphenduka nokulalela uNkulunkulu. Wagcizelela ukuthi uNkulunkulu uyiNkosi nombusi ophakeme phezu kwazo zonke izizwe.Naphezu kwezimemezelo zokwahlulela, uHezekeli wabuye wanikeza ithemba lokubuyiselwa kuka-Israyeli okuzayo.UIsraeli ubesekudingisweni engasabalwa njengezwe okungamalungelo anikezwa onke amazwe omhlaba. UIsraeli wathunjwa wahlakazwa kwabhidlizwa neThempeli likaNkulunkulu. uHezekeli waprofetha washo ukuthi uNkulunkulu uzombutha uIsrael ambuyisele ezweni lesethembiso.I Thempeli lika Nkulunkulu lizokwakhiwa kabusha.
Luke 18:27Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”
Ukwenzeka kwalokho esikucela kuNkulunkulu kunombandela wokukholwa ukuthi
1.UNkulunkulu ukhona
2. UJesu Kristu uyathethelela izono zethu
3. UMoya oNgcwele nguye uNkulunkulu amsebenzisayo ukuvusa uJesu Kristu ekufeni nokwenza okungenzeki kubantu kodwa kuye uNkulunkulu kwenzeke,izimangaliso.
Noma yini esiyicela kuNkulunkulu uma yena ethanda ukuyenza futhi sikholwa singangabazi ingenzeka
Mark 11:23-24
Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho. Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.
Luke 1:37
Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”
Inkulumo ethi “Akukho okungenzeke kuNkulunkulu” iwukubonakaliswa kokukholwa ( faith) okwenziwa ngabakholwa ngu Jesu Kristu kokuthi uNkulunkulu esimkhonzayo uno ” NKONKE ” amathathu abakwazi ukuchaza uNkulunkulu ngendlela yokuthi umuntu osindisiwe abone ukuthi sikhonza uNkulunkulu ofanele ukukhonzwa ngempela :
UNkulunkulu
1. Unamandla ONKE
He is God Omnipotent
Alukho uhlobo lwamandla angenalo.Lokhu kusho ukuthi noma ngabe sinayiphi inkinga edinga amandla sinaye uNkulunkulu ” okhipha lonke uhlobo lwamandla esiwadingayo ukulwa nesitha .UDavide wawa thatha amandla Ku Nkulunkulu walwa ngawo wanqoba isitha,uGolliath, esabe sesiqholoshe izinsuku eziningi siqhoshela uIsrael ,isizwe likaNkulunkulu , ngamandla esasinawo.
UDavide empini waya ekholwa ukuthi uNkulunkulu unamandla ONKEUzomlwela amnqonele uGolliath:
Wena Golliath uza nge nkemba,mina ngiza ngegama lika Jehova uNkulunkulu wempi Ka Israel oyeyisile.
1 Samuel 17:45
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.
UNkulunkulu unamandla angapheli.Angenza noma yini ezokumangaza ngamandla akhe.UNkulunkulu ngeZwi lakhe angenza noma yini.Izwi likaNkulunkulu linamandla.
Hebrews 4:12
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;
Psalms 138:2
Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.
UJesu Kristu uthi :
Uma nimi ezwini ,niyakulazi iqiniso .Iqiniso liyakunikhulula.
Lokho okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu
John 8:31-32
Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
2. Unolwazi LONKE
God is God Omniscient
Alukho uhlobo lolwazi uNkulunkulu esimkhonzayo angenalo.Lokhu kusho ukuthi noma ngabe iyiphi inkinga esinayo edinga ulwazi ukuze ixazululeke , sinaye uNkulunkulu ” who produces all kinds of knowledge for us to have victory over our situations “
3. Ukhona YONKE indawo ngesikhathi esisodwa
He is God Omnipresent
Akukho lapho uNkulunkulu engekho khona. uNkulunkulu ukhona YONKE indawo.Lokhu kusho ukuthi noma ngabe sikuphi asishodi noNkulunkulu.Ukhona.Ukithi.Unathi.Sinaye uNkulunkulu ngaso SONKE isikhathi.Our God is the God Ongikhina.Unginguye onginguye.” God always avails Himself ” nempi yakhe ukusilwela,nokusi nqobela.
Ngakhoke akukho okungenzeke ku Nkulunkulu.Nalokho okungenzeki kubantu kuyenzeka ku Nkulunkulu
Luke 1: 37
Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu
Genesis 18:14
Kukhona into emahlula uJehova na? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.”
Job 42:2“
Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho.”
Lezizincwadi ziqinisekisa amandla kaNkulunkulu amakhulu futhi angenamkhawulo namandla okufeza izinjongo zakhe zonke.
UNkulunkulu Unamandla Onke:Le nkulumo igcizelela ukuthi uNkulunkulu unamandla angapheli futhi angenza noma yini. UNkulunkulu ngeZwi lakhe angenza noma yini.Izwi likaNkulunkulu linamandla futhi liyasebenza, lenza noma yini yenzeke lapho likhulunywa noma limiswe Nguye. Lokho okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu
Umbono kaHezekeli wesigodi samathambo omileyo weza kuye ngemva kokuba uNkulunkulu emambulele ukuba aprofethe ukuzalwa kabusha kuka-Israyeli.
U Israeli ubeyincithakalo eyizwe elingekho ethunjiwe abanye abantwana baka Nkulunkulu bechithakele
Ezekiel 36:36:24-28, 33-36, 38
“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini. Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu. Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama. Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze. Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Mhla nginihlambulula ebubini benu bonke, ngiyakwenza ukuba imizi ihlalwe, zakhiwe izindawo ezichithekileyo. Izwe elaliyize liyakulinywa esikhundleni sokuba yincithakalo emehlweni abo bonke abadlulayo. Bayakuthi: “Leli zwe ekade laliyize selinjengensimu yase-Edene, nemizi echithekileyo neyayiyincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa.” Seziyakwazi izizwe ezisele nxazonke zenu ukuthi mina Jehova ngakhile izindawo ezidiliziweyo, ngatshala lokhu okukade kwakuyincithakalo; mina Jehova ngikhulumile, ngiyakukwenza.’ Njengomhlambi ongcwelisiweyo, njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo, kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.”
Luka 1:31–33
Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.”
Ukuvuselelwa kwamathambo omile kwakusho icebo likaNkulunkulu lokubuyisela isizwe sika-Israyeli esikhathini esizayo. Futhi, okubaluleke kakhulu,umbono wabonisa ukuthi impilo entsha ka-Israyeli incike emandleni kaNkulunkulu hhayi izimo zabantu. Ukufaka “ukuphefumula” ngoMoya kaNkulunkulu emathanjeni kwabonisa ukuthi uNkulunkulu wayengeke nje awabuyisele ngokwenyama kuphela kodwa nangokomoya. Ama-Israyeli ahlala eZweni Elingcwele. Kuyogcwaliseka lapho uNkulunkulu ephinde eqoqela ama-Israyeli akholwayo ezweni
Jeremiah 31:33
“Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” usho uJehova: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami;
Jeremiah 33:14–16
“ ‘Bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘engiyakuliqinisa ngazo izwi elihle engilikhulume ngendlu ka-Israyeli nangendlu kaJuda. “ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni. Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala lilondekile; yileli gama eliyakubizwa ngalo, elithi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.’
futhi uKristu ebuya ezomisa uMbuso Wakhe Weminyaka Eyinkulungwane
Mathewu 24:30–31
“Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.
IZwi likaNkulunkulu liqinisekisa amandla kaNkulunkulu amakhulu futhi angenamkhawulo namandla okufeza izinjongo zakhe zonke.UNkulunkulu Unamandla Onke:
Inkulumo ethi akukho okungenzeki kuNkulunkulu igcizelela ukuthi uNkulunkulu unamandla angapheli futhi angenza noma yini. UNkulunkulu ngeZwi lakhe angenza noma yini.Izwi likaNkulunkulu linamandla futhi liyasebenza, lenza noma yini yenzeke lapho likhulunywa noma limiswe Nguye. Lokho okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.
Konke uNkulunkulu akuthembisile uzokwenza.UNkulunkulu uyalimela IZwi lakhe.UHezekile ukugcizelele ukubaluleka kokuhamba ngobungcwele.
Njengompristi, uHezekeli wayekukhathalela ukubuyisela abantu bakaNkulunkulu ebungcweleni futhi wagcizelela isidingo sokukhulekela okufanele nokulalela imithetho kaNkulunkulu.
Iziprofetho zikaHezekeli zibe nenhlanhla enkulu emcabangweni nasezenzweni zamaJuda, ikakhulukazi esikhathini sangemva kokuthunjwa.
Umsebenzi KaMose kanye Nesithembiso SikaNkulunkulu:
Isihlahla esivuthayo siyindawo lapho uNkulunkulu abiza khona uMose ukuba ahole ama-Israyeli aphume ebugqilini. Kufanekisela isithembiso sikaNkulunkulu sokuba noMose futhi amqondise kulo msebenzi onzima.
Isifanekiso sikaJesu:
Ezinye izincazelo zibona isihlahla esivuthayo njengesifanekiselo sikaJesu, ikakhulukazi ukuhlupheka nokuvuka kwakhe. Umlilo wawumelela ubuhlungu nomhlatshelo kaKristu, kuyilapho isihlahla esingashi sasimelela ukufa kwakhe okunqobayo.
Ukuhlanzwa Ngokomoya:
Isidingo sokuba uMose akhumule izimbadada zakhe ngaphambi kokusondela esihlahleni esivuthayo singabonakala njengophawu lwesidingo sokuhlanzwa okungokomoya nokususwa kwesono ngaphambi kokuhlangana noNkulunkulu.
Leave a comment