Revelation 1:9-11
Mina Johane, umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu. NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo, lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”
Okuvelayo ukuthi uJohn ungumbhali wencwadi YeSambulo ayibhala ekwi “exile ” esiqhingini sase Phatmose.
Incwadi yeSambulo iwumbhalo ongokwesiprofetho ngezinto ezizokwenzeka ngezikhathi zokugcina ” End times period”.Izikhathi zokugcina emhlabeni ziqala lapho kuzalwa uMsindisi wethu UJesu Kristu kuze kufike lapho ebuya khona emhlabeni nge” Second Coming.”
Ikhona imibono ( views or ideas ) evela kwabanye abafundi beBhayibheli okuthi uma beyisho silingeke siyishumayele kanti ayisekelwe yiBhayibheli okuyingozi ke nokho lokho.
Omunye umbono nje ukwenza isibonelo” wumbono othi Uma sekuhlwithwe IBandla ngemva kwe “Rapture” labo Bantu abazosala bangahlwithwa sebeyozisindisa ngamagazi abo ukuze bangayi esihogweni.
Ngokwe Bhayibheli lilodwa igama esingasinda ngalo : yigama lika Jesu Kristu.Alikho elinye.Ayikho ne “self salvation”.Nayo ke le yokukopolotwa kwamehlo Ka John umbhali wencwadi yeSambulo singayibeka eceleni ” untill isekelwe yizwi lika Nkulunkulu besesiyithatha njengeqiniso.Nakuba sesikuzwe kaningana kushiwo ,kodwa okwamanje asikawutholi lombono usekelwe kahle yiZwi likaNkulunkulu othi uJohn wabhala incwadi yeSambulo ENGABONI. Eqinisweni, umbhalo ngokwawo uphakamisa ukuthi uJohane wathola imibono ( visions ) evela kuNkulunkulu futhi wayibhala phansi.
Revelation 3:18
ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone.
Lapho uJesu eluleka ibandla laseLawodikeya ukuba lithenge “umuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho,” kuye kwaholela ekuqageleni ngobumpumputhe obungokwenyama noma obungokomoya. Nokho, lesi siqephu ngokuvamile siqondwa ngendlela engokomfanekiso, kubhekiselwa ekuqondeni nasekuboneni okungokomoya kunokubonwa ngokoqobo.
Acts 4:12 – 13
“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;
Leave a comment