Ngesikhathi seTestamente eliDala insindiso ibitholakala ngokuchitheka kwegazi lezilwane.Lensindiso bekungeyesikhashana ,Futhi ibitholwa yilabo abanazo izilwane,abakwazi ukuchitha igazi lazo.
UNkulunkulu wayefuna imihlatshelo yezilwane ukuze isibekele izono okwesikhashana futhi ifanekisele umhlatshelo opheleleyo kaJesu Kristu owawuzofika.Namhlanje ke umhlatshelo opheleleyo usufikile.Igazi lika Jesu Kristu lihlanza izono zelizwe lonke.Igazi lika Jesu Kristu alihlanzi izono zabantu bakwa Israeli kuphela,kodwa zelizwe lonke.
John 3 :16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Levitikusi 4:35
Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.
Levitikus 5:10
Uyakulungisa elesibili libe ngumnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.
Imihlatshelo yezilwane iyindikimba ebalulekile etholakala kuyo yonke imiBhalo ngoba “ngaphandle kokuchithwa kwegazi akukho ukuthethelelwa”
KumaHeberu 9:22
Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.
Lapho u-Adamu no-Eva bona, izilwane zabulawa uNkulunkulu ukuze azinike izingubo
Genesise 3:21-22
UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku ( tunics of skins ) wabembathisa. UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.”
Ngemva kokubohla kukazamcolo, uNowa wanikela ngezilwane kuNkulunkulu
Genesise 8:20-22
UNowa wamakhela uJehova i-altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare. UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile. Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.”
Hebrews 9:11-14
Kepha lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele* elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa, wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade. Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama, kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.
Ukusindiswa” forever”, kungabe kusaphela ukusindiswa kwakho, ngenye yezimfundiso ezinamandla kakhulu nezinengqondo zempilo yobuKristu. Abanye abantu bathi ukufundisa ngensindiso ya” forever” kuwukuhlubuka okuvela ezindebeni zikaSathane.Abantu bazi ukuthi umuntu uyasindiswa, kodwa uma kwenzeka ona phambi kuka Nkulunkulu akasasindisiwe usewile ensindisweni.
Ukusindiswa akukona ukuthi wonile Noma awonanga.Ujusindiswa kusho ukuthethelelwa kwezono ngegazi lika Jesu Kristu.
UJesu Kristu ufele lokho ukuthi sithethelelwe izono zethu.Izono ezindala,izono ezintsha nezono esisazozenza sithethelelwe kuzo uma sikholwa nguJesu KristuSithethelelwe ingunaphakade..We are no longer the slaves to sin .We are the children of God.We are completely saved.We are no more sinners before the eyes of God.
2 Corinthians 5:17-21
Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha. Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana, ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana. Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.” Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
Bazalwane ngokwe Zwi leNkosi thina sisindisiwe “from the bondage of sin”.Isono besivimba ukuthi singakwazi ukubona uNkulunkulu.Sesiku Kristu manje kufanele sikhululeke,singesabi ukufa.Sesiyizidalwa ezintsha.Sesiqalile kabusha.Okudala kudlulile.Sesibuyisene no Nkulunkulu ngo Kristu.UNkulunkulu ekuKristu wenzile ukuba izwe libuyisane naye uNkulunkulu.UNkulunkulu akasasibaleli iziphambeko zethu.UNkulunkulu ubekile kithi izwi lokubuyisana okungapheliyo naye.
Lencwadi 2 Corinthians 5:17-21 isho ukuthi uNkulunkulu, ohlangothini lwakhe, wayesevele ebuyisane nezwe, futhi akabali izono zamuntu. Lokhu kusebenza emhlabeni wonke, hhayi kumaKristu kuphela, futhi sekwenzekile. Lokhu kwenzeka esikhathini esidlule futhi ayikho indlela yokukushintsha.
Kodwa, lokhu akusho ukuthi wonke umuntu uyakwamukela lokhu kuthethelelwa. Akusho ukuthi wonke umuntu usindisiwe futhi uya ezulwini. Kusho nje ukuthi isono asiseyona inkinga. Isono asiseyona into ehlukanisa abantu noNkulunkulu.Konke sekusele kumuntu ukuthi uyamemukela yini uJesu Kristu ukuze isono sakhe sithethelelwe .Ngamanye amazwi isono asiseyona indaba enkulu. Ngu Jesu Kristu oyindaba enkulu.Indaba iwukuthi uyakholwa kuJesu Kristu njenge Nkosi noMsindisi wakho na? Yileyo mpikiswano, njengoba nje uJesu azisho ku
John3:18.
Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.
Insindiso iza ngomusa ngokukholwa ngu Jesu Kristu.Akukho esikuletha kuNkulunkulu ukuze ngakho asithethelele izono zethu.UNkulunkulu uqobo uzile emhlabeni ,waba ngumuntu enyameni ukuze ezwe ubuhlungu,kuchitheke igazi lakhe uqobo ukuze thinasonke esikholwa nguJesu Kristu sisindiswe “forever “
Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,
Isaiah 59:1-2
Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa. Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa.
Singakakholwa ngu Jesu Kristu adekunodonga olusisithayo.Besingakwazi ubona uNkulunkulu,Futhi naye uNkulunkulu ubengafuni ukuxhumana nathi.Wonke umuntu ongakholwa ngu Jesu Kristu yena no Nkulunkulu bayi Mpumalanga ne Ntshonalanga.
Kunemibhalo yeBhayibheli evumelanayo nokuthi umuntu osindisiwe uhlala esindisiwe,”once saved always saved”.
Johane 10:27-29
Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.
Thinasonke esisindisiwe, uJesu Kristu usinika ukuphila okuphakade.Asisoze sabhubha naphakade; akakho ongasihlwitha esandleni sikaJesu Kristu. UNkulunkulu unguyise weNkosi uJesu Kristu.Nathi ngokukholwa ngu Jesu Kristu sesingabantwana Baka Nkulunkulu.
Mkhulu ongakithi kunaye osezweni.UNkulunkulu mkhulu kunezimo zonke ezifuna ukusiphuca insindiso esiyinikwe ngu Nkulunkulu. USathane akanawo amandla okusisusa kuJesu Kristu.Thina sinikiwe ngu Nkulunkulu uJesu Kristu ukuba asisindise ezonweni zethu.Akakho ongasihlwitha esandleni sika Nkulunkulu.Singabantwana Baka Nkulunkulu.
1 John 2:2
yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.
Roma 8:38-39
Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
Efesu 4:3
nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula;
Galatians 5:2-5
Bhekani, mina Pawulu ngithi kini, uma nisoka, uKristu kayikunisiza ngalutho. Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke. Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni. Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.
Hebrews 6:4-6
Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebake bakhanyiswa banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele, banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo, babuye bahlubuka – akunakwenzeka ukuba babuye bavuswe, baphenduke, lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu, bayithela ngehlazo obala.
Hebrews 10:26-29
Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono, kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani. Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lawofakazi ababili noma bebathathu; pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?
Ukuphambuka kosindisiwe awele esonweni akufanele akwenzeke ngamabomu.Akube withi usempini umuntu azisole kuNkulunkulu lapho onile.
Lowo owona ngamabomu ngoba ethi ” once saved always saved”. Usuke engayazi insindiso.Akakaze akhale phambi kuka Nkulunkulu ebuka izono zakhe engakakholwa ukuthi ubengolahliwe esihogweni kwafika uJesu wasinda waqala indlela yohambo oluya ekuphileni okuphakade.
Ukuwela esonweni yimpi ebhekiswe kithi uSathane eqonde ukusihlukumeza abukise ngathi ezweni.Kufanele silwe singavumi uJesu Kristu unawo amandla nawokusinwobela ubuthaka benyama yethu.
Umhlatshelo kaJesu Kristu uphelele ngokuphelele futhi wanele kangangokuthi uye wakhokhela inhlawulo yazo zonke izono zethu. Ukufa kukaKristu kwakhokhela izono esizenzile ngaphambi kokuba simamukele njengoMsindisi, futhi ukufa kukaKristu kuzikhokhela ngokulinganayo izono esizenzayo ngemva kokumamukela njengoMsindisi.
Into ebuhlungu lapha ukuthi Uma umuntu ezophila impilo ayithandayo ngoba ethi ukusindiswa kwakhe akupheli,kulimala wena ekugcineni.Imvuzo wokuziphatha kabi uzozizwa nguwe lapha emhlabeni.Uma ugqekeza imizi yabantu uzoboshwa Noma abantu bakubulale.Uma udla izidakamizwa nazo zizokudla ufe usemncane.
Asifuni ukusabisa abantu ngokuthi bazokuya esihogweni uma bona.Into ezokwenza abantu bayolahlwa esihogweni ukungakholwa ngu Jesu Kristu okusho ukuthi izono zabo asithethelelwe.
UNkulunkulu kufanele simthande ngoba engubaba wethu nomdali wethu.UJesu Kristu simthanda ngoba wasifela.Ngokufa kwakhe sibuyisene nomdali wethu uma sikholwa nguye.Usinika ukuphila okuphakade.Siyakujabulela ukuthi sizophila no Nkulunkulu ingunaphakade.
Impilo yokuzophatha budlabha ukholwa kungenza uzilimaze wena ” physically “. Ukwenza izinto ezicekela impilo yakho phansi kuhlezi kuzokwenzeka kuwe.Uzokufa usemncane usulawa ke manje ukuhluleka ukuziphatha kodwa wena uzokube uthethelelwe izono zakho ngoba uyakholwa nguJesu Kristu.
UJesu Kristu uNgcwele nathi sifanele ukuhamba ngobungcwele phambi kwalowo owasifelayo.
Nokho, ngingasho futhi ukuthi umuntu owamukele ngempela uJesu Kristu njengoMsindisi ngeke aphile impilo yakhe nganoma iyiphi indlela ayifunayo. Uma uqonda ukonakala kwesono sakho, isijeziso saphakade osizuzile, kanye nenani elikhulu uJesu alikhokha, kuba yinguquko. Lapho uthola insindiso, uyisidalwa esisha
2 Korinte 5:17
Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
Zonke izinto sezibe zintsha. Uma ususindisiwe njalo akusiyo imvume yokona. Kunalokho, kuwukuqonda ukuthi asikwazanga ukuzuza insindiso ngokufanele thina, ngakho-ke, akukho esingakwenza okuyosenza silahlekelwe insindiso uNkulunkulu ayithenge ngegazi likaKristu.
Uma ususindisiwe njalo wukubona ukuthi icebo likaNkulunkulu lensindiso liphelele ngokuphelele.
Umuntu uNkulunkulu amkhethele insindiso akakwazi ukungasindiswa, ukuhlengwa, ukubuyisana, ukungathethelelwa, ukulahleka, ukulahlwa, ukulahlwa, noma ukuxoshwa. Imisebenzi emihle nokulalela akukwazi ukuzuza insindiso, futhi nokuntuleka kwayo imisebenzi emihle ngeke kuphumele ekulahlekelweni yinsindiso. Iqiniso leBhayibheli elithi umuntu osindisiwe njalo ubeka insindiso lapho kufanele—kuNkulunkulu ongcwele nonamandla onke oqeda lokho akuqalayo
Jude 1: 24
Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,
Leave a comment