AMEN BAZALWANE
Ayibongwe iNkosi baThandekayo
Ngicela ukwazisa iBandla ukuthi
1. Umhlaba yokwakha indlu yokukhonzela isitholakele in the Rural Area eduzane koMtubatuba Town
2 . Umnikelo nama ” Pledges ” esikwenzayo siyiBandla kusilekelele kakhulu ukukwazi ukukhokha izindleko zomhlaba
3. Ngayo Futhi iminikelo nama
” Pledges ” abazalwane sesikwazile ukukhokhela i Building Plan.
4. Ngiyafisa futhi ukubonga iminikelo esiyinikelelwa nangabazalwane esinabo emzimbeni ka Kristu ( The Church International Body of Christ ), kodwa abakhonza kwamanye ama Local Church.Ngiyaxolisa ukuthi angizukwazi ukusho amagama abo ku lenkundla yokuxhumana ukubavikela . Laba bazalwane bakhombisa ukuwubamba umbono wokusebenza nje Bandla emzimbeni ka Kristu sithwalisane ngokusizwa yi Nkosi. This is worth appreciation, Church.
5. Ngiyacela ukuthi siqhubeke noku nikela ngokusizwa nokulalela uNkulunkulu,sinikelele umsebenzi ka Nkulunkulu,abampofu nabafokazi : UMBONO WE BHAYIBHELI UGCIZELELA UKUTHI IMINIKELO KUFANELE INIKELWE SITHOKOZA , NGENHLIZIYO YOKUKHOLWA ( FAITH ),UKUBONGA,NOKULALELA UNKULUNKULU
6. Ngo October 2025 sizohlela ukuya siyiBandla siyobona indawo, sibekwe ngokusemthethweni sibuye siyibiye indawo yokwakha indlu yeBandla.Nalapha ekubekweni sinezindleko esizozikhokhela.Ngicela ama Pledges angene bazalwane.Ngiyabonga kulabo asebe khokhile ama “Pledges”.
OKUNYE BAZALWANE OKUFANELE NGIKUBIKE UKUTHI:
7 . Abaxhasi bethu bathi amaBandla abawasizayo baye bawaluleke ukuthi nawo afake i MATERIAL ewu 60% bona bazofaka u 40 %. Lento isho ukuthi abanikeli isakhiwo sonke mahhala HA ! Bakholwa ukuthi siyiBandla kukhona esinakho esingakufaka uma kwakhiwa indlu yethu.
8. Ukwakha indlu yonke Sizodinga ama blocks awu 3000 .Ukhona uMzalwane wethu othi uzowathenga ama blocks awu 3000. Ngizocela Uma kukhona nabanye abanganikela ngokunye basithinte eceleni.
Sidinga
a) River Sand ye foundation
b) Concrete stones e Foundation
c) Cement we Foundation
d) Building sand yokubeka ama blocks kwi Foundation
e) Imali yabantu abazokwakha
f) amanzi
9.Uma siqeda ukwakha i Foundation nakho konke okwakhona sizobuyela kubaxhasi sesinakho esikufakile ,sicela basiqedelele okukanye uNkulunkulu sizomcela angenelele sithole abazosiqedelela.
Akubekuhle eNkosini
Report from
Pastor JBW Dlamini
0665743990
.
Church Banking Details:
Bank Name: First National Bank
Name :The Church International Body of Christ
Account Number: 63121350720
Leave a comment