UKUTHULA KUBAZALWANE
Ngicela ukubika ukuthi:
1. Mhlaka 26,27 and 28 September 2025 sizokube sise Mozambique siyohlanganyela ne Bandla i IGREJA. MISSIO AGAPE.
2. Leli Bandla lizokuba ne “International Conference for three days”
3.IBandla i “ IGREJA MISSIO AGAPE” liyawuthanda umbono kaNkulunkulu wokuthi sekuyisikhathi lapho kufanele khona iBandla lika Nkulunkulu lisebenze ngo bunye ” unity” ,ngokuzwana nangokubambisana lingumzimba ka Kristu.
4.We are moving out of our SHELLS now,yes out of the shells that prevent us from getting united in the Body of Christ.
5.Inkulumo ethi “ukuphuma emagobolondweni ethu” iphakamisa ubizo luka Moya oNgcwele lokuyeka ukuzihlukanisa, ukugwema izithiyo ekuhlanganyeleni, ukuze sithole inala yempilo uKristu ayinikezayo futhi sibe nobunye, sihluke ngokweziphiwo ( diversity ), futhi sibe nenjongo eyodwa ngaphakathi eMzimbeni kaKristu.
6. Ukunqoba ukwesaba,nokunqoba ubugovu kwenza ukuba amakholwa akhulule izipho zawo azinikwe nguNkulunkulu ukuba akhonze abanye, akhe umphakathi onamandla obonisa uthando nomsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni.
7. Siya kule “International Conference” nje kukhona enye obekufanele siye kuyona e Johannesburg
( eGoli)
mhlaka 26,27 and 28 September 2025 ehlelwe yiBandla i Christian Family Church International ngaphansi kobuholi buka Dr Theo Wolmarans wase South Africa kodwa osezinze “in the USA”( America ) Kuqondene ama dates.Sesiyokuya ngonyaka ozayo nalabo abangaphumelela.Siyozama ngayo yonke indlela ukuthi ama date angashayisani ukuze ongafisa ukuya eMozambique
azilungiselele.
7. Lobubunye kwambulwa ( revealed ) ngu Nkulunkulu wethu eBandleni lakhe ngesikhathi sokugcina i “ during the Church Age “ ukufeza impendulo yomkhuleko ka Jesu Kristu ku John 17.
8. SiyiBandla i “ The Church International Body of Christ “,sikhuthaza ukuthi uma ubona uMzalwane ethi uyakholwa ngu Jesu Kristu, kufanele umamukele,ungamahluleli noma ngabe uhlanganyela kuliphi iHLELO.Igazi lika Jesu Kristu lisihlanganisa sonke sibe ngumzimba Ka Kristu.UJesu Kristu uyinhloko ye Bandla.
9. Asingakuvumeli lokhu kucwasana okwenzeka phakathi kwabantwana baka Nkulunkulu.
Ukwahlukana nokucwasana Kuvela ku Sathane.Ukuthi umuntu ukhonza kuphi akumenzi angayi ezulwini.
10.Ezulwini kungenwa ngokukholwa yiNkosi uJesu Kristu,umethembe yena yedwa.
John 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
11. Lelivesi liphethe konke mayelana noku Sindiswa kwethu nokuthethelelwa kwezono zethu,futhi liphethe konke ngokuthi ubani ozolahlwa,ubani ozophila noNkulunkulu ingunaphakade.
Leave a comment