UMoya oNgcwele akulekelele ungazikholwa izintshumayelo ezidukisayo ngamadlozi.
Umqondo othi abadlozi noma imimoya yokhokho yiyona ekwazi usixhumanisa no Nkulunkulu ayilona iqiniso futhi awusekelwa yi Bhayibheli. Eqinisweni, iBhayibheli liyayenqabela ngokusobala imikhuba efana nokubhula ,nokuxhumana nabafileyo nokufuna isiqondiso kweminye imimoya ngaphandle koMoya oNgcwele kaNkulunkulu.
IBhayibheli liyakwenqabela ukubhula ngemimoya kanye nokusebenzelana nemimoya. Imibhalo yeTestamente Elidala iyalahla imizamo yokuxhumana nabafileyo noma ukusebenzisa ababhula ngemimoya njengento enengekayo.
Deuteronomy 18:10-12
Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.
Leviticus 19:31
“ ‘Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
uNkulunkulu uyasinqabela ngokusobala thina bantwana bakhe ukubuza kwabafileyo nokuphendukela kwababhula ngemimoya. Indaba yeNkosi uSawule ebuza isangoma ichazwa njengesenzo sokungalaleli.
IBhayibheli lifundisa ngesimo sabafileyo, lisitshela ukuthi abafileyo abakwazi ukubuya bazoxhumana nabaphilayo.
Jobe 7:7-10
Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami aliyikubuye libone okuhle. Iso longibonayo alisayikungibuka; amehlo akho esekimi, angisekho. Ifu liphela lihamba; kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka. Kasayikubuyela endlini yakhe; indawo yakhe ayisayikumazi.
UMShumayeli 9:5-6
Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele. Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile, futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.
Izincwadi zeBhayibheli Zichaza abafileyo njengabangazi lutho futhi abangabuyi. Umfanekiso wendoda ecebile noLazaru uphinde ubonise ukuhlukaniswa phakathi kwabafileyo nabaphilayo
IBhayibheli lichaza uJesu Kristu njengomlamuleli oyedwa phakathi kukaNkulunkulu nabantu.Hhayi amadlozi.
AmaKristu afundiswa ukufuna isiqondiso nenduduzo ngqo kuNkulunkulu ngomthandazo nangoMoya oNgcwele, hhayi emimoyeni yabantu.
Ngokusekelwe kulezi zimfundiso zeBhayibheli indaba ye-abadlozi ibhekwa njengengahambisani nenkolo yobuKristu.
IBhayibheli liyakwenqabela ukukhulekelwa kokhokho, liqinisekisa ukuthi nguNkulunkulu kuphela ofanelwe ukukhulekelwa nokuthi uJesu Kristu nguyena kuphela umlamuleli phakathi kwesintu noNkulunkulu. ..
Leave a comment