MUNYE UNKULUNKULU MUNYE NOMLAMULELI  PHAKATHI  KUKA NKULUNKULU NABANTU

1 Timothy 2:5

Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu,

Ukubonisana nabafileyo akuwona umbono kaNkulunkulu. Akukho ndawo eBhayibhelini lapho sibona khona uNkulunkulu eyala abantu bakhe ukuba babuze kwabafileyo. Eqinisweni, uNkulunkulu ukwenqabela ngokusobala ukuxhumana nabantu abafileyo

Deuteronomy 18:9-15

“Nxa usufike ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikufunda ukwenza izinengiso zalezo zizwe. Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho. Mawuphelele kuJehova uNkulunkulu wakho. “Ngokuba lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo. UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuvusela umprofethi phakathi kwakho kubafowenu onjengami; nimlalele yena.

Ukukhuluma nomoya wabafileyo akuvunyelwe futhi isijeziso semikhuba enjalo kwakuwukufa

Leviticus 20:27

“ ‘Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.’ ”

Lelivesi limkhombisa ukuthi uNkulunkulu akayifuni lokhu kwange mpela imfundiso yamadlozi.UNkulunkulu Noma ngabe kuthiwani umelene nokuthi i Bandla likaNkulunkulu libe nokuxhumana nemimoya yamadlozi.Imimoya yabafileyo.Never! Ungalokothi uqale uzoziqhatha no Nkulunkulu.

Noma nini lapho sikholelwa emadlozini  kufanele sazi ukuthi   asikhuleki kuNkulunkulu kodwa sikhonza imimoya emibi eziguqula imimoya yabantu bakithi asebadlula emhlabeni.

Ngakho-ke, lapho udinga ukulamula phakathi kwakho noNkulunkulu, ngezikhathi zobunzima noma lapho ufuna ukuvikelwa okuphelele, phendukela kuJesu.UJesu Kristu unamandla ONKE okukuvikela.Unolwazi LONKE lokukuvikela.Uthi eseZulwini aphinde abe semhlabeni WONKE ngesikhathi esisidwa.Ngakhoke kholwa wukuthi uvikelwe ngokuphelele uma ubambelela futhi umethemba uJesu Kristu indodana kaNkulunkulu.

UJesu Kristu  ungumlamuleli wethu ophelele

Hebheru 9:15

Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.

UJesu Kristu angazwelana nobuthakathaka bethu

Hebheru 4:15

Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.

For we do not have a High Priest who cannot sympathize with our weaknesses, but was in all points tempted as we are, yet without sin.

UJesu Kristu unathi ngezikhathi zokuhlupheka, ukukhathazeka, ukwesaba, kanye nezingcindezi zalokhu kuphila. Ngakho-ke, masisondele kuNkulunkulu ngokuqiniseka okukhulu kuKristu

Hebheru 10:19-22

Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe, sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo; masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;

UKristu kuphela oqhubeka ngemva kokufa ngoba uphila kuze kube phakade ukuze asikhulumele noNkulunkulu wethu.

Hebheru 7:24-26

kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka; ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela. Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,

Leave a comment