UNKULUNKULU ULAWULA EZULWINI NASEMHLABENI

Jeremiah 29:11‭-‬14

Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba. Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa. Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”

uNkulunkulu lapha ukhuluma no Israel isizwe sakhe.Ngenxa ka Jesu Kristu esiyiBandla lakhe, uNkulunkulu ukhuluma nathi futhi.UIsrael uyisizwe sesethembiso sika Nkulunkulu.IBandla lingelika Nkulunkulu.

Thinasonke siyiBandla uNkulunkulu unama ” plans ” amahle ngathi.

Jeremiah 29:11‭-‬14 AMPLIFIED

For I know the plans and thoughts that I have for you,’ says the Lord , ‘plans for peace and well-being and not for disaster, to give you a future and a hope. Then you will call on Me and you will come and pray to Me, and I will hear [your voice] and I will listen to you. Then [with a deep longing] you will seek Me and require Me [as a vital necessity] and [you will] find Me when you search for Me with all your heart. [Deut 4:29, 30] I will be found by you,’ says the Lord , ‘and I will restore your fortunes and I will [free you and] gather you from all the nations and from all the places where I have driven you,’ says the Lord , ‘and I will bring you back to the place from where I sent you into exile.’

Isaiah 14:24

UJehova Sebawoti ufungile, wathi: “Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo, nanjengokunquma kwami kuyakuma kanjalo

” Isaiah 46:10

engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami,

God is in control.Siphila He is in Control.Sifa God is in Control.

Ngaphambi kokuba sifunde ukwethemba ukuthi uNkulunkulu ulawula zonke izimo zempilo, kufanele siphendule imibuzo emine:

1. Ingabe uNkulunkulu ulawula ngempela na ?

2.  Ulawula okungakanani?

3. Uma engalawuli ngokuphelele, ubani-ke omunye olawulayo ?

4. Ngingafunda kanjani ukwethemba ukuthi uNkulunkulu uyalawula eZulwini nasemhlabeni ?

Isaiah 55:8‭-‬9‭, ‬11

“Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” usho uJehova. “Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu. liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.

Ingabe uNkulunkulu uyalawula ngempela? Umqondo wokulawula kukaNkulunkulu phezu kwakho konke ubizwa ngokuthi “ubukhosi” bukaNkulunkulu. Akukho okusinika amandla nokuzethemba njengokuqonda ubukhosi bukaNkulunkulu ezimpilweni zethu. Ubukhosi bukaNkulunkulu buchazwa njengokulawula Kwakhe okuphelele nokuzimele phezu kwazo zonke izidalwa, izenzakalo, nezimo kuyo yonke imizuzu emlandweni.  uNkulunkulu wenza lokho akuthandayo, kuphela njengoba ethanda, njalo njengoba ethanda. UNkulunkulu ulawula ngokuphelele yonke i-molecule ( eg water molecule and oxygen molecule))  endaweni yonke ngaso sonke isikhathi, futhi konke okwenzekayo kubangelwa noma kuvunyelwe Nguye ngezinjongo Zakhe eziphelele.

INKOSI yamabandla ifungile, yathi: ‘Impela, njengoba ngicabangile, kuyakuba njalo, nanjengoba ngihlosile, kuzakuba njalo’” Akukho okungahleliwe noma okuza ngengozi, ikakhulukazi hhayi ezimpilweni zabakholwayo. “ukuhlosile”. Lokho kusho ukuzimisela ngamabomu ukwenza okuthile. UNkulunkulu uzimisele ukwenza lokho azokwenza, futhi akukho lutho futhi akekho oma endleleni Yakhe. “Ngimemezela ukuphela kwasekuqaleni, kusukela ezikhathini zasendulo, okusazokwenzeka. Ngithi: Inhloso yami iyakuma, futhi ngizokwenza konke engikuthandayo”.Lona nguNkulunkulu wethu onamandla, onenhloso olawula konke. Lokho kufanele kusilethele induduzo enkulu nosizo ekunciphiseni ukwesaba kwethu.

Leave a comment