1.UNkulunkulu ukhona kithi ngaye sinokunqoba.
Inhloso enkulu yesifundo:
Ukwambula uNkulunkulu kubantu abasifundayo ukuze bazi ukuthi ungubani uJehova ” and to galvanize their faith in God,the father,the Son and the Holy Spirit:Ukuqinisa nokuvuselela ( activate ) ukukholwa kwabo kuNkulunkulu, uBaba, iNdodana noMoya oNgcwele.
Ngokwemvelo ( naturally) wonke umuntu unakho akholelwa kukho.Abanye bakholwa wukuthi akekho uNkulunkulu.
Psalms 14:1
Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu.” Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.( Psalms 53:1 )
Abanye abantu bakholwa ngonkulunkulu abaningi bamanga, badukiswa nguSathane uyise nonkulunkulu walelizwe
2 Corinthians 4:4
okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
Ephisians 2:2
enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli,
IBhayibheli kuphela lisifundisa ukuthi uyedwa uNkulunkulu.Ngakho ke lesifundo sisuswelwa kwi Mfundiso ye Bhayibheli eliyiZwi lika Nkulunkulu ophilayo.
Ukukholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu elingenaphutha kusho ukuthi libonakala lithembekile ngokuphelele futhi lingenakukwazi ukudukisa umuntu,I Bhayibheli livela ekukholweni wukuthi uNkulunkulu, njengoba ephelele, waphefumulela ababhali beBhayibheli abangabantu ukuba babhale umyalezo ovela kuNkulunkulu ,umyalezo oyiqiniso
2 Peter 1:19
Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse, ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu,
John 3:14-15
Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa
UMphostoli uJohane wabe engumngani Omkhulu ka Jesu Kristu.UJohane uyena owazi kakhulu amazwi ayeshiwo ngqo ngu Jesu Kristu ngoba isikhathi esiningi babe jwayelene kakhulu bexoxa okuningi.
Ngempela akekho omunye umuntu owehla esuka ezulwini weza emhlabeni, ngu Jesu Kristu kuphela.UJesu Kristu uza emhlabeni nje uphethe amandla onke eZulu.UJesu Kristu akukho angakwazi ukukwenza njengoba evela eZulwini nje.Unamndla onke,unolwazi lonke futhi nguye kuphela okwazi ukuthi athi eseZulwini abe semhlabeni ngesikhathi esifanayo.Impela sikhonza uNkulunkulu olalelwa uyizona zonke izimo zethu.Uma siphakamisa uJesu Kristu phezu kwezimo zethu ziyamlalela.
UNumeri 21:9
UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda.
Abantwana bakwa Israeli babenesimo sokulunywa yizinyoka ezinobuthi obubulalayo.Noma yikanjani abantu ababelunywa yilezizinyoka ezinobuthi obubulalayo babefa .Lokhu kwakuyinkinga entsha empilweni yabantu bakwa Israeli.Lesi yisimo esasibahlukumeza imini nobusuku. Babenovalo besaba kakhulu.
Abantwana bakwa Israeli bakhala kuMose naku Jehova!Bacela UMose ukuthi abacelele intethelelo kuJehova ukuze abavikele .UNkulunkulu wakhuluma nesimo sabo sobuthi bezinyoka obubulalayo.Isimo sabo salilalela IZwi likaNkulunkulu.Babethi uma bebuka inyoka yethusi basindiswe Noma izinyoka ezinobuthi zibalumile.Noma yisiphina isimo siyamlalela uJesu Kristu.
Nasiphina isimo sakho siyalizwa IZwi likaNkulunkulu.Ngegama lika Jesu Kristu,khuluma ukunqoba phezu kwesimo sokungaphumeleli kwakho.Khuluma ukuphila phezu kwempilo yakho,uvume njalo izono zakho okuluphawu lokuthoba ku Nkulunkulu.Isono siyinyoka enobuthi obubulalayo.Ukusivuma kuJesu Kristu kubulala amandla obuthi ukuze zonke izimo zakho zilizwe IZwi lika Nkulunkulu.
UMose waphakamisa inyoka yethusi ( Bronze ) wayibeka phezulu ensikeni.Inyoka yalenga epalini ibonwa ngumphakathini wakwa Israeli.
Phakamisa uJesu Kristu phezukwesimo sakho.UJesu Kristu walenga emthini .Bonke abalunywa yinyoka enobuthi babebuka inyoka yethusi basindiswe ebuthini ( poison) benyoka ebalumileyo.Bonke abakholwa nguJesu Kristu ubuthi besono abubabulali.Abafi nhlobobo.Bayaphila kuze kube phakade.Noma bangafa enyameni kodwa kumoya bayaphila ( ngokuphelele) ingunaphakade.”In spirit they live forever”. Ubuthi benyoka nobuthi besono buyalizwa IZwi likaNkulunkulu, ngegama lika Jesu Kristu bayasindiswa.Bayazinqoba izimo nezimpi zabo.
Kudala uMose waphakamisa inyoka yethusi.Namhlanje, phakamisa uJesu Kristu phezu kwesimo sakho.Nasiphina isimo siyalizwa IZwi likaNkulunkulu.Uzokuthi noma ulunywe yinyoka enobuthi ungafi.Ubuthi besono obufakwa ngu Sathane empilweni yomuntu buyalizwa IZwi likaNkulunkulu.Uma siphakamisa uJesu Kristu,isono esibulalayo asinawo amandla okusibhubhisa.Isono siyasuka kithi ngegama lika Jesu Kristu.Isono siyalizwa IZwi likaNkulunkulu.Awukho umuthi wokwelapha isono kumuntu,nguku phakamisa uJesu Kristu kuphela okususa isono kumuntu kuphulukiswe izifo zakhe.
John 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
Thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu sikhonza uNkulunkulu omdala kunezinsuku.UNkulunkulu wethu wayekhona izinsuku zingakabi bikho.Noma ngabe yisiphi isimo siyamlalela uNkulunkulu esimkhonzayo.Nesimo sakho namhlanje siyalizwa IZwi likaNkulunkulu.
Ngegama lika Jesu Kristu khuluma ukuphila kuso isimo sakho.Phakamisa igama lika Jesu Kristu phezukwesimo sakho.Isimo sakho siyamlalela uNkulunkulu.
Inyoka yethusi kuNumeri 21: 9 imele uJesu Kristu “ephakanyiswa” esiphambanweni. Ukubheka kuKristu obethelwe esiphambanweni kuletha insindiso engokomoya nokuphila okuphakade.Sonke siyasinda ebuthini besono. UJesu Kristu uthatha isiqalekiso sethu nokufa kwethu akubeke phezu Kwakhe.Uyasithwalela icala lethu ukuze Thinasonke sibe nokuthula
Isaiah 53:4-5
Kepha yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
John 3:14-15
Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana hk Kuyomuntu. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa
Phakamisa uJesu Kristu phezu kwesimo sakho.Nasiphina isimo siyalizwa IZwi likaNkulunkulu.
Ngaso sonke isikhathi uma siphakamisa uJesu Kristu phezu kwesimo sethu,siyanqoba,kodwa uma singamphakamisi uJesu Kristu siyanqotshwa yizimo zethu.
“Keep on lifting up and praising the name of the Lord Jesus Christ and receive victory over your situation.”
Nasiphina isimo siyamlalela uJesu Kristu.Uma uphakamisa uJesu Kristu isimo sakho siyanqotshwa.Uma wehlisa izinga lokuphakamisa uJesu Kristu phezu kwesimo sakho wena uyanqotshwa yisimo sakho.Accelerate in your in Jesus Christ above your situation.
Exodus 17:11
Kwathi uMose esephakamisile isandla sakhe, u-Israyeli wahlula, kepha nxa esehlisa, u-Amaleki wahlula.
Encwadini Ka Numeri 21:9,kubalulekile ukuqaphela lapha ukuthi kwakungekho lutho oluyimilingo noma oluyizithixo ngalokho uNkulunkulu atshela uMose ukuba akwenze. Inyoka yethusi noma isigxobo ngokwazo kwakungenamandla okuphulukisa. Kunalokho, kwakungamandla kaNkulunkulu asindisa futhi aphulukisa ama-Israyeli. Ngokubheka inyoka esigxotsheni, ama-Israyeli avuma isono sawo, aphenduka ekuhlubukeni kwawo, futhi aphendukela kuNkulunkulu ngokukholwa ukuze uNkulunkulu awasindise futhi awaphilise.
UJesu Kristu waphakanyiswa “esigxotsheni” ( esiphambanweni). Bonke ababheka kuYe ngokuphenduka nangokukholwa bayasindiswa. UJesu ususa udosi lokufa futhi usivikele kulo udonsi lokufa ( snakebite) lukaSathane, leyo nyoka endala
Revelation 12:9
Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.
John 3:14-15
Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa
1. UJesu Kristu kwakufanele aphakanyiswe okokuqala esuswa ngokoqobo emhlabeni ebethelwa esiphambanweni ,afe ukuze Thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu singafi kodwa sibe nokuphila okuphakade.
2. Okwesibili, uJesu Kristu wayekhuluma nangokuphakanyiswa kwakhe,ekuvukeni kwakhe ekufeni, ekukhuphukeni kwakhe eya eJerusalema kubafundi bakhe,nasekuphakanyisweni kwakhe ,enyukela ezulwini.
UJesu “waphakanyiswa” ethuneni lapho uNkulunkulu emvusa kwabafileyo
1 Corinthians 15:3-4
Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,
Ukuvuka ekufeni kuka Jesu Kristu kuyinkomba yokuthi nasiphina isimo siyamlalela uNkulunkulu.UJesu Kristu wayefile ebhotshoziwe amanxeba kodwa uNkulunkulu olalelwa yizimo zonke wamvusa kwabafileyo.UJesu Kristu wazibonakalisa kubafundi bakhe nakubantu emhlabeni.UJesu Kristu wakhombisa umhlaba ukuthi nasiphina isimo siyamlalela uJehova.Nathi siyiBandla likaNkulunkulu isimo sokufa kwethu kuyalazi IZwi likaNkulunkulu.Ukufa kuzomlalela uNkulunkulu Uma ethi abakholwa ngu Jesu Kristu abavuke ekufeni uma kukhala icolongo.Nasiphina isimo siyalazi IZwi likaNkulunkulu.
UJesu “waphakanyiswa” emhlabeni wabuyela ezulwini ngemva kokuvuka kwakhe
Acts 1:9-14
Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo. Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.” Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha. Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.
3. Manje uJesu uphakanyisiwe phezu kwazo zonke izingelosi, igunya, namandla
1 Peter 3:22-23
Uhlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu uBaba, ngaphezu kwakho konke okudaliweyo
Ephisians 1:20-23
asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini, ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.
Ngokuhlukanisa uLwandle Olubomvu (Eksodusi), UNkulunkulu wasindisa ama-Israyeli ebuthweni likaFaro, ebonisa amandla phezu kwemvelo.
Ukuhlukaniswa koLwandle Olubomvu kuyisehlo esikhulu esisodwa sokugcina nesiwujuqu lapho uNkulunkulu ekhulula abantwana bakhe ebugqilini eGibhithe.Emva kokuwela uLwandle oluBomvu abantwana bakwa Israeli abaphindanga bezwa ubuhlungu bokugqilazwa ngama Gibhithe.
Ukufa kuka Jesu Kristu esiphambanweni,elenga emthini uze uphume umphefumulo wakhe, kuyisehlo esikhulu esisodwa sokugcina nesiwujuqu lapho uNkulunkulu ekhulula abantu bakhe ebugqilini besono.Emva kokufa,ukuvuka nokunyuka kuka Jesu Kristu bonke abakholwa nguye banokuphila okuphakade, abaseyikufa kumoya kuze kube phakade naphakade.Ubuhlungu bobuthi besono esibulalayo nesibhubhisayo abusekho kubo.Ukusindiswa kwethu sekuwukuqala kweSizwe sika Nkulunkulu,uMbuso kaNkulunkulu ozobusa ingunaphakade emhlabeni omusha
Revelation 21: 1- 4
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele* likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
“They were completely delivered from bondage of Slavery in Egypt ” abantwana bakwa Israeli.
Kanjalo nabo bonke abakholwa nguJesu Kristu ” they are delivered from the bondage of sin on this earth”.
Ukuhlukaniswa koLwandle Olubomvu kwakuwukuzalwa kwesizwe sika Nkulunkulu u Israeli lesi esikhona namanje ” e Middle East”,futhi esizokuba khona ingunaphakade.
Ezikhathini zokugcina, u-Israyeli ubhekene nobunzima obuningi nobukhulu kakhulu.Izikhathi zokugcina ziqala lapho uJesu Kristu ezalwa kuze kufike lapho ebuya khona nge ” Second Coming” ezomisa umbuso wakhe emhlabeni i ” Millennial Kingdom of Jesus Christ “: UMbuso wemiNyaka eyi nkulungwane uJesu ebusa lomhlaba esiphila kuwo.
Usizi luka Israeli luzophela nge “Second Coming “lapho uMesiya ebusa esihlalweni saKhe sobukhosi eJerusalema, inhloko-dolobha yakwa-Israyeli. Incwadi yeSambulo iphetha ngezulu elisha, umhlaba omusha, neJerusalema elisha. Isithembiso sikaDuteronomi 4:40 siyisithembiso esibona kude, esifinyelela ekupheleni kokuba khona kwaleli zwe ngisho nasesikhathini somhlaba omusha.
Duteronomy 4:40
Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”
Ngobusuku benhlupho yeshumi, abantwana bakwa-Israyeli baphuma eGibhithe, futhi “uNkulunkulu wabahola abantu bakhe ngendlela yasehlane eya oLwandle Olubomvu”
Eksodusi 13:18
Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.
UNkulunkulu wabatshela ukuthi bamise kuphi ngaselwandle
Eksodusi 14:2
“Yisho kwabakwa-Israyeli ukuba babuyele emuva, bamise ngaphambi kwePhi Hahiroti, ngaphakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBali Sefoni; anomisa ngaselwandle, nibhekane nalo.
Futhi wabatshela ukuthi inkosi yaseGibhithe izobalandela. Kodwa umphumela wawuyoba ukunqoba okukhulu: “Ngizozitholela inkazimulo ngoFaro nangempi yakhe yonke, abaseGibhithe bazi ukuthi nginguJehova”
Eksodusi 14:4
Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke.
AbaseGibhithe—wonke amahhashi kaFaro nezinqola, nabamahhashi namabutho—baxosha abakwa-Israyeli, babafica lapho bemise ngaselwandle
1. Onke amahhashi empi yase Gibhithe
2. Nezinqola zakhona
3.Nabagibeli bamahhashi
4.Namabutho
Bahlasela abantwana bakwa Israeli.Babafica lapho bemise ngaselwandle bebheke kulo
Eksodusi 14:9
AbaseGibithe babaxosha, amahhashi onke, nezinqola zikaFaro, nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica bemise ngaselwandle ngasePhi Hahiroti ngaphambi kweBali Sefoni.
Abantu “besaba kakhulu, bakhala kuJehova”
Exodus 14:10
UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova.
Kukuphi lapho ukhala khona wena.Isimo sakho usibika kubani.Kaningi abanye abantwana baka Nkulunkulu babika izimo zabo ko nkulunkulu ababonwayo,onkulunkulu bokwenziwa,izithoxo,abantuabadalwe ngu Nkulunkulu ophilayo.Bazikhohlisa ngokuthi uNkulunkulu uyalekelelwa.Ngicela iverse elilodwa nje elidukisa abantu libatshele ukuthi uNkulunkulu uthe kukhona elinye igama esingasinda ngalo.Abantu uSathane uphuphuthekisa izinqondo zabo.UNkulunkulu akabhanqwa namanye abathemba.
Isimo sika Israeli uNkulunkulu wabhekana naso eyedwa.
Abantu base beqala nokuphendukela uMose bathi ubaholele ogibeni
Exodus 14: 11-12
Bathi kuMose: “Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na? Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe, sithi: ‘Siyeke, sikhonze abaseGibithe,’ na? Ngokuba bekuyakuba ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.”
Ngokukholwa uMose wabatshela wathi “Ningesabi. Yimani niqine, nizobona insindiso uJehova azokunenzela yona namuhla. AbaseGibhithe enibabona namuhla anisoze nibabone futhi. UJehova uzokunilwela; nidinga ukuthula nje”
Exodus 14:13-14
UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.” UJehova uzakunilwela, nothula nina.
In God you have your own miracle coming to face your challenges.Nasiphina isimo siyamlalela uJesu Kristu.Uphile kwaze kwaba lapha nje it’s your own miracle.
Kwabe sekufika isimangaliso Kwa Israeli: UMose welula isandla sakhe phezu kolwandle, kwathi bonke lobo busuku uJehova waxosha ulwandle ngomoya onamandla wasempumalanga, waluguqula lwaba umhlabathi owomileyo. Amanzi ahlukana, ama-Israyeli adlula olwandle emhlabathini owomileyo, udonga lwamanzi ngakwesokudla nangakwesobunxele
Exodus 14:21-22
UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana. Abantwana bakwa-Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
Lapho amabutho aseGibhithe ezama ukulandela ama-Israyeli oLwandle Olubomvu, uNkulunkulu wakhubaza izinqola zawo
Exodus 14:25
Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.”
Kwathi “ekuseni ulwandle lwabuyela endaweni yalo. AmaGibhithe ayebalekela kulo, uJehova wabakhukhula bangena elwandle. Amanzi abuyela emuva, amboza izinqola nabamahhashi—ibutho lonke likaFaro elalilandele ama-Israyeli olwandle. Akukho noyedwa kubo owasinda
Exodus 14:27-28
UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela endaweni yalo ngokufika kokusa; abaseGibithe balubalekela; uJehova wabathuntuthela abaseGibithe phakathi kolwandle. Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.
Phakamisa uJesu Kristu phezu kwezimo zakho zonke ziyalizwa IZwi lika Jehova.
Luke 1:37
Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”
Luke 18:27
Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu
Uma umbhali ebhala ethi akukho okungenzeki kuNkulunkulu,abuye athi okungenzeki kubantu kuyenzeka ku Nkulunkulu,lombhali usho ngoba esebone kahle izimangaliso ezenziwa ngu Nkulunkulu.Umbhali uyabona ukuthi asikho isimo esingamlaleli Nkulunkulu.UNkulunkulu uhamba nathi.Ukithi kukho konke esikwenzayo.NguJehova kuphela ongakwazi ukubhekelela izimo zethu zonke.Nasiphi isimo siyamlalela uNkulunkulu.Thinasonke siyiBandla likaNkulunkulu sihlala sigcwele inkazimulo kaNkulunkulu ngenxa Ka Jesu Kristu.UNkulunkulu akasiki kithi.Uhlala kithi njalo.Akahluleki uJehova ulalelwa yindalo.Zonke izimo ziyalilalela IZwi lakhe.Ungesabi.UNkulunkulu wakhuluma i Zwi kuMoses wathi ” Moses phakamisa induku oyiphethe phekwamanzi olwandle.
UJesu Kristu wondla Izixuku : Ukwandisa izinkwa nezinhlanzi ukuze kondliwe izinkulungwane kubonisa inala kanye nokuhlinzekwa okuvela phezulu.
Ngenkathi uJesu Kristu and ISA izinkwa nezinhlanzi kwakunesimo sokulamba kwabantu abalalela izintshumayelo nezifundo zika Jesu Kristu.UJesu Kristu kwakufanele azibonakalise kwesinye isikhathi ukuthi ungu Nkulunkulu.Yena kuphela ovela eZulwini.Amandla unawo onke.
Ukwenziwa kwezimangaliso akuyona into yokudlala.Izimangaliso zenzeka ngaleso sikhathi. Azenzeki ngoba kuhlele umuntu othile.Azenzeki njalo.Izimangaliso kumele kube wukuthi uNkulunkulu uyakusebenzisa efuna ukuthi zilethe udumo kuye.Izimangaliso azilandwa kumuntu othize zilethwa ngu Nkulunkulu.Akukho mali enganela ukuthenga amandla Ka Nkulunkulu .
Kuzo zonke izimangaliso zikaJesu eziningi, ukuvuka kwakhe kanye nokondla abantu abangu-5,000 Yikhona kuphela okulotshwe kuwona onke ama Vangeli amane( Matthew,John,Luke and Mark). Abalobi bamaVangeli babheka ukondla abangu-5,000 njengesimangaliso esibalulekile. Lapho uKristu epha izixuku ngalolo suku, waqala “ngezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili” kuphela, ezazibolekwe esidlweni sasemini somfana
Johane 6:9
“Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”
Ukondla abantu abangu-5,000 ngezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili kuyisimangaliso ngempela.
Mathewu 14:21
Kepha abadlayo kwakungathi amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.
UMathewu ugcizelela iphuzu ngokunezela, “Kepha abadlayo kwakungathi amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana ” Izazi eziningi zeBhayibheli zikholelwa ukuthi inani langempela elaphakelwa ngalolo suku lalingaba ngu-15,000—-20,000 wabantu sebebonke.
Abafundi bakaJesu babefuna ukuxosha abantu ngoba kwase kusondela ukuhlwa futhi base besendaweni eyihlane
Mathewu 14:15
Selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla.”
Abafundi baka Jesu Kristu babazi ukuthi abantu kwakudingeka bafike emadolobheni azungezile eduze ukuyothenga ukudla, bathole nendawo yokuhlala. Kungenjalo abantu babezolamba
Marku 6:36
bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.”
Kodwa uKristu wayenomqondo ongcono: “Bapheni nina ukudla”
Mathewu 14:16
Kepha uJesu wathi kubo: “Akuswelekile ukuba bamuke; bapheni nina ukudla.”
Kuleli qophelo, abafundi kwakufanele bakhumbule izimangaliso eziningi ababezibone uJesu ezenza. Mhlawumbe abanye babo bakhumbula, kodwa u-Andreya wabuza, “Ziyini [izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili] kwabaningi kangaka?”
John 6:9
“Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”
UFiliphu wamemeza, ” Kungathatha umholo wonyaka ongaphezu kwengxenye ukuze kuthengwe isinkwa esanele ukuze umuntu ngamunye adle!”
John 6: 7
UFiliphu wamphendula wathi: “Izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili zingebanele, kube yilowo nalowo athole ingcosana.”
UJesu wabiza isinkwa nezinhlanzi ukuba zilethwe kuye
Mathewu 14:18
Wayesethi: “Ziletheni lapha kimi.”
Wabe esebonga ngesidlo, wasihlephula isinkwa, wasinika abafundi bakhe ukuba basinike isixuku. Ngokumangalisayo, sonke isixuku sondliwa ngalokho kudla okuncane. UJesu wabapha “ngokwanele ababekufuna”
Johane 6:11
UJesu wazithabatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi, kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo.
futhi “bonke badla basutha”
Mathewu 14:20
Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele.
UKristu akagcinanga nje ngokuhlangabezana nesidingo; Wabanika ukudla okuningi kangangokuthi “kwasala izitsha eziyishumi nambili ezigcwele izingcezu eziphukile kanye nezinhlanzi”
Marku 6:43
Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi.
UNkulunkulu uzoqeda okulindelwe ngabalandeli bakhe ngobukhulu bephayinti ngalokho abangakwenza uma befunda ukumnika lokho asebakunikiwe kakade. “Okuncane kakhulu uma uNkulunkulu ekuko.” Lapho amaKristu ezimisele ukunikela ngezimpilo zawo ngokuzidela, edela ukubamba kwawo noma yini uNkulunkulu awanike yona ngokwesikhathi, imali, amathalente, njll., uNkulunkulu uzosebenzisa lezi zinto ezivamile ukudala izinto ezingavamile. AmaKristu akumelwe akholelwe ukuthi izinsiza zawo zincane kakhulu ukukhonza uNkulunkulu. UNkulunkulu uyakujabulela ukuthatha umuntu othobekile, obonakala engabalulekile futhi amsebenzisele inkazimulo Yakhe (bheka 1 Korinte 1:27).
Ingqondo kaFiliphu yagijimela ngokushesha ezindlekweni zomsebenzi. Wabala ngokushesha ukuthi mangaki amahora omsebenzi adingekayo ukondla bonke labo bantu; Wabona lo msebenzi ungenakwenzeka ngoba wawufinyelela sengathi konke kuncike emsebenzini wakhe. Indlela uJesu ayewusebenzisa ngayo yayihlukile. UJesu wadlula yonke imizamo yabantu futhi wenza okungenakwenzeka. “‘Hhayi ngamandla noma ngamandla, kodwa ngomoya wami,’ kusho iNkosi uSomandla” (Zakariya 4:6).
Kuyaphawuleka ukuthi uJesu wondla abantu ngokusebenzisa abafundi bakhe. Wayengamane nje ashaye iminwe yakhe futhi enze wonke umuntu owayekhona ukuba adle, kodwa akazange. Kunalokho, “Wanika abafundi bakhe ukuba babele abantu” (Marku 6:41). Ngale ndlela, abafundi kwakufanele bathembele eNkosini ngakho konke ababekwabela. Babenganikela kuphela njengoba babethola. UFiliphu, u-Andreya, nabanye babekwa endaweni yokuthembela ngokuphelele eNkosini ukuze bathole ukudla. UNkulunkulu usasebenzisa abantu ngendlela efanayo nanamuhla.
AmaKristu kufanele futhi akhunjuzwe ukuthi izinkinga zabo azikaze zibe zinkulu kakhulu (“eziningi” zikaJohane 6:9) ukuba uNkulunkulu aziphathe. Ngokuqinisekile, u-Andreya wayezibuza, “Sizokwenzenjani ngezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela?” Yiqiniso, ngokwemfundiso, amakholwa ayazi ukuthi uNkulunkulu angandisa kalula noma yini ayifunayo, ukuze ondle abantu abaningi ngangokunokwenzeka—unguNkulunkulu. Inkinga ifika lapho sibhekene nokusebenza okusebenzayo kwale mbono; sivame ukungabaza ukuthi uNkulunkulu uzofuna ukuhlangabezana nesidingo sethu.
Kukhona ukubikezela isimangaliso sikaKristu empilweni ka-Elisha kweyesi-2 AmaKhosi. U-Elisha watshela inceku yakhe ukuba yondle abantu ababebuthene lapho, nakuba kwakungekho ukudla okwanele kwamadoda ayikhulu. Omunye wamadoda wathi, “Ngingakubeka kanjani lokhu phambi kwamadoda ayikhulu?” (2 AmaKhosi 4:42–43) Nokho, ekugcineni, amadoda awazange nje abe nokudla okwanele, kodwa “adla futhi asala” (2 AmaKhosi 4:44). Akufani yini noNkulunkulu? Uthi uzokwenza okungaphezu kokunakekela abantu baKhe; Uzonikeza inala (IHubo 132:15).
AmaKristu kumele alethe izimpilo zawo kuNkulunkulu ngomoya wokulalela nokuzidela, kungakhathaliseki ukuthi angase acabange ukuthi izipho noma amathalente awo awanalutho (Roma 12:1). Uma wenza kanjalo, lindela ukuthi uNkulunkulu enze okungaphezu kwalokho okungacatshangwa (Kwabase-Efesu 3:20). Futhi, amaKristu kufanele athembe ukuthi uNkulunkulu akafuni nje kuphela ukuhlangabezana nezidingo zabantwana Bakhe, kodwa ufuna ukupha abantwana Bakhe izibusiso ezingokomoya, ngisho nokuchichima (IHubo 23:5).
Leave a comment