Amen Nceku yeNkosi
Malusi LK Luthuli
Ngiyakubingelela eGameni LeNkosi UJesu Kristu.
- Mholi, LK Luthuli
uma uyilunga le ” The Church International Body of Christ ( TCI ) uyingxenye yabazalwane abakholwa yiNkosi uJesu Kristu emhlabeni wonke jikelele : The Church.
Kwesinye isikhathi ungeluse iBandla elikhulu kodwa ungakujabulela ukusebenza usemzimbeni ka Kristu usebenzele uNkulunkulu ukuthuthukisa umphakathi ngoko moya. - Wamukela futhi uthande bonke aba kholwa nguJesu Kristu nalabo abangakholwa nguJesu Kristu ukuze nabo baphenduke ,
- Mukela abazalwane ngenhliziyo yakho yonke noma ngabe bahlanganyela kuliphi iBandla lika Nkulunkulu,
- Khuthaza ubunye emzimbeni ka Kristu.Ungacwasi mzalwane ungabukelani phansi muntu
- UJesu Kristu wasikhulekela ukuthi sibe munye ngoba Yena no Nkulunkulu bamunye.
- Kwi Ward Ka Masipala ohlala kuyo noma kuleyo okukuyo umsebenzi Ka Nkulunkulu owalusile wena njenge lunga le TCI :
- Sebenzisana ngokuthula nangenhlonipho nobuholi bamaBandla nabazalwane bonke okwazi ukuhlangana nabo nibe nomunye nabo,
John 17 : 20 – 21
“Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.
Sebenza nobuholi bendabuko,Izinduna,
amakhosi,Izihlaka zikaHulumeni ,amaKhansela oMhlathuzi Local Municipality , King Cetshwayo District Municipality, iziMayor :
Sihlelele imihlangano wama ” Workshop Training and Development “sizo khuluma sichaze ngombono wokuthuthukiswa komphakathi ngoko
- moya ( Spiritually)
- kwezinto eziphathekayo ( Physically)
- mqondo ( Psychologically)
- nango kwenhlalo ” nomnotho.( Socio – economically)
- Sikhuluma ngokulekelelana emsebenzini weNkosi:
- Sisebenzisa esinakho ukuqala nokuthola esingenakho
- Sisebenza singaxhaswe muntu ngamali kuze kufike isikhathi lapho sixhaswa khona uma siyoxhaswa
*
Leave a comment