ABAPHUZA IGAZI NABADLA INYAMA KA JESU KRISTU

Angibingelele bazalwane egameni leNkosi UJESU Kristu 

Ngiyakukholwa ukuthi niyaphila nonke nemndeni yenu 

Nceku yeNkosi ngicela ukuphinde ngisondele kuwe futhi 
Ngicela ungicacisele ngamazwi amafuphi  uma sengibatholile abantu abangu9 ngenzenjani?

Amen

Pastor LK  Luthuli
UMhlathuzi Local Municipality
eSikhawini

Ngiyethemba niyaphila emndenini wako moya,iBandla  lika Nkulunkulu  nasemndenini yethu yokwenyama.

Thank you for your correspondence.Ngo May 2026 kungu Mgqibelo sicela usihlelele usuku lwe   workshop meeting kanje:

Date :

Venue :

Time :

Ukudla : R100 ngomzalwane ngamunye asikakabi nalo uxhaso.

Agenda  : Ukufunda okuqondene no

1.  kubambisana kwaba zalwane kuma Wardi ethu.

2. Kunikwa ama Roles and Responsibilities of the office bearers in the WARD CHURCH ORGANISATION ( WCO) ( Kunikwa  Izindima kanye nomsebenzi okufanele wenziwe  ngabaphathi bamahhovisi kwi -WARD CHURCH ORGANISING COMMITTEE- WCOC .

Uma sesitholile ukuthi ithini idate enisihlelela yona  sizokwenza isimemezelo ukuze abazalwane abakhululekile bakwi  Ward enikuyo ,UMhlathuzi Local Municipality, King Cetshwayo District Municipality ne Province  yakwa Zulu/Natal bahlanganyele kulezifundo zeBandla likaNkulunkulu.Umasithi May 2026 senzela ukuthi singashayisani nama date abanye  abazalwane bakwezinye izindawo.

Sikhumbule ukuthi sikuthuthukisa useSontweni lakho.Awudingi ukuphambana nobuholi bakho ukuze uthole ukusebenza nabanye bazalwane eWardini ( umbono Ka Jesu Kristu uwodwa, UKUSISINDISA .Vele siyiBandla  eliya Ku Nkulunkulu oyedwa,akusisizi ukucwasana nokubukelana phansi.Njengoba sikholwa ngu Jesu Kristu nje  uSathane uhlala efuna ukusixova njalo akhe ubutha phakathi kwabazalwane eMzimbeni ka Jesu Kristu.

Siyi ” TCI”  siphuma umkhankaso  wokuthi abahlangane ABAZOHLWITHWA MADUZANE

Abahlangane abaphuza igazi nabadla inyama Ka Jesu Kristu ozokuma emkhathini athumele ZONKE izingelosi zakhe zize zifike qathatha emhlabeni.Ngalolo suku lokulandwa kuka Makoti weWundlu,eZulwini akuzukusala neyodwa ingelosi.Zizophuma zonke ziholwa yiNgonyama yomndeni Ka Juda, iMpande kaDavide, uJesu Kristu ; zizofika emagumbini omane omhlaba,zizoqoqa abazalwane bonke. Asebafa bazovuka. Abasaphila bazoguqulwa imizimba yabo ibe yimizimba kamoya  ema

WARDINI
LOCAL MUNICIPALITIES
DISTRICT MUNICIPALITY
PROVINCES
NATIONS
CONTINENTS
IN THE WHOLE WORLD

Owenu eNkosini

Brother JBW Dlamini

Leave a comment