THE CHURCH

THE CHURCH
UJESU KRISTU, KANYE NE BANDLA LAKHE, UYIMFIHLAKALO KANKULUNKULU EBIFIHLIWE IMINYAKANYAKA EMININGI EYEDLULE, KODWA KUSUKELA KUFIKE UJESU KRISTU LEMFIHLAKALO ISIYEMBULWA
Romans 16:25-27
Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe ngezikhathi zaphakade kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa, kuye uNkulunkulu onokwazi yedwa akube kuye inkazimulo ngoJesu Kristu kuze kube phakade. Amen.
• Umhlaba ungakasekelwa,ungakabibikho, uJesu Kristu wayekhona engu Lizwi
• UJesu wayeku Nkulunkulu
• Engu Nkulunkulu
• Igama elithi “ Lizwi” lisho
“ umlayezo kaNkulunkulu awuyaleza kubantu bonke emhlabeni “
• UJesu Kristu ungumlayezo ovela kuNkulunkulu oze kumuntu okholwayo nongakholwa emhlabeni

John1:1

Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.

• UJesu ungumlayezo ophelele ovela kuNkulunkulu
• Awukho omunye umlayezo oyobuye ulethwe nguNkulunkulu kubantu emhlabeni
• UNkulunkulu uqedile ngoJesu Kristu
• Jesus is a complete message communicated by God to mankind
• Uma sishumayela
• Sifakaza
• Sifundisa
• Sidlulisa umlayezo ongu Jesu Kristu,
ovela ku Nkulunkulu
• Sitshela abantu ukuthi uthini uNkulunkulu ngo Jesu Kristu

• Noma ngabe yini uNkulunkulu ayishoyo kubantu emhlabeni
• Uyishilo waqeda ngo Jesu Kristu
• uJesu Kristu uyiZwi lika Nkulunkulu
• Uma umuntu ephika uJesu ngeke amuzwe u Nkulunkulu ukuthi uthini empilweni
• Uma ungenaye uJesu oyohlala njalo ucinga uNkulunkulu,
• Kuzofika ukufa,
ufe ungenaye uNkulunkulu
• UJesu uhlala njalo eku Nkulunkulu
• NguJesu Kristu kuphela owaziyo”,exactly,” ukuthi uNkulunkulu ufunani kithi singabantu emhlabeni
• “Without Jesus Christ in your life” uhamba uhambo oluya ekulahlweni kwaphakade
• Uduka ubona
• UJesu unguNkulunkulu
• uNkulunkulu wake wafika waba ngumuntu emhlabeni
• Akukho okungenzeki kuNkulunkulu
• uNkulunkulu uyakwazi ukuthi ethi enguNkulunkulu,
abuye abe ngumuntu ngesikhathi esifanayo
• NgoJesu kristu inkazimulo kaNkulunkulu ifikile emhlabeni
• Iyabonakala emhlabeni kuze kube manje
John 1:14
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

• UJesu Kristu ne Bandla bamunye

John 17:11‭, ‬13‭, ‬17‭-‬18‭, ‬20‭-‬23 ‬‬‬‬‬

Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi. “Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni. “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile. Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye, mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.

• UJesu uyiNhloko
• IBandla lingu Mzimba
• iBandla likhona ngaye uJesu Kristu
• Lingelakhe
• Uhlala kulu” forever”
• UJesu akasoze ahlukana neBandla lakhe
• IBandla ngumuntu omusha kamoya, owakheke ngenxa yokufa kuka Jesu Kristu ngendlela yokujeziswa
• IBandla akuyona indlu ethize eyakhiwe ngumuntu othize
• IBandla akulona iSonto elithize elisungulwe ngumuntu othize
• IBandla “is not a certain Denomination”
• IBandla “ is not a certain Congregation”
• IBandla ngumuntu kaMoya olalele uLizwi ongu Jesu Kristu ekhuluma kuye ethi
• Muntu kamoya uyisoni!
• Wonile kuNkulunkulu!
• Unecala kuNkulunkulu!
• Kunobutha phakathi kwakho noNkulunkulu!
• Icala lakho libi kakhulu!
• Muntu kamoya uzokufa ulahlwe kanye noSathane esihogweni
• Muntu kamoya uyamdinga uLizwi
• Uyamdinga uJesu
• Uyamdinga uNkulunkulu,
• Uyamdinga u Moya Ongcwele
• Uyadinga ukuthethelelwa izono zakho ngo Kristu

• Uma umuntu ezwa iZwi lika Jesu Kristu ehlabeka
• Bese phenduka akholwe nguJesu
• Aphenduke azilahle zonke izono zakhe ubesesindiswa
• Umuntu uzalwa kabusha kumoya
• Uba yisidalwa esisha
• uJesu Kristu umbiza ngomntwana kaNkulunkulu
• Uyengeza eBandleni lika Nkulunkulu
Matthew 16:18
Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.
• UJesu Kristu uyidwala “ up on which the Church of God is built”
• Asikho esinye isisekelo iBandla elakhile kuso
• Ngu Jesu Kristu kuphela
• iBandla ngumuntu oyisidalwa esisha
• The Church is a new spiritual body
• Born and created of the spirit of God
• IBandla ngumuntu kamoya nomphefumulo ongenwe ngu Christ
• IBandla akuvele kusuku umuntu nje asungule bese ethi usungula iBandla
• Abuye futhi athi ngelakhe
• IBandla alisungulwa kodwa liyenezelwa eBandleni likaNkulunkulu elivele likhona ligcwele emhlabeni wonke
• “Each time” kuphenduka abantu uma kushunyayelwa kusuke kungasungulwa
• Kusuke kwenezelwa eBandleni likaNkulunkulu imihla ngemihla abasindiswayo

Act 2:47
bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

• Uma nje kuliBandla likaNkulunkulu,uJesu Kristu ubesevele elakhile “ before the foundation of the world”
• Lapha emhlabeni uJesu ubeke isisekelo saba Phostoli naba Profethi ukuba IBandla lakhe liqhubeke lakhelwe kuso
• Yena uJesu Kristu
• Ungu Mphostoli wokuqala
• UnguMprofethi wokuqala
• UnguMvangeli wokuqala
• UnguMfundisi wokuqala
• UnguMalusi woqala

John 10:11,14

“Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. “Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,

• Thinasonke sithatha kuJesu
• Siyi Bandla lika Nkulunkulu siwumbuso owodwa kamoya wabangcwele
• Singabendlu ka Nkulunkulu

• IBandla lonke emagumbini omane omhlaba lihlanganiselwe ku Jesu Kristu
• UJesu uyitshe legumbi thinasonke siyi Bandla esihlanganiselwe kulo
• Jesus is a Chief Cornerstone

Matthew 21:42- 44
UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi; lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na? “Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo. Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”

• IBandla liyithempeli elingcwele lika Nkulunkulu
Ephesians 2:19-22
Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi, okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye, ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.

• Thinasonke sonke siyi Bandla likaNkulunkulu sibusiswe eZulwini
• Sifike kulomhlaba sesivele sibusisiwe
• Ukukholwa kwethu ngu Jesu Kristu kusenza samukele isibusiso sethu
• Isibusiso sethu sokomoya sisiphiwe nguNkulunkulu umhlaba ungakabi bikho
• Isibusiso sethu siwukusindiswa kwethu
• Ukukholwa nguJesu Kristu yiyona ndlela kuphela emiswe nguNkulunkulu esingamukela ngayo insindiso yethu esiyiphiwa ngu Nkulunkulu
• Insindiso nakho ukukholwa sikuphiwa ngu Nkulunkulu
• Asisindisangwa ngoba kunemisebenzi emihle esiyenzele uNkulunkulu
• Ukwenza kahle phambi kuka Nkulunkulu kusifanele ukuthi sikwenze ukuze kube ngubufakazi bokuthi singabantwana baka Nkulunkulu
• Ukuhamba nokwenza kahle kuyindlela yokuthi sikhombise abantu ukuthi siwusawoti wezwe
• Kodwa asisindiswa ngokwenza kahle
• Sisindiswa ngokukholwa ngu Jesu Kristu
• Sithethelelwe izono zethu

Matthew 5:13-16

“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

• Ngokwenza kahle sikhanyisa umhlaba.
• Ukuze abantu babone ukuthi uJesu muhle kufanele siyi Bandla senze kahle
• Thina singumuzi owakhe entabeni,umuzi ongesitheke
• IBandla lingumuzi ongabonakali physically kubantu ezweni
• Kodwa imizimba yethu yenyama yiyo ebonakalayo kubantu
• Kufanele imizimba yethu ebonakalayo ibonakalise insindiso yethu engabonakali ekumoya wethu
• Ngokwenza kahle “ we represent the Kingdom of God that is within us” emhlabeni
• Umbuso kaNkulunkulu ubonakala ngathi ukuthi unguMbuso kaNkulunkulu ophilayo
• Thina sikhanyisa isibani
• Isibani sethu ngu Jesu
• UJesu ungukukhanya kwe Bandla

Ephesians 1:3-5

Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya, njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe; wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,

• Akekho onamandla okulisungula iBandla lika Nkulunkulu
• Nokwengeza kulo iBandla kwenziwa ngu Nkulunkulu kuphela
• Akekho umuntu onamandla okuphendula abantu abaphendulele ku Nkulunkulu
• Ukuze kwengezwe eBandleni kuba noku thethelelwa kwezono zomuntu
• Kuba negazi lika Jesu
• Umuntu kamoya ( u spirit ) uzalwa kabusha
• Uma umuntu enesono singathethelelwe lowo muntu usuke efile kumoya
• Uma umuntu amukela uJesu kube sekuphila umuntu kamoya
• Ukwamukela UJesu Kristu kumenza umuntu ongumoya akwazi ukuphila ingunaphakade
• IBandla ngabantu abazelwe kabusha
2 Corinthians 5:17
Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
• IBandla ngabantu aba “ past yabo is forgotten “
• Baqala kamusha impilo no Kristu
• UJesu uthethelela izono zeBandla zayizolo,zamanje nezakusasa.

Colossians 1:18-19
yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke, ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo
• Umuntu wakhiwe ngezinxenye ezintathu
• Umoya
• Umphefumulo
• Umzimba
• Uma isono somuntu singathethelelwe ngu Kristu,umoya nompefumulo wakhe akunaye u Nkulunkulu
• Loyomuntu ufile ngenxa yesono

Romans 6:1-14
Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na? Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha. Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono, ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni. Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye, sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe. Ngokuba ukufa, afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu. Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu. Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo; futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga, ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.
• Umuntu ongakholwa ngu Jesu Kristu uxabene noNkulunkulu
• Uma umuntu ongakholwa ngu Jesu Kristu efa, uNkulunkulu uzomvusa kodwa avukele ukuphinda afe esihogweni
• Kodwa uma umuntu amukela uJesu Kristu izono zakhe ziyathethelelwa
• UJesu udala ukubuyisana phakathi komuntu no Nkulunkulu
• Umuntu okholwa ngu Jesu Kristu ungenwa ngu Jesu Kristu
• Ukuba komuntu noJesu kumenza abe noNkulunkulu noMoya Ongcwele
• Ukuzalwa kabusha komuntu kumenza angene emzimbeni kaJesu abe yiBandla
likaNkulunkulu

• uNkulunkulu ulethe uJesu Kristu emhlabeni ewumlayezo ozotshela abantu ukuthi insindiso ifikile ngo Kristu
• Jesus is a message of salvation from God
• Abantu ngenxa kaSathane bayayenqaba I message engu Kristu

Matthew 23:37

“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.

• Ukufa kuka Jesu ngenxa yezono zethu kwenza ukuthi uNkulunkulu abuyele ngokuphelele kumuntu okholwayo
• uNkulunkulu unathi

Matthew 1:23

“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.

• UJesu Kristu uthe enguNkulunkulu,
• Wavuma ukuthutha inkonzo yokwehla wathatha isimo somuntu ukuze anqobe isono
• Ngenxa yothando analo ngesintu sonke, uNkulunkulu wehla wazohlala nathi
• Waba ngu Emmanuel okungukuthi uNkulunkulu unathi
• Uma uNkulunkulu emnikile uJesu igama elingaphezu kwamagama onke ngenxa yokuzithoba kwakhe
• Nathi sifanele ukuphakamisa igama likaJesu
• Siliphakamise ngaphezu kwawo onke amagama ebesinga waphakamisa
• Ngegama elilodwa likaJesu Kristu amagama onke ayaguqa
• Igama likaJesu lithobisa konke
• Siyi Bandla lika Nkulunkulu kungumsebenzi wethu ukushumayela ivangeli lensindiso ngo Kristu

Philip 2:5-11

Mawube kini lowo mqondo owawukhona naku Kristu Jesu owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
• UJesu Kristu ungu Nkulunkulu
• UJesu akasuki kuNkulunkulu
• UJesu no Nkulunkulu bamunye

John 17:11

Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.

• Noma efika ezalwa lapha emhlabeni uJesu uzalwa engu Nkulunkulu
• Eku Nkulunkulu
• UJesu unawo onke ama “ qualities” kaNkulunkulu

• Uma konke kwavela ngoJesu lokhu kugcwalisa ukuthi emhlabeni kwake kwafika uNkulunkulu odale izulu nomhlaba
• UJesu Kristu ungu Nkulunkulu
• uNkulunkulu ufikile
• Abambonile uJesu bambonile uNkulunkulu
• Bambonile uNkulunkulu obefihlakele kodwa ozambulile ngo Kristu
• uNkulunkulu ufikile kubantu bakhe
• Imvelo umhlaba wambona wamukela
• Wamkhoselisa uJesu ozile ukuzofeza icebo lika Nkulunkulu
• Umuntu odalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, akamamukelanga uJesu
• Umuntu oyisoni wabeka uJesu Kristu umdali wakhe amacala
• Wambulala
• UJesu Kristu egcwele umusa, nothando nenkazimulo kaNkulunkulu wamthethelela umuntu

Luke 23: 34-46

Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho. Abantu bema, bebukela; nababusi bamklolodela bathi: “Wasindisa abanye; kazisindise yena, uma enguKristu okhethiweyo kaNkulunkulu.” Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika uviniga, ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.” Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe othi: LO YINKOSI YABAJUDA. Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi: “Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.” Sase siphendula esinye, sasithethisa sathi: “Nawe awumesabi uNkulunkulu, ingani ukulokhu kulahlwa nawe na? thina kambe ngokufaneleyo, ngokuba samukela okulingene nesikwenzile; kepha lo akenzanga lutho olubi.” Sase sithi: “Jesu, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.” Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.*” Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye; kwafiphala ilanga, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi. UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.
• Kepha bonke abamamukelayo,bayiBandla likaNkulunkulu
• UJesu wabapha amandla okuba babe ngabantwana baka Nkulunkulu

John 1:12

Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe,

• Singabantwana baka Nkulunkulu
• Siyi Bandla
• Singabo Mbuso ka Nkulunkulu okhona phakathi kwethu
• UMbuso kaNkulunkulu ukhona

Luke 17: 20-21

Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo. Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.”

• UNkulunkulu kwayena uqobo ungumbuso
• uNkulunkulu ukhona yonke indawo
• He is God omnipotent
• Uma uNkulunkulu engu Mbuso omi ingunaphakade ukhona phakathi kithi
• Ne Bandla likaNkulunkulu lingu Mbuso ka Nkulunkulu omi ingunaphakade
• Sizobusa ne Nkosi uJesu Kristu ingunaphakade

Revelation 1:6

nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise, kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

Revelation 5:10

wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”
• UMvangeli uJohane wavela emhlabeni wafike wafakaza ngo Jesu
• uJohane wafika engekona ukukhanya kodwa wafika ezofakaza ngokukhanya okwagcina kufikile
• Nathi siyiBandla lika Nkulunkulu sizelwe emhlabeni ukuba silethe ubufakazi ngo Jesu Kristu
• Thinake, siyi Bandla, uJesu Kristu esifakaza ngaye usinikile ukukhanya
• Insindiso ingukukhanya kwethu
• UJesu usibiza ngokukhanya kwezwe
• UMvangeli uJohane engekona ukukhanya kodwa wayenza inkonzo abe emiselwe yona
• Wafakaza ngo Jesu Kristu ongukukhanya
• UJesu Kristu bazalwane usesinikile Insindiso
• Usiguqulile wasenza sayeka ukuba ngubumnyama
• Singukukhanya kwezwe
• Insindiso isenze saba ngukukhanya
• Banje sesingu khanya okungu Jesu
• Ukukhanya kwethu kumoya kufanele sikwenze kubonakale kubantu ukuze badumise uNkulunkulu wethu

• Noma sikulo mzimba obonakala ungafani no Jesu Kristu kodwa ku “Spirit we are like Jesus”
• Sifana naye ncamashi
• Ngegazi lakhe,uJesu ukwazile ukukhipha
“ exactly” iBandla lakhe elinguye uqobo lwakhe
• Uma uJesu avuka kwabafileyo nathi sizovuka
• Uma uJesu ephila ingunaphakade,nathi sizophila ingunaphakade
• Ukuphila okuphakade kuyisipho esisinikwe ngu Jesu mahhala

• Siyi Bandla lika Nkulunkulu asikusebenzelanga ukuphila

1 John 5:11-13

Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila. Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.
• Ukusindiswa kwethu kungubufakazi obugcwele bokuthi

“ Jesus has multiplied himself into a Kingdom that will live forever “ njengaye.
• Lokhu kuphila okuphakade esinakho sikunikwe nguJesu “ before the foundations of the world “
• iBandla lifike emhlabeni lizokwambulwa ukuthi liyiBandla likaNkulunkulu
• IBandla lika Nkulunkulu libusisiwe eZulwini kuKristu ngesibusiso sonke soko Moya Ongcwele
• uNkulunkulu wasikhethela kuye ukuba sibeyi Bandla lakhe umhlaba ungakasekelwa
• Sizalwa kwelenyama nje,kwelika Moya vele sesikhethiwe ngothando ukuba sibe ngabantwana baka Nkulunkulu
• Sizalwe sesikhethelwe ukuba sibe ngcwele
• Singabi nakusolwa phambi kuka Nkulunkulu
• uNkulunkulu uqale waqeda ngecebo lakhe ngathi engakaqali
• UJesu Kristu uzalwa emhlabeni ngokwenyama nje
ngokomoya unguNkulunkulu
• Nathi sizalwa emhlabeni ngokwenyama nje ngokomoya uJesu Kristu,usizele ukuba sibe yi Bandla likaNkulunkulu

Ephesians 1:3-4
Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya, njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;
• Thinasonke samiselwa ukuba sibe ngabantwana baka Nkulunkulu ngo Jesu Kristu umhlaba ungakasekelwa
• Sihlengiwe olakeni luka Nkulunkulu
• Sisindisiwe ngegazi lika Jesu Kristu
• Sithethelelwe izono zethu ngokwengcebo yomusa wakhe
• Umusa kaNkulunkulu mkhulu
• Ucebile ukuba ngawo asithethelele thina zoni ukuze singayi ekulahlweni kwaphakade
• Sisindisiwe ngesihle ukuze sidumise inkazimulo yomusa wakhe
• uNkulunkulu unomusa okhazimulayo
• Umusa wakhe uyamangalisa

Ephesians 1:5-9

wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo; esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda, esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili

• Imfihlakalo yokuthi nathi abezizwe insindiso ingeyethu ibifihlakele eTestamenteni elidala
• ITestament Elidala beliveza ukuthi uNkulunkulu ungu Nkulunkulu Ka Israeli kuphela
• Ababhali bebefihlelwe ukuthi uNkulunkulu uyasithanda sonke emhlabeni
• uNkulunkulu usithanda ngothando olukhulu ngangokuthi uthathe isinqumo sokuqale asisindise kuqala “ before the foundation of the world”
• Wabe sethumela UJesu Kristu indodana yakhe ukuze sikholwe yiyo kuphela ukuze singabhubhi kodwa sibe nokuphila okuphakade
• Faith is the only way by which we can receive our salvation
Hebrews 11:6
kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

• Kwelikamoya nathi abezizwe lesisipho uNkulunkulu usinikile sona
• Nathi siyiBandla lika Nkulunkulu kwasekudaleni umhlaba ungakasekelwa
• Manje lemfihlakalo isiyambulwa ukuthi iBandla lika Nkulunkulu lihlanganisa uIsraeli nabeZizwe abakholwayo ngu Jesu Kristu
Ephesians 3:4-6 and 9-10
okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu, bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli; nokubakhanyisela ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala izinto zonke, ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,
• Sifanele ukukhanyisela abantu ukuthi ukhona uJesu Kristu,
• Abamfuna ngeqiniso bayamthola
• UJohane umvangeli yena wayengekona ukukhanya
• Kodwa wakwazi ukutshela bantu ngo Jesu Kristu ongukukhanya
• Ukukhanya kwethu kungukuthi noma izimo zempilo ziphika kodwa uJesu usenzile sakhanya “ before the foundation of the world “
• Ukukhanya kwethu kungukuthi sitshele abantu ukuthi uJesu ukhona uyasindisa ,
ukuze abantu babalekele ulaka luka Nkulunkulu
• Bakholwe ngu Jesu Kristu basindiswe
Matthew 5:14-16
“Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

John 1:1-15

Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo. Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu; ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga. Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye. Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengozofakaza ngokukhanya. Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni. Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ ”

• UJesu Kristu,kanye neBandla lakhe, uyi Mfihlakalo ka Nkulunkulu
• Jesus Christ is a mystery of God
• Lemfihlakalo ibifihlakele ngezikhathi zaphakade
• Manje uNkulunkulu useyambulile ngemibhalo yaba Profethi
• Ukufika kuka Jesu Kristu emhlabeni kungukuqala kokwambulwa kwe Mfihlakalo kaNkulunkulu
• uNkulunkulu uyala ama Profethi amaprofetha iZwi lika Nkulunkulu ukuba bayambule lemfihlakalo engu Jesu Kristu neBandla lakhe

John 1:1,14
Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
• Umanje uke wakhuluma ngo Jesu Kristu , ugcina ukhulumile nge Bandla lakhe
• IBandla ngabantu abazana nabakholwa yi Nkosi uJesu Kristu
• Ngaphandle kuka Jesu alikho i Bandla lika Nkulunkulu
• I Bandla noJesu umuntu oyedwa kaMoya
• Angeke usahlukanise no Jesu thina siyi Bandla lika Nkulunkulu
• UJesu Kristu uyi nhloko kanti thina singumzimba wakhe
• Uma uJesu Kristu eyindodana ka Nkulunkulu,nathi simunye noNkulunkulu
• Singabantwana baka Nkulunkulu
• Siyizindlalifa kanye naye uJesu Kristu owasifelayo
• Akukho okungasahlukanisa no Nkulunkulu
• UJesu uyiwundlu lika Nkulunkulu
• Thina singumakoti wewundlu
• We are the bride of Christ who is the Lamb of God
• USathane akabufuni Lobunye obukhona phakathi kwe Bandla noJesu Kristu ,no Nkulunkulu no Moya oNgcwele
• USathane wenza kube nama sonto nama bandla ukuze kube sengathi alikho iBandla elizophila ingunaphakade no Nkulunkulu
• IBandla likhona
• IBandla yilabo bantu abazana no Jesu Kristu ku Moya
• The Church is a spiritual body of people who believe in Jesus Christ
• And whose sins are forgiven
• Christ wipes away our iniquities
• Baphenduke bakholwa ngu Jesu ku Spirit ngoba uNkulunkulu ungu Spirit
• Ukuba yiBandla lika Nkulunkulu is about Spiritual life
• It is not about the physical life
• Ngokufa nangegazi lika Jesu, uNkulunkulu uguqula umuntu okholwayo ngu Jesu Kristu abe yi Bandla likaNkulunkulu elinokuphila okuphakade
• Thina siyi Bandla
“ we are identified as more spiritual than physical “
• IBandla lika Nkulunkulu is a spiritual entity ehlanganisa bonke abathole umusa kaNkulunkulu
• Bawamukela ngoku kholwa yiNkosi uJesu Kristu
• IBandla abantu abasindisiwe ngomusa
• Umusa usho ukuhlengwa mahhala ungenzanga lutho
• Ungakhokhanga lutho
• Futhi ungalethanga lutho ku Nkulunkulu ukuze asisindise
• Insindiso iBandla liyayemukela ku Nkulunkulu
• Ayikho indlela esingamukela ngayo insindiso kuNkulunkulu ngaphandle koku Kholwa yiNkosi uJesu Kristu
• Kwakona nje ukuthi siyakholwa ngu Jesu kuyisipho esivela ku Nkulunkulu
• Umuntu akavesane akholwe besesindiswa ngawakhe amandla
• Kufanele sibonge uNkulunkulu osiphe kwakona ukukholwa kwethu nguJesu
• Lento isho ukuthi thina besingena lutho sanikwa ngu Nkulunkulu ukuphila
• Sesinotho esingasoze saphucwa muntu ukuphila okuphakade ngo Jesu Kristu
• Ngakhoke simbonga asiqedi uNkulunkulu osisindise singalethanga lutho kuye
• Wasipha ukuthi sithiwe siyi Bandla lika Nkulunkulu
• Siwumsebenzi wezandla zakhe
• Sakhiwe ngomfanekiso Ka Nkulunkulu ngo Kristu
• Sifana naye ncamashi
• Akubuzwa
• Singabo Mbuso kaNkulunkulu
• Sidalelwe ukwenza imisebenzi emihle okuwuku sindiswa umhlaba ungakasekelwa
• Sizalwa nje sinophawu lobungcwele buka Nkulunkulu
• We praise God for Salvation ngo Jesu Kristu
• Kufanele sihambe kulemisebenzi emihle esidalelwe ukuba sihambe kuyo “before the foundations of the World “
• Thina besikade sikude kakhulu no Nkulunkulu
• Singabaliwe embusweni kaNkulunkulu
• Besibizwa ngabezizwe
• Singenaye othethelela izono zethu, uKristu
• uNkulunkulu wayekhuluma ngo mbuso ka Israeli,engasibali thina njenge zindlalifa zombuso wakhe
• Sasingenaye uKristu
• Izono zethu bezihlezi ziphambi kuka Nkulunkulu
• Zingathethelelwe
• Sasingenaye uNkulunkulu
• We were without God
• Kuzona zonke izivumelwano nezethembiso ezazenziwa ngu Nkulunkulu ngo Israeli thina sasingabalwa
• Kodwa manje ngegazi lika Jesu Kristu lona lodwa sesenziwe saba seduze futhi uNkulunkulu ukithi
• Sihamba emhlabeni sino Nkulunkulu
• Sesibuyisene no Nkulunkulu
• Asisesona isitha ku Nkulunkulu
• uNkulunkulu usengu Nkulunkulu wethu
• Ungubaba wethu
• Singabantwna bakhe
• UJesu Kristu ungukuthula kwethu
• UKristu wenze uIsraeli nabeZizwe kwaba ngumuntu munye
• Wenze okubili kwaba kunaye
• UKristu ubhidlize udonga lwesono obeluhlukanisa umuntu no Nkulunkulu
• Udonga lwesono obeluhlukanisa umuntu no Israeli
• UJesu Kristu uhlanganise abezizwe no Israeli kwazaleka umuntu oyedwa oyi Bandla elilodwa lika Nkulunkulu
• Besingabezizwe kuNkulunkulu
• Besingabafokazi kuNkulunkulu
• Besibizwa ngabangasokile
• Sibizwa yilabo bokusokwa okwenziwa ngezandla
• Kodwa manje ngenxa yegazi lika Jesu Kristu asisebona abafokazi
• Sesenziwe izindlalifa no Kristu ngo Moya Ongcwele kaNkulunkulu ohlala kithi
• Imizimba yethu ebolayo isiguquliwe ngu Kristu yenziwa ithempeli elingcwele ukuba uNkulunkulu ahlale kithi
• uKristu wabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha
• Udonga olungubutha obelusahlukanisa no Israeli noNkulunkulu walubhidliza ngenyama yakhe
• Wabhotshozwa amanxeba
• Kwachitheka igazi lakhe
• Wenziwa isoni engenalo icala yena
• UJesu Kristu umthetho uwenze ize
• Asisezukungena embusweni ka Nkulunkulu ngokugcina umthetho
• Sesizongena kuphela Ngokukholwa ngu Jesu Kristu
• Umthetho uhlulekile ukusigcina singcwele
• Ubungcwele senzelwe bona ngu Kristu
• Uma sikholwa nguJesu siyenziwa sibengcwele
• Ukugcina umthetho nokuhluleka ukuwugcina siyomukeliswa imiqhele noma samukwe yona
• Asisayi esihogweni
• Sisindisiwe
• Ngokufa kwakhe uJesu udale kuyena labo ababili,uIsraeli nabeZizwe ukuba babe muntu munye omusha,iBandla lika Nkulunkulu
• UJesu Kristu wenze ukuthula,
• Wenza futhi ukuba bobabili,uIsraeli nabeZizwe, babuyisane noNkulunkulu
• Ngo kufa kuka Jesu Kristu thinasonke uIsraeli nathi abezizwe singena kumuntu munye
• Singena emzimbeni munye ngesiphambano,
• Singumzimba ka Kristu
• Siyi Bandla lika Kristu
• Yena uyiNhloko ye Bandla
• Ngoku bethelwa nokufa kwakhe,
uJesu usebulele ubutha obebukhona phakathi komuntu no Nkulunkulu
• Weza washumayela ivangeli lokuthula kithina,abeZizwe, esasikude
• Washumayela ukuthula nakubo abaseduze,uIsraeli.
• Singena ngoMoya munye kuYise weNkosi yethu uJesu Kristu
• Ngakho asiseyibo abafokazi nezihambi embusweni kaNkulunkulu
• Kodwa sesimbuso munye nabangcwele, singabendlu kaNkulunkulu,

• Sakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi,

• uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi, okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke,

• Sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye, ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.

Ephesians 2:8-22

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo. Ngakho khumbulani ukuthi nina enanikade ningabezizwe ngokwenyama, ababizwa ngokuthi abangasoki yilabo ababizwa ngokuthi abokusoka, okwenziwa ngezandla enyameni, ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso ka-Israyeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni. Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu. Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha, ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula, enze futhi ukuba bobabili babuyisane noNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngakho. Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze. Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise. Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi, okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye, ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.
• Bonke abantu abakhethiweyo nguNkulunkulu bayi Bandla likaNkulunkulu
• Noma ngabe bakuliphi isonto
• Noma ngabe ukuyiphi i denomination
• Noma ngabe ukuyiphi i congregation

2 Corinthians 8:1

Kepha siyanazisa, bazalwane, ngomusa kaNkulunkulu awuphiweyo amabandla aseMakedoniya

Ephesians 5:25, 32

Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.

Colossians 1:18

yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo; yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,

Ephesians 3:4-6,9-11,21

okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu, bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli; nokubakhanyisela ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala izinto zonke, ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu, ngokwecebo laphakade alenza ngoKristu Jesu iNkosi yethu; makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.

• IBandla likaNkulunkulu lingu Moya
• Awukwazi ukulikhomba uthi nanti
• Kodwa uNkulunkulu onguMoya uyalazi
• Uyalibona iBandla lakhe
Philippians 3:6
ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.

1 Timothy 3:5
kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? –
• IBandla lingabantu ababiziwe
• I Bandla abantu abathunyiwe kubantu abangakholwa ukushumayela izindaba ezimnandi
• IBandla abantu abahlukaniselwe iNkosi
• Uma ukhetha iBandla ongakhonza kulo
• Kubalulekile ukuthi ubuke ukuthi kuyakhulunywa yini ngo Jesu Kristu lapho

• IBandla lika Nkulunkulu “ must advocate the Word of God “
• Lihloniphe iZwi lika Nkulunkulu
• Lishumayele ngesibindi nangokwethembeka iZwi lika Nkulunkulu
• Londle izimvu zika Nkulunkulu.
• IBandla likaNkulunkulu lilandela imfundiso ka Nkulunkulu
John 10:27-30
Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.”

• IBandla lingumakoti we Wundlu

Revelation 21:2,9

Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikukhombise umlobokazi, umkaWundlu.”

Revelation 22:17

UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.

• IBsndla likaNkulunkulu lingumzimba ka Jesu Kristu

Ephesians 4: 12

ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu,

1 Corinthians 12:27-28

Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye. UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.

• Imfihlakalo kaNkulunkulu ebifihliwe zonke lezizikhathi ingu Kristu
• Kodwa namhlanje lemfihlakalo isiyambulwa kubantu baka Nkulunkulu kusukela uJesu Kristu efikile emhlabeni

Colossians 2:2-3

ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu, okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.

• UJesu Kristu naye ukhuluma ngemfihlo
yombuso kaNkulunkulu

Mark 4:11-12

Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso, ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.”

• Ngokufika kuka Jesu Kristu emhlabeni, uNkulunkulu ngaye useyasazisa imfihlakalo yentando yakhe
• Imfihlakalo yentando ka Nkulunkulu kungukuba abantu abakholwa nguJesu basindiswe baphile ingunaphakade no Nkulunkulu
• uNkulunkulu uthanda ukuba lihlanganiselwe ku Kristu konke okusezulwini nokusemhlabeni

Ephesians 1:9–10 .

esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili, kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni

• Siyi Bandla likaNkulunkulu sinomqondo Ka Kristu
• Sishumayela imfihlakalo engu Kristu
• Asikhulumi ukuhlakanipha kwalesisikhathi
• Sikhuluma ULizwi,ongu Jesu Kristu
• UJesu Kristu ungumlayezo ovela kuNkulunkulu,oze kubantu bonke emhlabeni
• Siyi Bandla likaNkulunkulu simemezele ubufakazi obungapheli ezizweni zonke
• Ubufakazi buwukuthi ukuthethelelwa kwezono sekufikile ngo Kristu obethelwe esiphambanweni
• Ukuze bonke abamemukelayo bathathe umusa oyinsindiso
• Insindiso ingukuthethelelwa kwezono zethu
• Ukushumayela kwethu kungu kwambula lokho esikubonayo sikumoya
• Sambula u Kristu neBandla lakhe alizale ngegazi lakhe
• Ukuze kube nomuntu oyisidalwa esisha esizophila no Nkulunkulu ingunaphakade
• Yazini bazalwane bami ukuthi ukukholwa kwakona kungamandla egazi lika Jesu
• Akungamandla ethu
• Ukusindiswa kwethu kungamandla Ka Nkulunkulu
• Akungakho ngoba sihlakaniphile
• iZwi esilikhuluma kubantu lingukuhlakanipha kuka Nkulunkulu owambulayo imfihlakalo yakhe ngomoya
• Imfihlakalo Ka Nkulunkulu ingu Kristu
• Ibifihlakele kubabusi nomhlaba sonke lesisikhathi
• Kodwa manje isiyambulwa
• Sekuyisikhathi sokuthi uJesu Kristu ambulwe ukuze ngaye umhlaba uthole uxolo kuNkulunkulu
• UJesu Kristu ungukubonakala Nkulunkulu emhlabeni
• Inkazimulo kaNkulunkulu ifikile emhlabeni
• Abantu mababone uNkulunkulu osithandayo

John 3:16

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

• UJesu Kristu uyinkazimulo yethu
• Uma sino Jesu Kristu uNkulunkulu ubona inkazimulo yakhe kithi besexola ngokuba ngo Kristu usibona singenasono
• Icala lethu lithethiwe
• UJesu wasithwalela lona ukuze sikhazimuliswe thina siyi Bandla lakhe
• UJesu Kristu uyi Nkosi yenkazimulo
• Uyakhazimulo ngokupheleleyo kunakho konke okukhazimulayo
• Siyi Bandla lika Nkulunkulu,uJesu wambuliwe kithi
• Sishumayela imfihlakalo engu Kristu uMoya oNgcwele amambulileyo kithi
• Jesus is a mystery of God
• Siyakwazi esikuphiweyo ngomusa
• Siphiwe uMoya ka Nkulunkulu ngokukholwa nguJesu
• Asiphiwanga umoya wezwe
• Siphiwe isipho esikhulu kunazo zonke izipho
• Siphiwe uJesu Kristu
• Isipho sika Moya Ongcwele
• Siphiwe uNkulunkulu
• uNkulunkulu uzilethe yena kithi ukuba simbone emhlabeni besesikholwa nguye

1 Corinthians 2:1-26
Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni. Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu; nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla, ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu, kume ngamandla kaNkulunkulu. Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade, okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo; kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu. Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa, esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya. Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya. Kepha ongowomoya ubonisisa konke, kodwa yena kabonisiswa muntu. Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.
Revelation 10:7

kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa, lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe, njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.”

Imfihlakalo ka Nkulunkulu:
• Ingukuqeda konke ngecebo lika Nkulunkulu lokwakha UMbuso wakhe ngo Kristu
• Umhlaba ungakasekelwa, uNkulunkulu uqale waqeda ngecebo lakhe lokwakha umbuso wakhe ngo Jesu Kristu
• Uma uJesu Kristu efika emhlabeni ufikile ukuze kwambulwe imfihlakalo yecebo likaNkulunkulu
• Ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa
• Lapho isizakubetha icilongo
• Imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe
• UMbuso kaNkulunkulu ku profethiwe ngawo esikhathini eside esedlule
• No Jesu Kristu wathi asikhuleke sisho sithi
• Baba wethu osezulwini
• Mawufike umbuso wakho
• Usikhulule kokubi
• Ngokuba umbuso ungowakho

Matthew 6:9-13

Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’

• Nakuba bekulokhu ku profethwa ngoMbuso kaNkulunkulu kodwa

• Bekuyimfihlakalo engambuliwe
• Kuze kwaqala kwambulwa ngemfikakalo yombuso kaNkulunkulu ngesikhathi sokufika kuka Jesu Kristu
• UJesu Kristu uqobo lwakhe uyi Mfihlakalo ka Nkulunkulu
• Nguye uJesu Kristu owambulayo ukuthi embusweni kaNkulunkulu kungenwa ngokukholwa nguye uJesu
John 11:25-26
UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

John 12:44-50
Khona uJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo. Obona mina ubona ongithumileyo. Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni. “Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi, lowo angimahluleli mina, ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe. Ongalayo engawamukeli amazwi ami unomahlulelayo; izwi engalikhulumayo yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina. Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni. Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.”

John 3:16
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
John 3:18

Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.

John 3: 36

Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”

• UJesu wayazi umhlaba ungakabi bikho ukuthi thinasonke esikholwa nguJesu Kristu singabombuso kaNkulunkulu
• Futhi uJesu Kristu wayevele azi umhlaba ungakasekelwa ukuthi wobani abangasibo abombuso ka Nkulunkulu
John 6 :64
Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.”

• UJesu Kristu uyisambulo sokuthi kulabo abakholwa nguye UMbuso kaNkulunkulu usufikile kwamanje
• IBandla lika Nkulunkulu lingu Mbuso ka Nkulunkulu

Matthew 6:10

mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;

Matthew 6:33

Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina

Matthew 9:35

UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke.

Luke 17:21

Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.”
John 17:9

UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na?

2 responses to “THE CHURCH”

  1. Thank you so much pastor, these teachings help us a lot, may God bless you

    Like

    1. Appreciated my brother/sister , God always reveals Himself to the world using His Word,the Bible.

      Like

Leave a reply to JBW Dlamini Cancel reply