Resources : DR. Theo Wolmarans : The Founder of Christian Family Church International
2 Corinthians 2:14
Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke;
Now thanks be to God who always leads us in triumph in Christ, and through us diffuses the fragrance of His knowledge in every place.
NKJV
Esinye sezihluthulelo ezinkulu zempumelelo ezikhathini zokugcina, nesiphithiphithi nesiyaluyalu ngaso sonke isikhathi, ukuqaphela izwi likaNkulunkulu nokulandela Isiqondiso Sakhe.
Labo abangaliqonfi izwi lika Nkulunkulu bazokwenza izinqumo ezingalungile kulezi zikhathi ezinzima futhi balahlekelwe , babe nezinkinga ezingadingekile futhi babhekane nokucindezeleka.
UNkulunkulu uzama njalo ukuxhumana nathi .Uma singalizwa izwi Lakhe , yingoba asazi ukuthi singaliqonda kanjani izwi Lakhe.
UNkulunkulu ngezinye izikhathi uyoqinisekisa okuthile kuwe ngomprofethi uma kunesidingo.UNkulunkulu ngeke asebenzise umprofethi ukukunikeza ukukuqondisa ( to guide you) ngaphambu kokuba uNkulunkulu akhulume nenhliziyo yakho ngale ndaba kuqala.Inkonzo nomsebenzi womprofethi eTestamenteni Elisha akufani nenkonzo yomprofethi weTestamente Elidala.Umprofethi weTestamente Elidala wayenika abantu i ‘guidance ‘ ngoba uNkulunkulu wayengahlali kubantu.Akekho umuntu owaye noNkulunkulu ephila kuye kwaze kwaba yilapho uJesu Kristu efa khona futhi wavuka .Emuva kokufa nokuvuka kuka Jesu Kristu uMoya kaNkulunkulu wangena kithi.Manje UMoya Ka Nkulunkulu uphila enhliziyweni yethu thina sonke esikholwa ngu Jesu Kristu.
UMoya kaNkulunkulu, nguye osiholayo nosinika i ” guidance” kukhona konke okuhle esikwenzayo nokumele sikwenze. USathane kwesinye isikhathi angasenza singamlaleli uNkulunkulu ekhuluma kithi.Kodwa yena usuke usekhulumile.Kube sekuba kumuntu ke ukuthi wenza okushiwo wu Sathane Noma okushiwo ngu Nkulunkulu.Uma kwenzekile Futhi walalela uSathane uNkulunkulu uyakutshela ukuthi wonile,ngakhoke phenduka ucele intathelelo kuNkulunkulu ngegama lika Jesu Kristu.Uma uzivume kahle izono zakho ngenhliziyo ezisolayo Ku Jesu Kristu,nakanjani uJesu Kristu uyakuthethelela.
1 John 1:8-10
Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi. Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.
Futhi nawe uba nokuthula enhliziyweni yakho.” You have joy, peace and happiness in your heart.”
1 John 8:14
Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.
Alisho ukuthi amadodana kaNkulunkulu aholwa ngabaProfethi.Lokhu ngeke ukubone ndawo eTestamenteni Elisha.Uzothola abaprofethi beqinisekisa lokho uNkulunkulu asekushilo,kodwa angeke ubathole abaprofethi beqondisa izimpilo zabantu eTestamenteni Elisha.
Proverbs 3:5-6
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
USathane ngokunganaki nangokushesha ukhuluma nekhanda lakho, kodwa uNkulunkulu ukhuluma ngokucophelela nenhliziyo yakho. UNkulunkulu uzokutshela ukuthi wenzeni noma ungenzi kahle usathane uzokutshela ukuthi wenzeni noma ungenzenjani ngesizathu esibi.Ngakho uma usenkingeni themba uJehova ngenhliziyo yakho, ungahambi ngekhanda lakho.Uma uzolalela inhliziyo yakho,uyoba nesiqondiso osidingayo. Isiqondiso sethu senhliziyo sizocaca ngokwanele ukuze sikhuphukele ngaphezu kwesimo sethu futhi sisinike indlela efanele okufanele siyilandele.
UMEHLUKO PHAKATHI KOMOYA, UMPHEFUMULO NOMZIMBA.
UNGUMOYA.
1 Thessalonians 5:23
Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.
Ake sithi umama wakho wayengumKristu ekholwa ngu Jesu Kristu eminyakeni eminingi edlule,wabesefa. Manje sivakashela ezulwini ukuze sihlanganyele naye isikhashana .Umzimba wakhe wangcwatshwa ethuneni lapha emhlabeni eminyakeni eminingi edlule. Umphefumulo wakhe nomoya wakhe kwaya ezulwini ku Jesu Kristu ngoba wafa wafela eNkosini. NjengamaKristu azelwe kabusha, sivakashela izulu.Sizombona umama wakho .Nakuba umama wakho wabe esekhulile kakhulu ngeminyaka lapho efa,kodwa manje sizombona enjengoba enjalo,ephila impilo ephelele.Ukuphila kwakhe kuphelele. Uzokuba nezingalo nemilenze , ingqondo ; uyacabanga, akhumbule, ahleke, futhi ajabule lapho esibona. Siyokhuluma nomoya kamama wakho; uzofana ncamashí nalapha emhlabeni ngesikhathi esakhula .Umphefumulo womuntu uqukethe intando, ingqondo nemizwelo( emotions).Izwi likaNkulunkulu libukhali kangangokuba lingahlukanisa, futhi liyakwazi ukuhlukanisa lihlukanise umphefumulo nomoya.Ngamanye amazwi, iZwi likaNkulunkulu liyahlukanisa phakathi komphefumulo nomoya.Ngakho-ke umoya nomphefumulo ngeke kufane uma kwahlukaniswa.Akufani umoya nomphefumulo.Umphefumulo uhlala kumoya.Umoya ungumuntu.Unawo onke ama “qualities” omuntu.Umehluko ukuthi uma umuntu esephumile emzimbeni kunezinto angeke akwazi ukuzenza akadezenza ngoba ekulomzimba Intando,ingqondo nemizwa kuhlezi emoyeni womuntu hhayi kumuntu wenyama.Lapho ufa,umoya wakho uyawushiya umzimba wakho uhambe uyezulwini.Umzimba wakho usala ethuneni.Umoya wakho uhlala no Jesu ezulwini noJesu uma ufe ukholwa nguJesu Kristu.
Leave a comment