IBhayibheli lichaza uMoya oNgcwele njengoMuntu wesithathu kaZiqu-zintathu, uNkulunkulu ophelele, obelokhu ebonakala ekudaleni, ekuhlengeni, nasekusekeleni amakholwa kusukela kuGenesise kuya kusAmbulo.
Ukwembulwa kuka Moya oNgcwele kuyo yonke imiBhalo kuvela kanje:
UKUDALA INDALO:
UMoya wazulazula phezu kwamanzi, wabonakala ekwenzeni indalo yonke ukuthi ibe khona.
UKUNIKEZA ABANTU AMANDLA:
UMoya “wehlela” kubantu abathile okwesikhashana ukuze abanikeze ukuhlakanipha, ubuholi, noma amandla amangalisayo (isib. uJosefa, uMose, uSamsoni, uDavide).
UKUPROFETHA:
UMoya oNgcwele wambulela abaprofethi ukuba bakhulume izwi likaNkulunkulu futhi wabikezela kuzalwa kuka uMesiya ozayo.AmaVangeli (uMathewu, uMarku, uLuka, uJohane) ayakhuluma kakhulu ngoku profetha okwenziwa nabazalwane abano Moya oNgcwele.
UKUZALWA:
UMoya oNgcwele wabangela ngokuyisimangaliso ukukhulelwa kukaJesu Kristu eNtombini uMariya.
INKONZO KA JESU KRISTU ( THE MINISTRY OF JESUS CHRIST)
UJesu wanikezwa ngu Nkulunkulu amandla, waholwa, futhi wagcotshwa nguMoya oNgcwele ngezimangaliso kanye nenkonzo yonke yakhe ayenza emhlabeni nasezulwini
ISITHEMBISO:
Ngaphambi kokubethelwa Kwakhe, uJesu Kristu waduduza abafundi Bakhe ngokuthembisa ukuthumela uMoya oNgcwele njengo “Meluleki” kanye “noMsizi” ozobaqondisa kulo lonke iqiniso.
IZENZO ZABA PHOSTOLI
Incwadi yeZenzo Zaba Phostoli ivamise ukubizwa ngokuthi “Izenzo Zika Moya Ongcwele”.Le ncwadi ichaza ukuzalwa kweBandla likaNkulunkulu.
IPHENTEKOSTE: :
UMoya oNgcwele wathululwa phezu kwamakholwa ngendlela emangalisayo, wahlala kuwo unomphela futhi wanikeza ibandla lokuqala amandla okusakaza ivangeli ngesibindi emhlabeni wonke jikelele.
Izincwadi (KwabaseRoma kuya kuJuda)
Izincwadi zeTestamente Elisha zichaza izinkonzo ezithile zika Moya oNgcwele esikhathini seBandla.
UMOYA ONGCWELE UHLALA KITHI KUZE KUBE PHAKADE
Ngokungafani neTestamente Elidala, uMoya oNgcwele uhlala unomphela ngaphakathi kwawo wonke amakholwa, “evala”( sealing our salvation ) insindiso yamakholwa.Ukusindiswa kwethu singekwaphucwe muntu.
UMOYA ONGCWELE UDALA INGUQUKO EMPILWENI YETHU
UMoya oNgcwele veza ” izithelo zikaMoya” (uthando, injabulo, ukuthula, njll.) futhi usola umhlaba ngesono.
UMOYA ONGCWELE USIPHA IZIPHO EZINGOKOMOYA ( SPIRITUAL GIFTS )
UMoya usabalalisa izipho ezingokomoya ezihlukile kuwona wonke uma Kristu ukuze kuzuze iBandla.
UMTHANDAZO:
Usiza abakholwayo emthandazweni futhi uyasinxusela ngokwentando kaNkulunkulu.
IsAmbulo
UMoya oNgcwele uyambula agcizelele ubukhulu Buka Nkulunkulu baphezulu kanye nomsebenzi oqhubekayo wokuhlenga.
OMOYA ABAYISIKHOMBISA BAKANKULUNKULU
Ubizwa ngokuthi “uMoya kaNkulunkulu onezinhlangothi eziyisikhombisa”, kugcizelela ukugcwala Kwakhe okuphelele kanye nomsebenzi Omkhulu awenzayo
UMOYA ONGCWELE UKHIPHA ISIMEMO ASIBHEKISE KUBANTU EMHLABENI:
UMoya oNgcwele ubiza ngenkuthalo abantu ukuba beze ku Jesu Kristu kwande iBandla, ethi, “Woza!”
UMoya Ongcwele ungumuntu waphezulu eZulwini uhlanganyela ingqondo, intando, kanye nemizwa noBaba ( uNkulunkulu ) neNdodana ( UJesu Kristu) .
Leave a comment