Isaiah 54:11-17
“Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe ungaduduzwanga, bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle, ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.* [12] Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi,* namasango akho ngekristalo,* nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle. [13] Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu. [14] Uyakumiswa ngokulunga; uyakuba kude nokucindezelwa, ngokuba awuyikwesaba, nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe. [15] Bheka, uma bebuthana, kungaphandle kwami, noma ngubani obuthanela wena, uyakuwa ngenxa yakho. [16] “Bheka, mina ngidalile umkhandi ofutha umlilo wamalahle, azikhiphele isikhali somsebenzi wakhe; mina ngidalile futhi umchithi wokuba abhubhise. [17] Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.
Leave a comment